Uyikhulisa kanjani ingane enempilo futhi ejabulile...abantwana bakuthola kunzima ukuncela ibele...
Transcript of Uyikhulisa kanjani ingane enempilo futhi ejabulile...abantwana bakuthola kunzima ukuncela ibele...
i
Uyikhulisa kanjani ingane enempilo futhi ejabulile
RTHB IsiZulu.indd 1 2018/06/28 3:10 PM
ii
Contents
Nutrition/Ukudla okunomsoco ................................................ 3
Love/Uthando olujulile, ukudlala nokukhulunyiswa .................... 8
Protection/Ukuvikelwa ezifweni nasekulimaleni ....................... 10
Health care/Ukwelashwa lapho zigula noma lapho zilimele .... 12
Extra care/Ukunakekelwa okukhethekile nokusekelwa ngazo zonke izikhathi .................................................................... 13
Place a picture of your child here
CHILD’S NAME:
RTHB IsiZulu.indd 2 2018/06/28 3:10 PM
1
Khumbula! Le ncwadi ayingeni esikhundleni sencwadi yakho ethi Indlela Eya Empilweni. Ngaso sonke isikhathi gcina incwadi yakho ethi Indlela Eya Empilweni isendaweni ephephile, uhambe nayo njalo lapho uvakashela emtholampilo, esibhedlela, kudokotela noma kwesinye isikhungo sezempilo.
Lawa amagama ongakuthola kunzima ukuwaqonda. Incazelo yala magama inikeziwe ekugcineni kwale ncwadi.
1
Lena yincwadi yakho – wena mnakekeli wengane. Ikunikeza izeluleko mayelana nokuthi ungayikhulisa kanjani ingane ejabulayo nenempilo enhle. Ukuze izingane zakho zikhule
futhi zithuthuke kahle, zidinga lokhu okulandelayo:
1. Ukudla okunomsoco
2. Uthando olujulile, ukudlala nokukhulunyiswa
3. Ukuvikelwa ezifweni nasekulimaleni
4. Ukwelashwa lapho zigula noma lapho zilimele
5. Ukunakekelwa okukhethekile nokusekelwa ngazo zonke izikhathi
Le ncwadi kufanele uyifunde kusukela ekhasini lokuqala kuya kwelokugcina ukuze uthole ukuthi ungayisiza kanjani ingane yakho ikhule futhi ithuthuke.
Khumbula ukuthi ungambuza umsebenzi wezempilo ngesimo sempilo yengane yakho, ukukhula kwayo nokuthuthuka kwayo nganoma yisiphi isikhathi lapho uvakashele emtholampilo, esibhedlela noma lapho umsebenzi wezempilo evakashela ekhaya lakho. Umsebenzi wezempilo obonana naye kumele abambisane nawe ekuthuthukiseni impilo yengane yakho, Khuluma nomsebenzi wezempilo nganoma yini ekukhathazayo.
RTHB IsiZulu.indd 1 2018/06/28 3:10 PM
2
Thatha ingane yakho uyiphuthumise emtholampilo uma ubona lezi zimpawu ezilandelayo:
Izimpawu eziyingozi!
2
Ingane yakho iyakhwehlela futhi iphefumula ngokushesha
noma kanzima (izikhathi ezingaphezu kuka-50
ngomzuzu)
Ingane enezinyanga ezingaphansi kwezimbili inemfi va futhi engafuni
ukudla
Ingane iyakubuyisa konke ekudlayo
Ingane iyahuda, amehlo ashone phakathi,
nalapho inokhakhayi olushone phansi
Ingane iyadlikizeka (sengathi inesifo
sokuwa)
Ingane inezimpawu zokuthi ayondlekile
(amaqakala nezinyawo okuvuvukele)
Ingane ayikwazi ukubamba ibele ngomlomo uma
uyincelisa
Ingane ayinyakazi noma ayivuki
RTHB IsiZulu.indd 2 2018/06/28 3:10 PM
3
Ungalugcina isikhathi eside kangakanani ubisi lwebele olusengile?
Amazinga okushisa Ubude besikhathi lugciniwe
Izinga lokushisa kwasendlini. Khetha indawo ephole kunazo zonke endlini.
Amahora afi nyelela kwangu-8
Efrijini Amahora afi nyelela kwangu-6
Ebhokisini leqhwa kuyi-freezer Izinyanga ezingu-3
Kuyi-deep freezer (-18oC) Izinyanga ezingu-3-6
3
Ukudla ukudla okunomsoco ukuze ikhule futhi ibe nempilo enhleIngane yakho idinga ukudla okufanele ukuze ibe nempilo futhi ikhule kahle. Buza Umsebenzi wezempilo ukuthi ingane yakho ikhula kahle yini futhi ukhulume naso uma kukhona okukukhathazayo.
Kusukela izalwa ize ibe nezinyanga eziyi-6 l Ukuyincelisa ibele ingane kuyindlela engcono kakhulu yokuyondla. Ubisi lwebele
luwukudla okungcono kakhulu ukuze ingane yakho ikhule, ithuthuke futhi ibe nempilo enhle.
l Nika ingane yakho ubisi lwebele KUPHELA ezinyangeni zokuqala eziyisithupha izelwe. Ungayiphi idokwe, amanzi nanoma yini enye ewuketshezi. Ungayiniki imithi eyenziwe ekhaya noma eyesintu lapho igula. Nika ingane yakho imithi etholakale emtholampilo noma esibhedlela kuphela.
l Ncelisa ingane yakho njalo lapho ifuna ukuncela, emini nasebusuku. l Ingane yakho kufanele uyincelise okungenani isikhathi eziyi-8 emahoreni angu-24.
Lapho ingane yakho incela kaningi, kuba yilapho ibele lakho likhiqiza khona ubisi oluningi. Cishe bonke omama bakhiqiza ubisi olwanele ukuze ingane yabo ingadingi lutho olunye izinyanga eziyisithupha zokuqala.
l Ungasenga ubisi lwebele lakho ukuze abanye abazosala ekhaya benakekela ingane yakho lapho usahambile bakwazi ukuyiphuzisa lona. Kufanele basebenzise inkomishi ehlanzekile, hhayi ibhodlela lokuncelisa. Gcina ubisi lwakho lwebele olusengile engilazini ehlanzekile noma enkomishini yepulasitiki enesivalo. Lugcine efrijini noma endlini enamazinga okushisa aphakathi nendawo okukanye uyifake emanzini. Ungalibilisi noma ulifake ku-microwave.
l Kungcono ukungawasebenzisi amabhodlela noma izithipha (amademu). Abanye abantwana bakuthola kunzima ukuncela ibele ngemva kokuba bebenikezwe isithipha. Amabhodlela akulula ukuwahlanza ngakho angaba namagciwane angayigulisa ingane.
l Uma unegciwane le-HIV, khumbula ukusebenzisa imishanguzo yakho yeHIV njalo noma ama-antiretroviral. Lokhu kwenza ukuncelisa umntwana kuphephe.
l Omama abancelisayo kufanele badle ukudla okunomsoco. Akufanele baphuze utshwala, babheme noma basebenzise ezinye izidakamizwa eziyingozi.
Ingane yakho idinga ukudla okufanele ukuze ibe nempilo futhi ikhule kahle. Buza
RTHB IsiZulu.indd 3 2018/06/28 3:10 PM
4
a b
4
Khumbula! Ngaphambi kokuba wenze isinqumo sokungayincelisi ingane ibele, khuluma nesisebenzi sezempilo ngalokho. Uma ungeke ukwazi ngempela ukuncelisa ingane, kuzodingeka ufunde indlela yokusebenzisa izinto ezithatha indawo yebele ngendlela ephephile.
Linda kuze kube yilapho umntanakho esevule umlomo wakhe wehlisa nolimi. Ungamkhuthaza ukuba enze lokhu ngokushaya kancane udebe olungenhla lomntwana. Umntanakho kufanele alifake ligcwale ibele emlonyeni.
Sondeza umntanakho ebeleni kunokuba ugobe usondeze ibele lakho emlonyeni womntwana. Phasa ikhanda lomntanakho nentamo ngengalo yakho.
Vumela ikhanda lomntanakho lithi ukuqethuka kancane ukuze udebe lwakhe olungenhla luthintane nencence yakho.
Beka isithupha sakho esiyingini esimnyama lapho incence yakho ihlangana khona nebele bese ubeka iminwe yakho endaweni efanayo ngezansi kwengono noma incence. Ukuze ukwazi ukusenga ubisi lwakho lwebele, cindezela ngomunwe wakho wokukhomba nesithupha. Qiniseka ukuthi isandla sakho siphusha ibele lakho sililethe ngasemzimbeni wakho, hhayi ukuba silisuse kuwo.
c d
a
RTHB IsiZulu.indd 4 2018/06/28 3:10 PM
55
Kungani kufanele nginike ingane yami ubisi lwebele kuphela ngezinyanga zokuqala eziyisithupha izelwe? l Ubisi lwebele lunawo wonke umsoco odingwa yingane yakho phakathi
nezinyanga eziyisithupha zokuqala izelwe. l Isisu somntwana (amathumbu) sisuke singakakulungeli okunye ukudla, amanzi
noma olunye uketshezi uma zingakapheli izinyanga eziyisithupha izelwe. l Abantwana bangase baphathwe uhudo , bangakwazi ukukaka , bangenwe
amagciwane futhi kube nokudla okungezwani nemizimba yabo, (noma okunye okuphuzwayo – kuhlanganise namanzi – uma bekunikezwa zingakapheli izinyanga eziyisithupha bezelwe.
l Ubisi lwebele lunamanzi anele ukuba aqede ukoma kwengane yakho phakathi nezinyanga eziyisithupha izelwe, ngisho noma ilanga lishisa.
l Ubisi lwebele lunomsoco okhethekile owenza ingane yakho ibe nempilo enhle. Ukuncelisa ingane kunciphisa amathuba okuba iphathwe yinyumoniya noma isifo sohudo.
l Ukunikeza ingane yakho ezinye izinhlobo zokudla zingakapheli izinyanga eziyisithupha kuzokwenza ukhiqize ubisi oluncane futhi umntanakho ngeke awuthole wonke umsoco awudingayo ukuze akhule kahle.
RTHB IsiZulu.indd 5 2018/06/28 3:10 PM
6
Ubudala bengane yakho Ukudla ongayinika kona Kufanele kube ngakanani?
izinyanga eziyi-6–8
Yincelise uma ifuna ukuncela. Yincelise kuqala, bese uyinika okunye ukudla.
Ingane yakho idinga ukudla okucebe nge-iron (ubhontshisi owomisiwe, iqanda, inyama egayiwe, inhlanzi engenawo amathambo, inkukhu noma izibindi zenkukhu, amasonja [amacimbi]). Lokhu kudla kufanele kuphekwe, kugaywe ukuze kuthambe umntwana akwazi ukukugwinya kalula.
Yipha umntanakho nalokhu: l Istashi (njengedokwe lempuphu yombila,
imeshi kabhatata noma yamazambane) l Imeshi yamavegi aphekiwe (njengethanga,
i-butternut, nezaqathi [carrots]) l Izithelo ezithambile ezingenazo izinhlamvana
(njenge-avocado, ubanana, u-paw-paw, ama-apula aphekiwe)
Qaphela! Ungayiniki ingane ukudla okunesitashi kodwa. Kuxube nezinye izinhlobo zokudla njengethanga, okusanyama, ubhontshisi. Uma umnika iphalishi, ungafaka isipuni sengxube yamakinati (peanut butter) noma ubisi
Nikeza ingane yakho amanzi ahlanzekile ngenkomishi ukuze iphuze, ukwenze njalo
Qala ngethisipuni elilodwa kuya kwamabili, kabili ngosuku.
Ngokuqhubeka kwesikhathi yandisa isikali nezikhathi.
Izinyanga ezingu-9–11
Qhubeka uyincelisa noma nini lapho ifuna. Yincelise kuqala, bese uyinikeza okunye ukudla.
l Ukudla okunothe nge-iron kubalulekile ekukhuleni komntwana wakho
l Yandisa inani nezinhlobo zokudla l Ukudla akusadingeki kucoliseke
njengasezinyangeni ezedlule l Nika ingane yakho ukudla engakwazi
ukuzibambela kona (ubanana, isinkwa, izaqathi eziphekiwe)
l Gwema ukuyinika ukudla okuncane kodwa okuqinile okungase kuyibambe emp hinjeni njengemakinati
l Nikeza ingane yakho amanzi okuphuza aphephile ngenkomishi, ukwenze njalo lokhu
l Ikota yenkomishi ¼, bese ukwandisa kuze kube uhhafu wenkomishi ezinyangeni ezingu-12
l ukudla okuncane kahlanu ngosuku
6
Ubudala
izibindi zenkukhu, amasonja [amacimbi]). Lokhu kudla kufanele kuphekwe, kugaywe ukuze kuthambe umntwana akwazi ukukugwinya kalula.
Istashi (njengedokwe lempuphu yombila, imeshi kabhatata noma yamazambane)Imeshi yamavegi aphekiwe (njengethanga, i-butternut, nezaqathi [carrots])Izithelo ezithambile ezingenazo izinhlamvana (njenge-avocado, ubanana, u-paw-paw,
Qaphela! Ungayiniki ingane ukudla okunesitashi kodwa. Kuxube nezinye izinhlobo zokudla njengethanga, okusanyama, ubhontshisi. Uma umnika iphalishi, ungafaka isipuni sengxube yamakinati (peanut butter)
Nikeza ingane yakho amanzi ahlanzekile ngenkomishi ukuze iphuze, ukwenze njalo
Izinyanga eyi-6 kuya eminyakeni eyi-5
RTHB IsiZulu.indd 6 2018/06/28 3:10 PM
7
Ubudala bengane yakho Ukudla ongayinika kona
Kufanele kube ngakanani?
Izinyanga ezingu-12 kuya eminyakeni emihlanu
Qhubeka uyincelisa ingane yakho uma nje isafuna ize ifi nyelele eminyakeni emibili ize idlule. Yinike ukudla ngaphambi kokuyincelisa.
l Nikeza umntanakho izinhlobo ezihlukahlukene zokudla (ukudla okune-iron eningi, istashi, ama-vegi, nezithelo)
l Yinikeze ukudla okucebe ngovithamini A (isibindi, ispinishi, ithanga, ubhatata, umango, u-paw-paw, ubisi olungahluziwe, amasi)
l Yinike ukudla okunoVithamini C (amawolintshi, amanantshi(naartjie), igwava, utamatisi)
l Phakela ingane yakho ukudla okuncane ukuze ikwazi ukuzidlela
l Hlala eduze kwengane yakho uyikhuthaze ukuba idle
l Uma ingasanceli, ungaqala ukuyinikeza ubisi lwenkomo olusengwayo noma amasi okukanye iyogathi. Landela le nqubo ebhaliwe uma kudingeka
l Nikeza ingane yakho amanzi ahlanzekile naphephile ngenkomishi ukuba iphuze, phakathi nosuku
l Inkomishi eyodwa egcwele l ukudla okuncane kahlanu
ngosuku (ingane inesisu esincane, ngakho ngeke idle ukudla okwanele ukuba isuthe amahora amaningi)
Khumbula! l Kusukela ezinyangeni eziyi-6, nikeza ingane yakho amanzi ahlanzekile naphephile
ngenkomishi ukuba iphuze phakathi nosuku. Wabilise lawo manzi bese uwayeka aphole ngaphambi kokuwanika ingane yakho.
l Ngaso sonke isikhathi hlala eduze kwengane yakho lapho idla. l Gcina ukudla nezinto zokupheka zihlanzekile ukuze uvikele ingane esifweni sohudo. l Ngaso sonke isikhathi geza izandla zakho nezandla zomntwana ngensipho
namanzi ngaphambi kokulungisa ukudla, ngaphambi kokudla nangemva kokusebenzisa indlu yangasese noma ukushintsha inabukeni.
l Asikho isidingo sokuthenga ukudla kwabantwana noma ama-cereal abantwana. Ukudla nje okwenziwe ekhaya kuyilungele ingane.
l Ungayiphuzisi ingane yakho itiye le-Rooibos nanoma yiliphi elinye itiye, ikhofi , ukhilimu, ubisi lwekhondensi, yi-fl our water, umbhubhudla, kanye neziphuzo ezibandayo, unemenayithi. Lezi zinhlobo zokudla azinamsoco nhlobo futhi ngeke ziyisize ingane yakho ukuba ikhule.
l Gwema ukunika ingane yakho ukudla okungenampilo njengama-chips, amaswidi, iziphuzo ezinoshukela nama-fi zzy drink.
l Ukudla kwezinsana kwandisa amathuba okuba ingane yakho ibe nesifo sohudo, ama-allergy, nezinkinga zokuphefumula.
Inkomishi eyodwa egcwele
RTHB IsiZulu.indd 7 2018/06/28 3:10 PM
88
Abantwana abancane badinga indawo yokukhula ephephile nabanakekeli abanothando abazozisiza zijwayelane nendawo eziphila kuyo. Izinto ezivamile ezibonisa uthando njengokugona ingane, ukuyikhulumisa, ukudlala nayo noma ukuyifundela izincwadi zabantwana kuyayisiza ikhule futhi ithuthuke.
Kunezinto eziyisisekelo ongazenza ukuze usize ingane yakho ikhule futhi ifunde:
l Hlale useduze nengane yakho. Ungumuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwengane yakho. Zonke izingane zifuna ukuzizwa ziphephile, zithandwa futhi zikhathalelwa.
l Yakha ukusondelana nengane yakho. Gcina umntanakho eseduze kakhulu nawe emasontweni ambalwa okuqala okuphila kwakhe. Lokhu kuzomsiza azole, alale, akhule futhi ondleke kahle.
l Sabela. Zinake izinto ezikhanga ingane yakho, nezinto ingane ezithandayo noma engazithandi futhi usabele kulokhu – lokhu kuzokusiza uyiqonde kangcono futhi uhlangabezane kangcono nezidingo zayo.
l Umntanakho ufunda kusukela ezalwa. Mphathe, umange, ucule futhi uxoxe nengane yakho, ikakhulukazi lapho idla, uyigeza noma uyigqokisa.
l Izingane zifunda ngokudlala, ukuzama izinto ezintsha nokusebenzelana nabanye. Nikeza ingane yakho ithuba lokufunda izinto engazazi, nendawo ephephile yokudlala, futhi idlale ngezinto ezihlanzekile zasendlini noma amathoyizi.
l Yixoxele izindaba, uyifundele nezincwadi ingane yakho. Khuluma ngezithombe, yidedele ikubuze imibuzo, yivumele ikuxoxele izindaba noma lokho okwenzekile endabeni esencwadini njengoba niqhubeka nayo.
ngezithombe, yidedele ikubuze imibuzo, yivumele ikuxoxele izindaba
Yithande, udlale nayo futhi uyikhulumise ukuze ikhule ngendlela enempilo
RTHB IsiZulu.indd 8 2018/06/28 3:10 PM
99
Ngaso sonke isikhathi buza isisebenzi sezempilo ngokukhula kwengane yakho uma ukhathazekile nganoma iyiphi kulezi zinto ezilandelayo:
Inkinga yamehlo:
l Inhlamvu yeso emhlophe/ibala enhlamvini yeso
l Amehlo awakwazi ukunamathela noma ukulandela into ehambayo njengomunwe noma ithoyizi
l Elinye ihlo noma womabili makhulu noma mancane kunokujwayelekile
l Inenxemu noma elinye ihlo libheke eceleni
l Inkinga yokuzwa: ¡ Ayisezwa ¡ Ayiphazanyiswa nhlobo imisindo
emikhulu ¡ Kubonakala sengathi iyayizwa
eminye imisindo kodwa eminye ayiyizwa
l Ingane yakho ayisakwazi ukwenza izinto ebikwazi ukuzenza ekuqaleni
l Ingane yakho ayikhulumi noma ayizami nokukhuluma ngezandla lapho isinezinyanga ezingu-18
l Ayihambi kodwa isinezinyanga ezingu-18
l Ikhanda libukeka lilikhulu
l Inekhanda elibonakala lilincane
l Ayizisebenzisi ngokufanayo izinhlangothi zombili zomzimba noma imilenze nezandla
l Inezingalo eziqinile nemilenze
l Inezandla nemilenze ethambile
RTHB IsiZulu.indd 9 2018/06/28 3:10 PM
10
Ukuvikela izingane ezifweni zasebuntwaneni ezivikelekayo nasekulimaleni
Izingane AKUFANELE ziyiswe emtholampilo ngoba nakhu sezigula. Kufanele uyihambise ingane yakho ukuze igonywe futhi ithole ukwelashwa kwasikhathi sonke isikhathi ngokohlelo olusencwadini ethi Indlela Eya Empilweni.
l Ukugoma ingane kumahhala. Umgomo uvikela ingane yakho ezifweni zabantwana ezivamile. Qikelela ukuthi ingane yakho ithola yonke imigomo yayo.
l Yana emtholampilo ukuze uhlolwe wena nengane yakho phakathi nezinsuku eziyisithupha izelwe nangemva kwamasonto ayisithupha.
l Qiniseka ukuthi uyazi ukuthi ingane yakho kufanele ibuyele nini emtholampilo ukuze igonywe noma ithole okunye ukunakekelwa. Uma ungakwazanga ukubamba usuku lwakho lokuya emtholampilo, qiniseka ukuthi ubuyela ngokushesha okukhulu.
l Uma unegciwane leHIV, hlola umntwana wakho lapho ezalwa ukuthi akanayo yini iHIV nangemva kwamasonto ayishumi.
l Zonke izingane eziphakathi kwezinyanga eziyisithupha neminyaka emihlanu kufanele zithole u-vitamin A nemithi yokubulala izikelemu njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha. Lokhu kusiza ukuzigcina zinempilo enhle.
l Khumbula ukugeza izandla ngemva kokusebenzisa indlu yangasese, ukushintsha amanabukeni, ngaphambi kokulungisa ukudla nangaphambi kokunika umntanakho ukudla. Zigeze kahle izandla zakho – ugeze izinhlangothi zombili zezandla, phakathi kweminwe nasezihlakaleni usebenzisa insipho namanzi ahlanzekile.
l Izingozi eziningi zingavikelwa uma abazali noma abanye abazinakekelayo bezigada izingane zabo, beqikelela ukuthi indawo ezikuyo iphephile.
l Ingane akufanele nanini ishiywe yodwa noma ingabhekwe muntu. Qikelela ukuthi ngaso sonke isikhathi kuhlale kunomuntu omdala ozoyinakekela ingane yakho nokuthi uyazi ukuthi ingane yakho ikuphi ngaso sonke isikhathi.
l Zivikele nawe. Nquma ukuthi uzosebenzisa ziphi izindlela zokuvimbela ukukhulelwa, nisebenzise namakhondomu abesilisa nawabesifazane ukuze uvikele ukukhulelwa okungahleliwe noma izifo ezithathelwana ngocansi (ukuvikela okukabili).
l Ukuhlanza umlomo kahle kuyogcina amazinyo engane yakho enempilo futhi eqinile, kuvimbele izinhlungu ezingadingekile kanye nokungaphatheki kahle.
10
RTHB IsiZulu.indd 10 2018/06/28 3:10 PM
1111
Vikela amazinyo engane yakho: l Sebenzisa indwangu encane, ehlanzekile ukuze uhlanze izinsini
zengane yakho ngaphambi kokuba imilise.
l Qala ukuxubha amazinyo engane yakho ngokushesha nje lapho isimilisile.
l Lapho isimilisile, sebenzisa ibhulashi lamazinyo elithambile elincane kanye nomuthi wamazinyo omncane ukuze uxubhe amazinyo engane yakho.
l Xubha amazinyo nezinsini kabili ngosuku; ekuseni nakusihlwa ngaphambi kokuba ilale ingane.
l Ungavumeli muntu aphe ingane yakho izinto ezinoshukela njengamaswidi neziphuzo.
l Hlale ubheka emlonyeni wengane yakho ukuze ubone uma amazinyo eqala ukubola bese uxhumana nodokotela wamazinyo noma esinye umsebenzi wezempilo uma uphawula okuthile okungajwayelekile.
l Ungalokothi uvumele umntanakho alale efake ibhodlela lokudla emlonyeni (Khumbula ukuthi ukuncelisa noma ukupha umntwana ukudla usebenzisa inkomishi yikhona okungcono ngaso sonke isikhathi kunokusebenzisa ibhodlela).
RTHB IsiZulu.indd 11 2018/06/28 3:10 PM
12
Izingane zidinga ukunakekelwa kwezempilo lapho zigula. Qaphela izimpawu eziyingozi kulolu hlu olungezansi. Phuthumisa ingane yakho emtholampilo oseduze ngokushesha lapho ubona olunye lwalezi zimpawu ezingazansi.
l Uma ingane yakho igula futhi ingakwazi ukuphuza noma ukuncela ibele, ibuyisa noma kungathi inesifo sokuwa (inyakaza ngendlela engalawuleki) kufanele iphuthunyiswe emtholampilo noma esibhedlela.
l Abantwana abancane (ikakhulu abangaphansi kwezinyanga ezimbili ubudala) bangagula kakhulu kalula ngokushesha. Uma ingane yakho ingadli kahle noma inemfi va, yiphuthumise emtholampilo ngokushesha.
l Uma ingane yakho ihuda (ikhishwa yisisu) kufanele uyinikeze amanzi anosawoti noshukela ukuba iphuze njalo ngemva kokukaka kwayo.
l Uma ingane yakho ihuda noma ingaphuzi ngokwanele noma inamehlo abonakala eshone phakathi noma inamakaka anegazi, yiphuthumise emtholampilo ngokushesha.
l Uma ingane yakho ikhwehlela noma inomkhuhlane, futhi iphefumula ngokushesha noma uma ingaphefumuli kahle kufanele iphuthunyiswe emtholampilo.
Indlela yokusebenzisa amanzi anosawoti noshukela ezinganeni ezihudayo
1 litre of cooled boiled water
8 level teaspoons of sugar
half a teaspoon of salt (level)
+ +
Ukunakekela impilo yezingane ezigulayo
l Nikeza ingane yakho amanzi anosawoti noshukela ukwenezela ekudleni oyinikeza kona.
l Nikeza ingane yakho iSSS isikhathi ngasinye ngemva kokuba icubuluzile (ikhishwe yisisu), uyiphuzise kancane isikhathi eziningi ngenkomishi. ¡ Kufanele kube uhhafu wenkomishi ezinganeni ezingakayihlanganisi iminyaka
emibili. ¡ Inkomishi eyodwa ezinganeni ezineminyaka emibili kuya kwemihlanu.
l Uma ingane yakho ibuyisa, linda imizuzu eyi-10 bese uyiphinda, kodwa uyiphuzise kancane kancane.
l Uma ingane yakho ifuna okungaphezu kwalokhu okushiwo, uyinikeze. l Qhubeka uyinika nokudla ingane yakho.
RTHB IsiZulu.indd 12 2018/06/28 3:10 PM
13
Ukukhula kahle kwengane yakho nempilo yayo akudingi nje kuphela ukunakekelwa okuhle kwempilo. Kudinga ukuba inakekelwe nsuku zonke, ivikelwe nguwe nawumndeni wakho kusukela izalwa (eqinisweni kusukela ngesikhathi usayikhulelwe ingane yakho ngisho nangaphambi kokuba uyikhulelwe).
I-HIV – Uma kuwukuthi unegciwane le-HIV, qikelela ukuthi uthola imishanguzo ukuze wena nengane yakho nihlale ninempilo enhle. Uma ungazi noma unalo yini igciwane noma cha, cela Umsebenzi wezempilo ukuba sikweluleke endabeni yeHIV bese uhlolwa wena nomntanakho.
I-TB – I-TB yisifo esandile. Tshela umhlengikazi emtholampilo uma kuwukuthi ubulokhu ukhwehlela amasonto angaphezu kwamabili edlule, unciphile emzimbeni noma ujuluka ebusuku, noma uma nihlala nomuntu oneTB. Uma kunjalo umntanakho kufanele athole imithi yokuvikela iTB izinyanga eziyisithupha.
Ukulimala kanzima – Izingozi eziningi ezimbi zingavikelwa uma uyinakekela kahle ingane yakho futhi ugcina indawo ephila kuyo iphephile.
Ngokugadwa – Ingane yakho akufanele ishiywe yodwa, ingenamuntu noma ingagadiwe. Qikelela ukuthi ngaso sonke isikhathi kuhlale kukhona umuntu omdala ozonakekela ingane yakho nokuthi nawe uyazi ukuthi ingane yakho ikuphi ngaso sonke isikhathi.
Ukukhubazeka – Abantwana abanokukhubazeka kwengqondo nokomzimba badinga ukunakekelwa okuthe xaxa. Uma ingane yakho inokukhubazeka okuthile uzodinga usizo ukuze uyinakekele futhi uyivikele. Buza kumsebenzi wezempilo obonana naye ukuze akuyalele kusonhlalakahle onikeza usizo kubazali. Kuyinto enhle ukuzibandakanya neqembu lomama abasekelanayo ukuthi nicobelelane ulwazi omunye nomunye ngalokho abhekana nako nakwenzayo.
Usizo olukhethekile ezinganeni ezidinga usizo oluthe xaxa
RTHB IsiZulu.indd 13 2018/06/28 3:10 PM
14
Ingozi ekukhuleni kwengane yakhoKunezimo zasekhaya ezidala ingozi empilweni nasenhlalakahleni yomntanakho. Lokhu kungenxa yokuthi lezo zimo zingase zinciphise ukukwazi kwakho ukunakekela nokuvikela ingane yakho. Uma ubhekene nanoma yisiphi kulezi zimo ezilandelayo, yazisa umsebenzi wezempilo yomphakathi, umhlengikazi noma udokotela, bazokweluleka noma bakuqondise kubahlinzeki bosizo abafanele.
l Uma ungumama osemusha noma uwugogo onakekela umntwana omncane kubalulekile ukubikela umsebenzi wezempilo ukuze akutholele usizo olwengeziwe oludingayo.
l Uma uchayeke ekuhlukunyezweni ekhaya noma odlameni, kumelwe umtshele umsebenzi wezempilo. Bangakuxhumanisa nosonhlalakahle noma amaphoyisa uma kudingeka ukuze wena nengane yakho ningalinyazwa.
l Uma wena noma othandana naye ohlala naye nisebenzisa izidakamizwa noma utshwala, ingane yakho ingaba sengozini. Tshela umsebenzi wezempilo yikhona ezonidlulisela kusonhlalakahle.
l Uma ubona sengathi uyehluleka, ucindezelekile noma sekuyikhathi udangele (ucindezelekile) , khuluma nomsebenzi wezempilo ukuze uthole iseluleko ngalokho ongakwenza noma bakutholele usizo nokunakekelwa okwengeziwe.
RTHB IsiZulu.indd 14 2018/06/28 3:10 PM
15
KHUMBULA!
Umthetho uthi kumelwe ubhalise ukuzalwa kwengane
yakho ingakahlanganisi inyanga izelwe. Thatha umazisi wakho
nokayise womntwana lapho uya esibhedlela uyobeletha. Izibhedlela
eziningi ziyazibhalisa izitifi keti zezingane zokuzalwa. Uma
engekho uyise usengayenzela ingane isitifi keti sokuzalwa
kodwa kumele ukubike loko
Bhalisa ukuzalwa kwengane yakhoKusemqoka ukuba ingane yakho ibe nesitifi keti sokuzalwa ngokushesha nje lapho isizelwe. Bonke abantwana banelungelo lokuba nesitifi keti sokuzalwa, ngisho noma ungeyena owaseNingizimu Afrika. Incwadi ethi Indlela Eya Empilweni ayiyona umazisi; yonke ingane inelungelo lokubhaliswa ithole isitifi keti sokuzalwa. Ukutholela ingane yakho isitifi keti sokuzalwa kuzokwenza ithole usizo nokusekelwa.
Ukusekelwa nemali yesibonelelo l Uma ungasebenzi noma uhola imali encane
enganele ukuthenga ukudla kwenyanga yonke, izingubo noma ukugibela lapho uhambisa ingane yakho, ungase ukwazi ukuthola iMali Yesibonelelo Yezingane (iGrant [CSG]). Uma ufaneleka, ungayithola iCSG kusukela ingane yakho izelwe. Kubalulekile ukuthi uyithole ngokushesha ngoba lokhu kuzosiza ukuba ingane ikhule kahle ezinyangeni zayo zokuqala.
l Uma unokukhubazeka noma ingane yakho inokukhubazeka, uhulumeni uyayikhipha iGrant yabakhubazekile, noma iGranti Yokunakekela Ingane ekhubazekile, ukuze akusize uhlangabezane nezindleko ezengeziwe. Buza kumsebenzi wezempilonoma usonhlalakahle ngalokhu.
l Uma kuwukuthi unakekela ingane okungeyona eyakho, ungakwazi ukuthola isibonelelo seFoster Care Grant ukuze uhlangabezane nezindleko zokukhulisa ingane.
RTHB IsiZulu.indd 15 2018/06/28 3:10 PM
16
Uhlu lwamagama alukhuni
i-allergy lapho umzimba wakho uguliswa yizinto ezikuzungezile kodwa ezingeyona ingozi kubantu abaningi njengokudla, imithi, uthuli, izilwane ezifuywayo, impova nezinambuzane
inkinga yokukaka uma unenkinga yokuya ngasese, kuthatha isikhathi eside ukuphuma kwamakaka, noma aphume eqine kakhulu
isifo sokuwa ukudlikizeka komzimba okungalawuleki okwenzeka kungalindelekile, ngokuvamile umuntu uyaquleka awele phansi
ukucindezeleka inkinga yomzwelo ekwenza uzizwe udabuke kakhulu futhi ungenandaba nokuphila ngezinye isikhathi
uhudo ukuhlambuluka kwesisi sikukhiphe okungenani kathathu ngosuku
ukungondleki lapho umzimba wakho ungawutholi umsoco owanele ngenxa yokuthi udla ukudla okungafanele noma umzimba wakho unenkinga yokusebenzisa ukudla okudlayo
umsoco izinto ezisekudleni ezidingwa umzimba wakho ukuze ukhule futhi ube nempilo enhle
RTHB IsiZulu.indd 16 2018/06/28 3:10 PM
17
Health services
Your local clinic
Your doctor
AIDS Helpline 0800 012 322
Depression/Mental Health helplines
0800 12 13 14/011 262 6396, sms 31393
Emergency ambulance 10177From a mobile: 112
Poison information centre 0861 555 777
MomConnect *134*550#
Birth registration and identity documents
Home Affairs Toll Free helpline 0800 601 190
Child protection and safety
Police emergency number 10111
Childline toll free 0800 055 5550800 123 321
Grants
SASSA Toll Free helpline 0800 601 0110800 600 [email protected]
Child care and education
Your local ECD centre, creche, preschool, child minder
Other numbers
RTHB IsiZulu.indd 17 2018/06/28 3:10 PM
18
Thatha ingane yakho uyiphuthumise emtholampilo uma ubona lezi zimpawu ezilandelayo:
Izimpawu eziyingozi!
Ingane yakho iyakhwehlela futhi iphefumula ngokushesha
noma kanzima (izikhathi ezingaphezu kuka-50
ngomzuzu)
Ingane enezinyanga ezingaphansi kwezimbili inemfi va futhi engafuni
ukudla
Ingane iyakubuyisa konke ekudlayo
Ingane iyahuda,amehlo ashone phakathi,
nalapho inokhakhayi olushone phansi
Ingane iyadlikizeka (sengathi inesifo
sokuwa)
Ingane inezimpawu zokuthi ayondlekile
(amaqakala nezinyawo okuvuvukele)
Ingane ayikwazi ukubamba ibele
ngomlomouma uyincelisa
Ingane ayinyakazi noma ayivuki
RTHB IsiZulu.indd 18 2018/06/28 3:10 PM