Inkanyesi Zulu July Sept 11

12
U SHARON Ilett wezeMvelo KZN Wildlife uncamele ukundiza emoyeni ngenhloso yokuqongelela imali ezosetshenziselwa ukulwa nesihlava soku- bulawa kobhejane. USharon ubambe iqhaza kulolu hlelo nezinjulalwa- zi kwezokongiwa kwem- velo, uJabulani Ngubane, u-Paul Cryer, u-Andrew Zaloumis onguMphathi oMkhulu weSimangaliso Wetland Park, abaseben- zi abangu-20 be-African Conservation Trust kanye namalungu athile om- phakathi. “Intshisekelo yami yokul- wa nokuzingelwa kob- hejane iholele ekutheni nginqume uk- uphuma eb- hanoyini lise- moyeni ukuze ngiqwashise umphakathi futhi ngisize ekuqongele- leni imali ezo- setshenzisel- wa ukuvikela lezi zilwane. Isizathu es- i m q o k a kakhulu esin- genze ngatha- tha lesi sin- qumo, wukubona uthando lobhejane indodana yami ebinalo ngaphambi koku- ba idlule emhlabeni. Uqa- le ukuthanda lezi zilwane eneminyaka engu-5 ezi- bona e-Queen Elizabeth Park. Ngaleso sikhathi besinobhejane abancane ababili ebesibahlanza futhi sibanikeza nokudla, sigadwe wungcweti woku- nakekelwa kwabo, kwaze kwaba kufika isikhathi sokuthi basuswe e-QEP,” kusho yena. Emasontweni angu-10 nje kuphela, amavolon- tiya angu-40 aqongelele u-R180 000, kanti lokhu bekungeke kube yimpu- melelo ukuba bebengekho ongcweti bokuvikelwa ko- bhejane kanye nabe-Af- rican Conservation Trust okuyibona abawumgo- godla womkhankaso obi- zwa ngele-“Save the rhino & skydive Campain”. USharon unxenxe nabom- khakha wezokuvakasha i-FEDHASA ukubamba iqhaza kulolu hlelo kanti banikele ngo-R5000 kwi- African Conservation Trust emcimbini obuse-Coast- lands, eMhlanga Rocks. Le mali izosiza kakhulu ekuthengeni izinsiza- kusebenza zokulwisana nokuzingelwa kobhejane nokuzulazula ezindaweni ezinobhejane ngokun- jalo nokulekelela ngezin- siza- kusebenza zebhanoyi elisebenza ukuqapha lezi zilwane. Ngokuka-Sharon, lolu hlelo lumqoka kakhulu kanti uzokwenza konke okusemandleni ukuze luqhubekele phambili. Okubuhlungu nje yikhona ukuthi ukuzingelwa kob- hejane kusadla lubi kuleli, kanti umkhankaso wokul- wa nalo mkhuba usazo- qhubeka. Qaphela: USharon usekhu- lume kaningi ngohlelo lu- kazwelonke lwe-“Skydive for Rhino” luka-2012 olu- zobanjelwa ezifundaz- weni ezahlukene zakuleli nasemazweni aphesheya kwezilwandle. Kumanje abe-African Conservation Trust bamatasa bahlela uhlelo olusha lwesifundaz- we olubizwa nge-Project Rhino KZN kanti bazama ukunxenxa umphakathi, abamabhizinisi azimele nama-NGO abhekele uku- vikelwa kobhejane uku- ba yingxenye yalo ukuze kuqwashiswe abantu nga- lo mkhuba futhi kuqonge- lelwe imali yokubhekana ngqo nawo. July - September 2011 Official Newsletter Ezemvelo KZN Wildlife WIN a EKZN branded Jacket! See page 11 UNCAMELE UKUNDIZA UKUZE AHLENGE IMPILO YOBHEJANE SABALALISA UMQONDO WAKHO SIBUYISELA EMPHAKATHINI LADUMA ABE-ROOTS BAVAKASHELA EZEMVELO

description

 

Transcript of Inkanyesi Zulu July Sept 11

Page 1: Inkanyesi Zulu July Sept 11

USHARON Ilett wezeMvelo KZN Wildlife uncamele

ukundiza emoyeni ngenhloso yokuqongelela imali ezosetshenziselwa ukulwa nesihlava soku-bulawa kobhejane.USharon ubambe iqhaza kulolu hlelo nezinjulalwa-zi kwezokongiwa kwem-velo, uJabulani Ngubane, u-Paul Cryer, u-Andrew Zaloumis onguMphathi oMkhulu weSimangaliso Wetland Park, abaseben-zi abangu-20 be-African Conservation Trust kanye namalungu athile om-phakathi.“Intshisekelo yami yokul-wa nokuzingelwa kob-hejane iholele ekutheni

nginqume uk-uphuma eb-hanoyini lise-moyeni ukuze ngiqwashise u m p h a k a t h i futhi ngisize ekuqongele-leni imali ezo-setshenzisel-wa ukuvikela lezi zilwane.Isizathu es-i m q o k a kakhulu esin-genze ngatha-tha lesi sin-

qumo, wukubona uthando lobhejane indodana yami ebinalo ngaphambi koku-ba idlule emhlabeni. Uqa-le ukuthanda lezi zilwane eneminyaka engu-5 ezi-bona e-Queen Elizabeth Park. Ngaleso sikhathi besinobhejane abancane ababili ebesibahlanza futhi sibanikeza nokudla, sigadwe wungcweti woku-nakekelwa kwabo, kwaze kwaba kufi ka isikhathi sokuthi basuswe e-QEP,” kusho yena.Emasontweni angu-10 nje kuphela, amavolon-tiya angu-40 aqongelele u-R180 000, kanti lokhu bekungeke kube yimpu-melelo ukuba bebengekho ongcweti bokuvikelwa ko-bhejane kanye nabe-Af-rican Conservation Trust okuyibona abawumgo-godla womkhankaso obi-zwa ngele-“Save the rhino & skydive Campain”.USharon unxenxe nabom-khakha wezokuvakasha i-FEDHASA ukubamba iqhaza kulolu hlelo kanti banikele ngo-R5000 kwi-African Conservation Trust emcimbini obuse-Coast-lands, eMhlanga Rocks.Le mali izosiza kakhulu ekuthengeni izinsiza-kusebenza zokulwisana

nokuzingelwa kobhejane nokuzulazula ezindaweni ezinobhejane ngokun-jalo nokulekelela ngezin-siza- kusebenza zebhanoyi elisebenza ukuqapha lezi zilwane.Ngokuka-Sharon, lolu hlelo lumqoka kakhulu kanti uzokwenza konke okusemandleni ukuze luqhubekele phambili. Okubuhlungu nje yikhona ukuthi ukuzingelwa kob-hejane kusadla lubi kuleli, kanti umkhankaso wokul-wa nalo mkhuba usazo-qhubeka.Qaphela: USharon usekhu-lume kaningi ngohlelo lu-kazwelonke lwe-“Skydive for Rhino” luka-2012 olu-zobanjelwa ezifundaz-weni ezahlukene zakuleli nasemazweni aphesheya kwezilwandle. Kumanje abe-African Conservation Trust bamatasa bahlela uhlelo olusha lwesifundaz-we olubizwa nge-Project Rhino KZN kanti bazama ukunxenxa umphakathi, abamabhizinisi azimele nama-NGO abhekele uku-vikelwa kobhejane uku-ba yingxenye yalo ukuze kuqwashiswe abantu nga-lo mkhuba futhi kuqonge-lelwe imali yokubhekana ngqo nawo.

July - September 2011

Offi cial NewsletterEzemvelo KZN Wildlife

WINa EKZN branded Jacket!

See page 11

Offi cial NewsletterOffi cial NewsletterOffi cial NewsletterEzemvelo KZN WildlifeEzemvelo KZN WildlifeEzemvelo KZN Wildlife

UNCAMELE UKUNDIZA UKUZE AHLENGE IMPILO

YOBHEJANESABALALISA UMQONDO WAKHO

SIBUYISELA EMPHAKATHINI

LADUMA

ABE-ROOTS BAVAKASHELA EZEMVELO

Page 2: Inkanyesi Zulu July Sept 11

2

Sekuphele cishe izin-yanga eziyisithupha kuphume ushicilelo

lwethu lokugcina kanti kuningi osekwenzekile, okuhle nje wukuthi iningi lakho kube ngokuhle.

oKUHLE ESIKWENZILE

Ngizothanda ukuqala ngikhulume ngazo lezi zinto ezinhle, yize sike sizithole sesidinga usizo ngenxa yokuthi kwesinye isikhathi sihlulwa wuku-phatha ngendlela efanele.Ngithanda ukuninxu-sa ukuba ningene kwi-website yethu ukuze ni-thole ulwazi olwanele ngokuqhubeka enhlan-ganweni. Le nkulumo yami iqukethe izinto eziningi engifi sa uku-gxila kuzona. Kungco-no-ke kodwa ngoba iz-into eziningi esizenzile zikhona kwi-website yethu. Ngithanda ukuba nazi ngalezi zinto esizen-zayo kwazise kubalulekile ukuthi niqonde kabanzi ngesikwenzayo kanjalo nesikuzuzile. Nizokhumbula ukuthi oshicilelweni lokugci-na ngikhulume kabanzi

ngokuhlabeka kwami umxhwele yindlela ase-benza ngayo ama-Honor-ary Offi cer kanye neqhaza alibambayo ezindaweni zethu ezivikelekile.Ngithanda ukuphinde ngibonge kubona ngom-sebenzi omuhle abasenze-la wona, bese ngikucacisa futhi ukuthi lolu sizo abas-inikeza lona, lungumphu-mela osobala wokuthi sibuye sihluleke wukwen-za imisebenzi esiqashelwe ukuba siyenze.Kuyangiphoxa kakhulu ukuthi ngama-honorary Offi cer asiyekelela ngoku-vala imigodi emigwaqeni nokulungisa amapayipi amanzi uma engasase-benzi.Ngike ngasingatha um-cimbi wokubaklomeli-sa ngomsebenzi wabo omuhle. Kube wumcimbi omuhle kakhulu kanti ngiphinde ngagcizelela nakuwona ukuthi ezeM-velo zibancoma kakhulu ngomsebenzi wabo. Ngize ngazijuba ngabatshela ukuthi kumele ngabe kade sawenza umcimbi walolu hlobo.Ukubancoma kwami bekungekhona nje ukuthi yingoba benza imisebenzi okumele ngabe yenziwa yithina kuphela, kodwa bengibancoma ngeqhaza abalibambile ohlelweni lwethu lokwengamela izindawo ezivikelekile ngokubambisana naba-zimele.

UKUNIKELA NGAPHANDLE

KoKUbHEKA INZUZo EKUGCINENI

Njengoba ngike ngasho phambilini ukuthi umse-benzi wokongiwa kwem-velo mkhulu kakhulu kanti ngeke sikwazi ukuwumela sisodwa. Ngakho-ke zonke izinhlaka zethu njengawo ama-honorary Offi cer, zidlala indima ebaluleke kakhulu ekuqhubeni lemi sebenzi.Ngicela nonke nike nikhumbule ngalo mgomo wokunikela ngaphandle kokubheka inzuzo ekug-cineni. Kwesinye isikhathi kumele sisebenze ekubeni sazi kahle ukuthi ngeke sithole ngisho indibilishi. Ngizothanda ukwenza isi-bonelo ngomunye wama-honorary Offi cer wethu omnyama osebenza ngokuzikhandla.Lowo nguMuzi Mshengu ozinze endaweni yas-eMtshezi. Ukuzikhan-dla kwakhe kuyisifundo sokunikela ngezimpelas-onto kanye nangesikha-thi ekusizeni umphakathi ngokuwuchazela kabanzi ngemihlomulo yokush-iswa kahle komlilo, ukuthi kumele ushiswe nini kanye nemiphumela emibi edalwa wukushiswa kom-lilo. Uphinde ahambele imihlangano yezifundo zemvelo. Kusanda kusa-balala imibiko ngemise-benzi emihle eqhutshwa ngama-honorary Offi cer ethu azinze eMpushini kanye nangeqhaza lawo ohlelweni lokwengamela izindawo ezivikelekile

ngokubambisana esi-fundeni sabo. Ngaph-ezu kwalokhu, ngifunde ngama-honorary Offi cer anikela ngesikhathi sawo ukuzulazula (Patrolling) ezindaweni ezibucayi kakhulu aze ahlangane namathimba azingela ngezinja. Konke lokhu bakwenza ngemali yemin-deni yabo.Ngakho-ke, ngibathulela isigqoko laba bantu, hhayi nje ngomsebenzi wabo kuphela kodwa ngentsh-isekelo nangokuzikhan-dla abakukhombisayo ekuqhubeni umsebenzi wabo. Ngikubalulile em-cimbini ukuthi ngiyafi sa ukuba lo mcimbi siwenze minyaka yonke.

SIyAKWAMUKELA

Egameni lethu sonke enh-langanweni, ngithanda ukwamukela u-Greg Mar-tindale oyiNhloko entsha yoPhiko lokuPhathwa kweziNdawo eziVikelekile ngokubambisana. Uyin-gwevu kulo msebenzi kan-ti ngimfi sela okuhle kod-wa kulo msebenzi wakhe omqoka kakhulu.

IMICIMbI

Ezemvelo zibambe omu-nye umcimbi kulo nyaka obekuhloswe ngawo uku-khuthaza ezinye izinhlaka ukuba zibambisane nathi emshikashikeni wokuqhu-ba imisebenzi yokongiwa kwemvelo.Lo mcimbi ububizwa ngele-“Meeting of Great

SABALALISA UMQONDO WAKHOSABALALISA UMQONDO

Ngicela nonke nike nikhumbule ngalo mgomo wokunikela ngaphandle kokubheka inzuzo ekugcineni

Page 3: Inkanyesi Zulu July Sept 11

3

Minds” njengoba izimemo bezibhekiswe kakhulu ku-labo abebesebenzela i-Na-tal Parks Board noMnyan-go phambilini obubuzwa nge-KwaZulu-Natal De-partment of Conservation. Angithandi ukugxila ez-intweni eziholele ekutheni sibe nalo mcimbi. Kwanele nje ukuba ngithi ukuhlan-ganiswa kwalezi zinhlanga ukuze kuzalwe Ezemvelo KZN Wildlife, akubanga kuhle. Nami bengizokuba nongabazane ukuba ku-phakanyiswe kuyimina uMphathi oMkhulu kule nhlangano.Lo mcimbi kuhlonishwe kuwona iqhaza kanye na-makhono alabo abebese-benza kulezi zinhlaka kan-jalo nokubungaza iqhaza abalibambile kwezokongi-wa kwemvelo KwaZulu-Natali. Besibakhuthaza ukuba basigqugquzele ekuyiseni umsebenzi wo-kongiwa kwemvelo pham-bili. Bozakwethu, yebo okud-lulile sekudlulile kanti ngeke salokhu sibambe amagqubu futhi ngeke nganamathela emicaban-gweni yabathile. Ngik-holelwa kakhulu ezint-weni ezinhle kanti konke okwenzeke phambilini ngeke kwayiguqula inkol-elo yami yokuthi abantu abasebenza ukonga im-velo abaqashwe yithina nabakwezinye izinhlaka, bangabantu abalunge kakhulu kanti bahlale begqugquzelwa wumoya wokunakekela futhi bagc-wele intshisekelo.Sizokwenza konke okuse-mandleni ukwamukela lo mqondo futhi siyamukele ngazo zombili intshiseke-lo yalaba bantu yokusik-hombisa indlela oku-mele sihambe ngayo kule minyaka ezayo. Okuhle nje wukuthi iningi lalezi

zinhlaka, linesipiliyoni esinzulu okuzosinceda kakhulu.Ake ngisuke kulo mcimbi, ngikhulume ngowe-Eco-System Services obu-banjelwe eLangeni Hotel ngasekuqaleni kukaLwezi. Yize iningi lenu lingawu-hambelanga lo mcimbi, kodwa ngizosho ukuthi noma ningaqondi kahle ukuthi ubungani, kodwa umqoka kakhulu. Ngi-wubalula ngoba ngithan-da ukuba niwuqonde kabanzi. Uhamba uze uthinte esinye sezimiso zethu, ngokuthi kungani sikhona njengenhlangano.Lo mcimbi udweba isithombe esicacile ngo-kongiwa kwemvelo, ukuthi abantu bakithi bayicekela phansi kanjani imvelo nangendlela esenza ngayo izinto ezikhahlameza iz-into esizidingayo emihleni yokuphila kwethu. Lapha ngikhuluma ngo-kuthi ubudedengu bethu busikhahlamezela kanjani ingcebo yamahhala esiyi-thola kwimvelo. Phakathi kwalezi zinto ngingabala amanzi, umoya ohlanze-kile, ukudla, imithi yesintu nokunye okuningi. Aku-thusanga ukuzwa u-Jus-tice Mchunu ekhuluma ngenkinga yokuvikelwa kokudla ehlasele lesi si-fundazwe kanye nesizwe sonke.Uma lezi zenzo zingan-qandwa ngokushesha njengoba zikhahlameza amaxhaphozi futhi zigu-gula inhlabathi, kuzoli-mala kakhulu izilwane zasendle kanye nemvelo. Ukungayihloniphi imvelo kukhomba kuthi sizosho-na kakhulu ephaketheni thina bakhokhi bentela, kwazise kumele sithenge ngisho izinto esizithola bhusende kwimvelo.Sizogcina sesikhokha

kanzima sizama ukulungi-sa lezi zimo. Isibonelo nje, kuzomele sikhiphe imali eshisiwe sakhe amadamu ngoba lawa akhona njen-gamanje amuncwa kakhu-lu yizimila zokufika kuleli.Ngifisa ukuhlela isidlo sasemini sibhunge ka-banzi ngezinhlelo zo-kongiwa kwemvelo, kanti ngifisa sibe ngasekuqaleni konyaka ozayo. Ngithanda ukubonga kakhulu up-hiko lwethu lwezebuCh-wepheshe ngomsebenzi walo omuhle. Ngithanda bahlale bazi ukuthi amak-hono kanye nocwaningo lwabo olujulile, kumqoka kakhulu kithina.Ngithanda ukuphawu-la ngamandla enhlan-gano yethu okukwazi ukunxenxa izinkampani ezizimele ukusilekelela ez-intweni okungelula uku-ba sizenze sodwa. Lokhu ngikhulume kabanzi ngak-ho ngenyanga kaNhlangu-lana. Ngithanda ukudalula ngokukhulu ukuziqhenya ukuthi sesihambe iban-ga elide ngokwethulwa kwendiza enophephela emhlane ezosetshenzisel-wa izinhlelo zokulwa ngqo nokuzingelwa kobhejane. Kumanje ithimba laleli bh-anoyi liseHluhluwe lapho kusahlolwa khona indlela elizosebenza ngayo. Kuy-izindaba ezimnandi lokhu kanti kuyizinkomba zo-kuthi uma sizimisele, bakhona abazothanda ukusilekela siyivikele ngempumelelo imvelo ye-sifundazwe sethu..

SENGIPHETHA

Kubuhlungu ngempela lokhu engikhethe uku-gcina ngakho. Abaningi bazokhumbula ukuthi si-lahlekelwe ngobhejane abaningi kakhulu esiqi-wini saseNdumo. Ngiya-

vuma ukuthi sibhekene nezigebengu ezihambe kakhulu ngolwazi, kod-wa-ke nathi sinama-APU kanye nabaQaphi beM-velo abazimisele ukwenza noma yini ukuze sinqobe lempi.Okubuhlungu kakhulu wukuthi kubulawe ob-hejane abayinqwaba eNdumo nje, kungenxa yokuhlulwa kwethu wuk-wenza imisebenzi esiqa-shelwe ukuyenza. Lokhu akuxoleleki kanti kumele sibhekane nemiphume-la yobudedengu bethu. Lokhu kumele kungaph-inde nje kwenzeke.Kungumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi iz-indawo zethu zilawulwa ngendlela efanele nokuthi imisebenzi iqhutshwa kahle. Kubuhlungu-ke ngoba size saphoqeleka ukuba simise emsebenzini omunye weziMenenja eN-dumo. Okufaka usawonti esilondeni, wukuthi kuk-hona okumele ngabe bas-itshelile ngezenzo zaleM-enenja, okumele ngabe kade yagqunywa ejele.Obunye ubudedengu obu-fuze lobu, benzeka esiqi-wini sasoPhathe. Lapha silahlekelwe ngobhejane ababalelwa ku-30 kule minyaka emibili edlule. Ngithanda bonke labo abaziyo ukuthi bekumele benze okuthile ukugwema lesi simo bazinuke amakh-wapha.Ezemvelo zinabase-benzi abaziwayo ukuthi bayazikhandla, kodwa lokhu kudweba esinye isithombe. Lokhu kuthu-naza isithunzi senhlanga-no. Ngeke-ke sakuvumela ukuba nenqwaba yabase-benzi abazimisele bese kuba khona oyedwa noma ababili abangamazam-bane abolile.

NGIyAboNGA

Page 4: Inkanyesi Zulu July Sept 11

4

Kusezandleni zethu sonke ukubhek-ana ngqo noku-

guquguquka kwesimo sezulu. Yingakho-ke Ezemvelo KZN Wildlife zibambe elikhulu iqhaza ekuqwashiseni ngalesi simo esibukeka sizob-hubhisa umhlaba uma singasukunyelwa.Njengengxenye yoku-lungiselela i-COP 17 ezo-banjelwa eThekwini ku-sukela mhla zingama-28 kuLwezi kuya kumhla ziyisi-9 kuZibandlela, ezeMvelo ziqhamuke ne-zinhlelo eziningi okuhlo-swe ngazo ukuqwashisa umphakathi waKwaZulu-Natali ngokuguquguquka kwesimo sezulu.UDkt Bandile Mkhize onguMphathi oMkhulu wezeMvelo uthi basun-gule izinhlelo ezikhuthaza abasebenzi bale nhlan-gano ukuba batshale izi-hlahla, kusukela eNhloko-Hhovisi kuze kuyoshaya kuzona zonke izingxenye zenhlangano esifundaz-weni sonke.Lolu hlelo lufuqwa ngu-Caiphus Khumalo on-gungcweti kwezokongiwa kwemvelo enhlanganwe-ni.“Ukufundiswa ngokunak-ekelwa kwemvelo kumqo-

ka kakhulu yingakho um-phakathi wakithi kumele uqwashiswe ngobungozi esilengela kubona ngenxa yalesi simo.Okwethu wukwazisa um-phakathi ngomthelela ongemuhle lesi simo esi-ba nawo kwimvelo yethu esincike kakhulu kuyona ukuze siphile. Umphakathi ungadlala indima enkulu ekulwisaneni nesivuvu jikelele kanti indlela elula yokwenza lokhu wukuthi ubambe iqhaza ezinhlel-weni okuhloswe ngazo ukulwa nalesi simo,” kusho uKhumalo.

UKUQWASHISWA KOM-PHAKATHI NGOKU-

GUQUGUQUKA KWESI-MO SEZULU

I-EZEMVELO KZN Wildlife isanda kuzungeza isifun-dazwe saKwaZulu-Natali izinsuku ezine zilandelana iqwashisa umphakathi ngokuguquguquka kwesi-mo sezulu. Lolu hambo beluhlan-ganisa nethimba le-COP 17 kanti luqale eMtshezi, eMnambithi, e-Dundee nase-Vryheid. Lube selud-lulela e-Loowsburg, oLun-di, eMpangeni, eMthun-zini, eMlalazi lwayovalwa erenki yaKwaMashu nase-

Mega City yodumo eMlazi. Kulolu hambo kufundis-we izindimbane zaban-tu ngomthelela omubi odalwa wukuguquguquka kwesimo sezulu. Kulolu hambo bekuk-hona abaSebenzi abaB-hekele uKongiwa kweM-velo abebephethe amabhena amakhulu kanye nezingqwembe ezikhuluma ngomthe-lela wokuguquguquka kwesimo sezulu. Bebeya ngqo kubantu emarenki, emadolobheni kanye na-sezikoleni bekhipha ama-pheshana aqukethe ul-wazi ngokuguquguquka kwesimo sezulu. Abantu bebenikezwa imizuzu ey-isihlanu ukubuza kabanzi ngokuguquguquka kwesi-mo sezulu nange-COP 17.EMnambithi bekuhlan-

ganyelwe ehholo lom-phakathi lapho abantu be-phonse imibuzo eminingi ezikhulwini zikaMasipala wendawo ngokuguqu-guquka kwesimo sezulu. Ngemuva komhlangano, kube sekubanjwa imashi phakathi edolobheni kukhishwa amapheshana akhuluma ngokushintsha kwesimo sezulu, kush-aywa amavuvuzela kanye nezimpempe.Ngemuva kwemashi, iMeya yaseMnambithi ibonge bonke ababam-be iqhaza kulolu hlelo. Income kakhulu u-Cai-phus Khumalo wezeM-velo ngomsebenzi omuhle awenzela isifundazwe. Ibe isigqamisa ubumqoka bokongiwa kwemvelo ya-balula nezinto okunele umphakathi uzenze ukuze

AKUBHEKWE NGESO LOKHOZI UKUGUQUGUQUKA

KWESIMO SEZULU

Page 5: Inkanyesi Zulu July Sept 11

5

kuliwe nokuguquguquka kwesimo sezulu. Ngosuku lwesibili, kunikel-we KwaNongoma, nakhona kube nomuzwa ofanayo.

ONdini, iMeya yakhona uJoana Manana yethule inkulumo em-fishane kodwa ebidle ngokuqina. Ithe uMasipala wayo uyathanda ukubamba iqhaza ekufundiseni umphakathi nasekuwuqwashiseni ngomthelela omubi odalwa wuku-guquguquka kwesimo sezulu.UKhumalo ube esegcizelela ubumqoka be-COP 17 ezobanjel-wa eThekwini. Ube esechazela umphakathi ngezinto ezibangela ukuguquguquka kwesimo sezulu, phakathi kwazo abale ukugencwa kwezihlahla, ukungcola komoya, wabe esebalula ukuthi yikuphi okumele kwenziwe ngumuntu ngamunye ukulwisana nokuguqu-guquka kwesimo sezulu.Umphakathi ujatshuliswe ngez-into eziningi ezibandakanya um-dlalo weshashalazi nokunikezwa izikibha ezikhuluma ngokushint-sha kwesimo sezulu.

KUYINI UKUGUQUGUQUKA KWESIMO SEZULU?

Ukuguquguquka kwesimo se-zulu wushintsho olunzulu olwen-zeka emkhathini cishe kusukela emakhulwini eminyaka kuya kw-eyizigidi. Lolu shintsho lunga-holela ekutheni kukhahlamezeke umhlaba ngendlela ebabazekayo kanti lokhu kungadalwa yizenzo zabantu.

OBANI ABANYE ABAYINGXENYE YALOLU HLELO?

Phakathi kwabayingxenye yalolu hlelo singabala abaHoli boMda-bu, oMasipala, i-KwaZulu-Natal Museum, aboMngeni Water, uM-nyango wezoLimo, ezeMvelo no-kuThuthukiswa kwemiPhakathi yasemaKhaya, i-South African National Biodiversity Institute (SANBI), uMnyango wezoLimo, amaHlathi kanye neziNhlanzi (DAFF) noMnyango wezeMpilo (DOH).

I-EZEMVELO KZN Wildlife yethule uhlelo olusha lo-kongiwa kwemvelo okuhloswe

ngalo ukuqwashisa umphakathi waKwaZulu-Natali ngeqhaza kanye nokubaluleka kwezindawo ezivikelekile. Umcimbi wokweth-ulwa kwalolu hlelo ubungaseku-pheleni kwenyanga kaMfumfu eLangeni, Southern Sun Hotel yod-umo eThekwini.Uhlelo lwemisebenzi yokongiwa kwemvelo kuhloswe ngalo ukweseka ukuhlinzekwa kwezidingo ezimqoka kubantu baKwaZulu-Natali kanye nokuqinisekisa ukunakekelwa kahle kwezinhlelo eziqinisekisa ukulethwa kwalezi zidingo. Phakathi kwezikhulumi ebezik-hona singabala u-Myles Mander we-EcoFutures, uDkt Bandile Mkh-ize wezeMvelo kanye noSolwazi Omie Singh weKomidi lezoKongiwa kweMvelo esiShayamthetho saKwa-Zulu-Natali.UMkhize unethemba elikhulu lo-kuthi lolu hlelo luzokuba nomthelela ezingxoxweni ze-COP 17 ezosingath-wa esifundazweni sethu ikakhulu ekutheni singayivikela kanjani im-velo.UMkhize uthe: “Uma singayishintshi indlela esibuka ngayo izinsiza esin-azo emhlabeni, nginovalo olukhulu lokuthi sizokuba senkingeni enkulu ezokuba wumphumela wezenzo

zethu.Kunesidingo esimqoka sokuthi labo abathatha izinqumo kanye nom-phakathi jikelele bashintshe kulo mqondo wokuthi ukongiwa kwem-velo kumele kubukelwe phansi ez-inkulumweni zepolitiki kanye ne-zomnotho. Ezemvelo zikholelwa kakhulu ekutheni lolu hlelo luzogqa-misa isidingo sokuthi kucatshangwe ngeqhaza nokubaluleka kwemvelo ezimpilweni zethu.” kusho uKhaba-zela.Umyalezo obugqame kuzona zonke izinkulumo ngowokuthi umhlaba esiphila kuwona usihlinzeka ngez-insiza zokuphila eziwumgogodla. Phakathi kwazo kuvele amanzi ah-lanzekile, umoya, uwoyela kanye nokudla. Sonke sithembele kulezi zinto ukuze siphile, kodwa asizihlo-niphi nhlobo.UDkt Mkhize uqhube ngokuthi: “Esikhathini esedlule kusungulwe iziqiwi zathuthukiswa futhi zala-wulwa ngendlela yokuthi zikwazi ukonga imvelo, kodwa umphakathi wangaqwashiswa nhlobo ngeqhaza kanye nobumqoka bazo ezimpilwe-ni zawo. Zonke izindawo ezivikele-kile kodwa ezingekho emthethweni, zisenkingeni yengqalasizinda en-gathuthukile kanye nabantu abafuna ukulima ngaphandle kokubheka iz-into eziningi ezithinta umphakathi. Lokhu kube nomthelela omkhulu

LWETHULWE NGEMPUMELELO UHLELO OLUSHA

LOKONGIWA KWEMVELO

Page 6: Inkanyesi Zulu July Sept 11

6

ekutheni lezi zindawo zingakutholi ukwesekwa ezikufanele kwezepolitiki ngokunjalo nakwezom-notho, kwazise sihlale nja-lo sibona ukuhlukumeze-ka kwemvelo kuzona.Ukuze kuliwe nale nk-inga futhi kugqanyiswe iqhaza elibanjwa izinda-wo zokongiwa kwemvelo emphakathini yakithi, kuzomele sibachazele kabanzi labo abathatha izinqumo nomphakathi jikelele ngendlela efanele ukuze bezosizwa. Ku-zomele bacaciselwe uku-thi izindawo zokongiwa kwemvelo kanye nemise-benzi ehambisana nakho, inaqhaza lini ezimpilweni zabantu.’’Uqhube ngokuthi ezeM-velo njengenhlangano eb-hekele ukongiwa kwem-velo sezibonile ukuthi eminyakeni eminingi ezayo, izonyuka kakhulu intshisekelo yezinda-wo ezivikelekile kanye nemisebenzi eziyihlinze-kayo kubantu bakithi.Eqinisweni nje, uhlelo lokuqala lube yimpu-melelo enhle kakhulu. Izinhlaka ezahlukene es-ibala kuzona i-WESSA zinethemba elikhulu lo-kuthi lolu hlelo luzokhula luze lukwazi ukuvulela zonke izinhlaka ukuba zisebenze ngokubambisa-na ekuqhamukeni nama-su okunciphisa ukuguqu-guquka kwesimo sezulu.

ABASEBENZI be-zeMvelo KZN Wild-life banqwabelane

ngobuningi babo bevela ezifundeni ezine zale nh-langano ukuzoqhudelana ngemidlalo eyahlukene ebibanjelwe e-UKZN ophikweni lwase-Howard College.Imidlalo ivulwe ngabasu-bathi kanye labahambayo, kanti izihlwele zikhombise ukubathakasela kakhulu njengoba bezilokhu zi-bakhuthaze njalo.Ebholeni lezinyawo, uKhahlamba lugile izimanga luhlula iZulu-land ngo-8-7 sekukhahlel-wa amaphenathi kowa-manqamu. Iqembu lase-QEP le-Netball lifake usawoti esilondeni esib-hibhayo seZululand nge-sikhathi linqoba ngo-4-3 kowamanqamu.I-QEP inqobe lomdlalo

inkenkethelwa yizinhl-iziyo ngemuva kokuba uGugu Zulu ephuke umunwe, okuphoqe uku-ba aphuthunyiswe esib-hedlela.U-Johanes Xaba wa-soKhahlamba udle ub-hedu kwezokugijima elandelwa ezithendeni nguSphamandla Mkh-wanazi kwathi indawo yesithathu yathathwa ng-uThulani Nzuza.Kwabesifazane, ubhedu ludliwe ngu-Jennifer Al-bus wase-Coast kwathi endaweni yesibili kwan-gena uPhindile Dlamini waseZululand ngesikhathi uThanda Ndlovu wase-QEP engena endaweni yesithathu.UDkt Bandile Mkhize akasalanga ngaphandle kwababambe iqhaza kule midlalo beno-Cedric Coetze. Eminye imidlalo

ethakaselwe kakhulu kube ngowoku-Drila, owokudu-bula neminye eminingi.UMkhize uphakamise ukuthi lemidlalo iban-jwe minyaka yonke kule nkundla ngenxa yesasasa abelibona. Le midlalo ibi-hanjelwe ngisho nangu-Clive Barker obeyibambe kwiBafana Bafana inqoba i-Afcon ngo-1996 obe-hamba no-Joel Faya oku-manje bazibambe naye kumaZulu FC. Babambe elikhulu iqhaza ekukhet-heni ukhilimu wesikwati sezeMvelo esizobamba iqhaza emidlalweni ezo-didiyela abakwa-Boxer Su-per Stores, uMsinsi kanye nabe-KZN Sharks Board.Le midlalo ibixhaswe ngabakwa-Old Mutual, Capitec Bank, Prosano, Sunlum, AmaZulu FC, ABI nabakwa-Springbok Atlas.

BEZIBUYA KWI-SPORTS DAY

We were all part of a winning team

Page 7: Inkanyesi Zulu July Sept 11

7

INHLANGANO yezo-Kongiwa kweMve-lo KwaZulu-Natali,

ezeMvelo KZN Wildlife, ibambe umhlangano waminyaka yonke nge-nyanga kaLwezi enhloko-hhovisi.Eqhulwini lwezingxoxo ebezidingidwa singabalu-la ukubhekana nesihlava sokuzingelwa kobhe-jane, ukuvikelwa kokudla nokubungazwa kweqhaza lama-honorary Offi cer.Lo mcimbi usongwe ngokuthi koklonyeliswe ama-Honorary Offi cer ngokuzikhandla kwawo ekuvikeleni imvelo yesi-Fundazwe sethu.UDkt Bandile Mkhize onguMphathi oMkhulu wezeMvelo ubalule uku-thi kumele sisebenze ngokubambisana ukonga imvelo ngoba isithinta sonke. Uthe kumqoka kakhulu ukuhamba leli banga nalabo olubashi-sa ngaphakathi uthando lwenhlangano.“Umsebenzi wokongiwa kwemvelo mkhulu kakhu-lu kanti ngeke siphu-melele ukuwenza sisod-wa. Yingakho-ke sidinga nezinye izinhlaka ukuba ziselekelele kulo msebenzi esithweswe wona,” kusho uMkhize.UKhabazela uphinde wagcizelela ukuthi kubal-ulekile ukuba sixoxisane nemiphakathi engomak-

helwano beziqiwi zethu ukuyisiza ngolwazi uku-ze iqonde kabanzi ngo-bumqoka bokuvikela izil-wane nemvelo.UMkhize uyikhabe ngazo zombili indaba yokuthi inhlangano ilokhu ishenxa kancane emsebenzini omqoka ejutshelwe ukuy-enza. UMnuz Justice Mc-hunu ukhulume kabanzi ngenkinga yokuvikelwa kokudla esibhekene nayo njengesifundazwe kanye nesizwe sonke.Uthe sekusungulwe iz-inhlelo ezifana no-one home one garden, ama-vawusha okudla nez-inye ngenhloso yokub-hekana ngqo nale nkinga enomthelela omu-bi ezimpilweni zethu. UMnuz Brian van der

Bank onguMdidiyeli esi-Fundazweni ukhulume kafushane ngomlando wokusungulwa kwama-Honorary Offi cer nokuthi isibalo sawo sikhule kan-jani njengoba esebalelwa ku-796.“Inhloso yama-Honorary Offi cer wukuzilumbanisa nezinhloso kanye nezin-jongo ze-Ezemvelo KZN Wildlife. Umbono kanye nezinjongo zawo, uhlan-gana kahle nowezeMvelo,” kusho u-van der Bank.Uqhube ngokuthi sebe-bambe elikhulu iqhaza benikela ngesikhathi nangemali yabo belekelela inhlangano ekutheni if-ezekise imisebenzi yayo yokonga imvelo esifun-dazweni.U-Eugen Joubert on-

guNgcweti wezoKongiwa kweMvelo ozimele, ut-shele abebehambele um-hlangano ukuthi ama-Honorary Offi cer ase-San Parks aseqongelele imali engaphezulu kuka-R32 million kanti u-R1 million udluliselwe e-Kruger Na-tional Park ukuze bezo-kwazi ukuthenga izinsi-za-kusebenza zokulwa nokuzingelwa kobhejane.Izithunywa ebezihambele lomhlangano azizuzanga nje kuphela ezinkulum-weni ebezikhulunywa, kodwa zibuye zathola nethuba lokuxoxa ngez-into eziseceleni ezithinta ukongiwa kwemvelo za-phinde zacobelelana ngol-wazi lokongiwa kwemvelo.

SISEBENZA NGOKUBAMBISANA

Page 8: Inkanyesi Zulu July Sept 11

8

ILANGA Newspaper n g o k u b a m b i s a n a nabe-KZN Hunting

and Conservation Associ-ation, banikele ngezinsi-za-kusebenza ze-Mfolozi Trail.Ilanga belikhipha um-khovu etsheni ngosuku lweMfolozi Trail ebihlele-lwe ukuqala eMndindini camp. Abasebenzi bezeM-velo bekungathi kabaliz-wa nhlobo ilanga, bejab-ulela ukuqala kwe-Trail.U-Arthur Koningkramer ongumQondisi-Jikele-le weLANGA no-Peter Koningkramer we-KZN Hunting and Associa-tion, bakhombise ubun-tu ngesikhathi benikela ngezikhwama ezili-10, amabhodlela ejusi kanye namalambu azosetsh-enziswa ngabaqaphi be-mvelo nalabo abazoham-bela iMfolozi Wilderness Trail.UNcamisile Khumalo oyi-Trail Manager ngaphansi kwezeMvelo KZN Wild-life, uzwakalise okukhulu ukujabula ngalolu xhaso. Uphinde watshela izicu-kuthwane ngeMbiya Camp ezokuba yisikhun-go samasiko, okumanje isakhiwa. Lesi sikhungo sizosetshenziselwa uku-fundisa abafundi ngez-inhlelo ezahlukene zo-kongiwa kwemvelo kanye

nangamasiko eh-l u k a h l u k e n e . UKhumalo ube esecela laba bax-hasi ukuba babe yingxenye ye-Primitive Trail.U-Arthur Kon-ingkramer uthe bekuvele kuyisi-fi so sakhe uku-

bona iziqiwi zilekelela imiphakathi engomakhel-wano bazo kanti ube esen-coma kakhulu ezeMvelo ngokuba nombono ofa-nayo.Ukhuthaze inhlangano ukucela uxhaso kwabam-abhizinisi azimele ngoba bona bangakwazi ukunx-enxa izinhlangano ezifana no-European Union (EU) ne-Lotto ukuze izokwazi ukusiza imiphakathi, kwa-zise izinhlangano ezinga-phansi kukahulumeni ngeke zikwazi ukufaka isicelo semali kulezi zinh-langano.Uzibophezele ekusizeni ezeMvelo ekutholeni ux-haso kulezi zinhlangano, ukuze kusizakale imi-phakathi nokufundisa izingane ngokongiwa kwemvelo. Lesi sikhulu sigcizelele ukuthi isizathu esimqoka kakhulu esenze baletha lolu xhaso, wuku-thi bafuna ukusiza izik-hungo ezifana neMbiya ukuze kuhlomule abafun-di.Lo mcimbi ubuhanjelwe yintatheli yeLANGA eg-cine isiyingxenye yeM-folozi Wilderness Trail. Abanye abebekhona kulo mcimbi ngo-Patrick Si-beko noSihle Nxumalo bobabili abayiziMenenja zoKongiwa kweMvelo e-HIP.

ILANGA LIBAMBE IQHAZA KWI-TRAIL

Umsebenzi wo-kongiwa kwem-velo ngowethu

sonke, ngakho-ke ku-mele sibambisane ukuze siphumelele ukuwenza!!Kuqopheke umlando nge-sikhathi labo abebenga-basebenzi be-Natal Parks Board noMnyango wezo-Kongiwa kweMvelo be-hlanganisa amakhanda nabasebenzi bezeMvelo mhla zi-3 kuLwezi emh-langanweni obusenhloko-hhovisi.Lo mhlangano ubu-hanjelwe yizinjulalazwi kwezokongiwa kwemvelo phakathi kwazo esingaba-la u-Dkt Ian Player, uDkt George Hughes, u-Peter Thompson, u-Dave Cooke kanye no-John beno-June Vincent.UDkt Bandile Mkhize onguMphathi oMkhulu wezeMvelo umemezele isiGungu sokuKhalima inhlangano. UMkh-ize nguyena obehamba phambili ekuqinisekiseni ukuthi lo mhlangano uba yimpumelelo.Inhloso yalo mhlangano b e k u w u k u c o b e l e l a n a ngolwazi ukuze kusi-mamiswe umsebenzi wo-kongiwa kwemvelo kanye nokuqhamuka namaqh-inga okudidiyela amasu ngokuhlanganyela ukuze senze ezeMvelo zibe yinh-langano ehlonishwa um-hlaba wonke.U-Caiphus Khumalo on-guMdidiyeli wezinhlelo ze-COP 17, ukhulume ka-banzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu kanti up-hinde wacacisa ngezinto okumele sizenze ukub-hekana ngqo nalesi simo.UJabulani Ngubane on-guMdidiyeli weziNhlelo

zokulwa nokuzingelwa kobhejane ukhumule ngezinto ezithinta um-sebenzi wakhe. Ubalule izindlela ezintsha ze-Ezemvelo zokulwa nalo mkhuba nangokuboshwa kwezigebengu okwenzeke kulo nyaka.UJabulali uphinde wabal-ula ukuthi izibalo zikhom-ba ukuthi ezifundazweni zonke zakuleli, i-KwaZu-lu-Natali ibe nesibalo es-iphansi sobhejane aba-bulelewe njengoba bebe ngama-29.“Lapha kwezeMvelo si-funa ukuqinisekisa uku-thi abasebenzi bethu baqeqesheke ngokwanele ukuze bakwazi ukub-hekana nokuzingelwa kobhejane. Siwuqonda kahle umsebenzi osihla-lele njengoba sibhekene nezigebengu ezihambe kakhulu ngolwazi, kanti kukhona nabasebenzi bethu ababuye baziban-dakanye nalo mkhuba. Ngale mpumelelo encane esisayizuzile, sithanda ukubonga bonke aba-sisizile kanye nama-NGO asilekelela kakhulu ekulweni nalesi sihlava. Phambilini sike sayin-qoba le mpi, kanti lokhu kunginikeza ithemba lo-kuthi sizoyinqoba futhi,” kusho uJabulani.UDkt Mkhize uthe ubazi ngezimo eziholele ekuthe-ni abasebenzi bahambe ngemuva kokuhlangan-iswa kwalezi zinhlangano zombili ngo-1998, kanti uthi imphatha kabi kakhu-lu indlela izinto ezenzeke ngayo.“Ngikholelwa ekutheni bonke abantu kumele babambe iqhaza futhi umsebenzi wokongiwa

SIHLANGANISA AMAKHANDA!

Page 9: Inkanyesi Zulu July Sept 11

9

kwemvelo bawenze ingxenye yempilo yabo ukuze imvelo esiyongayo izobonwa yisizu-kulwane esilandelayo.Ezemvelo zihlose ukuba ngungqaphambili kwezo-kongiwa kwemvelo emhlabe-ni, kanti-ke kumele sazi ukuthi yikuphi okuzosenza sihluke kwezinye izinhlangano.Yilesi sizathu-ke esizoholela eku-theni sikhiphe wonke amaq-iniso ukuze siphucule umse-benzi wokongiwa kwemvelo. Okumele sikwenze wukufun-da kwesidlule kukhona, kod-wa singakuvumeli ukuba kusidonsele emuva. Ngakho-ke siludinga kakhulu usizo lwenu ukuze sibeke ezeM-velo kwelinye izinga kwazise sonke sinendima okumele siyidlale. Kumele senze kon-ke okusemandleni ukubeka le nhlangano ezingeni eliyi-fanele. Indaba yobuhlanga kumele siyibeke eceleni kanti nginethemba elikhulu lokuthi ngokubambisana singakwen-za lokhu,” kusho uMkhize.Laba basebenzi bavumelane ngo-elethu ukuthi kumele ku-sungulwe isigungu esizobeka ezeMvelo kwelinye izinga. Ngemuva kwezingxoxo ezi-julile, kusungulwe isigungu esakhiwe ngamalungu ay-isikhombisa phakathi kwawo okukhona u-Paul Phelan, u-Roger u-Porter, u-Drummond Denshan, u-Peter Thompson, uDkt George Hughes no-Dave Cooke. Lesi sigungu sizodila noku-vikelwa kobhejane kanye noqeqesho emhlanganweni olandelayo okuhlelwe ukuthi ube ngasekupheleni kukaL-wezi. UMkhize ubamukele ngazo zombili lobu budlel-wano obusungulwayo phakathi kwabasebenzi abadala nabakhona njen-gamanje enhlanganweni. UKhabazela uthi akangabazi ukuthi lobu budlelwano bu-zokwenza ezeMvelo zibe na-mandla kakhulu futhi zikwazi ukubhekana nezingqinamba ngendlela ephusile.

AJABULE ngendle-la engachazeki amaKhosi ali-10

ngesikhathi abezeMvelo KZN Wildlife bewagixa-beza ngonyanyavu lwe-moto yohlobo lwe-Land Cruiser ezosetshenziswa yizivakasi ezihambela iNselweni Bush Camp ukubuka izilwane ehlathini.Abavakashi abahambele iHluhluwe-iMfolozi Park kule minyaka emibili ed-lule, babambe elikhulu iqhaza ekuthengweni kwale moto ngemali abayifaka esiKhwameni sesiVivane soMphakathi. Umnikelo wabo usize ezeMvelo ukuba zithenge lemoto elayisha aban-tu abali-10 edluliselwe kule-Camp ephethwe ngokuhlanganyela nga-maKhosi ali-10 akhele lesi siqiwi. Le-Camp in-gaphakathi esiqiwini.INselweni Bush Camp ivulwe ngokusemtheth-weni ngoZibandlela ka-2009. Selokhu ivuliwe, isiyenze inzuzo engu-R1.6 million no-R500 000 ophonswe esiVivaneni soMphakathi.UFundisiwe Dlamini on-

guMdidiyeli weMali ye-siVivane soMphakathi uthe yiwo kanye amaK-hosi aqhamuke nomqon-do wokuthi kuthengwe lemoto ebize u-R420 000. Ngaphezu kwalokhu, le mali yenze ukuba ku-fakwe izibandisi ezintsha eziyisishiyagalombili.Ngaphezu kwalokhu, ezeMvelo KZN Wildlife sezibeke eceleni u-R3.3 million wokwakha noku-faka ifenisha ezindlini ezimbili ezintsha nga-phezu kwalezi eziyisishi-yagalombili ezikhona, kanti amaKhosi acele ukuthi noma iyiphi indlu ibe nemibhalo ekhom-bisa ngomlando weSizwe seNkosi ngayinye.Egameni lamaKhosi, iNkosi Bonga Mdletshe weMdletsheni Tribal Au-thority ithe ukuseben-za kweNselweni Bush Camp, kusho ukufezeka kwephupho labo lemin-yaka.“Besingalindele ukuthi iNselweni yenze inzuzo enkulu kangaka ngoba isanda kuvulwa. Eqin-isweni nje, sithole u-R800 000 ngaphezu kwemali ebesibheke ukuyenza

kulesi sikhathi,” kusho uMdletshe.Uqhube ngokunxenxa wonke amaKhosi ukuba abambe iqhaza elibon-akalayo ekulweni nesi-hlava sokubulawa ko-bhejane abaconselwa amathe ngabazingeli abangagunyaziwe.Ube esegcizelela ekuthe-ni noma iyiphi indlu ku-mele iqukathe umlando weNkosi kanye noweSiz-we sayo.UWelile Mtshali oyiM-enenja yezokuVakasha eMpila uthe iNselweni ibhukhwe yagcwala mfi yizivakashi ezizothe-leka ngenyanga kaLwezi ka-2011. UDkt Bandile Mkhize onguMpha-thi oMkhulu wezeM-velo uthe: “INselweni yenza kahle kakhulu emkhakheni wezoku-vakasha. Kungekudala nje, ngizohlangana nen-kampani enentshiseke-lo yokusakhela itshe lesikhumbuzo sabase-benzi abashonela em-sebenzini. Leli litshe lizokuba khona lapha eNselweni Bush Camp,” kusho uNgunezi.

SIBUYISELA EMPHAKATHINI!

Page 10: Inkanyesi Zulu July Sept 11

10

Lisuke lahlala ngesikhathi ezeMvelo KZN Wildlife zivula ngokusemthethweni imidla-

lo yezeMvelo Cup e-Hiltop Resort, eHluhlulwe.Lo mqhudelwano kuhloswe nga-wo ukusimamisa ezemidlalo emi-phakathini edla imbuya ngothi. Udlalwa ngamaqembu ebhola lez-inyawo nawe-Netball aqhamuka emiphakathini engomakhelwano beHluhluwe-iMfolozi Park.Inhloso yalo mqhudelwano:

• Ukukhuthaza imiphakathi uku-gxilisa imiqondo yayo ezintweni eziya phambili.

• Ukuvulela abadlali ithuba lokuk-hombisa ikhono labo kunobhut-shuzwayo ngokunjalo nasebho-leni lomnqakiswano.

• Ukuqwashisa umphakathi ngo-bumqoka bokunakekela imvelo, kanye

• Nokwakha ubudlelwano bokuse-benzisana nemiphakathi.

UDkt Bandile Mkhize onguMphathi oMkhulu wezeMvelo uthe: “Sivulela intsha ithuba lokuveza ikhono layo kwezemidlalo siphinde siyitshele kabanzi ngokuguquguquka kwesi-mo sezulu. Sinomthwalo onzima wokulwa nokushintsha kwesimo sezulu ukuze sihlenge impilo yez-ingane zethu,” kusho uMkhize.Amaqembu asuke ekhiphana ink-

ani kulo mqhudelwano, avela nga-phansi kwezindawo zalamaKhosi ali-10 akleliswe lapha ngezansi okuyiwona akhele lesi siqiwi.

• Obuka Traditional Council ehol-wa yiNkosi Biyela,

• ISomopho Traditional Council eholwa yiNkosi Mthembu,

• IMhlana Traditional Council eholwa yiNkosi Mthethwa,

• IMpukunyoni Traditional Council eholwa yiNkosi Mkhwanazi,

• IMpembeni Traditional Council eholwa yiNkosi DJ Hlabisa,

• IMatshamnyama Traditional Council eholwa yiNkosi M Hlabi-sa,

• IMandlakazi Traditional Council eholwa yiNkosi Zulu,

• IZungu Traditional Council ehol-wa yiNkosi Zungu,

• IXimba Traditional Council ehol-wa yiNkosi Mlaba kanye ne

• Mdletsheni Traditional Council eholwa yiNkosi Mdletshe.

Lo mqhudelwano odlalwa minyaka yonke, uqale eminyakeni emitha-thu edlule kanti uxhaswe amaZulu FC, i-Nedbank, abakwa-Boxer Super Stores, i-Total SA, Ukhozi FM, i-Ka-tanga Parking Services kanye noDo-kotela wamehlo ozinze eThekwini.Kuzodlalwa imidlalo engama-24 kuhlanganisa owandulela owaman-qamu kanye nowamanqamu uqobo.

Amaqembu azoqhuthana amazenze yilawa:

• Mandlakazi Cheetahs,• Matshamnyama Rhinos,• Mdletsheni Duickers,• Mhlana Zebras,• Mlaba Giraffes,• Mpembeni Buffalos,• Mpukunyoni Bushbucks,• Obuka Leopard,• Somopho Lions kanye ne• Zungu Elephents.

Yonke imidlalo yebhola lezinyawo izodlaliswa ngonompempe abagu-nyaziwe esizobahlinzekwa yi-SAFA kanti imidlalo izokube ibhekwe nge-so lokhozi yisikhulu se-SAFA ukub-heka ukuthi konke kuhamba kahle yini.Amakilabhu ebhola azobanga u-R15 000 ozogoduka nompetha kwazise isibili sizothola u-R8000 kuthi isitha-thu sithole u-R4000 bese kuthi isine sithotshwe inhliziyo ngo-R2000.Kwelomnqakiswano, abazokudla ubhedu bazohamba no-R8000 kuthi isibili sithole u-R3000 ngesikhathi isithathi sizothola u-R2000 kanti isine sizohlomula ngo-R1000.Imidlalo izoqala mhla zingama-29 kuMfumfu ka-2011 bese isongwa mhla ziyi-16 kuZibandlela ku-2011 KwaMsani Sports Ground, eMtuba-tuba.

LADUMA!WALALA WASALA!

Page 11: Inkanyesi Zulu July Sept 11

11

WINAijakhethi yezeMvelo!

1. Iyiphi indawo obekubanjelwe kuyona i-Sports Day?

2. Kuyini ukuguquguquka kwesimo sezulu?3. Ubani oqongelela imali yokuhlenga obhejane

ngendlela engajwayelekile?4. Ngobani abanikele ngezinsiza kwiMfolozi Trail?

5. Iyiphi i-Bush Camp enikezwe unyanyavu lwe-Land Cruiser?

[email protected]

Odle ubhedu emncintiswaneni odlule kube ngu:Mvelo Msweli

Please contact Maureen on 033 845 1850

Thumela impendulo yakho ku:

Bhala igama ‘Inkanyezi Competition’ esikhaleni okubhalwa kusona isihloko.

Phendula lemibuzo eyisi-5 elapha ngezansi uzibeke

ethubeni lokuwina!

Umbono“Ukuba ngungqaphambili kwezokongiwa kwemvelo ehlukahlukene emhlabeni”

Injongo“Ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokongiwa kwemvelo wen-ziwa kahle futhi ukongiwa kwemvelo yaKwaZulu-Natali kwenziwa ngokubambisana nezinhlaka zethu, ukuze kuhlomule isizukulwane samanje nesangomuso”

Izimiso eziBalulekile• Ukwethembeka–ngasosonkeisikhathisisebenzangokwethem-

beka, senze ngendlela efanele kanye nangeqiniso.• Inhlonipho–sibekezelelaizinhlakaesisebenzisananazo,ngokuz-

ithoba sihloniphe amalungelo azo kanye nawendalo.• Ukubika–sibambisananezinhlakazethuezinhlelwenizenhlanga-

no ngokuvuleleka kanti futhi siyakwazi ukuphendula ngemiphu-mela yesikwenzayo.

• Ukusebenzangokubambisana–sisebenzangokubambisanauku-fezekisa umbono wethu ngokulandela izimpokophelo esinazo.

• Ukuphucuzeka–siyinhlanganoejwayelekayoesebenzisaisikolokwamukela imibono emisha nelokufunda.

• Ukwenzakahlekakhulu-siyinhlanganoenenqubekelaphambilifuthi esebenza kahle ukuzuza okusezingeni nokuseqophelweni eliphezulu.

• Ukuzibophezela–ngasosonkeisikhathisenzaumsebenziwethungothando, ngokwethembeka nangokuzinikela.

• Umkhiqizo–sizimiselengokukhiqizangesikhathi,ngendlelaeshe-shayo futhi efanele.

Umbono, Injongo kanye neziMiso

eziBalulekile

Page 12: Inkanyesi Zulu July Sept 11

12

EZEMVELO KZN Wildlife zigixabez-we ngengqayizivele

yethuba lokukhombisa ngezindawo zayo kuma-bonakude. Le nhlangano yamukele ngemfudum-alo ithimba lohlelo lo mculo wesintu i-Roots, oluboniswa ku-SABC 1 njalo ngamaSonto ngo-6h30 ntambama.Leli thimba ebelihlan-ganisa u-Tez Mothibe ongumqondisi wohlelo, uMabongi Mkhize opho-photha abazovela ku-TV, uMandisa Nkongani

onguMsizi woMdidiyeli wohlelo kanye noTebogo Mahlaela ongumethuli walo, livakashele eDidima kanye nase-Hiltop, kanti lithwebule iziqephu ez-intathu kulezi zindawo zethu ngenyanga yama-Gugu eSintu.Leli thimba elindiziswe ezeMvelo lisuka eGoli, lamukelwe ngezandla ezifudumele ngoVumani Phoswa, uMusa Mnt-ambo oyiMenenja yezo-kuXhumana kwezeMvelo no-Waheeda Peters oy-iMenenja yoPhiko kwa-

beziNdaba kwezeMvelo. Abanye ababe yingxenye yaleli thimba ngo-Lloyd Monyakane wakwa-SABC, uMthetheleli Mbonani ongumculi womculo wok-holo no-Unathi Cetywayo ongumethuli wezinhlelo osaqeqeshwa.Kuqalwe eDidima lapho kushuthwe khona iziqephu ezimbili kanti kuthwetshulwe ne-Rock Art Centre yodumo kule ndawo. EDidima kuqedwe ngabo-2 ntambama, ama-bombo ase ebheka eHil-top, eHluhluwe-iMfolozi

Park, kanti kuze kwaqalwa ukushuthwa ngakusasa.Ithimba lihlabeke umx-hwele ngelikubone eHluhluwe kanti ligci-zelele ukuthi lizobuya noma yikanjani lizozitika ngobumnandi bempilo yasendle. Ngenhlanhla leli thimba likwazile uku-thwebula amadube, ob-hejane nezinye izilwane. Ithimba le-Roots lizobuya futhi ngasekupheleni konyaka lizoshutha ezinye futhi iziqephu.

ABE-ROOTS BAVAKASHELE EZEMVELO

bazobuya kungekudala!