Ezempilo Mag - Zulu - Nov Issue

20
ISIQEPHU 11 FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA MAHALA SIHALALISELA INKOSI ALBERT LUTHULI HOSPITAL NGOMTHOLAMPILO WAMEHLO OMUSHA!

description

Ezempilo Mag - Zulu - Nov Issue

Transcript of Ezempilo Mag - Zulu - Nov Issue

ISIQEPHU 11FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

MAHALA

SIHALALISELA INKOSI ALBERT LUTHULI HOSPITAL

NGOMTHOLAMPILO WAMEHLO OMUSHA!

UNGALOKOTHI! UNGAYI EMTHOLAMPILO NGOSUKU OKUFANELE UYE NGALO NOMA USHINTSHE IZINSUKU ZOKUYA NOMA UYE EMITHOLAMPILO EHLUKAHLUKENE – LOKHU

KWENZA KUBE NZIMA UKUKUSIZA FUTHI KUDALA UKUDLEKA KWESIKHATHI NEMIGQA EMIDE.

UKUSHESHE UYOBHALISA KUSINDISA UKUPHILA!Bonke abesifazane abakhulelwe kufanele baqale uhlelo

lokuNakekelwa Kwangaphambi Kokubeletha bengakahlanganisi amasonto angu-20. Uma usheshe uyobhalisa, aba maningana

amathuba okuthola ingane enempilo.

Kungani kufanele usheshe ubhalise?

• Ukuze kusingathwe kahle impilo yakho neyengane yakho.• Usengayithola ingane enempilo engenalo igciwane lesandulela-ngculazi yize wena unalo uma

usheshe uyobhalisa ulalele neseluleko sesisebenzi sezempilo. • Isisebenzi sezempilo sizokunika uhlelo lokudla oluzosiza ekukhuleni kahle kwengane

esibelethweni.• Uzochazelwa ngezimpawu eziyingozi lapho ukhulelwe ukuze uzibheke futhi wazi ukuthi ukugula

okuthile kuyisimo esiphuthumayo yini ngesikhathi ukhulelwe.• Njalo uma uye emtholampilo kuhlolwa izimo eziyingozi ukuze kuqashelwe impilo yakho

neyengane yakho phakathi naso sonke isikhathi sokukhulelwa.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

ovela... UmyalezoKophethe Umnyango Wezempilo KwaZulu Natal UDkt Sibongile Zungu

Njengoba kugujwa uSuku Lwezingane kule nyanga, abeZempilo kwaZulu Na-

tal bathanda ukucela bonke ababambi beqhaza kuhlanganise nomphakathi

nabaholi bamasonto kanye nothisha ukuba bavuselele ukuzibophezela

kwabo ekuthuthukiseni izimpilo zezingane zethu eziningi ezisele dengwane

neziyizintandane ngenxa yokushonelwa abazali bebulawa izifo ezihlobene nesandulela-ngculazi nengculazi.

Le nkinga isiholele ekutheni kube nemizi eminingi ehlala izingane kuphela – izingane ezihlala zodwa neziz-

inakekela zona. Izingane ezingaphezu kuka-10,000 ezikulesi simo zikwaZulu Natal kuphela, futhi iningi lazo

lithola ukudla okukodwa nje ngosuku – ngezinye izikhathi azitholi lutho oluya ngasethunjini. Izingane eziningi

kakhulu azisijabuleli isikhathi sobungane ngoba isandulela-ngculazi nengculazi iyaqhubeka ibulala inqwaba

yabantu, futhi lokho kuholela esizukulwaneni sezingane ezikhuliswa umzali oyedwa noma eziyizintandane.

Omama abakhulelwe ikakhulu banamandla okwenza ushintsho maqondana nokuba nezingane ezingenayo

ingculazi. Ukuyobhalisa ngokushesha nokugoma izingane njalo kubaluleke kakhulu ukuze izingane zivikeleke

ezifweni esikhathini esizayo – ukuzivikela ezifweni nokuzigwema yikona okwelaphayo!

Usuku Lwezingane luyithuba ngathi sonke lokuvusa imiphakathi yethu ukuba yenze okwengeziwe maqon-

dana nokwenziwa koshintsho ukuze lezi zingane nalezo ezivame ukuhlukunyezwa, zikwazi ukuphila uku-

phila okungcono. Kungumsebenzi wethu njengomphakathi ukuqinisekisa ukuthi izingane zethu ziyavikeleka

kuzo zonke izingozi – kungaba ukuhlukunyezwa emzimbeni noma ukunukubezwa ngokocansi. Imiphakathi

esemaphandleni ikakhulu kudingeka izibeke iso izingane ezihlala zodwa endaweni ukuze zivikeleke kubantu

abangase badlale ngazo. Ngenxa yokuthi zihlala zodwa, eziningi zazo zibhekana nezinkinga ezisindayo ez-

ingenamandla okuzithwala ngoba phela ziseyizingane – eziningi zineminyaka engaphansi kweyishumi futhi

kudingeka zinakekele izingane zakwabo ezincane. Kudingeka sizixhumanise nazo sibe yisibonelo, sizifundise

ngokwabelana nazo futhi sizinike amakhono okubhekana nezinkinga ukuze zikwazi ukuqhubeka ziphila kuleli

zwe eligcwele izinselelo. Imfundo iyisihluthulelo futhi njengoba siqhubeka sisekela lezi zingane okuyinto eziy-

idinga kakhulu, lapho sizinakekela akufanele sikhohlwe nokuzinika amakhono azozisiza ukuba zikwazi uku-

zondla nokuzimela.

Lapho izingane ziseminyakeni ebucayi yobusha, isikole sinendima ebalulekile ekuthuthukiseni impilo yazo, uk-

ufaka ukuzethemba, ukufundisa amakhono okuphila, nokuziphatha nezindlela zokusiza ukuze kuthuthukiswe

impilo kunqandwe nezifo. Ukufundisa intsha eseminyakeni yokuthomba okuyisikhathi esibalulekile ezimpilweni

zayo kubalulekile ngoba kwakha isisekelo semikhuba enempilo kukho konke ukuphila. Ngokufundisa izingane

impilo enhle sizobe sibeka isibonelo emiphakathini yesikhathi esizayo nokuthi iyobhekana kanjani nezinkinga

eziningi zempilo eminyakeni ezayo. Izingane ziyisipho esivela kuNkulunkulu… masiziphathe njengeziyigugu

futhi sizivikele.

OKUPHAKATHI • USUKU LOMHLABA WONKE LOKUQWASHISA NGESIFO

SIKASHUKELA: 14 NOVEMBA

• USUKU LWAMAZWE NGAMAZWE LOKUQEDWA

KOBUDLOVA OBUBHEKISWE KUBANTU BESIFAZANE

• UKUSEBENZA NGOKUBAMBISANA UKUZE SIQEDE

UBUMPOFU FUTHI SITHUTHUKISE IMIPHAKATHI YETHU!

• USUKU LWEZINGANE LUKAZWELONKE

• LOKHO ONGAKWENZA UMA UNESIFO ESITHATHELWANA

NGOCANSI

• ISIQONDISO SANYANGA ZONKE

• KZN HEALTH NEWS

• QEDA UMALALEVEVA

• YIBA NEMPILO, HLALA UNEMPILO

• IZINSUKU ZANGO-NOVEMBA: ZOKUQWASHISWA

KWABANTU

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:

EZempilo E-KZNUphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini

U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUDERICK MATSENGARWODZITHEMBA MNGOMEZULUKATHY WADDINGTONDUDLEY VIALL

Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma [email protected] noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321.

ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.

Inkosikazi kamongameli yathatha isikhathi esithile emsebenzini omgcina ematasa ukuze akhulume ne-Ezempilo mayelana nokuqwashisa ngesifo sikashukela akhuluma kakhulu ngaso esebenzisa inhlangano yakhe, i-Bongi Ngema-Zuma Foundation.

EZEMPILO: KUNGANI KUNGAFANELE SISITHATHE KANCANE ISIFO SIKASHUKELA?

INKOSIKAZI KAMONGAMELI: Lesi sifo siyinkinga enkulu yempilo ezweni lethu, ngoba eNingizimu Afrika kunabantu abangaphezu kwesigidi nengxenye abanesifo sikashukela nabanye abayizigidi ezine abasemathubeni okuba naso. Lokhu akwamukelekile neze ngoba singanqandeka, ngakho akufanele neze sisithathe kancane.

EZEMPILO: INGABE SENZA OKWANELE UKUZE SIQWASHISE ABANTU NGALE NDABA?INKOSIKAZI KAMONGAMELI: Cha, sinezinselelo eziningi, futhi ngeshwa isifo sikashukela singezinye zaso. Sidinga imfundo eyengeziwe mayelana nokuthi isifo sikashukela singanqandwa kanjani ngokuthi abazali, othisha, amaqembu esonto nezinhlangano zentsha zisheshe zithathe isinyathelo – ngamunye wethu kudingeka ahileleke ukuze kuncishiswe lolu bhadane lwesifo.

EZEMPILO: UMAMA (KWANGATHI UMPHEFUMULO WAKHE UNGALALA NGOXOLO) WAKWAZI KANJANI UKULAWULA ISIFO SIKASHUKELA NGALESO SIKHATHI?

INKOSIKAZI KAMONGAMELI: Wayephila ukuphila okuvamile, kodwa thina wasikhulisa ngendlela enhle yakudala yokudla ukudla okunempilo. Wayetshale isipinashi, ikhabishi neziqathi engadini yakhe encane ngemva kwendlu futhi sasiyithanda imifino. Wayengadli noma yini nje futhi nathi wasikhulisa ngaleyo ndlela. Ngenxa yalokho, akazange adinge ukusebenzisa umjovo we-insulin, kodwa wayesebenzisa amaphilisi nje kuphela.

EZEMPILO: YINI ESINGAYENZA UKUZE SINQANDE ISIFO SIKASHUKELA?

INKOSIKAZI KAMONGAMELI: Into ebalulekile nje ukuphila ngendlela enempilo nokudla ukudla okunempilo. Angikhulumi ngokudla okubizayo. Imifino esanda kuphuma emhlabathini ingasindisa ukuphila kwakho. Njengoba abantu abaningi besuka ezindaweni zasemaphandleni beya emadolobheni, bazithola becindezeleka okuyinto evamile ekuphileni kwanamuhla, futhi badla ukudla okungenampilo. Izikole zethu kufanele ziphinde ziqale ukuba nezifundo zokuphila okunempilo –

lokhu kufanele kwenziwe ngokushesha.

EZEMPILO: NGISHO NOMA SIZAMA, UKUDLA OKUNGOMASHESHA (FAST FOOD) KUNETHONYA ELIKHULU…

INKOSIKAZI KAMONGAMELI: Ngicabanga ukuthi uhulumeni kufanele alawule ukukhangiswa kokudla okungomashesha ngandlela-thile. Sikuvalile ukukhangiswa kukagwayi, salawula usawoti ekudleni okufakwa emathinini, kodwa sivumela izitolo zama-fast food ukuba zibe nenkululeko yokukhuthaza ukudla okungenampilo sibe sinenkinga yokuthi izwe lethu linabantu abaningi abakhuluphele ngokweqile. Lokhu kudingeka kulawulwe.

EZEMPILO: YINI ONGATHANDA UKUYISHO KUBANTU NGOSUKU LOMHLABA WONKE LESIFO SIKASHUKELA?

INKOSIKAZI KAMONGAMELI: Gwema usawoti, sebenzisa amafutha okupheka amancane, hamba ngokushesha noma ugijime okungenani imizuzu engu-30 kathathu ngesonto bese unakekela indlela odla ngayo. Akekho okufanele abulawe isifo sikashukela ngenxa yokungazi ngaso – masikhulumeni ngale ndaba!

“Umama wahlushwa isifo sikashukela iminyaka engaphezu kwengu-20, futhi ekugcineni sambulala. Ngikwenze umgomo wami ekuphileni ukusebenzisa amandla nesikhundla engikuso ukuze ngisize abanye kulolu bhadane lwesifo sikashukela.” – UBongi Ngema-Zuma.

Usuku lomhlaba wonke lokuqwashisa ngesifo

sikashukela: 14 Novemba

Inkosikazi kamongameli u-Bongi Ngema – Zuma

usicobelela ngolwazi!

Qeda ubudlova, khuluma!

Nsuku zonke, abantu besifazane bashaywa ngezimpama, bakhahlelwe, bashaywe, basongelwe, badlwengulwe baze ngisho babulawe yilabo abathandana nabo noma abashade nabo. Kodwa siye sizwe ngalokhu ngemva kokuba sekonakele kakhulu, ngoba abantu besifazane abahlukunyezwayo baba namahloni, bazizwe bengenabani abangakhalela kuye, futhi bayesaba ukukhuluma ngesimo abakuso. Yize sanqoba sathola umbuso wentando yeningi futhi siphakathi kwamanye amazwe anenani eliphezulu labantu besifazane abasezikhundleni zikahulumeni, kusenenqwaba yabesifazane esahlukunyezwa amadoda abawathembayo – njengoSilindile. Nansi indaba yakhe…

“Ngangihlukunyezwa. Ekuqaleni wayeyisithandwa. Wayengenzela yonke into. Kodwa izinto zashintsha ngemva kokuya ekhaya ayokhipha ilobolo. Waqala ukuphuza futhi njalo engitshela ukuthi ngenze lokhu ngenze lokhuya, engitshela nokuthi yini engingayenza nengingavumelekile ukuyenza. Sasixabana njalo sibanga imali. Kuthe kusenjalo waqala ukungishaya ebusweni ngenqindi. Ngamtshela ukuthi ayilungile into ayenzayo, kodwa akazange angilalele. Waya kubazali bami walifuna la ilobolo lakhe. Ngaya esikhungweni esiphephisa abantu abahlukunyezwayo futhi bangisiza ukuba ngithole incwadi yomthetho engivikelayo, phecelezi i-protection order, ukuze angasondeli nokusondela kimi. Inkantolo yakhipha isinqumo

sokuthi akanakulithola ilobolo lakhe ngoba wayengihlukumeza. Kwangithatha isikhathi eside ukuthi ngiphinde ngizizwe ngingumuntu ozethembayo, kodwa ngangizimisele ukuzakhela ikusasa. Manje ngisebenza njengomeluleki futhi ngisiza abanye abantu besifazane ngoba ngiyasazi isimo abakuso futhi ngifuna ukuphonsa esivivaneni.”

USilindile ungomunye walabo abanenhlanhla – usadla anhlamvana, yingakho ekwazi ukusixoxela indaba yakhe. Abanye abanayo leyo nhlanhla. Izigidigidi zabesifazane baseNingizimu Afrika baphila ngokuhlukunyezwa nsuku zonke, okuhlanganisa:

Ukuhlukunyezwa emzimbeni –

ukushaywa okuhlanganisa ukushaywa ngempama, ukushaywa ngesibhakela, ukukhahlelwa nokunye

Ukuhlukunyezwa ngokomzwelo/ngamazwi – ukwenza owesifazane azizwe engelutho, eyisidwedwe nokumqeda ukuzethemba

Ukuhlukunyezwa ngokocansi – ukudlwengulwa, ukunukubezwa

Ukuhlukunyezwa ngokwezimali – ukwenqaba nemali edingwa umndeni ukuze uphile

Ukucekela phansi impahla okwenzeka lapho owesilisa ecekela phansi impahla yowesifazane, nako lokhu kuwuhlobo lokuhlukumeza.

Isizathu esenza abesifazane bahlale namasoka noma nabayeni ababahlukumezayo

Uma sizwa ngowesifazane ohlukunyezwayo, nanku umbuzo wokuqala esiwubuzayo – uhlalele ini? Ziningi izizathu, ezinye zazo yilezi:

Ukwesaba nokusongelwa: Indoda ehlukumezayo ivame ukuthusa nokusongela umuntu wesifazane ngokuthi uzombulala, noma ngokuthi izobulala unina noma izingane uma engamshiya. Loyo muntu wesifazane ube esebona ukuthi uvikela wonke umuntu ngokuhlala angahambi.

Ukungabi namali, nendawo yokuhlala: Lesi yisizathu esikhulu kunazo zonke ikakhulukazi uma kuyindoda kuphela esebenzayo. Owesifazane uvele abone sengathi ayikho indlela angaziphilisa ngayo kanye nezingane uma engahamba.

Amahloni Nezinkolelo Zamasiko: Abesifazane abaningi abahlukunyezwayo baye bacabange ukuthi ngandlela-thile yibo abanecala ngokuhlukunyezwa kwabo (okuyinto engelona iqiniso), nokuthi kufanele bahlale nabayeni babo noma kunjani.

Ukuthola isibindi sokushiya isoka noma umyeni okuhlukumezayo

Akufanele udlwengulwe noma ushaywe, NGISHO NOMA KUNJANI. Ukwesaba sidalwe nakho, futhi abesifazane abaningi abahlukunyezwayo bahlalela

ovalweni baze bagcine bengasazethembi. Wukuphila kwakho lokhu, futhi lukhona usizo. Qala ngokungafeli ngaphakathi, khuluma – tshela umngane, isihlobo noma umeluleki esontweni, noma ubani omethembayo. Kunabantu abaqeqeshiwe abangakusiza – bavumele bakusize.

Uhlelo Lokuphepha

Uma uzoshiya isoka noma umyeni okuhlukumezayo kudingeka uhlele ngoba kumelwe ube namandla nesibindi sokuphila ngaphandle kwakhe. Amaphuzu alandelayo azokusiza akutotobise ukuthi kufanele wenzeni:

Thinta amaphoyisa asendaweni noma umtholampilo

Bazokuxhumanisa nesisebenzi sezenhlalakahle, inhlangano noma ikhaya eliseduze elisiza abesifazane abahlukunyezwayo. Bazokusiza nangokuthi uthole incwadi yasenkantolo yokukuvikela.

Lokhu kusho umyalo wenkantolo ovimbela lowo okuhlukumezayo ukuba angakuhlukumezi nhlobo noma omvimbela ukuba angene emzini wakho noma ukuza lapho usebenza khona. Uma engawulaleli lo myalo, uyaboshwa.

Incwadi yenkantolo ekuvikelayo inikeza amaphoyisa ngisho nemvume yokuthatha izibhamu noma izikhali eziyingozi zalowo ohlukumezayo.

Zilungiselele

Beka imali eyengeziwe nezingubo zokugqoka endaweni umaqondana wakho angeke ayibone.

Cabangisisa kahle

Zama ukugwema ukukhulelwa uma uhlukunyezwa ngoba lokho kungenza kube wumqansa ukuhamba.

Thatha isinyathelo

Thola umsebenzi noma uthole ikhono elithile umhlukumezi engazi elizokusiza ukuba ukwazi ukuziphilisa uma uhlukana naye.

Gcina amakhophi akho nawezingane zakho aphathelene nezempilo, incwadi kamazisi (ID) nawo wonke amanye amaphepha ozowadinga.

Amalungelo akho angokomthetho

Ubudlova basekhaya buchazwa ngaphansi koMthetho Wobudlova Basekhaya ka-1998 (Domestic Violence Act of 1998) futhi ungafaka isicelo sokuthola incwadi engokomthetho ekuvikelayo eMantshini noma eNkantolo Ephakeme eseduze kwalapho wena noma okuhlukumezayo ehlala khona noma esebenza khona.

Kungase kudingeke izincwadi ezinjengomazisi (ID) nanoma yiziphi izincwadi zezempilo noma imibiko yofakazi abake babona uhlukunyezwa.

Inkantolo izokuchazela ngamalungelo akho futhi ikusize ugcwalise ifomu. Leso sicelo sakho siyiswa eMantshini, futhi yona iyobhalela umhlukumezi inothisi, imtshele ngencwadi yakho engokomthetho ekuvikelayo nokuthi kufanele avele phambi kwenkantolo ngosuku olubekiwe.

Incwadi yomthetho ekuvikelayo isebenza kuze kube yilapho isisulu sishintsha noma siyihoxisa, noma kuze kube yilapho isulwa yiNkantolo Yokudlulisa Amacala.

UKUZE UTHOLE USIZO OLWENGEZIWE SHAYELA INOMBOLO YAMAHHALA KAZWELONKE YOKUQEDA UKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE ETHI 0800 150 150

IZIMPAWU EZIYISIXWAYISO EZIBONISA UKUTHI

UMAQONDANA UYAHLUKUMEZAUthukuthela agane unwabu uma uvakashela abangane futhi athi uqamba amanga.

Ukutshela ukuthi ungawuvakasheli umndeni wakho futhi ukuyekisa ukwenza izinto ezithile wedwa.

Ukwedelela phambi kwabantu.

Uphula izinto noma ajikijele izinto uma ethukuthele futhi akwethuse ngokuthi uzokushaya noma akushaye.

Waziwa ngokuthi useke wabashaya abanye abantu besifazane.

Ukutshela ukuthi nguwe ombangela ukuthi athukuthele, aphuze utshwala, adle izidakamizwa nokunye, futhi uyaphika ukuthi kukhona okungalungile akwenzayo.

THATHA ISINYATHELO MANJE USINDISE UKUPHILA KWAKHO KUNGAKEPHUZI!

UKUSEBENZA NGOKUBAMBISANA UKUZE SIQEDE UBUMPOFU FUTHI SITHUTHUKISE IMIPHAKATHI YETHU!

Abesifazane nezingane bayaqhubeka bengabantu abahluphekayo emiphakathini, ikakhulu maqondana nobumpofu nokugula. Ngokuvamile lokhu kubangelwa ukuthi abesifazane bashada bebancane, abazinaki ezabo izidingo zempilo futhi ngokuvamile abadli ukudla okunempilo ngesikhathi bekhulelwe, okube sekudala izinkinga enganeni nayo ibe nempilo ebuthaka uma isikhulile. Isifundazwe sethu sinomhlabathi onothile, futhi kufanele sikhuthaze imiphakathi yethu ukuba isisebenzise lesi sipho semvelo – akumbi neze eqolo futhi kunempilo, ikakhulu kubantu besifazane abakhulelwe.

Kungani kubalulekile ngabesifazane abakhulelwe ukuba badle izithelo nemifino eyanele?

Uma umuntu wesifazane okhulelwe engakutholi ukudla okwanele okufanele, uba nomzimba ongondlekile kahle, ingane yakhe ingase izalwe inesisindo esiphansi futhi abe mancane amathuba okuba iphile. Ezigabeni zokuqala zokukhulelwa, kubaluleke kakhulu ngomama ukuba adle ukudla okunempilo ngoba ukukhula kahle kwengane kuxhomeke kulokho akudlayo!

Ukungondleki kahle komuntu wesifazane okhulelwe kungabangela lokhu okulandelayo:

Ingozi yokushona kwengane noma ukuzala ingane esishonile

Ingozi yokubeletha kungakabi yisikhathi

Ingane ingase izalwe ilimele ubuchopho futhi ibe nezinkinga maqondana nokukhula, ukuzwa ezindlebeni nokukhuluma

Ukuntuleka kukaVithamini A kungabangela ubumpumputhe

Izingane ezentula kakhulu uvithamini A zingabulawa yizifo ezifana nohudo noma isimungumungwana (measles)

Ukuntuleka kwe-iodine kungabangela ukugula kwengqondo ezinganeni ezincane.

Yini engenziwa umphakathi ukuze kuqedwe ubumpofu?

Izingadi zokudla zomphakathi ziyindlela enhle kakhulu yokuqinisekisa ukuthi umndeni wakho uhlala unokudla futhi unempilo, zonga imali futhi zisiza ekwenzeni imadlana yokuziphilisa. Khuluma nomasipala wasendaweni mayelana nokuthi yiluphi usizo olukhona lokuziqalela eyakho ingadi yemifino, futhi hilela nabaholi bomphakathi ukuze bahlele ukuqeqeshelwa amakhono ukuze yonke imizi ikwazi ukuziqalela izingadi. Lokho kuyosho ukuthi abantu bathola imifino enomsoco esanda kuphuma emhlabathini futhi kuholele emphakathini

onempilo engconywana – kwenze abantu bathole nemali ngokuthengisa imifino ezitolo zendawo nazo ezingakhuthazwa ukuba zisekele lo mzamo.

Kuzuza izingane

Ingadi yokudla esikoleni isiza izingane ezilambile ukuba zithole ukudla okunomsoco – futhi lokho kuthuthukisa izimpilo zazo nezinga lokulalelisisa esikoleni. Khuluma nabaphethe esikoleni sendawo mayelana nokwakha umgwamanda nabo ukuze othisha babe usizo olukhulu maqondana nokutholakala kokudla emiphakathini yabo ngokufundisa abanye indlela yokuqala izingadi zokudla emphakathini.

Indlela izikole ezizuza ngayo ngokuba nezingadi zemifino

Izikole zingakwazi ukupha izingane ukudla okuphuma ezingadini

Zikwazi ukunikeza ukudla kubafundi ababengondlekile ngaphambilini

Zisiza abazali abangasebenzi namalungu omphakathi ukuba bazuze emikhiqizweni yengadi

Izikole zisebenzisa lawo maprojekthi azo ukufundisa indlela yokufunda ephumelelayo UKUQEDA UBUMPOFU KUQALA

NGESINYATHELO ESITHATHWA NGUWE

UWEDWA – KUNGAKHATHALISEKI UKUTHI

SINCANE KANGAKANANI, NGAKHO

MASISEBENZENI NGOKUBAMBANA UKUZE

SILETHE UBUNGCONO!

NOVEMBA 5:USUKU LWEZINGANE LUKAZWELONKE

Yize eneminyaka engu-16 nje kuphela, uNozipho Nzimande usengumama wengane eneminyaka emibili. Ngesikhathi eneminyaka engu-14, wayeka isikole ukuze anakekele umfowabo nodadewabo. Bobabili abazali bakhe babulawa yizifo ezihlobene nesandulela-ngculazi nengculazi. Akaqiniseki ukuthi ubani uyise wengane yakhe. Eminyakeni emibili edlule, usebe namasoka angaphezu kwelilodwa, amanye aneminyaka yobudala ephindwa kabili kweyakhe. Imvamisa, izingane zakubo zilala zingadlile, zidla kanye kuphela ngosuku –zidla ukudla ezikuthola ekuseni esikolweni ngohlelo lokondliwa kwezingane.

IYANDA IMIZI ESISELE NEZINGANE KUPHELA

Ukuphila kukaNozipho kufana nokwezigidigidi zezingane zaseNingizimu Afrika, futhi izingane ezingaba yizigidi ezingu-9 zihlala nonina kuphela ngoba oyise abekho. Eziningi zazo zihlala nomzali ogula kakhulu noma ozikhulisa eyedwa, noma nogogo nomkhulu abangasebenzi. Eziningi zinukubezwa ngokocansi futhi ziphoqelelwe ukuba zishade zisencane. Sekuyisikhathi

sokukuqeda konke lokhu. Sonke – umphakathi, umholi esontweni, uthisha, umzali nomngane, kudingeka sikhulume futhi siyimele ngezinyawo le ndaba esiyenze ukuba izingane zethu zivune izinto ezitshalwe yithina. Masisebenziseni lolu suku njengendlela yokuhlangana njengomphakathi futhi silwe nakakhulu nomkhuba wobaba abathandana nezingane zethu nabaziphuca ubusha bazo kanye nemfundo ngokuzithembisa imali nempilo engcono. Kumelwe sifundise izingane zethu ukuthi ayikho into engathatha isikhundla semfundo futhi kufanele sizikhuthaze ukuba ziqhubeke nesikole, naphezu kobunzima bokuphila.

UKUPHILA KWANAMUHLA

Sezadlula izinsuku lapho omakhelwane babefana nomndeni – namuhla abantu bayaphithizela bezama ukuthola ukuphila usuku nosuku. Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuba sibuyele emikhubeni emihle yakudala. Ake uhlole umakhelwane wakho, umbuze ukuthi kukhona yini lapho ungasiza khona. Nikeza izingane zasemphakathini ukudla lapho ungakwazi khona, qala ingadi yemifino ezonikeza izingane ukudla okunempilo nsuku zonke. Masihlanganeni siwumphakathi –

masibuyiseni Ubuntu!

INQUBEKELA-PHAMBILI EMPILWENI YEZINGANE

Naphezu kwezinkinga ezikhona emizini esisele nezingane, kube khona inqubekela-phambili enhle kakhulu ekuthuthukisweni kwempilo yezingane. Leyo nqubekela-phambili ihlanganisa:

Imishanguzo yama-ARV (Anti-retroviral) futhi manje sekukhona eyezingane ezingaphansi konyaka owodwa

Ukuncipha kokudluliswa kwesandulela-ngculazi nengculazi ezinganeni

INingizimu Afrika yizwe elelapha kakhulu ngama-ARV emhlabeni wonke

Izingane ezingaphansi kweminyaka eyisithupha zelashwa mahhala emitholampilo

Imixhaso kahulumeni yezintandane

VIKELA ISIPHO SOKUPHILA – VIKELA IZINGANE ZETHU, ZINGABAHOLI BETHU BAKUSASA!

‘Izingane zethu ziyigugu lethu elikhulu kunawo wonke. Labo abazihlukumezayo babulala isisekelo somphakathi futhi benza isizwe sethu sibe buthaka.’– Nelson Mandela.

‘Izingane zethu ziyigugu lethu elikhulu kunawo wonke. Labo abazihlukumezayo babulala isisekelo somphakathi futhi benza isizwe sethu sibe buthaka.’ – Nelson Mandela.

Izindaba zempilo yocansi zibaluleke kakhulu ekuzinakekeleni kwakho, futhi uma kukhona othandana naye noma uma ushadile kubalulekile ukwazi nokuxoxa ngezindlela ezihlukahlukene zokuvimbela inzalo ukuze nibe ngabantu ababonisa ukukhula emqondweni maqondana nezocansi. Cabangani ngezici eziphathelene nani neziphathelene nempilo maqondana nendlela yokuvimbela inzalo eniyikhethayo futhi ukhethe leyo ezoba lula kuwe nakumaqondana wakho nehambisana kangcono kakhulu nezidingo zakho. Lapha ngezansi kubekwe isiqondiso esisika elijikayo maqondana nalokhu esizonisiza nobabili

Izici Eziphathelene Nempilo:

Ezinye izindlela zinezinzuzo kuzo ngokwazo. Ngokwesibonelo, ijazi likamkhwenyana (condoms) lingavimbela ukusakazeka kwezifo ezithathelwana ngocansi ezinjengesandulela-ngculazi

nengculazi, izifo ezithathelwana ngocansi, kanti iphilisi lingasiza ekulawuleni ukuya kwakho esikhathini nyanga zonke. Ezinye izindlela zingase zibe neminye imiphumela engemihle eseceleni noma izingozi empilweni ngakho xoxisana nesisebenzi sezempilo ngalokho okukhethayo. Kubalulekile ukukhumbula ukuthi indlela engcono kakhulu yokuvimbela inzalo yileyo wena nomaqondana wakho enisebenzela kangcono, enizoyisebenzisa ngendlela efanele njalo lapho niya ocansini, nephephe kunazo zonke empilweni yakho iyonke.

Izindlela Zokuvimbela Inzalo Ezisetshenziswa Abesifazane:

Indlela yokuvimbela inzalo ewumjovo….. “umjovo”

Amakhondomu abesifazane

Iluphu

Indlela yokuvimbela inzalo

ephuthumayo

Indlela Yokuvimbela Inzalo Esetshenziswa Abesilisa:

Yize abesifazane beba semathubeni okukhulelwa uma sekuneqanda elivuthiwe, amadoda ahlale evundile zikhathi zonke ngoba ahlale ekhiqiza isidoda njalo. Ngokungafani nezindlela zokuvimbela inzalo ezisetshenziswa abesifazane, izindlela zokuvimbela inzalo ezisetshenziswa amadoda yijazi likamkhwenyana kanye nokuhlinzwa uvalwe – futhi zombili lezi zindlela zivimba isidoda ukuba singafiki eqandeni eselivuthiwe sihlangane nalo.

Lokhu okulandelayo kuzonisiza ekuhleleni umndeni nasekunqumeni ukuthi iyiphi indlela yokuvimbela inzalo enifanele:

Isiqondiso Sanyanga Zonke:

Izindlela zokuvimbela inzalo zingasiza ekugwemeni ukukhulelwa okungahlosiwe

Khumbula ukuthi ucansi lungadala izinkinga, njengokukhulelwa ungafuni noma ukukhulelwa okubeka impilo yowesifazane engcupheni, izifo ezidluliselwa ngocansi noma ukuhlukumezeka emzimbeni nasemoyeni okubangelwa ukuya ocansini ngempoqo.

Wonke umuntu wesifazane kufanele aqiniseke ukuthi uyibamba ngezakhe izandla impilo yakhe emaqondana nezocansi ukuze kunciphe lezi zinkinga. Lokhu kuzibambela ngezakhe izandla kuhlanganisa:

• Ukuzikhethela umuntu aya naye ocansini.

• Ukuxoxisana ngokuthi kuzoyiwa nini ocansini futhi kanjani – phela umzimba WAKHO!

• Ukukhetha ukuthi uyafuna yini ukukhulelwa nokuthi ukhulelwa nini.

• Ukugwema izifo ezidluliselwa ngocansi, kuhlanganise nesandulela-ngculazi nengculazi.

• Ilungelo lokufuna ukuba kusetshenziswe ikhondomu, kungenjalo kungayiwa ocansini.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

KZN HEALTHNEWS

Iningi lethu siwathatha kancane amehlo ethu. Kodwa kunezingane ezingaphezu kwezigidi ezintathu ezinenkinga yamehlo kwaZulu Natal kuphela. Eziningi zazo azitholi ukwelashwa ngoba kumb’ eqolo. Kodwa manje izingane ezidinga ukwelashwa amehlo kwaZulu Natal sezinethemba ngenxa yokuhlangana koMnyango Wezempilo kwaZulu Natal nenhlangano yamazwe ngamazwe esebenza ngokunakekelwa kwamehlo, i-ORBIS.

I-KZN KUQALANgesikhathi evula ngokomthetho uMtholampilo omusha Wezingane Wokunakekelwa Kwamehlo eNkosi Albert Luthuli Central Hospital, uNgqongqoshe Wezempilo uDkt Sibongiseni Dhlomo uthe lokhu yingqophamlando enkulu esifundazweni. Enkulumweni yakhe yokuvula umtholampilo, uNgqongqoshe Wezempilo kwaZulu Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo uthe: “Lo mtholampilo omusha esibhedlela sethu ngeke ugcine nje ngokusiza ezinkingeni ezibucayi kakhulu kulabo abaludinga ngempela usizo, kodwa uzophendla nendlela yokuba nezinye izifundazwe zithathe lesi sibonelo. Izingane zethu ezihlushwa amehlo sezizokwazi ukuthola ithuba lokunakekelwa ezikudinga kakhulu ukuze zilungiswe

izinkinga zokubona nokunye ukugula kwamehlo. Ngokusho kweNhlangano Yezempilo Yomhlaba Wonke, izinsana ezifinyelela kumaphesenti angu-60 ziyafa phakathi neminyaka emibili ziqalwe wubumpumputhe. Ngokusebenza ne-ORBIS ekulweni nobumpumputhe ezinganeni sizobe sisindisa ukuphila sinqanda nobumpumputhe.” Unezele nangokuthi lokhu kusebenza ndawonye kuzosiza uMnyango Wezempilo ukuba ukhokhele bonke abasebenza ngezingane eSikhungweni futhi kuxhase ngezimali ukusebenza komshini wokuhlinza wamuva osukhona kakade esibhedlela.

OYIPHINI LIKANGQONGQOSHE UFAKE UGQOZIU-Henrietta Bogopane-Zulu oyiPhini LikaNgqongqoshe Lemisebenzi Yomphakathi naye ongaboni kahle emehlweni wayekhona – nezingane zakhe ezimbili. Njengomuntu owaziwayo ofaka ugqozi, uMama uZulu wamukela umtholampilo omusha, futhi wacela labo abanezinkinga zokubona ukuba babhekane nezinselelo futhi bafinyelele imigomo namaphupho abo ekuphileni.

IZINSIZALesi sikhungo esisha okungesisodwa kwezimbili kuphela ezweni esinika

izinsiza zokunakekelwa kwamehlo okukhethekile, sizonakekela izingane ezinezinkinga zamehlo eziyinkimbinkimbi njengokwelashwa nokuhlinzwa uma kunesifo esingaholela ebumpumputheni kuhlanganise nenkinga izingane ezizalwa nayo yokumila kolwelwesi esweni (cataract), isifo samehlo esibangela ukulimala kwenzwa yokubona (glaucoma), isimila esimila engxenyeni ethile yeso (retinoblastoma) kanye nokulungiswa kokungaboni, okuyizinkinga ezivamile eNingizimu Afrika.

UMPHATHI ONEKHONOISikhungo sizoholwa udokotela wezingane ochwepheshe kakhulu u-Dharmesh Parbhoo, owathi “amehlo ezingane awafani nawabantu abadala futhi adinga izinqubo zokwelapha ezikhethekile, imishini nokulandelela. Kubaluleke kakhulu ukuba zithole usizo masinyane. Isikhungo sinemishini ephezulu ngokwemigomo yomhlaba wonke esisiza ekwelapheni izinkinga zamehlo ezandile, sinqande inkinga yobumpumputhe ezinganeni futhi sizisize ziphinde zikwazi ukubona.”

HALALA INKOSI ALBERT LUTHULI CENTRAL HOSPITAL! HALALA!

KUVULWE UMTHOLAMPILO OSEZINGENI ESIKHUNGWENI INKOSI ALBERT LUTHULI CENTRAL HOSPITAL‘YISO SODWA ISIKHUNGO SALOLU HLOBO KWAZULU NATAL’ KUSHO UNGQONGQOSHE.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

NEWSKZN HEALTH

KZN UNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu Natal uDkt Sibongiseni usemi ngomumo ukuze enze abantu basesifundazweni babe nemizimba emihle – futhi usecele nezisebenzi zezempilo kuso sonke isifundazwe sakwaZulu Natal ukuba ziphile ngendlela enempilo. Muva nje, uDkt Dhlomo namalungu ethimba lakhe bajoyine izisebenzi zempilo ezingaphezu kwamashumi amahlanu zase-King Edward VIII Hospital ekuzivivinyeni ngokuhamba ihora elilodwa futhi bazithola bejuluke bemanzi nte ekilasini lokuzivocavoca umzimba esibhedlela – sebecishe bephelelwa umoya!

Izisebenzi zempilo ezengeziwe sezifakwe ugqozi nguye uNgqongqoshe ozifelayo ngemidlalo ekugcina unomzimba omuhle futhi zibone kukuhle ukuba zimlalele ziphile ngendlela enempilo. Omunye kuzo ngu-Juliet Kubisa oneminyaka engu-59 noyiMenenja Yobuhlengikazi. Uthi: “Ngihamba ngezinyawo amakhilomitha amathathu njalo ekuseni uma ngiya emsebenzini, futhi ngicabanga ukuthi uNgqongqoshe uqale uhlelo oluhle kakhulu okudingeka lusekelwe ikakhulu yizisebenzi ezisezintsha, ukuze zibe abantu abadala abanempilo enhle.”

Ngesikhathi evula uhlelo lokuba nempilo enhle emsebenzini, uNgqongqoshe ucele zonke izisebenzi zempilo ukuba zibeke

isibonelo ezigulini zazo ngokuvivinya umzimba nangokuphila ngendlela enempilo. Ngesikhathi ekhuluma nezisebenzi zempilo e-King Edward VIII Hospital, uDkt Dhlomo uthe: “Enikuqala lapha namuhla akuzuzisi nina kuphela kodwa kuzuzisa izwe lonke. Izimali ezisetshenziswa nguhulumeni ekunakekeleni impilo yezisebenzi zakhe ingasetshenziswa kweminye imisebenzi yokuthuthukisa ukuphila. Umuntu owenza uhlobo oluthile lokuvivinya umzimba uzivikela yena ezifweni eziningi ezigwemekayo. Nginxusa abaniphethe ukuba banivumele nithole isikhathi sokuzivivinya kula makilasi kanye nokuhlela ukuba izisebenzi zasebusuku nazo zilithole leli thuba.”

VUKA, UZICOSHE FUTHI UBE NEMPILO:UNGQONGQOSHE UYISIBONELO

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

KZN HEALTHNEWS

‘YENZA OKUTHE XAXA UKUZE UFAKE UMOYA WOKUBA NEZISEBENZI

EZINEMPILO’ KUSHO UNGQONGQOSHE

UNgqongqoshe Wezempilo kwaZulu Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo ucele abaphathi bezinkampani ukuba benze okuthé xaxa ukuze kufakwe umoya wokuba nohlelo lokukhuthaza impilo nokuvivinya umzimba emisebenzini futhi uthe izinyunyane kufanele zifake lokhu engxoxweni uma behluleka ukuba yisibonelo.

Ngesikhathi ekhuluma nemboni yakwa-Toyota eThekwini muva nje, uDkt uDhlomo uthe izisebenzi ezivame ukungezi emsebenzini zidala izindleko ezinkulu enkampanini kunalezo ezikhona ezisebenzayo. “Ukungasebenzi kuyalimaza, kodwa ukusebenza konga imali futhi kunenzuzo enkulu. Ngokwesibonelo, ukusetshenziswa ngokuphelele kohlelo lokuvivinya umzimba ekuseni kunganqanda ngezinga elikhulu isifo senhliziyo, umdlavuza, isifo sikashukela nezifo zokuphefumula. Njengohulumeni nomnyango wezempilo sisebenzela ekutheni kube ne-Mpilo Ende Nenhle Kubo Bonke Abantu

BaseNingizimu Afrika. Kodwa uma umnyango wezempilo usebenza wodwa ngeke ukwazi ukusiza imiphakathi ngezindlela ezizovikela bonke abantu ezingozini ezaziwa kabanzi eziholela kulezi zifo. Sifuna ukukukhuthaza ukuba ujoyine uhulumeni wethu ekuphaphamiseni nezinye izinkampani, imiphakathi, imindeni nabantu ngabanye,” etshela abaphathi abaphezulu benkampani kanye nezisebenzi. Wanezela wathi impilo yazo zonke izisebenzi ithonywa yizici ngaphakathi nangaphandle enkampanini, futhi ucele abaphathi ukuba babheke izimo zokusebenza ezingase ziphazamise impilo nenhlalakahle ekhaya nasemphakathini. “Izinto eziyisikhombisa ezihamba phambili ezibangela ukufa kubantu baseNingizimu Afrika zibangelwa yizifo ezelaphekayo. Lokhu kuhlanganisa isandulela-ngculazi nengculazi, isifo senhliziyo, unhlangothi, umfutho wegazi ophakeme, isifo sikashukela kanye nezifo zokuphefumula ezingomahlalakhona (chronic obstructive pulmonary disease [COPD]) nomdlavuza wamaphaphu. Ngaphezu kwalokho, ngokusho kocwaningo oluthile

isilinganiso sabantu abafayo abaphakathi kweminyaka engu-25 kuya kwengu-55 kubantu abasebenzayo sasiphakeme kakhulu uma kuqhathaniswa nesabantu bebonke, futhi ingculazi nesandulela ngculazi yizimbangela ezimbili ezihamba phambili zokufa kwalaba bantu kanye nezifo ezingathathelwani, okungukuthi, izifo eziningi ebezinganqandeka ngokushintsha indlela yokuphila,” kusho uNgqongqoshe.

Waphetha inkulumo yakhe ngokukhumbuza abaphezulu ukuthi kuyosiza esikhathini esizayo ukwenza umuntu abe nempilo enhle emsebenzini futhi wacela bonke abahilelekile ukuba babambisane ukuze kuqedwe izifo ezingathathelwani ngokwenza okulandelayo:

Ukuyeka ukubhema

Ukunciphisa etshwaleni

Ukulawula ukudla okudlayo

Ukuvivinya umzimba

Ukuya njalo emtholampilo nasezikhungweni zempilo zomphakathi uyohlolwa impilo.

Yize izwe lethu lingahlushwa ngempela umalaleveva, awukapheli ngokuphelele. Izinyanga zika-Novemba kuya ku-Epreli okuyizinyanga ezishisayo nezinezimvula, ziyizinyanga ezithandwa kakhulu umiyane – okuyisizathu-ke sokuba uqaphele ngempela, ikakhulukazi abesifazane abakhulelwe nezingane ezincane ezisengozini enkulu kanye nalabo abahlala engxenyeni eseNyakatho kwaZulu Natal kanye nakwaZulu.

UNGAZIZIBI IZIMPAWU

Ngesikhathi uZanele oneminyaka emine ehlatshwa ukugula ngonyaka ofile, unina uThembeka Mkhize wacabanga ukuthi uloyiwe. Akuzange nokho kusize ukuya enyangeni. Waze wathola ukuthi ingane inomalaleveva ngemva kokuya emtholampilo. Ngeshwa, kwase kwephuze kakhulu ukuba ingane isizwe. Ngemva kwesonto uzinyobulala wakhe wabulawa umalaleveva.

Isisebenzi sezempilo uNosihle Hadebe usecele imiphakathi ehlala ezindaweni ezithandwa kakhulu umalaleveva ukuba ifunde ngezimpawu zawo ukuze ithole usizo lokwelashwa kungakephuzi kakhulu. Uthi: “Abanye abantu basakholelwa ukuthi umalaleveva ubangelwa umoya omubi noma umoya ovela ezikhukhuleni zamanzi, kodwa

okubuhlungu ukuthi lokho akulona iqiniso. Lesi sifo sibangelwa ukulunywa umiyane wesifazane futhi izimpawu zalokho zivela emahoreni ambalwa noma ezinsukwini ezimbalwa.”

IZIMPAWU ZOKUGULA:

Yiya emtholampilo oseduze uma uphathwa yinoma yikuphi kulokhu okulandelayo:

Ukushisa nokugodola

Ukuqhaqhazela

Ubuhlungu bomzimba namathambo

Ikhanda elingapheli

Ukuphalaza.

Uma lezi zimpawu zibonakale kungakephuzi, umalaleveva ungalapheka futhi uqedwe kalula nje ngemishanguzo ekhona kuzo zonke izikhungo zokwelapha. Abantu abazoya ezindaweni ezithandwa umalaleveva nabo belulekwa ukuba baphuze amaphilisi anqanda umalaleveva ngaphambi kokuba bahambe.

ABASEMATHUBENI AMANINGI OKUTHOLA UMALALEVEVA:

Izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu

Abantu abadala abangaphezu kweminyaka engu-65

Abesifazane abakhulelwe

Abantu abanesandulela-ngculazi nengculazi

Iziguli ezigula kakhulu nalezo

ezelashwayo

UKUWUNQANDA NOKUPHUMELELA

Ukuphumelela kweNingizimu Afrika ekuwuqedeni uphele nya uMaleleveva kungenxa yoHlelo Lokulawulwa Kukamalaleveva olunegalelo elikhulu kanye nokubamba iqhaza kwabantu emphakathini. Labo abahlala ezindaweni ezithandwa yizimvula yibo ikakhulu okumelwe baqinisekise ukuthi awekho amaxhaphozi noma amanzi agcolile eduze ngoba yilapho omiyane bezalela khona kakhulu. Ukuze uxoshe omiyane:

Gcoba imithi exosha omiyane uma kungenzeka

Hlala ngaphakathi endlini ebusuku

Vala yonke iminyango namafasitela ebusuku, noma usebenzise inethi elivala amafasitela avuliwe

Sebenzisa amanetha avimbela omiyane kanye nemithi exosha omiyane ngasembhedeni wakho (khuluma nabasemtholampilo wangakini ngalokhu)

Gqoka izingubo ezinomkhono omude ebusuku ukuze unciphise amathuba

okulunywa umiyane

ISIVIKELO ESINGCONO KUNAZO ZONKE UKUGWEMA UKULUNYWA UMIYANE – PHEPHA, ZIMBOZE!

QEDA UMALALEVEVA

NOV 7-13: USUKU LWE-SADC LUKAMALALEVEVA

(MALARIA)Inkathi yonyaka eshisayo

nenezimvula isifikile, siqaphele nakakhulu isifo

sikamalaleveva!

INTSHA ENEMINYAKA ENGU-14

KUYA KU-19

Ukuhlanzeka nje okuyisisekelo njengokugeza izandla ngemva kokusebenzisa indlu encane nangaphambi kokulungisa ukudla nokupheka noma ukudla, ukubilisa amanzi angaphumi empompini noma ukungazikhululi eduze kwemifudlana nemifula kungezinye zezinyathelo ezilula ongazithatha ukuze unciphise amagciwane ngamaphesenti angafinyelela ku-75! Khuthaza nabanye emphakathini wakho ukuba benze okufanayo.

Ukungaboni kahle nokungezwa kahle ezindlebeni kungenza kube nzima

esikoleni. Ngakho hamba uyohlolwa.

Ukudla izidakamizwa, ukuya ocansini, ukudoja

isikole nokuhamba ekhaya kungaba yizimpawu

zokucindezeleka. Izisebenzi zasemtholampilo zingasiza – abazali

akufanele bazithalalise lezi zimpawu, khulumani nesisebenzi sezempilo sasendaweni ngisho nomfundisi esontweni abangakwazi ukusiza.

UNGAYI ocansini ungakashadi, thola ulwazi mayelana nezingozi zokukhulelwa okungahleliwe, izifo ezidluliselwa ngocansi (STIs), kanye nezindlela zokuvimbela inzalo – imfundo iyisihluthulelo sekusasa lakho!

Izimpawu ezenqabela ukubhukuda ezixwayisa ngesifo se-bilharzia kanye nezikelemu kumelwe zilalelwe. Hlola indle ukuthi azikho yini izikelemu uma isisu sibuhlungu noma umchamo unegazi futhi lokho kunganqamuki.

Isifo sofuba (TB) sisakazeka ngokushesha. Singabulala nokubulala – noma singelapheka, uma uthatha

isinyathelo ngokushesha futhi uyiphuza yonke imithi oyinikiwe. Ukukhwehlela, ukuncipha komzimba okungavamile nokukhathala kumelwe kubikwe kudokotela wakho noma emtholampilo.

IZINSIZWA NEZINTOMBI EZISEMINYAKENI YAWO-20

Ukuthola nokwelapha izifo ngokushesha kungasindisa ukuphila kwakho. Uma unegciwane lesandulela-ngculazi, kungadlula iminyaka eminingi ungenazo izifo ezithile ngokuphila ngendlela enempilo, futhi imishanguzo yama-ARV ingathuthukisa izinga lempilo yakho. Cishe uyazisebenzela futhi unemali yakho. Yinake-ke nempilo yakho:

Uma uya ocansini ungazivikele, hlolelwa isandulela-ngculazi njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha.

Amakhondomu avimba izifo eziningi ezidluliswa ngocansi. Izifo eziningi ezidluliswa ngocansi azinazo izimpawu zokugula, ngakho ungacabangi ukuthi kuphephile ukuya ocansini ungazivikele. Hamba uyohlolwa.

Ukukhuluphala ngokweqile kungadala isifo sikashukela, umfutho wegazi ophakeme

KUFANELE UTHATHE ISINYATHELO KUQALA!

UNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu

Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo akagcini nje

ngokushumayeza abantu ukuba babe nempilo enhle – uyakwenza akushumayelayo. Njengendoda ephila ngendlela enempilo, uDkt

Dhlomo uyagijima njalo, aye ejimini nsuku zonke ukuze ahlale ewumqemane futhi umzimba wakhe uhlale usesimweni esifanele, futhi muva nje usungule uhlelo lokuphila okunempilo – ekhuthaza abantu

emsebenzini ukuba babe nempilo enhle. Ukuze sikusize nawe uthathe

leso sinyathelo sinalezi ziqondiso ezingakusiza ukuba wazi ukuthi

yikuphi ukuhlolwa okufanele ukuthole ezigabeni zeminyaka

ezihlukahlukene empilweni yakho:

YIBA NEMPILO, HLALA UNEMPILO

(high blood pressure) nesifo senhliziyo. Yidla izithelo nemifino eminingi, nciphisa enyameni ebomvu futhi udle eyenkukhu. Gwema ukudla okugayisiswe kakhulu njengopholoni nesinkwa esimhlophe, ukudla okuthoswe emafutheni nokudla okunoshukela omningi namafutha.

Ingabe ukhulelwe? Kuthole ngokushesha ukunakekelwa kwangaphambi kokuteta. U k u y o b h a l i s a ngokushesha kuzosiza wena nengane yakho ukuba nibe nempilo. Isifo sofuba, isandulela-ngculazi nokunye ukuhlolwa n o k w e l u l e k w a kuyingxenye yoHlelo L o k u n a k e k e l w a K w e m p i l o O k u y i s i s e k e l o kubantu besifazane abakhulelwe.

Wazi umlando wezempilo womndeni wakho futhi uhlolwe uma kungenzeka, ngoba ezinye izifo ezasemndenini futhi ziyadluliselwana!

ABANTU ABADALA ABANEMINYAKA EPHAKATHI KUKA-30 KUYA KU-49

Amathuba okuba nomdlavuza ayenyuka ngemva kokuhlanganisa iminyaka engu-40. Hlola amabele ukuthi awanazo yini izigaxa ubheke noshintsho ekumeni kwengono; amadoda kufanele ahlole amasende ukuthi amanazo yini izigaxa.

Vivinya umzimba – gijima noma uhambe ngokushesha njalo – ungabi yisidlakudla, ukukhuluphala ngokweqile kungakubulala!

Umfutho wegazi uyenyuka uma

ususeminyakeni yawo-40. Ungabangela isifo senhliziyo kanye nonhlangothi uma ungelashwa. Hamba uyohlolwa minyaka yonke futhi uphuze amaphilisi onikwe wona nsuku zonke.

Amahlo aqala ukufiphala eminyakeni yawo-40, kodwa lokho kungahlehliswa. Hamba uyohlolwa njalo ngemva kweminyaka emibili. Ukubona izinto ezimbili ibe iyinye kungaba wuphawu lwesifo sikashukela noma umfutho wegazi ophakeme (high blood pressure).

Ukuya kwakho esikhathini kuqala ukushintsha phakathi kweminyaka ka-40 no-55, futhi lokho kungaqhubeka iminyaka engu-8 ngaphambi kokuba ume ukuya esikhathini (lokhu kubizwa ngokuthi ukunqamuka ukuya esikhathini, phecelezi i-menopause). Khuluma

nesisebenzi sezempilo ngalokhu.

IMINYAKA YAWO-50

Uma uphila ngendlela enempilo unganezela iminyaka engu-11 kuya kwengu-12 ekuphileni kwakho, ngisho noma uqala usuhlanganise iminyaka

engu-50 noma kamuva – AKWENZEKI kuthiwe sekwephuzile ukuphila

ngendlela enempilo! Kodwa

ukuhamba uyohlolwa kusabalulekile.

Hlolelwa umdlavuza wamathumbu kusukela eminyakeni yawo-50.

Umdlavuza we-prostate uvame kakhulu emadodeni aseNingizimu Afrika. Qala ukuhlolelwa lokhu uma uba neminyaka

engu-50 – uma usheshe watholakala ungelapheka

kangcono.

Abesifazane abangaphezu kweminyaka engu-60 kufanele

bahlolwe ukuthi amathambo abo aqine kangakanani. Amathuba

okungenwa yisifo sokudleka kwamathambo, phecelezi i-osteoporosis (isifo lapho amathambo akho edleka khona futhi aphuke kalula) aphakama kakhulu ngemva kokuma ukuya esikhathini.

Minyaka yonke hamba uyohlolwa amehlo ukuthi awunayo yin i-glaucoma kanye ne-cataract.

Njengoba uqhubeka ukhula nezindlebe ziqala ukuba buthaka. Hamba uyohlolwa minyaka yonke emtholampilo wangakini, noma ubuze ukuthi umahamba-nendlwana womtholampilo ohlola amehlo uzofika nini endaweni yangakini

AKWENZEKI KUTHIWE SEKWEPHUZE KAKHULU. ZILAWULELE IMPILO YAKHO MANJE FUTHI UQALE UKUPHILA NGENDLELA ENEMPILO. UKUBHEMA, UKUDAKWA NOKUDLA IZIDAKAMIZWA KUYABULALA – UNGAZIKHOHLISI.

IZINSUKU ZANGO-NOVEMBA:

INYANGA YERIBHONI ELIBOMVUUmkhankaso weRibhoni Elibomvu uyindllela yokwenza abantu bahlangane ekulweni nezidakamizwa futhi waqala e-UK. Le nyanga isetshenziswa njengethuba lokukhuthaza nokunika ithemba ikakhulu entsheni ngokuthi ingaphila

ngaphandle kwezidakamizwa – kukuyo ukuthatha leso sinyathelo sokuqala.

INYANGA YOKUNAKEKELA OKUSEZINGENI ELIPHEZULUYize kule nyanga kugxilwa kakhulu ekunakekeleni okusezingeni eliphezulu, uNgqongqoshe Wezempilo wakwaZulu Natal, uDkt. Sibongiseni Dhlomo selokhu kwathi nhlo ungumgqugquzeli omkhulu wokuba izikhungo zezokwelapha zithuthukise indlela ezinakekela ngayo kanye nenhlanzeko, futhi uyaqhubeka evakashela izibhedlela nemitholampilo esifundazweni ukuze abone ukuthi sebethuthukise kangakanani endabeni yokunakekelwa kwempilo okusezingeni eliphezulu futhi lokhu ukwenza njengengxenye yomkhankaso wakhe onesiqubulo esithi, ‘ngenze ngibukeke njengesibhedlela.’

5: USUKU LWEZINGANE LUKAZWELONKEUsuku Lwezingane lugujwa njalo ngonyaka emhlabeni wonke ukuze kukhunjulwe iqiniso lokuthi zonke izingane zidalwe zilingana futhi kufanele zijabulele amalungelo abantu ayisisekelo. Yize kunjalo, izingane zethu eziningi ziyaqhubeka zinukubezwa futhi zihlukunyezwa abantu ababathembayo – zihlukunyezwa emzimbeni futhi zinukubezwe ngokocansi. Lolu wusuku lapho kufanele sibonise ukuthi sibambene ngazo zombili ekulweni nokuhlukunyezwa kwezingane. Kudingeka sikhuthaze izingane zethu ukuba zingafeli ngaphakathi kodwa zikhulume uma kukhona noma yiluphi uhlobo lokuhlukunyezwa oluqhubekayo futhi thina njengomphakathi, kufanele nakanjani sizivikele, sizihloniphe futhi sizinike uthando nemfundo ukuze zikwazi ukuba nesiqalo esihle kakhulu ekuphileni.

7-13: USUKU LWE-SADC LUKAMALALEVEVA (MALARIA)Ngokusho kweNhlangano Yezempilo Yomhlaba Wonke (World Health Organisation), cishe abantu abangamaphesenti angu-63 emazweni aseNingizimu ye-Afrika aphila ezindaweni ezithandwa umalaleveva, futhi abesifazane abakhulelwe nezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu yibo abahlaselwa kakhulu yilesi sifo. Umalaleveva ubhekwa njengenkinga enkulu kanye nesifo esibulala kakhulu kunazo zonke esifundeni – naphezu kweqiniso lokuthi cishe ayisatholatholakali eNingizimu Afrika kodwa okungasho neze ukuthi ayisekho nhlobo. Ngakho, kuleli sonto kugxilwa kakhulu emizamweni yokuthi kuqambe kufika unyaka ka-2015

sibe sesinciphe ngezingxenye ezimbili kwezintathu isibalo sezingane ezibulawa umalaleveva.

14: USUKU LOMHLABA WONKE LESIFO SIKASHUKELAIzazi zempilo zithi isibalo sabantu abaphethwe yisifo sikashukela eNingizimu Afrika silindeleke ukuba siphindeke kathathu eminyakeni engu-15 ezayo. Sikhuluma nje, kunabantu abangaphezu kwezigidi ezine ezweni lethu abanesifo sikashukela, ngenxa yokuthi bayanda abantu abaqala izindlela zesimanjemanje zokuphila ezingenampilo kangako futhi badla ukudla okungenampilo. MANJE SEKUYISIKHATHI SOKUNQANDA UKWANDA KWESIFO SIKASHUKELA. Zifundise ngalesi sifo esingenalo ikhambi, kodwa esingalawuleka. Ukudla okufanele nokuzivivinya umzimba kungungqo – ungaqala noma nini!

25: USUKU LOMHLABA WONKE LOKUQEDWA KOBUDLOVA OBUBHEKISWE KWABESIFAZANE FUTHI KUZE KUBE NGU-DISEMBA 10: IZINSUKU EZINGU-16 ZOKULWISANA NALE NKINGA Njengesizwe, silwe isikhathi eside futhi kanzima ukuze sithole ukubusa kwentando yeningi. Kodwa abesifazane nezingane zethu bayaqhubeka behlukunyezwa abantu ababathembayo. Njengoba sikhuluma sibonisa ukuthi asivumelani nalokhu kuhlukumeza phakathi nalezi zinsuku ezinikelelwe lokhu, kufanele sifunge ukuthi sizomelana nokuhlukumeza hhayi manje kuphela, kodwa unyaka wonke. Sekela futhi ukhuthaze abesifazane nezingane ukuba bangafeli ngaphakathi – ukukhuluma wukuphela kwendlela esingabuqeda ngayo lobu budlova.

ZOKUQWASHISWA KWABANTU