Post on 24-Oct-2014
UMSEBENZI WESIZULU
MS C.N. NGWANE
7/7/2012
2012Modisane M.R 21121544
OKUQUKETHWE
1. Ikhasi lesihloko2. Isifungo3. Amazwi okubonga4. Ukubhekisa5. I-asayimenti
Isingeniso Umzimba Isiphetho
6. Izincomo7. Uhla lwezincwadi
ISIHLOKO
Ushintsho emigwaqeni yaseThekwini nezimbangela zaloko.
Mina M.R Modisane ngiyafunga ukuthi wonke lomsebenzi ngizenzele
mina kanye nabantu abangisizile ukuthola ulwazi olumayelana nesihloko
ebesinikwe sona. Konke okulana ngaphakathi angiziqambelanga khona,
akusilo ulwazi lwami lonke, ngithathe ezincwadini ezithile, ngabuza
abantu ngasebenzisa kanye ne-internet.
Ngiyabonga.
Uma uphila kunabantu ophilisana nabo, ngeke uphile emhlabeni wakho wedwa
ngakho ngithanda ukubonga uNkulunkulu kuqala ongiphe ithuba lokuba ngiphila
ngibe yilomuntu engunguye namuhla nokuthi usangivusa nsuku zonke,nomzali
angiphe yena onginakekelayo kanye nabobonke engisondelene nabo,ngibonge futhi
kubo bonke abantu abaseduze name abangisekele ngesikhathi ngenza
lomsebenzi,abangani name esingazange sidudane ngokungenzi umsebenzi kodwa
sinikezane isikhathi sokwenza lomsebenzi. Ngibonge nakuthisha osiningeze lesi
sihloko ebengingsinakile nolwazi engilutholile ngesikhathi ngenza lomsebenzi.
Lomsebenzi ngiwubhekise kuthisha obesinike wona nawo wonke
umuntu ofisa ukwazi ngemigwaqo yaseThekwini eshintshiwe amagama
nokuthi ashintshelweni.
Isingeniso
ITheku yidolobha elikhulu elaziwayo elinezindawo eziningi zikuvakasha
nokuncebeleka futhi elinemigwaqo emikhulu ebizwa ngamagama athile.
Kulomsebenzi ngizoveza uhla lwamagama emigwaqo yaseThekwini eshintshiwe,
kuzoba amagama amadala emigwaqo kanye namagama amasha emigwaqo
eseqanjwe kabusha. Eminingi imigwaqo iqanjwe ngamagama abantu,othi uma
uwabone uzibuze ukuthi kungani kuqanjwe ngalawa amagama. Kodwa ukugcizelela
ukuthi imigwaqo eshinsthiwe eminingi yilena emikhulu, ukuze kunakeke labo bantu
ekuqanjwe ngabo lemigwaqo. Kodwa kubantu abaningi noma sebebonile ukuthi
imigwaqo ishinsthiwe kodwa basasebenzisa amagama emigwaqo emidala ngoba
akujwayeleki ukuthi kusebenzisa lana amasha. Ngizoqal ngohla lwamagama
amasha namadala, besengiwachaza ukuthi kungazi eqanjwe kabusha beseke
ngiyaphetha.
Kabanzi nje lesi sihloko sikhuluma ngemigwaqo osethwenzisa yizimoto, ohlukanisani
idolopha nowenza uhambo lube lula ngoba ukube nje ayiqanjwe ngabe kunzima
ukutholana nabantu, ngokwesibononelo, izitolo ziningi ezifanayo, uma umuntu ethi
ngikwa Jet esitolo uyoqala umucinge kusiphi isitolo ngengoba lezi zitolo zingaka nje
edolopheni elillodwa ezindaweni ezingafani, njengoba nje imigwaqo inamagama
kuba lula ngempela ngoba umuntu kulula nje ukuthi akutshele ukuthi ngikulestolo
sakwaJet esikumgwaqo othile.
Amagama emigwaqo amasha namadala aseThekwini
Amagama amadala Amagama amasha
Abrey Road+ Moses Kotane Road
Sparks Road
Adams Road Khotha Mkhunya Road
Albert Street Ingcunce Road
Alice Street Johannes Nkosi Street
Aliwal Street Samore Machel Street
Argyle Road Sandile Thusi Road
Baber Street J N Singh Street
Beatrice Street Charlotte Maxeke Street
Bellair Road Vusi Mzimele Road
Bellevue Road Amilcar Cabral Road
Berea Road (North) King Dinuzulu Road (North)
Berea Road (South) King Dinuzulu Road (South )
Bideford Road Zinto Cele Road
Bikaner Road + Krishna Rabilal Road
Dharwar Road
Blair Atholl Road Rodger Sishi Road
Booth Road + Spine Road Harry Gwala Road
Brickfield Road Felix Dlamin Road
Brickhill Road Sylvester Ntuli Road
Broadway Swapo Road
Broad Street + Dr Yusuf Dadoo Street
Grey Street
Canal Road Richard Walne Road
Cato Manor Road Mary Thiphe Street
+ Portion of FrancoisRoad to
Bellair
Centenary Road M L Sultan Road
Chatsworth Circle R K Khan Circle
Chelmsford Road J B Marks Road
Commercial Road Dr AB Xuma Street
Cowey Road + Problem Mkhize Road
Edith Benson Road
Dartnel Cresent + Gladys Manzi Road
Mitchell Road
Devenport Road Helen Joseph Road
Dharwar Road +
Bikaner Road Krishna Rabilal Road
Dores Lane Sanele Nxumalo Lane
Duranta Road Basil February Road
Edwin Swales VC Drive Solomon Mahlangu Drive
Essenwood Road Stephen Dlamini Road
Edith Benson Road + Problem Mkhize Road
Cowey Road
Field Street Joe Slovo Street
First Avenue + Mathews Meyiwa Road
Stamfordhill Road
Fischer Road - Hillcrest Blessing Ninela Road
Fisher Street Masobiya Mdluli Street
Francois Road Rick Turner Road
Frere Road Esther Roberts Road
Gale Street Magwaza Maphalala Street
Gardiner Street Dorothy Nyembe Street
Goble Road Smiso Nkwanyana Road
Gray Park Road Dr Hoosen Haffajee Road
Grey Street + Dr Yusuf Dadoo Street
Broad Street
Jan Smuts Highway King Cetshwayo Highway + Whole of M13
Kensingston Drive Adelaide Tambo Drive
King George V Avenue Mazisi Kunene Road
+ South Ridge Road
Kingsway Andrew Zondo Road
KwaMashu Highway Curnick Ndlovu Highway
Lamontville Main Msizi Dube Road
Road (Hull Road)
Leopold Street David Webster Street
Lorne Street Ismail C Meer Street
M27 Jabu Ngcobo Drive
M35 (Sipho Mkhize Drive) Sbu Magwanyane Drive
Main Road - Tongaat Gopalall Hurbans Road
MR 385 to Mthoko Mkhize Drive
Mpumalanga T/Ship Lena Ahrens Road
Manning Road
Mansfield Road Steve Biko Road
Marine Parade O R Tambo Parade
Marriot Road Gladys Mazibuko Road
Masonic Grove Dullar Omar Grove
McDonald Road Alan Paton Road
Mitchell Road + Gladys Manzi Road
Dartnel Cresent
Moore Road Che Guevara Road
Moss Street George Sewpersadh Street
MR577 Dumisani Makhaye Drive
Newlands East Drive Musa Dladla Drive
Nicholson Road Z K Matthews Road
NMR Avenue Masabalala Yengwa Avenue
North Coast Road Chris Hani Road
North Ridge Road Peter Mokaba Road
Northern Drive - A G Champion Drive
Phoenix
Northway Kenneth Kaunda Road
Northern Freeway Ruth First Freeway
Old Dutch Road Chris Ntuli Road
Old Fort Place Archie Gumede Place
Old Fort Road K E Masinga Road
Old Main Road – Isipingo Phila Ndwandwe Road Isipingo
Old Main Road - Pinetown Josiah Gumede Road
Old Main Road - South Road Wanda Cele Road
Ordinance Road Bram Fischer Road
Pelican Drive Lenny Naidu Drive
Pine Street Monty Naicker Road
Point Road Mahatma Gandhi Road
Prince Alfred Street Florence Nzama Street
Prince Edward Street Dr Goonam Street
Queen Street Denis Hurley Street
R603 Sbu Mkhize Drive
Queen Mary Avenue Sphiwe Zuma Avenue
Richmond Road Henry Pennington Road
Ridge Road Peter Mokaba Ridge
Russell Street Joseph Nduli Street
Shepstone Road Qashana Khuzwayo Road
Smith Street Anton Lembede Street
Sparks Road + Moses Kotane Road
Abrey Road
Spinal Road at Umlazi Griffiths Mxenge Highway(Mangosuthu
Highway)
St George’s Street Maud Mfusi Street
Stanley Copley Drive R D Naidu Drive
Sydenham Road John Zikhali
Stanger Street Stalwart Simelane Street
South Ridge Road + Mazisi Kunene Road
King George V Avenue
Victoria Street Bertha Mkhize Street
Victoria Embankment Margaret Mncadi Avenue
Walter Gilbert Road Isaiah Ntshangase Road
Warwick Avenue Julius Nyerere Avenue
Watson Highway Ushukela Drive
West Street Dr Pixley KaSeme Street
Williams Road Khuzimpi Shezi Road
Willowvale Road Albert Dlomo Road
Winder Street Dr Langalibalele Dube Street
Windermere Road Lillian Ngoyi Road
Imigwaqo eminingi iqanjwe ngamagama amaqahwe ahlonishwayo ayelwela
inkululeko.
Umgwaqo u-Aliwal Street oqanjwe ngo-Samora Machel, yingoba lomlisa wayehola
amasosha e-Mozambique, eyisiphendulazokhuzi esingusonhlalakahle ongumholi
nowagcina eseNgumongameli wase Mozambique. UMachel waphatha
lesiyasifundazwe ukuze sikwazi ukuzimela ngo-1975 kwaze kwaba ukushona
kwakhe ngo-1986. Ngesikhathi ibhanoyi lobuholi bakhe limahlazeka ezintabantabeni
zesimo sezwe ukuze imincele yaseMozambique , Swaziland kanye neNingizimu
Afrikha isondelana. Yingakho ahlonishwa kwaze kwaqanjwa ngaye lomgwaqo.
Angle Road oqanjwe kabusha ngoSandile Thusi, owayengumholi weqembu le-
ANC eMlazi futhi eyilungu le-MK alaligxile wzintweni eziningi . wahlala wangadla
izinsuku ezinga-32 ngesikhathi eboshiwe. Wayephethe uMasipala weTheku
Umgwaqo waseBerea (Berea Road) ushintshwe waba uKing Dinuzulu, uDinizulu
kaCetshwayo wazalwa ngo-1868 wakhothama ngo-1913, wayeyinkosi esizweni
sakwaZulu kusukela ngomhlaka 20 Meyi 1884 kwaze kwaba ukukhothama kwakhe
ngo1913. Wagqamiswa uyise uCetshwayo ngalendlela yokuthi waze waziwa ngama-
British. Lomgwaqo wabizwa ngoBerea Road ngoba igama lendawo okuwo eBerea ,
kafushane yingenxa yegama lendawo.
Umgwaqo uSpine noBooth Road uqanjwe ngoHarry Gwala, wayeyilungu leqembu
le-ANC elathunyelwa eRoben Island iminyaka eyisishagalombili. Emva
kokudedelwa ejele ngo-1972, wayengavumelekile endaweni yePietermaritzburg.
Wayeqokwe njengosihlalo weqembu le-ANC eMidlands emva kokumemezelwa
koshintsho lango-1990.
Umgwaqo uBrickfield (Brickfield Road) uphinde waqanjwa ngegama lika-Felix
Dlamini, owayengusonhlalakahle kanye nomuntu oziphethe. Wayengusihlalo
weqembu le-ANC eThekwini kanye nomuntu omnyama owokuqala owaphatha
umasipala weTheku. Futhi wasebenza njengelunga lebandla labamisa imithetho
kusukela ngonyaka ka-1994 kuya ku-1999.
Umgwaqo i-Cator Minor “Cator Minor Street” ophinde waqanjwa ngoMary Thipe
Street, lowesifazane, emva kokusekela usihlalo we-ANC lenhlangano yabesifazane.
Wayeyinxenye yemashi e-Cator Minor Beer Hall ngo-1960 lapho abesifazane
babexosha amadoda ayephuza ubhiya wamabele kodwa zibe zibe zilambile izingane
kanye nabafazi babo.
Umgwaqo waseDavenport uqanjwe ngegama lika-Helen Joseph- ongumningizimu
owalwisana nobandlululo, wazalelwa e-Sussex, eNgilandi, wathola iziqu ekolishi
lenkosi “King’s College” ngonyaka ka -1927. Emva kokusebenza e-India
njengothisha iminyaka emithathu, uHelen Joseph weza eNingizimu Afrika ngonyaka
ka-1931. Uyilungu elaqhamuka nenhlangano yomuntu usekela umbuso weningi futhi
wayengomunye wabaholi abafunda uhlamvu lamazwi encwadi yenkululeko yeqembu
labantu eKliptown ngo-1955.
Umgwaqo u-Edwin “Edwin Road” uqanjwe ngegama likaSolomon Mahlangu,
wayehola iqembu le-ANC ezimpini, weMkhonto weSizwe. Ngomhlaka 2 kuNdasa
1977, uSolomoni wagwetshwa ngentambo yokujezisa. Ngomhlaka 6 kuMbasa
1979, uSolomoni Mahlangu waye neminyaka e-23 wabhekana nesilengiso
wahlangana nokufa kwakhe.
Umgwaqo uField (Field Street) uqanjwe ngegama likaJoe Slovo, uJoe owazalwa
eLithonia ngonyaka ka-1926 weza eNingizimu Afrika nabazali bakhe, eniminyaka
eyi-9. Wayengunobhala weqembu lokuxoxisana, waba unqonqoshe wokuqala
wezezindlu kwiNingizimu Afrika entsha kanye nomphato wezepolitiki. Waphinda
wadlala indima yokumiswa kuhulumeni wobumbano esizweni.
Umgwaqo uFrancois “Francois Road” ushintshwe waba nguRick Tuner Road,
uDokotela Richard Albert wayengofundile ongumuntu wezibonakalo futhi
wabangumfundisi enyuvesi ayefunda kuyo, iNyuvesi yase Natal, wavusa ugqozi
ebamtwini abancane abkhuthele, wabazisa ngokuthi vusa umnyakazo wokusebenza
ngaphambi kokhubulawa kwakhe ngamabomu ngo-1978.
Umgwaqo uGale “Gale Street” uqanjwe ngegama elithi Magwaza Maphalala –
umholi we-cosatu owalwela amalungelo abasebenzi. Futhi wayengumholi weqembu
lokuxoxisana KwaZulu Natal futhi eyilunga lokumiswa komthetho khona KwaZulu-
Natali ngonyaka ka-1994.
Umgwaqo u-Gardiner “Gardiner Street” osubizwa ngo“Dorothy Street” uDorothy
Nyembe wazalwa ngo-1931 eThalane, enyakatho neKwaZulu Natal , eduze kwase-
Dundee , ngonyaka ka 1952 wayengomunye wabaholi abakhankasa ngokweyisa
emithethweni yobandlululo. Emva kwesikhathi waba yisekela sihlalo we-ANC
wenhlangano yabesifazane eNatal , wasebenzisana nezigadlaba ezinjengeNkosi
Albert Luthuli, Moses Mabhida, Nelson Mandela, Walter Sisulu kanye no-Oliver
Tambo.
Umgwaqo u“King Goerge Road” usubizwa ngoMazisi Kunene Road- uKunene
(1930-2006) wayeyimbongi ebhala izinkondlo ezibonga amaqhawe esizwe,
wayehlala kwaZulu Natali. Wafunda eNyuvesi yaseNatali futhi wawina umklomelo
ngonyaka ka1956 emncintiswaneni wezincwadi zabantu , futhi wasebenzela iqembu
le-ANC eLandani “London” ngesikhathi sabandlululo futhi wafundisa izinkondlo
zomdabu e-United States.
Umgwaqo u-“Jan Smuts Highway” onguthelawayeka uqanjwe ngeNkosi
uCetshwayo-uCetshwayo wayeyinkosi yakwaZulu ngonyaka ka-1872 emva
kwaMpande.
UKingston Drive uqanjwe ngegama lika –Adelaide Tambo, owazalwa ngoJulayi
18, elokishini eliphezulu, eVereeniging wayengowesifazane owokuqala
ongunkosikazi womongameli weqembu le-ANC u-O.R Tambo. Eminyakeni
eyisishagalombili wangenela inhlangano yabasha beqembu le-ANC, ekuhambeni
kwesikhathi waqokwa njengosihlalo segatsha lase-George Gogh.
Umgwaqo uFort, “Old Fort Road” uqanjwe ngegama lika K.E. Masinga –waba
umsakazi wokuqala owasakaza ngilomi lwesiZulu, emsakazweni wakwa-SABC.
ISIPHETHO
Kulemigwaqo embalwa engiyibalile ngenhla eshinshiwe, yonke ishinshsawe yabizwa
ngamagama abantu, kuleyo embalwa engiqeda ukuyichaza ikubeka sobala ukuthi
bonke labantu bangamaqhawe alwela inkululeko, alwisana nobandlululo kanye
nemilando ayo, futhi onke ayeyinxenye yeqembu elibusayo le-ANC. Nayo yonke
ewuhla asho ngokuchaza ukuthi bonke labantu ngamaqhawe eqembu le-ANC,
adlala izindima ezahlukene eNingizimu Afrika yingakho kumele ahlonishwe.
Abanye bakhetha ukulahlekelwa yizimpilo zabo ngoba befuna ukuthi labo abayosala
bathole ukuthula. Amanye alamaqhawe ngawakhona la enza umehluko eThekwini.
Lamaqhawe angamaqhawe ngokungafani ngoba abanye babeyiziNkosi behola
isizwe sakwaZulu ngengeNkosi uDinuzulu kanye neNkosi uCetshwayo. Kubalulekile
ukuthi sazi ngamaqhawe akuleli, adlala izindima ezibalulekile, kwazi bani nje ukuthi
ukube abazagnge balilwelwe lezwe ngabe linjani, kwenzekalani ngalo, ngobani
abaphethe.
Kumele abongwe amaqhawe adlale izindima ezahlukene, ezibalulekile kangaka.
Imigwaqo lena eminye ibiqanjwe ngendawo ukuwo, ibiqanjwa nje ukuze uhambo
lube lula. Kulomsebenzi ngifunde okukhulu futhi ngizuze kuningi. Akhona amagama
amaqhawe ebengiwazi kodwa ngingazi ukuthi enzani, manje sengiyazazi izindima
zabantu abahlukene futhi benza izindima ezahluke ukuze sibe neNingizimu
ekhululekile, yingakho kumele ibonakale imisebenzi yabo futhi ihlonishwe khona la
ebabenzela khona.
Izincomo
Ngithanda ukuncomo umasipala weTheku komsebenzi omuhle abawenzile
wokushintsha amagama emigwaqo uwaqambe ngamagama amaqhawe, nalabo
ababebambisane nabo kwenziwa lomsebenzi omuhle. Ngingakhohlwa labo abeza
naleli cebo kwambanjiswana njengoba kwaphumelela. Ngiphinde ngincome
ngibonge amaqhawe adlala izindima ezinkulu kangaka nangokuhlakanipha, akusiwo
wonke umuntu obengenza lomsebenzi bona abawenzile, kodwa kungaba
sekuhlakanipheni komuntu nokuba nesibindi, ubeke impilo yakho encupheni ngenxa
yothando lwesizwe nabantu ophila nabo nabaseza. Ngiyabonga maqhawe ethu.
Imithombo yolwazi
Mr. Shabalala, wayesebenzela umasipala weTheku
Incwadi emayelana neTheku, Durban booklet
Dr. Mbuli ofundisa eNyuvesi yaseZululand
Internet, google,mayelana neTheku