Ezemvelo Inkanyezi Zulu 2011

12
EZEMVELO KZN WILDLIFE - THE OFFICIAL INTERNAL NEWSLETTER 1. Umcimbi wakusihlwa obuhlelwe yi-Ezemvelo KZN Wildlife 2. I-Ezemvelo KZN Wildlife igubha uSuku lokuzalwa kukaMandela 3. I-Ezemvelo KZN Wildlife nemidlalo yeNdebe yoMhlaba 4. Sihlabane ngophathina omqoka esizosebenzisana naye UNTULIKAZI - UZIBANDLELA 2010 4 3 2 1

description

 

Transcript of Ezemvelo Inkanyezi Zulu 2011

EZEMVELO KZN WILDLIFE - THE OFFICIAL INTERNAL NEWSLETTER

1. Umcimbi wakusihlwa obuhlelwe yi-Ezemvelo KZN Wildlife

2. I-Ezemvelo KZN Wildlife igubha uSuku lokuzalwa kukaMandela

3. I-Ezemvelo KZN Wildlife nemidlalo yeNdebe yoMhlaba

4. Sihlabane ngophathina omqoka esizosebenzisana naye

UNTULIKAZI - UZIBANDLELA 2010

4

3

2

1

2INKANYEZI

Umbono, Injongo kanye Nezimiso Ezimqoka

OK

UQ

UK

ET

HW

E Ikhasi lesi-2Umbono, Injongo, Izimiso ezimqoka kanye noMcimbi wakusihlwa

Ikhasi lesi-3 kuya kwele-4Amazwi oMphathi Omkhulu

Ikhasi lesi-4INyuvesi yaseZululand izosebenza ngokubambisana ne-Ezemvelo KZN Wildlife

Ikhasi lesi-5I-Ezemvelo igubha uSuku lokuzalwa kukaMandela

IKhasi lesi-6 kuya kwelesi-7I-Ezemvelo KZN Wildlife nemidlalo yeNdebe yoMhlaba

Ikhasi lesi-8Abaqaphi beMvelo bakwa-Ezemvelo bahlomule ngeziti-fiketi zokusebenza kahle

IKhasi le-10Sihlabane ngophathina omqoka esizosebenzisana naye

Ikhasi le-11Okuvela eHhovisi lokuHlelwa kweziNhlelo

Ikhasi le-12Badaluliwe abanqobe uMncintiswano “wokuQanjwa kwaManqe”

I-Ezemvelo KZN Wildlife ihlele isiphihli somcimbi wakusihlwa nge-sikhathi kune-Tourism Indaba e-International Convention Centre, eThekwini ngoNhlaba ka-2010.I-Ezemvelo ihlele umcimbi ngesikhathi kune-Tourism Indaba ngenhloso yokuqhakambisa ukuthi yenzeni ngonyaka odlule uku-lungiselela izindawo zayo imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010. Izinhlaka ezahlukene kanye nezicukuthwane, bebemenyiwe kulo mcimbi kanti uDkt Mkhize wenze izethulo. Kube wubusuku obum-nandi kanti nesiqubulo ebesithi “nethezeka esiQiwini.” Kuphind-we kwakhishwa indathane yemiklomelo enqotshwe ngababe nenhlanhla kwabebebambe iqhaza.

Obonakala esithombeni ngoyedwa kwabahlabane ngemiklomelo ozothola ithuba lokuhambela indawo evikelekile ye-Ezemvelo

KZN Wildlife. Obonakala ehleka kwesobunxele nguComfort Ngidi onguSihlalo weBhodi, ngu-Omie Singh onguSihlalo weKomidi

lezoKongiwa kweMvelo kanye neNdalo esiShayamthetho saKwaZulu-Natali kanye noDkt Bandile Mkhize onguMphathu

Omkhuli we-Ezemvelo.

REPORT POACHING: 08600 10111STAY ANONYMOUS AND REPORT THOSE RESPONSIBLE FOR POACHING.THEY ARE STEALING YOUR CHILDREN’S HERITAGE

Umbono“Ukuba ngungqaphambili kw-ezokongiwa kwemvelo ehlukahl-ukene emhlabeni”

Injongo“Ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokongiwa kwemvelo wenziwa kahle futhi ukongiwa kwemvelo yaKwaZulu-Natali kwenziwa ngokubambisana nezinhlaka zethu, ukuze kuhlomule isizukul-wane samanje nesangomuso”

Nezimiso Ezimqoka

• Ukwethembeka – ngaso sonke isikhathi sisebenza ngokwethembeka, senze ngendlela efanele kanye nangeqiniso.

• Inhlonipho– sibekezelela iz-inhlaka esisebenzisana nazo, ngokuzithoba sihloniphe amalungelo azo kanye na-

wendalo.• Ukubika– sibambisana nez-

inhlaka zethu ezinhlelweni zenhlangano ngokuvuleleka kanti futhi siyakwazi uku-phendula ngemiphumela yesikwenzayo.

• Ukusebenza ngokubambisa-na– sisebenza ngokubam-bisana ukufezekisa umbono wethu ngokulandela izim-pokophelo esinazo.

• Ukuphucuzeka– siyinhlanga-no ejwayelekayo eseben-zisa isiko lokwamukela imi-bono emisha nelokufunda.

• Ukwenza kahle kakhulu- si-yinhlangano enenqubekela phambili futhi esebenza kahle ukuzuza okusezin-geni nokuseqophelweni eliphezulu.

• Ukuzibophezela– ngaso sonke isikhathi senza um-sebenzi wethu ngothando, ngokwethembeka nan-gokuzinikela.

• U m k h i q i z o – s i z i m i s e l e ngokukhiqiza ngesikhathi, ngendlela esheshayo futhi efanele.

Ithimba elididiyela izindaba UMhleli oyiNhloko-

UDkt Bandile MkhizeUMhleli Ophethe

uMaureen Zimu, noJeff GaisfordImiSebenzi yeziLiminguPhilani Ncalane

Ukuhlelwa kwamaKhasi neziThombe ngabe-

Mediacom SA

Ilungelo lokuShicilela

Inkanyezi iyiphephabhuku langaphakathi eliphuma nge-kota yonyaka kanti lishicilelwa wuPhiko lwezokuXhumana kwa-Ezemvelo KZN Wildlife (Ezemvelo). Amalungelo akho konke okushicilelwe agodliwe kanti akumele kusetshenziswe ngaphandle kwemvume ebhalwe phansi yoMhleli oyiNhloko.

Umcimbi wakusihlwa obuhlelwe

yi-Ezemvelo

3 Conservation, Partnerships & Ecotourism

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-

fi ke yedlula kanti ishiye abantu baseNingizimu Afrika emagun-jini omhlaba bezigqaja ngezwe labo ngokusingatha ngempume-lelo lo mqhudelwano. Nasem-landweni, izwe lethu kalikaze libe yimbumba ngalolu hlobo njengoba beliyiyona ngesikhathi semidlalo yeNdebe yoMhlaba futhi siyethemba ukuthi lo muz-wa wobumbano uzohlala ukhona ngaso sonke isikhathi. Ifulegi laseNingizimu Afrika lithole ukuhlonishwa kanti nomhlaba wonke ubukeka ususanganiswa yivuvuzela.I-Ezemvelo KZN Wildlife ibambe iqhaza emazingeni amaningi emalungiselelweni emidlalo yeNdebe yoMhlaba. Ukuh-lelwa kwezinto sekunesikhathi kuqalile ngemicimbi eminingi efana nemiqhudelwano yebhola lezinyawo ngokunjalo nezinh-lelo ezahlukahlukene ezigxile kwezamabhizinisi. Kuhlinzekwe u-R21.3 million wokulungisa lezo zindawo zokulala ebezi-bukeka zingahlomula ngokuva-kasha kwabathandi bebhola. Lezo zindawo kube yiGiant’s Castle, iDidima, iThendele, iNts-hondwe, uMlalazi kanye neM-pila. Ngaphandle kokulungiswa kwalezi zindawo- obekuhlangan-isa ukulungiswa kwengaphandle njengophahla lotshani ngokunja-lo nemigwaqo-kanye nomseben-zi wokulungisa izinto ezincane ngaphakathi kanye nezinsiza, abasebenzi abaningi bathole uqeqesho emisebenzini yabo ngenhloso yokusimamisa indlela yethu yokusebenza. Sibonga kakhulu ozakwethu eMnyang-weni noMgcini-mafa wesiFun-dazwe ngokusilekelela kulokhu. Ngaphandle kosizo lwabo, be-singeke sikwazi ukubhekana nezindleko ebezikhona.Ngaphandle kokuhlinzeka izivakashi zethu ngempatho efudumele ngesikhathi semid-lalo yeNdebe yoMhlaba kanye nangemuva kwayo, enye ingx-enye yalolu hlelo lokulungiswa

kabusha wukukleliswa okunge-

waseNingizimu Afrika-okuyinto ezosihlomulisa esikhathini esiza-yo ngisho sekudlule isasasa lemid-lalo yeNdebe yoMhlaba. Izifundo zoqeqesho kubandakanya ama-khono oKwamukela iziVakashi, ezokuThengisa, ezokuKhom-bisa ngeziNdawo zokuVakasha, ukuHlanzwa kweziNdlu kanye nokuHlinzeka amaKhasimende ngemisebenzi eseqophelweni eliphezulu. Ngebhadi isivumel-wano esihle sezindawo zokuhlala esisibeke ezithebeni ze-Match, okuyinkampani egunyazwe yi-FIFA ukuyisingathela izindawo zokuhlala, siphunzile. Izindaba eziconsisa amathe ngezokuthi ithimba lethu lezokuKhangisa ngeBhizinisi likwazile ukuphen-dula amatafula ngokushesha futhi lathola abantu ababekise lezi zindawo ngalesi sikhathi.Imicimbi emnandi kanye nez-inhlelo zebhizinisi kwenziwe ngezinsuku ezifanayo ngapham-bi komcimbi omkhulu. Kuyan-githokozisa ukunazisa ukuthi sikwazile ukuthola lokhu kuk-leliswa ebesikudinga e-Giant’s Castle, eDidima, eThendele, eNtshondwe kanye nase-Hiltop. IMpila kanye noMlala-zi isesohlelweni lokukleliswa kanti ngiyathemba ukuthi ngizonethulela izindaba ezimnandi ngalezi zinda-wo ezimbili zokulala os-hicilelweni olulandelayo lweNkanyezi. Lolu hlelo lusaqhubeka kanti silin-dele umbiko oqondile walokhu kuk-l e l i s w a

esikhathi-ni esizayo. I z i n d a w o z o k u l a l a e z i b a l -uliwe zid-lule ngehubo e k u h l o l w e n i kokuKleliswa eziNgeni

lesiThathu kanti sizomemezela

ehlukahlukene phakathi kweqembu lethu kanye naweminye iminyango

Phakathi kwemicim-bi emnandi ebe

kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, umcimbi wosuku lwemindeni obe-

luqondiswe emiphakathi-ni yase-Midmar obubanjelwe

e-Thurlow House khona e-Mid-

Imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-Imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka- kabusha wukukleliswa okunge-kabusha wukukleliswa okunge-kabusha wukukleliswa okunge-kabusha wukukleliswa okunge-

Imicimbi emnandi kanye nez-Imicimbi emnandi kanye nez-inhlelo zebhizinisi kwenziwe inhlelo zebhizinisi kwenziwe ngezinsuku ezifanayo ngapham-ngezinsuku ezifanayo ngapham-bi komcimbi omkhulu. Kuyan-bi komcimbi omkhulu. Kuyan-

lusaqhubeka kanti silin-lusaqhubeka kanti silin-dele umbiko oqondile dele umbiko oqondile

lule ngehubo lule ngehubo

kokuKleliswa eziNgeni kokuKleliswa eziNgeni

ehlukahlukene phakathi ehlukahlukene phakathi kweqembu lethu kanye kweqembu lethu kanye naweminye iminyango naweminye iminyango

Phakathi kwemicim-Phakathi kwemicim-bi emnandi ebe bi emnandi ebe

kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, umcimbi neKaizer Chiefs, umcimbi wosuku lwemindeni obe-wosuku lwemindeni obe-

luqondiswe emiphakathi-luqondiswe emiphakathi-ni yase-Midmar obubanjelwe ni yase-Midmar obubanjelwe

e-Thurlow House khona e-Mid-e-Thurlow House khona e-Mid-

kabusha wukukleliswa okunge-kabusha wukukleliswa okunge- lesiThathu kanti sizomemezela lesiThathu kanti sizomemezela

NguDkt Bandile Mkhize onguMphathi Omkhulu

Amazwi oMphathi Omkhulu

4INKANYEZI

Kusayinwe isivumelwano sokuse-benzisana phakathi koMnyango wezokuNgcebeleka nezokuVa-kasha waseNyuvesi yaseZulu-land ne-Ezemvelo KZN Wildlife ngoLwesine lo mhla zingama-22 kuNtulikazi, okuzodala am-athuba okusebenza ngokubam-bisana phakathi kwalezi zinhlaka emkhakheni wezokucwaninga kanye nakubafundi abangakazi-phothuli izifundo zabo.USekela-Shansela wase-Uni-zulu, uSolwazi Fikile Mazibuko uthe lesi sivumelwano sivuse-lela inkontileka yomphakathi ebophezela zombili lezi zinhlaka enhlosweni eyodwa njengezi-bambisene emfundweni yezinga eliphezulu kanye nasezinhlelwe-ni zokuthuthukisa ulwazi.USolwazi uMazibuko uthe uyat-hemba ukuthi i-Ezemvelo izose-benzisa izinsiza zenyuvesi uku-

bamba izingqungquthela kanye nemihlangano futhi izibandakan-ye ezifundweni ezijwayelekile zomphakathi ngokunjalo nasez-inhlelweni zentuthuko, lapho inyuvesi izofunda lukhulu em-phakathini kanti nomphakathi uzofunda lukhulu kuyona.“Le nyuvesi ngeyethu sonke; kanti silapha njengomgogodla wemfundo yezinga eliphezu-lu ukusebenzela umphakathi wakuleli lizwe, ikakhulukazi abantu abasha kanye nokuba-siza ukuba babe yizifundiswa zangempela ngokubafaka ezint-weni ezizobakhulisa ngokomse-benzi,” kusho yena.UMphathi Omkhulu we-Ezem-velo uDkt Bandile Mkhize uthe lesi sivumelwano sizoqinisa kakhu-lu ubudlelwane bokusebenzisana

obukhona nomnyango futhi sizo-dala amathuba amaningi okuthi izifundiswa zenze ucwaningo ngezinto ezahlukahlukene zom-khakha wokungcebeleka kanye nowezokuvakasha ezindaweni ezivikelekile. Olunye ucwaningo luzokwenziwa ngokubambisana, lwenziwe ngokuhlanganyela ne-Ezemvelo ngokunjalo nemi-phakathi engomakhelwane bez-indawo ezivikelekile.UDkt Mkhize obengumfundi e-Unizulu futhi oke waba yilungu loMkhandlu wale Nyuvesi, uthe i-Ezemvelo KZN Wildlife ivule izandla ekusimamiseni ubudle-lwane nanoma ngabe yimuphi umkhakha okanye umnyango wangaphakathi enyuvesi ngoba

idinga ubudlelwane ukusimamisa umqondo wokuvikelwa kwemve-lo ukulungiselela ezokuvakasha. “Izinjongo eziqhelile kufi nyele-leka kalula kuzona ngokubam-bisana,” kusho yena.UDkt Thandi Nzama oyiNhloko yoMnyango wezokuNgcebeleka nezokuVakasha e-Unizulu, uthe lobu budlelwano bungoboku-qala ngqa ukwenziwa phakathi kwesikhungo semfundo ephakeme esifundazweni kanye ne-Ezemvelo. Uthe ngalobu budlelwano, abafundi bebanga lesithathu kwiBhashela yezoku-Vakasha bathole ithuba lokufun-da ngokuzibambela mathupha okuyisidingo esimqoka ezifund-weni zabo.

INyuvesi yaseZululand kanye ne-Ezemvelo KZN Wildlife basayina isivumelwano sokusebenzisana. Kwesobunxele:

nguDkt Thandi Nzama oyiNhloko yoMnyango wezokuNgcebeleka kanye nezokuVakasha eNyuvesi

yaseZululand, nguSolwazi Nomahlubi Makunga oyi-Dean ePhethe eMkhakheni wezobuCiko, uSthabiso Chiliza

oyiMenenja yezokuSimamiswa kwamaBhizinisi, nguSudhir Goorah oyiMenenja yeziNhlelo kanye nobuNgozi kwa-Ezemvelo, uShansela uSolwazi Ntombifi kile Mazibuko

onguSekela-Shansela, uDkt Bandile Mkhize onguMphathi Omkhulu we-Ezemvelo KZN Wildlife.

INYUVESI YASEZULULAND IZOSEBENZA NGOKUBAMBISANA NE-EZEMVELO KZN WILDLIFE

nokukhangiswa nokudayiswa kobuciko obakhiwe ngamalungu omphakathi. Yize bekungelula ukusingatha lezi zinhlelo kuyona yonke imiphakathi engoma-khelwane bethu, sibe nohide “lwemiqhudelwano yokuhl-waya ithalente” phakathi kwayo bekuyizikole ezihlanganise um-culo, umdanso kanye nezim-bongi noma izinkondlo okusenze sakwazi ukubheka ithalente ebesingalisebenzisa emidlalweni yeNdebe yoMhlaba. Umcimbi omkhulu ububanjelwe eMlalazi Nature Reserve ngoNhlaba kanti ube yimpumelelo. Ngesikhathi sokugubha ukusala kwezinsuku ezingama-30 kuqale umqhudel-wano, sihlele umqhudelwano webhola lezinyawo esifundeni saseZululand kanye nasoGwini. Bekunemidlalo eHluhluwe-Im-

folozi Park phakathi kwe-Ezem-velo KZN Wildlife, abaSebenzi basesiBhedlela sakwaHlabisa, othisha bezikole zendawo kanye ne-SAPF. Ogwini, imidlalo ibi-phakathi kwe-Ezemvelo KZN Wildlife, i-SA Navy, SAPF kanye nekilabhu yomphakathi.INdawo yoMphakathi yokuBuka imidlalo (PVS) ibihlinzekiwe e-Midmar ngokubambisana no-Masipala waseMgungundlovu. Ngemuva nje kokuqala kwemid-lalo yeNdebe yoMhlaba, yesek-we kakhulu kwi-PVA yethu eveze bukhoma imidlalo emithathu yeBafana Bafana ngokunjalo nomdlalo wamanqamu. Empeleni imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010 ibe yim-pumelelo enkulu kanti thina kwa-Ezemvelo KZN Wildlife si-yaziqhenya kakhulu ngokuba

yingxenye yayo yonke le nto. Abantu abaningi basemazweni angaphandle bathuke kabi be-bona izwe lethu futhi iningi labo lithembise ukuphinde livakashe. Ngithanda ukubonga bonke aba-bambe iqhaza ngandlela thile ngokusebenza ngokuzikhandla nangomfutho eniwukhombisile ngesikhathi semidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010. Konke sekusezandleni zethu kanti-ke sekumele siphinde sigx-ile emisebenzini yethu emqoka. Izinselelo esisabhekene nazo zinzima kakhulu kodwa izinga lokusebenza kwethu ekwenzeni imidlalo yeNdebe yoMhlaba ibe yimpumelelo liyizinkomba zokusebenzisana kanti-ke ngi-nesiqiniseko sokuthi sizok-wenza imisebenzi yokongiwa kwemvelo ngempumelelo.

Isibonelo esisodwa somfutho wethu oqhubekayo, ukusayinwa kwesiVumelwano sokuSeben-zisana phakathi koMnyango wezokuNgcebeleka kanye ne-zokuVakasha waseNyuvesi ya-seZululand ne-Ezemvelo KZN Wildlife ngoNtulikazi okudale amathuba okusebenza ngoku-bambisana phakathi kwalezi zinhlaka emkhakheni we-zokucwaninga kanye nakubafun-di abangakaziphothuli izifundo zabo.Umsebenzi wethu omqoka wok-ongiwa kwemvelo kawumanga ngesikhathi semidlalo yeNdebe yoMhlaba kanti ngizonazisa kabanzi ngalokhu oshicilelweni lwethu olulandelayo lweNkan-yezi.

5 Conservation, Partnerships & Ecotourism

UMbali Fraser oyilungu leKo-midi lezoKongiwa kweMvelo ngokubambisana nabasebenzi be-Ezemvelo KZN Wildlife kanye namalungu kaSoseshini wamaTekisi obizwa nge eMahl-utshini, batshale izihlahla enkambini yamatekisi (emzileni waseHlathikhulu) ngenhloso yokugubha imizuzu engama-67 yosuku lokuzalwa kukaMandela. UNksz Fraser ubonge um-phakathi obambe iqhaza emtholampilo waseNcibid-wane, abeNkambi yamatekisi kanye neLangalibalele Art Craft ngokunjalo nabe-Laundly clean-up ngokugubha lolu suku. Uthe ukutshalwa kwezi zihlahla kuwu-phawu lokuphila kanti ukuhlanza indawo kukhombise ukuziqhen-ya komphakathi ngayo.“Siyakholwa wukuthi silethe im-pilo engcono kule nkambi ngenxa yamatekisi yokutshala lezi zih-lahla,” kusho yena. Ubonge um-phakathi ngokuzibandakanya kwawo emkhankasweni wok-uhlanza indawo. Uqhakambise ukuthi uNelson Mandela uyindo-da ethanda uxolo futhi unxenxe umphakathi osebenzisa inkambi yamatekisi ukuba uthathe lezi zihlahla ebezitshalwa (iPhuphu-ma) njengophawu loxolo.I-Ezemvelo iphinde yanikela nga-maphasela okudla emindenini edonsa kanzima endaweni yase-Mahlutshini ngesikhathi kugu-jwa uSuku lokuzalwa kukaMan-dela. UNikiwe Sithole oyilungu lomphakathi, uhlonze umndeni

wakwaHadebe n j e n g o s w e l e kakhulu kanti ube esecela i - E z e m v e l o u k u n i k e l a n g e z i n g u b o z o k u m b a t h a kanye nokud-la. Lo mndeni o n a m a l u n g u a n g a m a - 2 3 u t h e m b e l e kwimpesheni kaGogo ukuze uphile. UNksz Fraser uthem-bise umndeni wakwaHadebe ukuthi uzonx-usa abaseben-zi boMnyango wezeNhlalakahle yoMphakathi ukuba bawusize. UMnuz Bheki Khoza ungeze ngokuthi i-Ezemvelo KZN Wildlife iyayi-nakekela imiphakathi engomakhelwane bez-indawo ezivikelekile kanti futhi iqhuba ngendlela imi-sebenzi yokongiwa kwem-velo. Inhloso ye-Ezemvelo KZN Wildlife “ukuqinisekisa ukuphathwa ngendlela efanele futhi enenqubekela phambili kwemvelo yaKwaZulu-Natali kanye nezindawo ezivikelekile ngokubambisana nezinhlaka zayo.”

I-EZEMVELO KZN

WILDLIFE

IGUBHA USUKU

LOKUZALWA

KUKAMANDELA

ngokuthi i-Ezemvelo KZN Wildlife iyayi-nakekela imiphakathi engomakhelwane bez-indawo ezivikelekile kanti futhi iqhuba ngendlela imi-sebenzi yokongiwa kwem-velo. Inhloso ye-Ezemvelo KZN Wildlife “ukuqinisekisa ukuphathwa ngendlela efanele futhi enenqubekela phambili kwemvelo yaKwaZulu-Natali kanye nezindawo ezivikelekile ngokubambisana nezinhlaka

I-EZEMVELO KZN

6INKANYEZI

Ezemvelo Igubhe i-World Cup 2010 KanjeEzemvelo Igubhe i-World Cup 2010 Kanje

7 Conservation, Partnerships & Ecotourism

8INKANYEZI

Abaqaphi bemvelo boPhiko oluLwisana nokuZ-ingela okungekho emthethweni abazinze e-Isimangaliso Wetland Park, baklonyeliswe ngezitifi keti zokusebenza kahle kanye nange-mali nguMphathi Omkhulu we-Ezemvelo uDkt Bandile Mkhize ngokuzikhandla kwabo emsebenzini kanye nokubeka izimpilo zabo engozini ngesikhathi bebhekene nabazingeli abahlomile futhi abayingozi ngokunjalo nez-inye izigameko ezingekho emthethweni ezen-zeka endaweni evikelekile e-Isimangaliso. Umsebenzi wabo ubandakanya ukuvundu-lulwa koqhwasha abalayishwe izinhlamvu, inhlokohlela yohlobo lwe-303, i-38 special re-volver, abazingela ngokungemthetho ngezin-ja ababanjwe ngempumelelo base bethweswa amacala.

Abathole imiklomelo noBheki Khoza ongumQondisi Ophethe oPhikweni

lwezoKongiwa kweMvelo, uDkt Bandile Mkhize onguMphathi Omkhulu we-Ezemvelo

kanye noBuhle Ndunakazi oyiMenenja-Jikelele yoPhiko lweziNdaba zabaSebenzi.

AbaQaphi beMvelo

bakwa-Ezemvelo bahlomule

ngezitifiketi zokusebenza kahle

Ezemvelo Vuvuzela Friday

Abasebenzi be-Ezemvelo bebhiyozela ukufutha amavuvuzela ngaphandle kwehhovisi.

9 Conservation, Partnerships & Ecotourism

Ukusebenzela oGwini – Uhlelo lwaseNhla noGu: Lolu hlelo lusuka eBallito luze luyoshaya e-St Lucia kanti luqhutshwa ngaphansi kweMikhandlu yoMasipala emibili okuyiLembe kanye noThungulu enoMasipala abayisi-5 ngaphansi kwayo (okungowaKwa Dukuza owaseMandeni, owaseM-lalazi, uMhlathuze kanye nowaseMfolozi). Lolu hlelo ngolokulwisana nobubha ngaphansi koHlelo oluNwetshiwe lwemiSebenzi yoMphakathi (EPWP) oluxhaswe ngezimali nguMnyango wezeMvelo (DEA).

Abazohlomula ohlelweni yilaba:OMasipala UMhlathuze AmaWadi

Izinga lenzuzo engenayo

UkuKleliswa kwayo ngokwasemlandweni

Izakhiwo

I-Mphembeni UMhlathuze LM 13 Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaEsikhaleni UMhlathuze LM 18 Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaE-Port Durnford UMhlathuze LM 18 Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaKwa Dlangezwa UMhlathuze LM 10 Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhaya

UMlalaziI-Manzamnyama KwiWadi LM 20 yaseMlalazi Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaObanjeni KwiWadi LM 17 yaseMlalazi Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhaya

KwambonambiI-Nhlabane KwiWadi LM 3 yaKwaMbonambi Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaUMzingazi KwiWadi LM 3 KwaMbonambi Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaI-Sokhulu KwiWadi LM 4 KwaMbonambi Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhaya

IMandeniE-Dokodweni KwiWadi LM1 yaseMandeni Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaOThukela KwiWadi LM 3 yaseMandeni Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaEMatikulu KwiWadi LM 1 yaseMandeni Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhayaKwaHlomendlini KwiWadi LM 4 yaseMandeni Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhaya

KwaDukuzaE-Zinkwazi KwiWadi LM 12 yaKwadukuza Inzuzo ibeNcane I-PDI Izakhiwo zaseMakhaya

E-Ballito KwiWadi LM 12 yakwadukuza Inzuzo ibeNcane I-PDIIzakhiwo zasemaDolobheni/ Izibonelelo zezindlu ezihlinzekwa nguHulumeni

E-Mvoti KwiWadi LM 5 Kwadukuza Inzuzo ibeNcane I-PDIIzakhiwo zasemaDolobheni/Izibonelelo zezindlu ezihlinzekwa nguHulumeni

Iziphumo zoHlelo UMKHANDLU WESIFUNDA ILEMBE Ukusebenzela iziPhumo zohlelo loGu

Inombolo. Isiphumo Ukukleliswa kweziPhumoUMasipala

waseMandeni UMasipala

wakwaDukuza 1. Ukukhucululwa kweBhishi Ukukhucululwa kwamaBhishi Izinhlaka

ezingama-20 Izinhlaka ezingama-25

2. UkuLawulwa kweziMila zokufi ka kuleli

IsiQiwi saseMatigulu

3. UkuThuthukiswa kweziNsiza zeziVakashi zakuleli

1. Izimpawu zokukhanyisela iziVakashi zakuleli ngendlela2. IDiphu lasoThukela mouth kanye nendawo yokupaka.3. Izindlu zangasese zaseDokodweni eziseduze komsele wokuGeleziswa kwamanzi4.Umfula uThukela kanye nezindawo zokushisa inyama5. Imigqomo ewukhonkolo kadoti

4. Ukulungiswa kwemizila kanye nemiGudu

Ukulungiswa, ukuphendlwa nokwandiswa kwemizila kanye nemigudu esiQiwini saseMatigulu. Ukuphendlwa komzila obheke eBhishi lase-KDZ

Esiqiwini saseMatigulu

Emabhishi akwaDukuza

5. Ukuphendlwa/ ukuLungiswa kwemiGwaqo

Ukulungiswa, ukuphendlwa kanye nokulungiswa kwemigwaqo engenayo Amatikulu kanye nomfula uThukela

6. Ukusizwa kweziVakashi Ngezikhathi zebhizi (okunguZibandlela kanye nangamaHolidi ePhasika) EMandeni kuphela 7. Ukulungiswa kwe-APC ne-Dune I-1/3 yohlahlo mali ifakwe kwi-PA – ekuqhutshezelweni phambili kwezinhlelo

zangaphambilini ze-WftC Izinhlaka ezingama-20

Izinhlaka ezingama-25

UTHUNGULU

UMkhandlu wesiFunda wasoThungulu– Usebenzela iziphumo zeziNhlelo zoGuInombolo. Isiphumo UMasipala waseMhlathuze UMasipala wakwaMbonambi UMasipala waseMlalazi

1. Ukukhucululwa kweBhisi • E-Port Durnford • Indawo yokuNgcebeleka eBhishi lakwaMthiyane • EsiQiwini saseMlalazi • Esikhawini • ImiSele yokuGeleziswa kwamanzi eNhlabane (bekunabantu abayi-9 ethimbeni) • EMpembeni • Ummango wakwa-Mbo (bekunabantu abayi-9

ethimbeni ngalinye)(kubenabantu abayi-9 eqenjini ngalinye)

UKUSEBENZELA OGWINI – UHLELO LWASENHLA NOGU

10INKANYEZI

I-Ezemvelo isiphinde yahlabana ngophathina ezosebenzisana naye- kubika kuNtsiki Dlulane oyiMenenja oPhikweni lwe-zoKongiwa kweMvelo, ubuDlel-wano kanye neziNhlelo. I-Ezemvelo KZN Wildlife nge-CPPMU, iqokwe wuMnyango wezeMfundo njengolunye lwez-inhlaka ezizoqalisa izinhlelo zokwakhiwa kwengqalasizinda yezikole zalo mNyango. I-Ezem-velo KZN Wildlife ijutshwe ukuba iqhube uHlelo lokuThuthukisa iMfundo emabangeni aphansi (ECD). Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuhlinzeka i-ECD (ebangeni lika-R) ngamagumbi okufundela ezikoleni esifundazweni saKwa-Zulu-Natali lapho ingqalasizinda ingakaze ibe khona phambilini.

Iningi lalezi zikole zesezindaweni eziqhele kakhulu esifundazweni kanti lolu hlelo olusungulwe wuMnyango silwamulelwa nge-zandla ezimhlophe njengoba lu-zovala igebe phakathi kwezikole ezisemadolobheni kanye nalezo ezisemakhaya.I-Ezemvelo iphinde yathola izicelo eziningi zoxhaso lwemali ezifi kela ehhovisi lesiVivane soMphakathi zokuthuthukiswa kwengqalasizinda yezemfundo ikakhulukazi amagumbi oku-fundela, izinkulisa, amagumbi okufundela amakhompuyutha kanye nezakhiwo zokuseben-zela. Zonke lezi zicelo zixhasiwe. Ngokubona ukuthi iMali yesi-Vivane soMphakathi iyashoda okuzokwenza ukuthi ingakwazi ukubhekana nezindleko ez-ifana nezinsiza, iHhovisi leziNh-lelo licele uxhaso eMnyangweni wezeMfundo waKwaZulu-Natali, njengoba siqokwe njengoHlaka oluzoQalisa lo Msebenzi. Uhlelo lwe-ECD luzohlinzeka ngamagumbi okufundela eban-geni lika-R, izindlu zangas-ese zezingane ezincane kanye nendawo yokuvocavoca umz-imba. Lezi zindawo zizobiyelwa ngocingo olungu-1.8m ukuya

phezulu. Lokhu kuzohlinzeka ngokuvikela ngokunjalo noku-lawulwa okusezingeni eliphezulu ezikoleni njengoba izingane zij-wayele ukuhlohlwa ngozakwabo ngokuganga uma zingekho izinh-lelo zokulawula eziqondile. Leli yigxathu elihle kakhulu elithath-we nguMnyango wezeMfundo kanti thina kwa-Ezemvelo KZN Wildlife siyaziqhenya ngokuba yingxenye yalolu hlelo. Iningi lezingane zasemakhaya belinga-litholi nhlobo ithuba lokufunda zisencane ngaphambi kokuba zi-bhalise ebangeni loku-1 kanti lolu hlelo kuhloswe ngalo ukulungisa lesi simo. Esikhathini esedlule, I-Ezemvelo KZN Wildlife ihlinzeke ngezinkulisa kanye namagumbi okufundela okwakhiwe ngeMali yesiVivane soMphakathi. Sibuka lokhu njengethuba lokuqhube-ka nokuhlinzeka lezi zidingo-ngqangi sibe sivumela ukuba iMali yesiVivane soMphakathi isetshenziselwe ukweseka ez-inye izinhlelo. Ezinye izinhlelo zizogxila kakhulu ezinhlelweni ezizokwenza inzuzo ezizovulela imiphakathi ukuba iqhubeke nokuziphilisa futhi iphinde ibambe iqhaza ezinhlelweni zomnotho walesi sifundazwe.

Siphinde saqokelwa ukuhlela kanye nokuqalisa uhlelo lobuch-wepheshe ezikoleni loMnyango wezeMfundo. Lolu wuhlelo lu-kazwelonke okuhloswe ngalo ukuhlinzeka ingqalasizinda ukuze izikole zikwazi ukufundi-sa izifundo zobuchwepheshe. Lokhu kuhlanganisa imihlanga-no yokucobelelana ngolwazi kanye namagumbi okufundela amakhompuyutha azokwakhiwa ezikoleni eziyisikhombisa esi-fundazweni. Lolu wuhlelo oluy-ingqophamlando oluqhamuke noMnyango wezeMfundo kanti i-Ezemvelo KZN Wildlife iya-ziqhenya ngokuba yingxenye yalo.Zonke lezi zinhlelo zingabukeka sengathi zicezile emsebenzini wethu omqoka kodwa kuhloswe ngazo ukuqinisa ubudlelwane ne-miphakathi. Lokhu kukhuthaza ukuphatha ngendlela efanele, okuyinto esiyidingayo njen-genkampani kahulumeni uma sifuna ukubona ukuhlinzekwa kwezidingo okusezingeni eliphe-zulu kubantu bakithi kufezekiswa kunokuba kuphenduke iphupho nje.

Iningi lalezi zikole zesezindaweni phezulu. Lokhu kuzohlinzeka Siphinde saqokelwa ukuhlela

Sihlabane ngophathina omqoka esizosebenzisana naye

Ntsiki Dlulane

Inombolo. Isiphumo UMasipala waseMhlathuze UMasipala wakwaMbonambi UMasipala waseMlalazi 2. UkuLawulwa kweziMila

zokufi ka kuleliIthimba elilodwa Akubangakhona lutho Esiqiwini saseMlalazi kube

namathimba ama-23. IziNsiza zeziVakashi Ukulungiswa kwama

kwamafulemi ka-A Indawo yokuNgcebeleka eBhishi lakwaMthiyane–kufakwe iziTendi zokuShiswa kwenyama eziyi-6, imiGqomo kadoti eyi-8

Ukuthuthukiswa kwezinsiza eziKhona zokuDipha esiQiwini

Izimpawu ezifundisayo Imisele yokuGeleziswa kwamanzi eNhlabane– iziTendi eziwu-3 zokuShisa inyama, imiGqomo kadoti emi-5

Amabhuloho ama-2 akhiwe ngamapulangwe e-Mangroves

Ilitshe lesikhumbuzo sika Raphia4. Ukulungiswa kwemizila

kanye nemiGudu Imizila esiQiwini

5. Ukuphendlwa/ ukuLungiswa kwemigwaqo

Kubenjengoba iNkosi iCelile: +- 7kms

Indawo yokuNgcebeleka eBhishi lakwaMthiyane – 6km Ngaphakathi esiqiwini: +- 5kms

Umsele wokuGeleziswa kwamanzi eNhlabane– 4km 6. Ukusizwa kweziVakashi 3 E-Port Durnford Izindawo ezi-3 zokuNgcebeleka eBhishi lakwaMthiyane Akubangakhona lutho 3 EsiKhawini Imisele emi-3 yokuGeleziswa kwamanzi eNhlabane 3 EMpembeni Imimango ewu-3 yakwa-Mbo 7. Ukulungiswa kwe-APC

ne-Dune Ngu-25% Ngu-25% Ngu-50%

Okuzuziwe ezinhlelweni zaphambiliniNjengoba ingeNhla loGu bekuyilona ebeliPhethe uHlelo kwi-DEAT – oHlelweni oluNwetshiwe lwemiSe-benzi yoMphakathi lwasoGwini, ihlanganise kuyo imikhandlu emithathu (okuyiLembe, uThungulu kanye noMkhanyakude) ngokuthi kwenziwe iziphumo eziyi-15, kuqashwe nabasebenzi abangama-536 kanti lolu hlelo lukwazile ukusungula luphinde luthuthukise osonkontileka abayi-11 abasezingeni labafufusayo. Umsebenzi ubandakanya ukuKhucululwa kweBhishi, kweziMila zokufi ka kuleli, umsebenzi wokulungisa izakhiwo, ukuThuthukiswa kweziNgqala sizinda, ukuGxiliswa kokusetshensizwa kweMvelo kanye nama-Khemikhali kepha kuye ngokwesidingo sohlobo lwesiphumo esidingekayo.

11 Conservation, Partnerships & Ecotourism

Ehhovisi lokuhlelwa kwamaSu, sibone ukubuyekezwa kwesu leb-hizinisi lonyaka ka-2010 kuya ku-2014. Izinhloso zenziwe kahle futhi zamiswa ngendlela ehlukile. Izingxoxo ziholele ekutheni kwamuke-lwe lokhu okulandelayo:

1. UMBONO“Ukuba ngungqaphambili kwezokongiwa kwemvelo ehlukahlukene emhlabeni”

2. INJONGO“Ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokongiwa kwemvelo wenziwa kahle futhi ukongiwa kwemvelo yaKwaZulu-Natali kwenziwa ngoku-bambisana nezinhlaka zethu, ukuze kuhlomule isizukulwane samanje nesangomuso”

3. IZIMISO EZIMQOKA• Ukwethembeka - ngaso sonke isikhathi sisebenza ngok-

wethembeka, senze ngendlela efanele kanye nangeqiniso.• Inhlonipho - sibekezelela izinhlaka esisebenzisana nazo,

ngokuzithoba sihloniphe amalungelo azo kanye nawendalo.• Ukubika - sibambisana nezinhlaka zethu ezinhlelweni zenh-

langano ngokuvuleleka kanti futhi siyakwazi ukuphendula ngemiphumela yesikwenzayo.

• Ukusebenza ngokubambisana - sisebenza ngokubambisana ukufezekisa umbono wethu ngokulandela izimpokophelo es-inazo.

• Ukuphucuzeka - siyinhlangano ejwayelekayo esebenzisa isiko lokwamukela imibono emisha nelokufunda.

• Ukwenza kahle kakhulu - siyinhlangano enenqubekela pham-bili futhi esebenza kahle ukuzuza okusezingeni nokuseqophel-weni eliphezulu.

• Ukuzibophezela - ngaso sonke isikhathi senza umsebenzi wethu ngothando, ngokwethembeka nangokuzinikela.

• Umkhiqizo - sizimisele ngokukhiqiza ngesikhathi, ngendlela esheshayo futhi efanele.

4. IZINJONGO KANYE NEZINHLOSO EZIPHUSILEI. Ukusimamisa isimo sokongiwa kwemvelo esifundazweni

saKwaZulu-Natali ukuze kuhlomule umphakathi (Iziphu-mo zikaHulumeni ze-10: UkuVikelwa kanye nokuSimamiswa kwezinsiza kanye nendalo)

• Ukonga imvelo engumsinsi wokuzimilela esifundazweni saK-waZulu-Natali ukuze kuhlomule isizukulwane samanje nesan-gomuso

II. Ukuhlinzeka imisebenzi yokongiwa kwemvelo kanye neye-

zokuvakasha ngendlela esezingeni eliphezulu ngokuba yinh-langano ehleleke kahle ngesikhathi esifanayo sisebenzela in-qubekela phambili ngokuphindiwe (Iziphumo zikaHulumeni zesi-9: Ukuphendula, ukubika, ukusebenza ngendlela efanele, uHlelo oluSheshayo loHulumeni baseKhaya)

• Ukusimamisa isimo sezimali• Ukukhuphula izinga lokusebenzisa ngendlela imali

III. Ukuba yinkampania kahuluneni esebenza ngendlela es-heshayo, esobala, ngobuqotho futhi ebikayo ngekwenzayo futhi ephethe kahle (Iziphumo zikaHulumeni ze-12: Ukuhlinze-ka imisebenzi yomphakathi ngendlela esheshayo, efanele futhi ehlose ukuthuthukisa ngokunjalo nokusimamisa, ubuqiniso kanye nokuba yisakhamuzi ngokugcwele)

• UkuThuthukisa kanye nokugcina izinga eliphezulu• Ukuqalisa ukusebenza kwemisebenzi emisha kanye nemikhi-

qizo• Ukwakhiwa kohlelo lokusebenzisana kumabhizinisi ahlukene

kanye nezinhlaka ezithintekayo ukuze kuvele iziphumo ezinhle• Ukuhlanganisa izinhlelo zokulawulwa kolwazi• Ukulawula ubungozi enhlanganweni• UkuPhatha ngendlela efanele futhi eshesheayo imali yenh-

langano• Ukusungula kanye nokuqalisa ukusebenza koHlelo lokulawulwa

kolwazi• Ukuhambisana nemithetho ethintekayo• Ukuqalisa ukusebenza kwemigomo ebanzi ehambisana nogu-

quko• Ukusebenzisa amasu ngokuhlanganyela nezinhlaka

ezithintekayo

IV. Ukuba ngumqashi okhethekile ngokusungula imisebenzi yezinga eliphezulu kanye nenhlalo-nhle enenqubekela phambili (Iziphumo zikaHulumeni ze-4: Imisebenzi esezingeni elifanele ngokuthi kubandakanywe ukuthuthukiswa komnot-ho/ Isiphumo sesi-5: Indlela yokusebenza ngamaKhono kanye nokukwazi ukwenza imiSebenzi ngendlela ukuze kwesekwe in-dlela yokubandakanya ukuthuthukiswa)

• Ukuheha kanye nokugcina i-Human Capital• Ukwakha isiko lokufunda kanye nokuthuthukisa abasebenzi• Ukuqalisa ukusebenzisa izindlela eziphusile ekulawulweni

kwezempilo kanye nokunye okuphathelene nakho• Ukunyusa izinga lokugculiseka kwabasebenzi• Ukukhombisa izinga lemihlomulo edaleke ngokuqaliswa kwez-

inhlelo zenhlangano

Egameni lophiko lokuLawulwa kobuNgozi, kuyintokozo kimina uku-bika ukuthi manje sesinenqubomgomo yokuLawulwa kobuNgozi esi-yamukeliwe futhi esiqalisiwe ukusebenza. UkuLawulwa kobuNgozi kuyithuluzi elimqoka elizokwenza ukuthi inhlangano ikwazi ukun-qanda lobo bungozi obungasiphazamisa ekufezekiseni izinhloso es-izibekele zona. Njengomphumela wale nqubomgomo, kusungulwe iKomidi lokuLawulwa kobuNgozi uDkt Bandile Mkhize onguMphathi Omkhulu anguSihlalo walo. Yonke iminyango imelwe yizimenenja kanti abasebenzi bayanxuswa ukuthi babhunge ngezindaba zoku-lawulwa kobungozi kuwona wonke amazinga okusebenza.

Ehhovisi lokuhlelwa kwamaSu, sibone ukubuyekezwa kwesu leb-hizinisi lonyaka ka-2010 kuya ku-2014. Izinhloso zenziwe kahle futhi

zokuvakasha ngendlela esezingeni eliphezulu ngokuba yinh-langano ehleleke kahle ngesikhathi esifanayo sisebenzela in-

Okuvela eHhovisi lokuHlelwa kweziNhlelo

12INKANYEZI

Umncintiswano “wokuqanjwa kwamanqe” ubusingethwe yi-Ezemvelo KZN Wildlife ngase-kupheleni kuka-2009. Lo mncin-tiswano ubuvuleleke kubantwana abaphakathi kweminyaka eyisi-6 kuya kweyi-12 abafunda eziko-leni zamabanga aphansi ezin-gomakhelwane noKhahlamba Drakensberg Park World Herit-age Site. Umncintiswano ubuyingxenye yohlelo lwamanqe lwe-Ezemvelo KZN Wildlife okuhloswe ngalo ukuthola amagama amanqe ayisihlanu anentshebe kanye nelilodwa lohlobo lwe-cape ahlonzwe ngemishini yobuch-wepheshe besimanje ngo-2009. Ngokugaxa abantu abaningi imishini yobuchwepheshe be-simanje, ongoti bezemvelo bakwa-Ezemvelo KZN Wildlife bazokwazi ukuhlonza indawo lapho kuhlala khona lezi zinyoni kanye nalapho ezithanda ukud-lela khona. Inhlosongqangi yalo mncin-tiswano bekuwukuthi uphinde uqwashise ngobunzima amanqe abuthwele ezintabeni zaseMalo-

ti-Drakensberg kanye nobungozi lezi zinyoni ezibhekene nabo. Uhlelo lwamanqe lubandakanya ucwaningo lokuhlonza isibalo sohlobo lwamanqe anentshebe kanye nawe-cape futhi kuhlonzwe ubungozi lolu hlobo lwezinyoni olubhekene nabo ngokunjalo nokubhekana ngqo nembangela yokufa kwalo. Kuze kube yiman-je, kusavela ukuthi ubuthi kanye nokungqubuzeka ezintanjeni zikagesi, yikhona okungubun-gozi obukhulu obubhekene nal-ezi zinyoni. Ngokubambisana neThimba lesiKhwama seziNyo-ni eziseNgozini yokuZingelwa, i-Ezemvelo KZN Wildlife izo-sungula izindlela zokubhekana ngqo nobungozi obulengela ku-lolu hlobo lwezinyoni futhi iqede nokuncipha kwazo ngokweziba-lo ukuqinisekisa ukuthi abafundi bayakwazi ukubona lezi zinyoni ezinhle kangaka ekhulwini lem-inyaka elizayoBobathathu abafundi abadle um-hlanganiso kulo mncintiswano bavela esikoleni samabanga aphansi, Umganu esiseduze kwase-Underberg. UPhilani

Mtolo, uSenooe Karobe kanye noSindiswa Mila yibona abap-humelele. Igama eliphakanyiswe nguPhilani ngelithi Umcocimath-afa, elisho ukuthi “gcina indalo ihlanzekile”. Igama eliphakany-iswe nguSenooe ngelithi Inkosi Yeentaka elisho ukuthi “iNkosi yeziNyoni” kanti eliphakanyiswe nguSindiswa ngelithi Umadlizi-dumbu, elichaza ukuthi “ukudla ingcuba.” Igama likaPhilani ne-likaSenooe kuzoqanjwa ngawo amanqe amabili amancane anentshebe kuthi elikaSindiswa kuqanjwe ngalo iNqe eselilidala lesifazane lohlobo lwe-Cape. Inqe eliselincane lesifazane elinentshebe elahlonzwa ngom-shini wobuch-w e p h e s h e besimanje ngo-Mandulo ka-2009, laqanjwa ngokuthi ngu “Olivia” nge-muva kokuba u-Olivia Taylor, okuy-ingane encane efunda edolobheni laseThekwini obe-qongelela imali

yoHlelo lwamaNqe aneNtshebe futhi eqwashisa izinkampani ngobunzima obubhekene na-manqe eNingizimu Afrika. Aba-dle umhlanganiso bazogixa-bezwa ngethuba lokuvakashela indawo lapho bezobona khona amanqe. Imidwebo ekhombisa ngezindlela zokuhamba kwez-inyoni izothunyelelwa kubafundi masonto onke ukuze bezobona ukuthi bezikuthungatha kephi ukudla izinyoni zabo kusukela kuqale isonto. Lezi zinyoni ezine zijoyina iKloba, i-Aspen kanye neLehlwa, okungamanqe aman-cane anentshebe osekutholakele lapho evamise ukuhamba kho-na.

Badaluliwe abanqobe uMncintiswano “wokuQanjwa kwaManqe”

MISSION“To ensure eff ective conservation and sustainable use of KwaZulu Natal’s biodiversity in collaboration with stakeholders for the benefi t of present and future genera-

tions”

VISION“To be a world renowned leader in the fi eld of biodiversity conservation”

EZEMVELO KZN WILDLIFE STRATEGY MAP

Cust

omer

&

Stak

ehol

sers

Fina

ncia

lIn

tern

al

Proc

esse

sLe

arni

ng &

G

row

th

Conserve the indigenous biodiversity of KZN for the benefi t of present and future generations

Increase fi nancial resources Optimise use of fi nancial resources

Implement best practicesin management wellness and

related activitiesAttract and retain the best

human CapitalCreate a culture of

learning and development of employees

Increase employee satisfaction

Demonstrate the value of benefi ts derived from

the implementation of organisational programmes

Implement New services and

products

Manage Organisational

risks

Optimise strategic

alliances with relevant

stakeholders

Comply with relevant

legislation

Integrate information

management systems

Develop and implement

knowledgemanagement

systems

Manage organisational

resources eff ectively and

effi ciently

Develop and maintain quality

standard

Createsynergies

across businessand support

units

ImplementBroad Based

TransformationPolicies