Post on 19-Mar-2020
I-ANEMIYA: IZIMPAWU NENDLELA
YOKUYELAPHA
ISILUNGULELA: INGABE SIYAKUHLUPHA?
sigxila
ngokukhethekile
ekunceliseni
ibele
UMPHATHISWA UDHLOMO UQINISA AMAGXATHU OKULWA NENGCULAZI
UKUNCELISA IBELE: KUNGCONO KAKHULU
KUMNTWANAOKUQ
UKET
HWE
AGASTI 2012
“Omama abanempilo bakhulisa izingane ezinempilo. Izingane ezinempilo zikhula ziqine futhi zifunde kangcono zisize ekwakheni imiphakathi ephumelelayo. Uhlelo lwezempilo olunakekela omama nezingane luzonakekela umphakathi wonke” - KuMphathiswa Wezempilo eKZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo
EZEMPILO EKZN ZIHALALISELA ABESIfAZANE
KULE NYANGA YABESIfAZANE
EZEMPILO EKZN ZIHALALISELA BONKE ABESIfAZANE IKAKHULUKAZI ABASEBENZI BETHU BEZEMPILO ABANGOMAMA ABAZINIKELE
NGOMSEBENZI WABO WOKUZIKHANDLA NOKUZIBOPHEZELA KWABO EKWENZENI UMAHLUKO EKUNAKEKELWENI KWEMPILO ESIFUNDAZWENI SAKITHI.
Sifisa ukusebenzisa leli thuba ukugcizelela ukuzibophezela kwethu ekuthuthukiseni impilo yabesifazane ngokubanika amakhono, amathuba kanye nokubeseka kuyo yonke imikhakha yentuthuko yabo.
Kusukela emihlanganweni yezebhizinisi kuya
emadladleni, kufanele siqine futhi sibambisane ekulweni nokuphathwa kwabesifazane
ngodlame. Kufanele sibe nesibindi sokuthi ukulinyazwa
kowesifazane oyedwa kuwukulinyazwa kwezwe lilonke, ngoba abesifazane bangomama besizwe sakithi!
Umlayezo Ovela…
‘S isesikhathini esiyingqayizivele emlandweni wobhubhane lwengculazi’, babelokhu besho kanjalo abantu bomhlaba wonke ngenyanga edlule eNgqungqutheleni Yengculazi Yamazwe Ngamazwe eWashington.
Njengesakhamuzi saseNingizimu Afrika, iNgqungquthela Yengculazi yayiyithuba lokujabula nokuziqhenya ngentuthuko esesiyifinyelele ekulweni nalolu bhubhane. Okuphawuleka kakhulu ukuthi umhlaba wayibungaza ngazwilinye intuthuko esiyenzile kule mpi, ikakhulukazi intuthuko ekunciphiseni ukusakazeka kwegciwane lisuka komama liya kubantwana babo.
Njengoba sigubha iNyanga Yabesifazane, ngifisa ukusebenzisa leli thuba ngibonge abesifazane ezweni lakithi ngokusihola ohambweni esibe nalo kuze kube manje kanye nethuthuko esesiyenzile.
Ukusindisa ukuphila kwabantwana abasanda kuzalwa kuyisibopho sethu esikhulu kanye nokubaluleka kokuthuthukisa amathuba okusinda kwabantwana. Ukuqinisekisa ukuthi abesifazane banethuba lokukhetha ukuthi bayabafuna yini abantwana nokuthi bazoba nabo nini, baba nesikhathi sokukhulelwa esiphephile, futhi okubaluleke nakakhulu, ukuthi abantwana babo abanayo i-HIV futhi banethuba lokukhula baze babe badala. Lokhu kusiza izwe lakithi ukuba lifinyelele imigomo yalo yezentuthuko futhi lithuthukise impilo yezigidi zabantu.
Intuthuko enkulu esiyibonile ekunciphiseni ukusakazeka kwegciwane lisuka komama liye kubantwana babo ngemishanguzo ilethwe ubuholi obuvela kwabesifazane. Abesifazane yibo abaqhubeka behola emkhankasweni woKwelulekwa Nokuhlolelwa I-HIV (HCT), uhlelo lokwelapha ngemishanguzo (i-ART) kanye nokusetshenziswa kwe-PMTCT.
Abesifazane abangaphezu kuka-55% basemkhankasweni wethu we-HCT kanti abangu-53% basohlelweni lwethu lwe-ART. Sikwazile nokunciphisa ukusakazeka kwegciwane lisuka komama liya kubantwana babo ngo-24% eminyakeni eyisithupha edlule kuya ku-2.3% njengamanje.
Ngifisa nokubonga abesifazane bethu abangabahlengikazi, ababelethisi nabanakekeli bomphakathi ebesingeke sifinyelele intuthuko engaka ngaphandle kwabo. Ngaphandle kwemisebenzi esindayo enishiya ninomuzwa wokuthi anikwazi ukuqeda bonke ubuhlungu futhi niye ekhaya izinyawo zimfimfitha nezinhliziyo zibuhlungu; sifisa ukunibonga futhi sinikhumbuze ukuba niqhubeke nigcine isibani nothando lwenu luvutha.
Ngomoya womfelandawonye owawukhona eNgqungqutheleni Yengculazi Yamazwe Ngamazwe, ngifisa ukukhumbuza abesifazane bakithi nokuthi ‘izinselele ezingaphambili zinkulu’ futhi ‘umphumela wokwehluleka kwethu uyoba mkhulu nakakhulu’. Siyanihalalisela futhi sinxusa zonke izakhamuzi (ikakhulukazi amadoda), ngomoya womfelandawonye nobumbano, ukuba
zivuselele umuzwa wokuphuthuma ukuze sandise imizamo yethu yokuqinisekisa ukuthi sithatha isinyathelo ngalokho esikwaziyo.
Ndawonye; masakhe iNingizimu Afrika engcono nenempilo.
KuMphathiswa Wezempilo eKZN, uDkt
Sibongiseni DhlomoKZN HEALTH HOD, UDKT Sibongile Zungu
KZN HEALTH MEC, UDKT Sibongiseni Dhlomo
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
i-aneMiYa: IZIMPAWU NENDLELA YOKUYELAPHA
inYanga YabesiFaZane: INGABE ULINDELE AMAWELE? KONKE OKUFANELE UKWAZI
iZinsuku ZokuQWashisa ngeZeMPilo: U-AGASTI YINYANGA YABESIFAZANE
kZn neWs: UMPHATHISWA UDHLOMO UQINISA AMAGXATHU OKULWA NENGCULAZI
ukuncelisa ibele: KUNGCONO KAKHULU KUMNTWANA
isilungulela: INGABE SIYAKUHLUPHA?
okuPhakathi AGASTI 2012
• Inhlanzi – ikahle kakhulu ekukhuleni
kobuchopho bengane yakho.
Phuza ubisi oluningi ukuze uthole
ikhalisiyamu ethe xaxa ngesikhathi
ukhulelwe – luyasiza nasekunceliseni ibele!
Khumbula, uma unempilo enhle, nengane
yakho izoba nempilo enhle. Bhalisa
kusenesikhathi ukuze umhlengikazi
emtholampilo akwazi ukuqapha kahle
ukukhula kwengane, umfutho wegazi futhi
akwazi ukuthola noma yimiphi imiphumela
yegazi ngokushesha bese eyisukumela
ngokushesha uma kukhona okushaya
amanzi. Abantwana bamunca yonke into
abayidingayo ngenongwana, ngakho
kukuwe ukuba uqinisekise ukuthi uthola
umsoco owanele nengane yakho iwuthole.
Yidla kahle ngesikhathi ukhulelwe, kusiza
ekukhuleni kwengane yakho futhi kukunika amandla owadingayo okunakekela ingane!
KUNGANI SIDINGA I-AYONI? I-ayoni isiza imizimba yethu ukuba yenze
amaseli abomvu egazi athwala umoya-mpilo
egazini lethu kuwo wonke umzimba. Lokhu
kusiza izitho zomzimba ezinjengamaphaphu
ukuba zisebenze kahle. Uma ingekho i-ayoni
eyanele, izitho zethu ngeke zisebenze kahle,
okuyinto eyenza abantu abangenayo i-ayoni
eyanele bazizwe benesiyezi, bekhathele futhi
bephelelwa umoya.
ISIDINGO SE-AYONI KOMAMA ABAKHULELWE
Kuvame kakhulu ukuthi omama abakhulelwe
bangabi nayo i-ayoni eyanele kodwa
kudingeka ihlolwe ukuze ingehleli ngezansi
kwezinga elifanele. Yingakho kubalulekile
ukuhlolwa njalo ukuze isisebenzi sezempilo
sikwazi ukuhlola amazinga akho e-ayoni
futhi sikweluleke ukuthi udle ini uma sibona
ukuthi udinga ukukhuphula izinga le-ayoni.
Singase sikukhuthaze nokuthi uphuze
amaphilisi e-ayoni ukuze akusize.
YIDLA UKUDLA OKUNEMPILO
Ungaqinisekisa ukuthi uthola i-ayoni eyanele
ngokudla ukudla okufanele – ikakhulu lokho
okuqukethe i-ayoni eningi! Lokhu kudla
kuhlanganisa imifino eluhlaza kakhulu
enjengesipinashi. Okunye ukudla okuhle
ekukhuphuleni amazinga e-ayoni yilokhu:
• Amaqanda
• Inkukhu noma isibindi esingaxutshwe
nalutho.
Ingabe uhlale
ukhathele?
Uphefumula kanzima?
Unesiyezi?
I-ANEMIA Kungenzeka ukuthi unesifo se-
anemia, okusho ukuthi awunayo ivithamini eyanele ebizwa ngokuyi
yi-ayoni emzimbeni wakho.
INYANGA YABESIfAZANE
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza: U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUDERICK MATSENGARWODZITHEMBA MNGOMEZULUDUDLEY VIALLTANYA CAMPHER
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini!P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: editor@ezempilohealthmatters.co.za ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
WATHINT’ ABAfAZI, WATHINT’
IMBOKODO, YOU STRIKE A WOMAN,
YOU STRIKE A ROCK!
U-AGASTI
Masivumeni; omama bathwele kanzima emizini eminingi namuhla, yize
sesizohlanganisa iminyaka engu-20 singaphansi kokubusa kwentando yeningi. Njengabantu besifazane, sisasebenza kanzima, futhi sisebenza kanzima nakakhulu uma sisebenza ngaphandle. UMphathiswa Wezempilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo uyigcizelela kakhulu indima nesimo somama futhi uyaqhubeka ecela omama ukuba babambe iqhaza ekwakheni ikusasa labo – njengomama nabondli. Njengoba sigubha u-Agasti Inyanga Yabesifazane, uDkt Dhlomo uyaqhubeka enza leso sicelo – ikakhulu ngokukhuthaza amantombazane asafunda ukuthi angasiyeki isikole. Inani lamantombazane akhulelwa emancane lithusa wonke umuntu – lisho ukuthi kuzoba nesizukulwane somama abasha abangafundile abazoba nobunzima bokuzinakekela bona futhi bondle izingane zabo njengoba bengenayo imfundo eyisisekelo. Njengomphakathi, kufanele sikhuthaze abafundi ukuba baqhubeke nesikole baze basiqede – bakhohlwe abafana, bangakhulelwa futhi bayeke o-sugar daddy ngoba abekho ekusaseni lamantombazane amancane!
UKUNGONDLEKI KAHLE
Ukungondleki kahle kuyinkinga evamile
futhi ethikameza impilo kubantu besifazane.
Njengomphakathi, kaningi sibeka izaba
zokuthi ‘abesilisa badla kakhulu’ bese
abesifazane banikela ngokwabo ngenxa
yabesilisa endlini. Ukungadli kahle kumuntu
wesifazane kusho ukuthi lapho esemusha
ukhula kancane kakhulu, abe amathambo
angakhuli kahle futhi aqale ukuhlushwa
impilo ebuthakathaka, kuhlanganise
nokukhathala, ubuthakathaka kanye
ne-anemiya (iphrotheni esegazini). Uma
owesifazane onenkinga yokungondleki
kahle ekhulelwa, kungenzeka abenezimo
ezibucayi zenkinga yokubeletha,
njengokopha kakhulu okungaholela ekufeni,
ukutheleleka ngegciwane, noma usana
oluzalwa luluncane kakhulu.
AMAGCIWANE ATHATHELWANA NGOCANSI NENGCULAZA NEGCIWANE LAYO
Owesifazane usengozini enkulu yokuthola
amagciwane athathelwana ngocansi
noma ingculaza negciwane layo ngoba
kaningi abanazwi empilweni yocansi
nempilo kanti abaningi abenqabi ukuya
ocansini ngaphandle kwekhondomu
besaba ukuphatha kabi owesilisa. Uma
isidoda sihlala emzimbeni wowesifazane
amagciwane okungenzeka siwathwele
angangena egazini lakhe, futhi njengoba
kaningi owesifazane engabi nazo
MASIBAMBISANENI SIGxILISE LE MFUNDISO FUTHI SIqINISEKISE UKUTHI ABAFUNDI BAMANTOMBAZANE EMIPHAKATHINI YETHU BAKHUTHAZWA UKUBA BAqEDE ISIKOLE – LOKHO KUYISIHLUTHULELO SEKUSASA LABO.
izimpawu zokutheleleka, uzohlale engazi
ukuthi usethelelekile futhi angakutholi
ukwelashwa. Ngaphandle kokwelashwa,
izifo ezithathelwana ngocansi zingabangela
ubuhlungu obungakhubaza, nesifo esinzima
esiphathelene nonkimfi, ukungazali,
izinkinga ngesikhathi ekhulelwe, ukukhula
kwengozi yomdlavuza wesibeletho ngisho
nokufa.
UDLAME
Udlame olubhekiswe kubantu besifazane
inkinga yezempilo, hhayi nje inkinga
yomphakathi. Udlame olubhekiswe kubantu
besifazane lukhinyabeza indlela acabanga
ngayo, imizwa nempilo yakhe. Abesifazane
abaningi basaphoqelelwa ukuba baye
ocansini noma bahlukunyezwe ophathini
babo uma benqaba. Ukudlwengulwa kaningi
akubikwa. Khuluma futhi ulawule impilo
yakho, ungathuli!
“Omama abanempilo bakhulisa
izingane ezinempilo. Izingane
ezinempilo zikhula ziqine futhi zifunde
kangcono zisize ekwakheni imiphakathi
ephumelelayo. Uhlelo lwezempilo
olunakekela omama nezingane
luzonakekela umphakathi wonke”
- uMphathiswa Wezempilo
uDhlomo
LAPHO UNGATHOLA KHONA USIZO UMA USHAYWA
abantu besifazane akufanele bafele
ngaphakathi, kodwa kufanele bakhulume
uma beshaywa. Yize kungelula, bakhona
abantu abangakusiza ukuba wenze lokhu.
nalu usizo uma ungumuntu oshaywayo:
• I-Commission on Gender Equality
031 305 2105
• I-Open Door Crisis Care Centre
031 709 2679
Yinyanga YABESIfAZANE
njengomama: Singafundisa amadodana ethu ukuba abe nomusa ukuze akhule abe
obaba nabayeni abalungile.
Singafundisa amadodakazi ethu ukuba azihloniphe ukuze alindele inhlonipho nakwabanye.
Singawafundisa amadodana ethu ukuthi nawo enze imisebenzi yasendlini, ukuze odadewabo, amakhosikazi namadodakazi angabulawa ukwenza lo msebenzi wodwa.
Singafundisa amadodakazi ethu ukuthi afunde ukuzimela ngokuqeda isikole bese efundela ikhono elithile.
Singafundisa amadodana ethu ukuba ahloniphe bonke abantu besifazane futhi uma indodana yakho inentombi elala nayo kufanele ibonise ukuvuthwa emqondweni.
Konke kuqala ekhaya
AGASTI 1-7: IVIKI LOMHLABA WONKE LOKUNCELISA IBELE
OGOGO, abahlengikazi nodokotela bonke bavumelana ngento eyodwa – ukuncelisa ibele yinto enikeza ingane yakho isiqalo esihle kakhulu empilweni. Lokho kungenxa yokuthi wubisi lwebele kuphela oluqukethe izithako zokudla ezisiza ingane yakho ukuba ikhule kahle, futhi lunezinye izithako ezikhethekile ezivikela
ISIZATHU SOKUYEKA UBISI LWEBHODLELA OLUTHENGWAYO
Kodwa i-HIV ne-AIDS yenza abantu bakhathazeka
lapho bezwa ukuthi leli gciwane lingadlulela
enganeni ngokuyincelisa ibele. Abanye banquma
ukuthi mhlawumbe ukuncelisa ingane ibhodlela
kuphephe kakhudlwana futhi bazama lokho. Kodwa,
imiphumela iye yabonisa ukuthi ukuncelisa ingane ubisi
lwebhodlela oluthengwayo kunengozi enkulu. Izingane
ezine-HIV zisemathubeni aphindwe kabili okushona uma
zincela ubisi lwebhodlela oluthengwayo, okungesinye
isizathu esenza abeZempilo e-KZN banqume ukuyeka
ukunikeza omama ubisi lwebhodlela kuzo zonke izibhedlela
nemitholampilo njengendlela yokuqala yokudla kwengane.
une-HIV?Ngemva kweminyaka eminingi yokukhuthaza ubisi lwebhodlela oluthengwayo, manje odokotela bavumelana ngokuthi ukuncelisa ingane yakho ubisi lwebhodlela kubeka impilo yayo engozini. Ubisi lwebele luqinisa umzimba wengane kanti ubisi lwebhodlela alusondeli nokusondela. Yingakho izifo ezithathelwanayo (njengesifo sohudo nezifo zesifuba) zibulala izikhathi ezingu-10 izingane ezincela ubisi lwebhodlela oluthengwayo kunalezo ezincela ibele – okuyisizathu esenza odokotela bathi ukuncelisa ingane yakho ibele yinto ennhle kakhulu ongayenzela usana lwakho.
nazi izizathu ezine ezinkulu zokuba ucabangele ukuvikela ingane yakho ngokuyincelisa ibele:
1 ENingizimu Afrika, isifo sohudo sibulala cishe izingane ezingu-10 000 ezingaphansi kweminyaka emihlanu
ngonyaka – okusho ukuthi kufa ezingu-25 ngosuku. Eziningi zazo yilezo ezazincela ibhodlela elalingenziwanga ngendlela ephephile noma elingabekwanga laphepha.
2 Kuyinhlolovo eyenziwa emitholampilo yaseNingizimu Afrika enakekela omama abakhulelwe nabantwana,
amabhodlela amabili kwamathathu alethwa atholakala enamagciwane abangela isifo sohudo – nangabulala ingane.
3 Amafriji, ngisho nawasezibhedlela, awahlali ebanda ngokwanele. Ngakho, kwakheka amagciwane ayingozi
obisini lwebhodlela oluthengwayo ngaphambi kokuba luncelwe yingane.
4 Ukuncelisa ibele kuyimvelo, kumahhala futhi kunempilo kakhulu. Ubisi lwebhodlela luyabiza,
okuyisizathu esenza umama oyedwa kwabathathu asebenzise isikali esiphansana sobisi lwebhodlela oluthengwayo – kodwa lokho kuyikhinyabeza kakhulu impilo yengane nokukhula kwayo. Izingane ezincela ubisi lwebele olwanele zikhula zibe zinde, ziqine, zibe yimiqemane futhi zikhaliphe kakhudlwana, zize zihole kangcono uma sezingabantu abadala.
Ungancelisa yini Uma Ekugcineni, manje wonke umuntu useyazi ukuthi ukuncelisa ibele yiyona ndlela engcono kakhulu, kungakhathaliseki ukuthi une-HIV noma cha – kodwa kufanele uqikelele ukuthi uncelisa kanjani uma une-HIV, futhi ukuze sikusize wazi, nazi iziqondiso ezimbalwa ezivela kodokotela:
Qiniseka ukuthi udla imishanguzo ye-ARV noma ingane
yakho ithola i-nevirapine (khuluma nesisebenzi sezempilo
ngalokhu).
Ezinyangeni zokuqala eziyisithupha, ingane yakho kumelwe
incele ubisi lwebele – ubisi lwebele kuphela.
Ungalokothi uyinike ijusi ngisho namanzi imbala uma
yomile – yinike ubisi lwebele kuphela kuze kuphele
izinyanga eziyisithupha. Ubisi lwebele lunamanzi anele
angaqeda ukoma enganeni yakho.
Qala ukuyinika ukudla okuqinaqinile ngemva kwezinyanga
eziyisithupha.
Uma ushiya ingane nomuntu oyigadayo, khiphela ubisi
lwebele ebhodleleni ukuze oyigadayo ayinike lona uma
sekuyisikhathi sokuncela. Luhlala luphephile ngaphandle
kwefriji amahora afika kwayisithupha.
Uma kukhona ongabaza into oyenzayo, mchazele ukuthi
kungani ukuncelisa ibele kuhamba phambili, nokuthi bonke
odokotela nemitholampilo sebekhuthaza ubisi lwebele
kuphela!
IZINSUKU ZANGO-AGASTI
INYANGA YOKUNIKELA NGESITHO SOMZIMBA Badingeka kakhulu abantu abanganikela ngezitho zomzimba ukuze kusindiswe
abantu abaningi abanezifo ezibulalayo. Kodwa uhulumeni uye waxwayisa abantu
ukuthi bangagetshengwa ngokuthengisa izitho zabo zomzimba ukuze bathole imali
– lokho kuwukwephula umthetho. Ukusindisa impilo yomunye umuntu akudingeki
kwenziwe ngobugebengu, ungenza umahluko ezimpilweni zalabo abadinga
usizo, khuluma nesisebenzi sezempilo ngokunikela ngesitho somzimba, kodwa
ungakhohliswa yizigebengu ezifuna ukwenza imali ngokuthi uthengise ezakho
izitho zomzimba!
ZOKUQWASHISWA
INYANGA YABESIfAZANE KAZWELONKEWathint’ abafazi wathint’imbokodo
Ngomhla ka-9 Agasti 1956,
omama abangu-20,000 bamasha
belwa nomthetho wobandlululo
owawuphoqa abesifazane ukuba
baphathe “amapasi”. Ngemva
kokubeka isikhalazo sabo, baqala
ukucula ingoma ethi ‘wathint’ abafazi,
wathint’ imbokodo’ ewuphawu
lwesibindi namandla omama
baseNingizimu Afrika njengabenzi
bezinguquko. Ngenxa yalokho,
unyaka nonyaka uSuku Lwabesifazane
lugujwa njalo ngomhla ka-9 Agasti
ukuze kukhunjulwe indima yomama
ekulweni nobunzima bobandlululo.
USUKU LWENTSHA Usuku Lwentsha Lwamazwe Ngamazwe lwasungulwa yi-United Nations ngomhla ka-12 Agasti 2000. Injongo yalolu suku wukuqwashisa intsha yamazwe ngamazwe, ukuqwashisa ngendima yabo nangezidingo zabo emphakathini. Iyisizukulwane sakusasa, ngakho kumelwe siyisize ukuthi iphile ngendlela efanele!
12
IVIKI LOMHLABA WONKE LOKUNCELISA IBELE Ngemva kweminyaka eminingi ogogo bemi kwelokuthi ubisi lwebele luhamba phambili, odokotela nabo sebevumelana nalokhu! Kuleli viki, abezempilo emhlabeni bazogxila ekukhuthazeni omama ukuba bancelise izinsana zabo ubisi lwebele, ngoba ubisi lwebele luhamba phambili. Luqukethe yonke into edingwa yingane ukuze ivikeleke ezifweni, pho kungani sishintsha into esebenza kahle?
1-7
IVIKI LEMITHI YESINTU Ngenxa nje yokuthi sifunda okuthile ngemithi yesimanje akusho ukuthi akusafanele
sibonge futhi sihloniphe izindlela zesintu zokwelapha. Kuleli viki kuzogxilwa
ekuqwashiseni abantu ngokubaluleka kwendima yabelaphi besintu. Kubalulekile
ukukhumbula futhi ukuthi abelaphi besintu bavunyelwe wuMnyango Wezempilo.
28-31
IVIKI LE-RHEUMATIC fEVER I-Rheumatic fever yisifo esibi kakhulu
esivame ukuhlasela izingane
nentsha. Sihlasela izingxenye
ezihlukahlukene zomzimba,
njengamathambo, isikhumba, isimiso
sezinzwa nobuchopho. Singaqala
ngemva kwe-infekshini embi
njengomphimbo obuhlungu. Alikho
ngempela ikhambi lalesi sifo kodwa
imithi ingadambisa ubuhlungu.
Ukuze uthole ukwelulekwa okuhle
kakhulu, khuluma nesisebenzi
sezempilo noma thinta aBezempilo
e-KZN ku-0800 00 5133.
6-12
KWA- BANTU
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
KZN HEALTH
uMphathiswa wezeMpilo uDkt sibongiseni Dhlomo uthi kumjabulisile ukuthola abaholi bamazwe omhlaba
kanye nezigagayi ezizabalazela ukuphela kwengculazi emhlabeni zikhuluma kahle nge Ningizimu Africa.
Lelizwe okwaziwayo ukuthi linesibalo esikhulu sabantu abaphila
negciwane ukuwadlula onke amazwe emhlabeni linconyiwe
ngezinhlelo elinazo kusukela ngenkathi uMongameli Jacob
Zuma ememezela ngo 2009 ukuthi sekuzosetshezwa ngendlela
ephuthumayo uma kubhekwana nengculazi.
INingizimu Afrika kumanje isithathwa njengezwe eliyisibonelo
nakwamanye amazwe kulomkhankaso wokuqikelela ukuthi
isizukulwane esizayo kufanele kube yileso esingenalo igciwane
lengculazi. Okunye okuqhakambisiwe kuleyangqungquthela
ukuphumelela kwalelizwe kulezinhlelo:
• Ukufaka inani labantu abangu 1.7 million ohlelweni lwemishanguzo
(Antiretroviral treatment);
• Ukugqugquzelela inani labantu abavile ku 20 million ukuthi
beze phambili bazohlolelwa igciwane lengculazi esikhathini
esingangonyaka nje owodwa;
• Ukuhlonipha ikhwelo leSilo Samabandla onke ukuthi kubuyiswe
usiko lokusoka kanye nokuphumelela kwalomkhankaso, kanye
• Nokuphumelela kwezinhlelo zokunciphisa ukusuleleka kwezingane
ezizalwayo ngegciwane lengculazi komama abaphila nalo. Lapha
kuveziwe ukuthi kulelizwe ngonyaka ka 2008 zazingu 8% izingane
ezithintekayo kwathi ngo 2010 kwehlela ku 3.5% kanti ke ngonyaka
ka 2011 sekwehlele ku 2.7%.
uMphathiswa uDkt Dhlomo uthi konke lokhu kuyakhuthaza
kakhulu futhi kuzoba yimbangela yokuthi kuqiniswe imikhankaso
yokuthi abantu beze phambili bezohlola, abantu besifazane
baye emitholampilo uma bekhulelwe ukuze izingane zabo
zingezukusuleleka, ngokunjalo nabantu besilisa beze bazosoka ukuze
bazivikele kulombulalazwe.
uMphathiswa uDkt Dhlomo uthi inkulumo kaNobhala weZizwe
kwelase America u Madam Hillary Rodham Clinton imgeze igilo
njengoba ememezele kuyo lengqungquthela ukuthi izwe lakhe
lizoqhubeka nokweseka izinhlelo zokulwisana naleligciwane
kusetshenziswa inhlangano eyaziwa ngele PEPFAR ezonikezwa
isimba sika 40 million US dollars wokusetshenziswa yilelizwe ukuthi
lisoke amadoda anguhafu wesigidi esikhathini kulonyaka ozayo.
NEWSZimjabulisile ezikhulunywe kwi-International AIDS Conference
2012 ekade ibanjwe eWashington DC kwelase America uMphathiswa wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Ngemva kokudla inkukhu emnandi ethengiwe ayithanda
kakhulu, uBusi, umama ophakathi ngeminyaka nonezingane
ezine kuba sengathi uyasha esifubeni nasemphinjeni, kube
khona nobumuncu. “Ngivamise ukuzizwa ngale ndlela uma
ngidle ukudla okunamafutha futhi angilali kahle kuze kube
yilapho lokhu kushisa sekudambile, futhi kuvame ukudamba
ngemva kwamahora,” uyachaza.
ISILUNGULELA
YINI EBANGELA ISILUNGULELA?
•Izinhlobo ezithile zokudla
njengoshokoledi, ukudla okuthosiwe,
okunamafutha nokunezipayisi, ikhofi,
ijusi notshwala.
•Ukudla ukudla okuningi ngesikhathi
esisodwa noma ngaphambi kokulala.
•Ukucindezeleka esiswini okudalwa
yizingubo eziqine kakhulu, ukugoba,
ukukhuluphala kakhulu nokukhulelwa.
•Izinhlobo ezithile zemithi.
•Ukubhema.
•Ukukhathazeka kakhulu okwenyusa
i-asidi yesisu futhi kwenze ukudla kwehle
kancane.
IZIMPAWU
Ukuzwa ukushisa kwesifuba okwenyuka
nomphimbo nentamo futhi kuthathe
imizuzu embalwa kuya emahoreni
ambalwa. Ngemva kwalokhu kulandela
ubumumcu emlonyeni kube nzima
nokugwinya; futhi kuba nzima
ukuphefumula.
Ukuze welaphe isilungulela kufanele ushintshe indlela yokuphila nokudla okudlayo asikho isidingo sokuhlushwa
yisilungulela, nguwena ongashintsha lesi simo!
Kwenzeka okufanayo yini nakuwe?Indlela uBusi azizwa ngayo ivamile. Into emphathayo ibizwa ngokuthi
“yisilungulela” (heartburn), kodwa odokotela bathi lokhu akuhlangene
nhlobo nenhliziyo. Kunalokho, yinkinga yesisu eyenzeka uma i-asidi
esesiswini sakho ikhuphuka iye ngasemphinjeni ibangele lokho
kungaphatheki kahle – ikakhulu ngemva kokudla.
NGINGASILAWULA KANjANI ISILUNGULELA?
Yidla ukudla okuncane izikhathi eziningana kunokuba udle intaba yepuleti ngesikhathi esisodwa.
Ungaphangi.
Ungalali usuthi kakhulu.
Funda ukuthi yikuphi ukudla okukubangela isilungulela bese ukugwema – njengekhofi, utshwala, ushokoledi, ukudla okunesipayisi nokungenampilo.
Yeka ukubhema.
Vivinya umzimba ukuze wehlise isisindo futhi unciphise ukucindezeleka esiswini sakho futhi unciphise izikhathi zokuphathwa yisilungulela.
Phuza izinto ezifudumele njengamanzi ukuze wehlise ukudla ngemva kokudla.
Omama abakahle ne-Huggies® Dry comfort kugcina ingane yomile futhi ijabule!® Registered trademark/*trademark of Kimberly-Clark Worldwide Inc. © 2011 KCWW
Omama abakahle nabo badinga ukulala kamnandi!
…. Ingane ayibe isahlushwa inabukeni elimanzi, ngakho wonk’ umuntu ulala
kamnandi!
Yingakho bethemba izinhlobo ze-Huggies® eziyingqayizivele ze-Dry Comfort ezisiza ingane ilale zwi ubusuku bonke. La
manabukeni abamba ukoma enza ingane ihlale yomile amahora afika ku-9.
BABYCORNER thula thula Mama...
Ukwenzela ingane yakho okungcono kakhulu kusho nokuzenzela wena okungcono kakhu-lu! Ukuvuka njalo ebusuku akukuhle kuwe noma enganeni yakho. Kusho ukuthi uzohlala ukhathele, ukhungathekile usuku lonke – futhi ungabi mnandi enganeni yakho! Okubi na-kakhulu ukuthi uma ungumama osebenzayo nomsebenzi wakho ungaphazamiseka.
Yingakho-ke omama abahlakaniphile bese-benzisa i-Huggies® Dry comfort Nappies. La manabukeni e-Lock Dry enzelwe ukugcina in-gane yakho yomile isikhathi eside. Ubungcweti obusetshenzisiwe obubamba umchamo buqinisekisa ukuthi ingane yakho ngeke ivuke ebusuku ngenxa yenabukeni elimanzi. Lokho kusho ukuthi ingane izolala isikhathi eside, ingavuki njalo, futhi uma ilala isikhathi eside, nomama ulala isikhathi eside!
Ukuba wumama okahle wum-sebenzi wosuku lonke – kusho ukunakekela ingane emini kodwa ikakhulu ubusuku bonke, ngoba izingane eziningi zivuka njalo ebusuku zincele zishintshwe nenabukeni. Omama abaningi bacabanga ukuthi ukungalali kah-le nokuvuka ukhathele ungenam-dlandla ezinye zezinto omama okumelwe bazenze…Akulona iqiniso lelo!
Umama okahle
ngumama okhathele…
Ingabe kunjalo?lutho neze!
UKUGxILA EKUKHULELWENI
Abesifazane abaningi abakhulelwe bayesaba uma bezwa ukuthi bakhulelwe amawele. Ukukhulelwa amawele kusho ukuthwala isisindo esikhulu ngakho nenhliziyo yakho izosebenza kanzinyana, ikakhulukazi ngezinyanga zokugcina lapho izinsana ziqala ukukhula. Uyokuzwa futhi nesisindo esikhudlwana emhlane, namathambo akho angase aqhele endaweni yawo – njengamathambo okhalo ngenxa yesisindo. Isisindo esikhulu esinyeni sakho singase sikubangele izinkinga zesinye, okwenza kubaluleke ukuba udamane uyohlolwa zikhathi zonke.
IZINKINGA EZIVAME KAKHULU OKUDINGEKA UZIQAPHE NGESIKHATHI UKHULELWE
• Isifo somchamo – Izinkinga endleleni ochama ngayo ezibangelwa amaprotheni amaningi ngokweqile emchamweni wakho.
• Isifo senhliziyo - Izifo ezibangela ukuba inhliziyo nezinso kusebenze kanzima
• Ushukela ngesikhathi sokukhulelwa – Izinga eliphansi/elikhulu likashukela ngesikhathi usakhulelwe kuphela
• Ushukela ngaphambi kwesikhathi sokukhulelwa – Izinga eliphansi likashukela ngemva kokukhulelwa
• Isifo sokuwa – Ukuphazamiseka kobuchopho okubangela ukuba umuntu ahlaselwe kanzima ukugula. Abesifazane abakhulelwe abahlushwa Isifo Sokuwa basemathubeni amakhulu okubeletha ingane enokukhubazeka.
• Izinga eliphansi legazi – lapho umzimba ungenawo amangqamuzana egazi abomvu anele ukuthwala umoya ezithweni zakho zomzimba.
• Izifo ezithathelwana ngocansi – Lezi zifo zingalimaza ingane yakho futhi kufanelwe zelashwe ngokushesha lapho ubona inkinga ngoketshezi oluphumayo.
• Isifo Sofuba Samaphaphu (PTB) – Isifo esibangelwa amagciwane akhula emaphashini, abangela kube nzima ukuphefumula.
• Inkinga yokuphakama komfutho – Umfutho ophakeme wegazi ngesikhathi ukhulelwe obangela ukuba uhlaselwe kanzima ukugula ngesikhathi ukhulelwe.
Ngenxa yokuba semathubeni amakhulu engozi,
kuyodingeka ukuba uyinakekele ngendlela
ekhethekile impilo yakho. Qaphela okunye kwalezi
zinto ezilandelayo bese uzibika esisebenzini
sezempilo ngokushesha ngakunokwenzeka:
Ikhanda elibuhlungu kakhulu
Ukopha kwesitho sangasese
Ukunyakaza kancane kosana
Izinhlungu ezinkulu esiswini.
NAKISISA KAKHULU UMA ULINDELE
amawele
Khumbula, ukukhulelwa okunempilo kuxhomeke kuwe. Kubalulekile ukuhamba uyohlolwa njalo ukuze uqiniseke ukuthi wena nosana niphila kahle. Uma isheshe itholakala inkinga, aba maningi namathuba okuyixazulula, ngakho ungasindwa zinyawo. Yana emtholampilo
oseduze nawe ngokushesha nje lapho uthola ukuthi ukhulelwe!