Ukudlala nokufunda ulimi ndawonye€¦ · 4. Khuluma ngomdwebo womntwana wakho Abantwana...

2
Nayi eminye imibono yokweseka ulimi lokuqala kanye nokubhala kwezingane ezincane ngesikhathi sokuvalwa kwezwe (iminyaka emi-3 kuye kweyi-8). 1. Enza inhlama yokudlala nabantwana bakho Ukwenza ndawonye inhlama yokudlala umsebenzi wasekhaya omuhle kakhulu. Uma wenza lomsebenzi uthola ithuba lokukhulisa ulimi lwabantwana ukuthi bafunde ngaphandle kokuba bakuqaphele ukuthi bayafunda. Khuluma nabo ngezinto ozozifaka nozozisebenzisa. Kunamagama okukala afana nalawa: inkomishi, isipuni kanye namanye afana nalawa hlanganisa,xova,govuza,imanzi,yomile. Abantwana asebethe ukukhula bangayiqagela imibala ezokwakheka uma bexuba imibala ethile ndawonye. Ungaphinda ubaxazululise izinkinga ezifana nalezi: Iziphi izithako esingazingezelela umangabe umxovo wethu wome kakhulu noma unamathela kakhulu. Ukuxova nokubumba inhlama yokudlala kuqinisa izandla zabo ezincane kanye nemisipha yeminwe. Lokhu kusiza izandla zabantwana ukuba zingakuzweli kalula ukukhathala umabebhala noma bedweba. Inhlama yokudlala iphinde ibe umsebenzi othulile nozothile, uma abantwana bezizwa bebudedengu noma bekhungathekile. 2. Siza abantwana ukuzijwayeza izinhlamvu zamagama Uma abantwana bezijwayeza ukudlala ngezinhlavu zamagama ngezindlela ezijabulisayo bengasebenzisi izincwadi zabo zesikole, ilapho bezozwa kushesha futhi kuzenzakalela ukubhala uma sekuyisikhathi sokubuyela esikoleni. Bangenza izinhlamvu zamagama ngenhlama yokudla, basebenzise iminwe yabo ukubhala emhlabathini (Mzali ungenza itreyi elincane lenhlabathi ukuze bezodlala noma besendlini) Bangasebenzisa namanzi kanye nebhulashi lokupenda ukuze bazopenda izinhlamvu zamagama endaweni eqinile efana nobonda noma phansi endlini noma okungenani babhale ngoshoki obondeni. 3. Enza umlingiswa ngenhlama yokudlala Cela abantwana ukuba babumbe umlingiswa ngenhlama yokudlala. Uma bebumba umlingiswa bangenza izingalo, imilenze kanye namehlo ngezinti, ngamatshe nezivalo zezigubhu ukuze umlingiswa ezobukeka njengo muntu! Lo msebenzi usiza abantwana ukuba bakwazi ukusebenzisa izinto abanazo ukwenza imicabango esemiqondweni yabo. Lena indlela eyikhono elimnandi lokulungisa izinkinga. Lekelela umntwana wakho akhe indaba emnandi ehlikisayo ngomlingiswa wakhe. Ngale ndlela ‘Ubani igama lomlingiswa wakho? Uhlala kuphi? Uthanda ukwenzani? Cabanga ngento ehlekisayo noma ethokozisayo eyake yamehlela lomlingiswa ngenye imini? Kwenzakalani emva kwalokho? Yaphela kanjani indaba? Vumela umntwana wakho ukuba adwebe isithombe noma abhale lendaba akade eyixoxa… noma umubhalele indaba ngesikhathi eyixoxa. Ukudlala nokufunda ulimi ndawonye 3 Le misebenzi ingatholakala nakwiwebhusayithi yethu: https://homeliteracy.datafree.co/ Singathanda ukuzwa ukuthi uyisebenzise kanjani lemisebenzi. Sicela wabelane ngezithombe noma amavidiyo ku-Facebook naku-Instagram bese umema uWordworks noma ubhale imeyili [email protected]. ISIZULU Yenza inhlama yokudlala Inkomishi eyodwa kaflawa Ikota yenkomishi kasawoti Uhhafu wenkomishi yamanzi afudumele Amaconsi ayi-5 ombala wokudla Khumbula ukuthi kubalulekile ukuba abantwana bazame ukubhala kanye nokuthatha imicabango yabo bayibhale phansi. Isipelingi esiyisona sona asibalukelike kangako ngesikhathi bebhala. Bheka imifanekiso yabalingiswa abahlekisayo abenziwe ngenhlama yokudlala. Kungaxoxwa izindaba ezimangalisayo ngabo.

Transcript of Ukudlala nokufunda ulimi ndawonye€¦ · 4. Khuluma ngomdwebo womntwana wakho Abantwana...

Page 1: Ukudlala nokufunda ulimi ndawonye€¦ · 4. Khuluma ngomdwebo womntwana wakho Abantwana bayakuthokozela ukudweba. Uma beqhubeka nokudweba babanentshisekelo kwimininingwane eseduze

Nayi eminye imibono yokweseka ulimi lokuqala kanye nokubhala kwezingane ezincane ngesikhathi sokuvalwa kwezwe (iminyaka emi-3 kuye kweyi-8).

1. Enza inhlama yokudlala nabantwana bakho

Ukwenza ndawonye inhlama yokudlala umsebenzi wasekhaya omuhle kakhulu. Uma wenza lomsebenzi uthola ithuba lokukhulisa ulimi lwabantwana ukuthi bafunde ngaphandle kokuba bakuqaphele ukuthi bayafunda. Khuluma nabo ngezinto ozozifaka nozozisebenzisa.

Kunamagama okukala afana nalawa: inkomishi, isipuni kanye namanye afana nalawa hlanganisa,xova,govuza,imanzi,yomile.

Abantwana asebethe ukukhula bangayiqagela imibala ezokwakheka uma bexuba imibala ethile ndawonye.Ungaphinda ubaxazululise izinkinga ezifana nalezi: Iziphi izithako esingazingezelela umangabe umxovo wethu wome kakhulu noma unamathela kakhulu. Ukuxova nokubumba inhlama yokudlala kuqinisa izandla zabo ezincane kanye nemisipha yeminwe. Lokhu kusiza izandla zabantwana ukuba zingakuzweli kalula ukukhathala umabebhala noma bedweba.

Inhlama yokudlala iphinde ibe umsebenzi othulile nozothile, uma abantwana bezizwa bebudedengu noma bekhungathekile.

2. Siza abantwana ukuzijwayeza izinhlamvu zamagama

Uma abantwana bezijwayeza ukudlala ngezinhlavu zamagama ngezindlela ezijabulisayo bengasebenzisi izincwadi zabo zesikole, ilapho bezozwa kushesha futhi kuzenzakalela ukubhala uma sekuyisikhathi sokubuyela esikoleni.

Bangenza izinhlamvu zamagama ngenhlama yokudla, basebenzise iminwe yabo ukubhala emhlabathini (Mzali ungenza itreyi elincane lenhlabathi ukuze bezodlala noma besendlini) Bangasebenzisa namanzi kanye nebhulashi lokupenda ukuze bazopenda izinhlamvu zamagama endaweni eqinile efana nobonda noma phansi endlini noma okungenani babhale ngoshoki obondeni.

3. Enza umlingiswa ngenhlama yokudlalaCela abantwana ukuba babumbe umlingiswa ngenhlama yokudlala. Uma bebumba umlingiswa bangenza izingalo, imilenze kanye namehlo ngezinti, ngamatshe nezivalo zezigubhu ukuze umlingiswa ezobukeka njengo muntu!

Lo msebenzi usiza abantwana ukuba bakwazi ukusebenzisa izinto abanazo ukwenza imicabango esemiqondweni yabo. Lena indlela eyikhono elimnandi lokulungisa izinkinga. Lekelela umntwana wakho akhe indaba emnandi ehlikisayo ngomlingiswa wakhe. Ngale ndlela ‘Ubani igama lomlingiswa wakho? Uhlala kuphi? Uthanda ukwenzani?

Cabanga ngento ehlekisayo noma ethokozisayo eyake yamehlela lomlingiswa ngenye imini? Kwenzakalani emva kwalokho? Yaphela kanjani indaba? Vumela umntwana wakho ukuba adwebe isithombe noma abhale lendaba akade eyixoxa… noma umubhalele indaba ngesikhathi eyixoxa.

Ukudlala nokufunda ulimi ndawonye 3

Le misebenzi ingatholakala nakwiwebhusayithi yethu: https://homeliteracy.datafree.co/ Singathanda ukuzwa ukuthi uyisebenzise kanjani lemisebenzi. Sicela wabelane ngezithombe noma amavidiyo ku-Facebook naku-Instagram bese umema uWordworks noma ubhale imeyili [email protected]

Yenza inhlama yokudlala• Inkomishi eyodwa kaflawa• Ikota yenkomishi kasawoti• Uhhafu wenkomishi yamanzi

afudumele• Amaconsi ayi-5 ombala wokudla

Khumbula ukuthi kubalulekile ukuba abantwana bazame ukubhala kanye nokuthatha imicabango yabo bayibhale phansi. Isipelingi esiyisona sona asibalukelike kangako ngesikhathi bebhala. Bheka imifanekiso yabalingiswa abahlekisayo abenziwe ngenhlama yokudlala. Kungaxoxwa izindaba ezimangalisayo ngabo.

Page 2: Ukudlala nokufunda ulimi ndawonye€¦ · 4. Khuluma ngomdwebo womntwana wakho Abantwana bayakuthokozela ukudweba. Uma beqhubeka nokudweba babanentshisekelo kwimininingwane eseduze

4. Khuluma ngomdwebo womntwana wakho

Abantwana bayakuthokozela ukudweba. Uma beqhubeka nokudweba babanentshisekelo kwimininingwane eseduze nabo. Bangadweba ingxenye abayithandile endabeni, noma badwebe ngabake bahlangabezana nakho, noma bazakhele abalingiswa abasuka emqondweni nomongo (izimo).

Khuluma ngezithombe zabo bese uncoma ukuzama kwabo. Gqugquzela umntwana wakho abhale imicabango yakhe noma umxikizo noma igama elivele laziqhamukela nje.

Uzobe ubasiza ukwakha amagama olimi lwabo, indlela abacabanga ngayo kanye namakhono adingekayo ekubhaleni!

5. Uthi ubuwazi?

Ngokubala nsuku zonke abantwana bangafunda ngokushesha ukukulandelanisa izinombolo ngendlela okuyiyoyona, lokho kuyobasiza ngezibalo uma sebeya esikoleni. Lalela ukubala kwabantwana bakho kodwa ungabagxeki umabenza amaphutha ngoba basafunda ukubala.

Umsebenzi wanamuhlanje

Zinike isikhathi sokubala zonke izinsuku. Bala amalunga omndeni wakho, ubale amazambane uma wenza isidlo sakusihlwa, ubale izimoto ezidlulayo uma uzihambela ungakhohlwa ukubala iminwe yakho kanye nezinzwane.

6. Qaphela lokhu osekufundwe umntwana wakho

Abantwana bafunda ngokushesha basebenze ngamaphutha ambalwa uma bezizwa bekhululekile futhi bezethemba. Qaphela osekufundwe umntwana wakho ngesikhathi enza lokhu okumthokozisayo njengo kulalela indaba, ukudweba isithombe, ukwakha iphazili noma ukupheka kanye nawe.

Kungenzeka ukuba sebedweba imininingwane eminingi manje kwizithombe zabo kuna phambilini. Mhlawumbe sebelalela izindaba ezinde manje noma babuza imibuzo ekhombisayo ukuthi bacabanga ngayo indaba. Uma uqaphela okuthile asebekufundile bazise ukuthi usukuqaphelile lokho. Bacacisele ngokuthi uthi “Kuyangithokozisa ukuthi usebenzisa imibala eminingi ehlukahlukene!” noma uthi “Ubuze umbuzo omuhle kakhulu”.

Ukubungaza impumelelo yakho nenqubekela phambili yomntwana wakho ungasithumelela isithombe somntwana wakho enza umsebenzi wakhe ofundisayo awuthandayo. Sitshele ukuthi yini asekwazi ukuyenza manje abengakwazi ukuyenza phambilini!

Sithemba ukuthi uyijabulele le misebenzi eyisithupha. Qhubeka ubheke amapheshana amaningi kanye nemisebenzi ezayo maduzane!

Le misebenzi ingatholakala nakwiwebhusayithi yethu: https://homeliteracy.datafree.co/ Singathanda ukuzwa ukuthi uyisebenzise kanjani lemisebenzi. Sicela wabelane ngezithombe noma amavidiyo ku-Facebook naku-Instagram bese umema uWordworks noma ubhale imeyili [email protected]