U iZibonelelo - Black Sash · ekutheni uhola malini nokuthi unani. Ziyisishagalombili izinhlobo...
Transcript of U iZibonelelo - Black Sash · ekutheni uhola malini nokuthi unani. Ziyisishagalombili izinhlobo...
iZibonelelo Zomphakathi
Ukufaka isicelo sokuthola lezi ziboneleo kufanele:
• Ubheke kwa-SASSA ukuthi yimaphi amaphepha
okumele uwalethe.
• Bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo phambi
komsebenzi wakwa-SASSA
• Uyoni• Uyonikezwa irisidi njengobufakazi bokuthi ufake
isicelo.
• Le nqubo ithatha izinsuku ezingama-90.
• Uma uphumelele, ukukhokhwa kwakho kokuqala,
kungabandakanya ukukhokha emuva ngesikhathi
imvume yakho ivunyiwe.
• Uyothola isaziso esibhalwe phansi uma isicelo sakho • Uyothola isaziso esibhalwe phansi uma isicelo sakho
singabanga yimpumelelo.
Ungathumela nemibuzo ku [email protected].
#knowyourrights
Uma uba nenkinga yokuthola usizo kwa-SASSA,
ungaxhumana ne-Black Sash ukuze uthole usizo
lomthetho mahhala kanye nokuboniswa ku
072-663-3739.
Uma unemibuzo mayelana nesibonelelo sakho,
xhumana ne-SASSA kulayini wabo wamahhala ku
08600-601-011.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika wenze i-South African
Social Security Agency, phecelezi (SASSA), ukuba yethule
izibonelelo.
II-SASSA isebenzisa indlela ethile yokuhlolwa ukuthi
ufanelekile yini ukuthola isibonelelo. Lokhu kusiza i-SASSA
ukuba ikwazi ukuqinisekisa ukuthi kube yilabo abadinga
usizo kuphela abakwazi ukuyithola. Lesi sinqumo silele
ekutheni uhola malini nokuthi unani.
Ziyisishagalombili izinhlobo zeZibonelelo ezikhona:
1. Isibonelelo sokuSaphotha ingane:
• Isibonelelo sokuSaphotha ingane sibhekelela izidingo
zengane lezi abanakekeli bayo abangakwazi ukuzenza
ngokwanele.
• Izibonelelo zokunakekela izingane zingabantwana
abaneminyaka eyi 0 - 18.
•• Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma
uhlolwa.
2. IsiBonelelo seNgane engaKhuliswa abaZali abayiZalayo
kodwa eBhalwe ngaphansi kwaKho:
• Wena nengane oyinakekelayo kufanele nihlale eNingizimu
Afrika.
• Ingane ibe ngaphansi kweminyaka eyi-18.
• Kufanele ube nencwadi yasenkantolo ewubufakazi bokuthi
uwena obekiwe ukuba ube umzali onakekela ingane.
3. IsiBonelelo sezingane eziKhubazekile:
• Ukufaneleka ukuthola IsiBonelelo sezingane
eziKhubazekile kufanele ube umnakekeli wengane
ekhubazekile.
•• Ingane ibe ngaphansi kweminyaka eyi-18 futhi kube
ukuthi udokotela uthi ikhubazeke unomphelo noma
ngokweqile.
•Nezinsizakalo zokunakekelwa kokunakekela izingane
ezivela eminyakeni eyodwa kuya kweyi-18 (lokhu kungenxa
yokuthi kunzima ukohlola ukukhubazeka kwabantwana
abangaphansi kweminyaka eyodwa ngobudala).
• • Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma
uhlolwa
4. IsiBonelelo SabaGugile:
• Ungafaka isicelo sesiBonelelo sabaGugile uma
uneminyaka eyi-60 ubudala.
• Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma
uhlolwa.
5. Isibonelelo SabaKhubazekile:
• IsiBonelelo sabaKhubazekile esanoma ubani otholwe ngudokotela
engafanelekile ukusebenza ngenxa yokukhubazeka emzimbeni noma
emqondweni.
• Lesi sibonelelo sivuleleke kwabakhubazeke isikhashana
nabakhubazeke unomphelo. Udokotela wakho ozoveza lokho.
• Uma uyithola ngo• Uma uyithola ngokukhubazeka kwesikhashana, iyolokhu ibukezwa
ukuqinisekisa ukuthi usayidinga noma cha.
• Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma uhlolwa.
6. IsiBonelelo sokuQasha umuntu ozokuSiza:
• IsiBonelelo sokuqasha umuntu ozokusiza esomuntu onakekela umuntu
osemdala noma okhubazekile.
• Udokotela wakho noma usonhlalakahle wakho ozosho ukuthi
uyamdinga yini umuntu ozokunakekela.
7. IsiBonelelo sabaBelwa eMpini:
• U• Ukufaneleka ukuthola isiBonelelo sabaBelwa eMpini kumele ube
umuntu owalwa empini i-World War I, II noma i-Korean War.
• Ungabi umuntu onakekelwa esikhungweni sikahumeni.
8. IsiBonelelo sokuKhulula abathile okwesikhashana
• Sinikezelwa ezimweni zenhlekelele noma uma usalinde umphumela
wesicelo sesibonelelo.
• Sikhokhwa izinyanga ezintathu.
• Ungasithola siyimali, ama-voucher noma amaphasela okudla.