halala Sifunda Sasemzinyathi halala - KZN HEALTH · 2016. 3. 7. · halala Sifunda Sasemzinyathi...
Transcript of halala Sifunda Sasemzinyathi halala - KZN HEALTH · 2016. 3. 7. · halala Sifunda Sasemzinyathi...
-
Undasa • 2016
Halala Sifunda SaseMzinyathi, Halala!
Isifo Sofuba Usuku Lomhlaba Lezinso Usawoti
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
mahhala
Nokunye ngapha-
kathi!
-
Olunye lwezinsu
ku olubaluleke
kakhulu kuNdasa, uSuku Lomhlaba
Lesifo Sofuba olugujwa zingama-24
kuNdasa 2016. Nakuba isiFundazwe
saKwaZulu-Natal sinomthwalo omkh
ulu wegci-
wane lesandulela ngculazi kanye ne
sifo sofuba
kepha imiphumela yokwelashwa kw
esifo so-
fuba iyenyuka unyaka nonyaka; isuke
ema-55%
ngowezi-2005 yaya ema-86.3% ngow
ezi-2014.
Mikhulu iMizaMo eyenziwayo e
kwen-
zeni ‘Umhlaba ongenaso isifo sofub
a – kun-
gafi muntu, izifo nokuhlupheka nge
nxa yesifo
sofuba,’ njengoba kufiswa yiNhlang
ano Yo-
mhlaba Yezempilo. Kokunye kwalok
hu yimi-
zamo yabasebenzi bezempilo; u-Op
eration
Sukuma Sakhe, imiphakathi yethu, k
anye
nesisebenzisana nabo ababambe iq
haza
ekuqinisekiseni ukuthi kuyahlolwa
nemis-
hanguzo idliwa ngendlela efanele. S
iqalise
umkhankaso omkhulu wokuhlolelw
a isifo
sofuba kuzo zonke izifunda zezemp
ilo eziyi-11
KwaZulu-Natal. Kugcizelelwa ukuhlo
lelwa isifo
sofuba kubo bonke abantu abafika e
zikhun-
gweni zezempilo.
kepha isifundazwe sinokuthelel
eka
okuyinhlanganisela yesifo sofuba ka
nye negci-
wane lesandulela ngculazi okungam
a-65%
njengamanje. Inkinga enkulu ukub
ambezele-
ka kokuhlolelwa nokwelashelwa isif
o sofuba
kubantu abanegciwane lesandulela
ngculazi.
Yikho sinxusa umphakthi ukuba uy
e kohlolel-
wa impilo okungenani kanye ngony
aka,
ukuze uma kukhona izifo zizotholak
ala bese
zelashwa kusenesikhathi. Kukonke,
siyaphu-
melela ngoba ukuhlinzekwa kwezid
ingo
zesifo sofuba negciwane lesandule
la ngculazi
sezitholakala ezikhungweni zikahu
lumeni
zezempilo ezingama-779.
izwe lethu selinemishini emining
i i-
GeneXpert emhlabeni jikelele (inga
ma-289),
kulesi sifundazwe ingama-90. Le mi
shini
isisize kakhulu ekuhlonzweni kusene
sikhathi
kwesifo sofuba kanye ne-MDR bese
ivumela
ukuqaliswa kokwelashwa kwesifo s
ofuba
emahoreni angama-24 – 48.
undasa 10 wezi-2016 Usuku Lom
hlaba
Lezinso. Umkhankaso womhlaba wo
nke
wokuqwashisa ngokubaluleka kwez
inso.
Ngokwe-International Society of Ne
phrology
and the International Federation of
Kidney
Foundations (IFKF), kumele silandel
e imiyalelo
eyisishiyagalombili ukuze sigcine iz
inso zethu
ziphilile. Kubandakanya lokhu:
Ukuzivocavoca
Ukulawula ushukela emzimbeni
Ukuqaphela njalo umfutho wegazi
Ukudla ngendlela efanele
Ukwehlisa kusawoti
Ungabhemi
Ukugwema ukuphuza amaphilisi on
gawa-
nikiwe udokotela njalo nje.
Funda kabanzi ngaphakathi kuleli b
huk-
wana ngokusebenza kwezinso zak
ho kanye
nokuthi ziyikhubaza kanjani impilo
yakho.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Isifo sofuba SIYELAPHEKA.KULULA ukuhlola.
Kwelashwa MAHHALA.
INkosi Inibusise!
Umyalezo ovela ku
MEC WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
-
I-GLAUCOMA Yazi izimpawu ukugwema ukungaboni
USUKU LOMHLAbA LEZINSO Kungani? IZINDAbA ZEZEMPILO E-KZN Senza okufanele
UMFANEKISO Kuphephisa impilo ukuhlamba izandla! NGOKUKHETHEKILE KUGXILWA ESIFWENI SOFUbA Okumele ukwazi
IZINSUKU ZOKUQWASHISA Izinsuku zezempilo ezibalulekile kuNdasa
USAWOTI Ongakanani omningi? USUKU LOMHLAbA LOMAMA Isikhathi sokuqaphelisisa
UN
DA
SA
201
6 okuqukethwe
UKUQWASHISA NGEZINSO USAWOTI
USUKU LWAbESIFAZANE
I-G
LAU
CO
MA
Ungakwazi Ukubona i-Glaucoma?
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
KUGXILWA ESIFWENI SOFUbA
i-tb ngeke ingelapheka
YAZI AMAQINISO. FUNDA NGEZIMPAWU. UKUGWEMA KUNGUKWELAPHA.
KONKE OKUMELE UKWAZI...
Ukuhlolwa okuphelele kwamehlo emva kweminyaka
emithathu kuya kwemih-lanu uma usuneminyaka
engama-40 kanye nokuhlola minyaka yonke uma usune-
minyaka engama-60.
Ukudla ngendlela efanele: Lokhu
ngeke kuyivimbe i-glaucoma kepha kuyo-
siza kuyo yonke impilo yakho.
Ukuconsisela iso elinenkinga nga-maconsi amehlo.
Ukulimala kweso kungaholela ku-glaucoma. Gqoka amagogolo uma
usebenza ngamathu-luzi bese ugqoka
izibuko zelanga uma uphandle.
Iyini i-GlaucomaIyisifo esiyingozi samehlo esidalwa umfutho omkhulu oba sesweni. Sivame ukuqala emva kweminyaka engama-40 futhi siyimbangela enkulu yokungaboni.
Bona izimpawuNakuba i-Glaucoma ize ibonakale ngesikhathi usuqala ukungaboni kahle emehlweni kepha ukwazi lokho okumele ukuqaphele kuchaza ukuthi ingakwazi uku-thi isheshe ibonakale bese yelapheka, kugwemeke ukungaboni. Kubalulekile ngoba zimbili izinhlobo ze-Glaucoma, kukhona i-Acute kanye ne-Chronic. Ake sibheke lokho okumele ukuqaphele:
1 I-Acute GlAucomA Lena iqala ngekhanda noma ubuhlungu obukhulu esweni. Iso liba bomvu bese kunga-bonakali kahle. Liqina njengomabuli ibhola leso. Ungaqala nokuphalaza bese uqaphela ukuthi okumnyama kweso kuba kukhulu kunakuleli elinye iso eliphilayo. Okumele kwenzIwe Uma kungelashwanga ngokushesha (ngokuhlinzwa), i-Acute Glaucoma idala ukungaboni ezinsukwini ezimbalwa. Uma kubonakala olunye lwalezi zimpawu, kusemqoka ukuthola usizo ngokushesha!
2 I-chronIc GlAucomA Kulolu hlobo, kwenyuka kancane umfutho osesweni futhi kungabi bikho buhlungu. Ukungaboni kwenzeka kancane kancane umuntu enganakile. Okumele kwenzIwe Uma itholakale kusen-esikhathi, ukwelashwa ngamaconsi akhethekile afakwa esweni kugwema ukungaboni. Um-sebenzi wezempilo uyokunika isikali esifanele okuyomele usilandele.
InGaGwemeka I-GlaucOma?Ezikhathini eziningi, ukwenza okuthile kungayigwema i-glaucoma. Lokhu kubandakanya:
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpiLo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
SARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
IZITHOMBE: shutterstock.com
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Ijwayele
ukuhlasela
abaneminyaka
engaphezu
kwengama-40
-
UK
UQ
WA
SH
ISA
NG
EZ
INS
O
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
KHUMbULA! UNGAZIGWEMA IZIFO ZEZINSO – UZIKHETHELA WENA INDLELA YOKUPHILA!
Kungani kumele ugxile ezinsweni zakho?
USUkU LomhLaba LezInSo
UndaSa
10
Izimbangela
ezinkulu zezinkinga
zezinso lapha
eningizimu afrika
umfutho wegazi
kanye nesifo
sikashukela.
Izinso zenza yonke imisebenzi yomzimba wethu ngaphandle kwengqondo. Zenza amakhemikhali adingwa umzimba, Zibulala amakhemikhali ayingozi bese zigcina lawo abalulekile. Nsuku zonke izinso zihlanza uketshezi olungamalitha angama-150 emizimbeni yethu, kubandakanya nomchamo.
Imbangela yezinkinga zezinsoKubantu abaningi, ziyephuza ukubonakala izifo zezinso ngoba azibonakali kanti izimpawu eziningi ezifana nokukhathala kakhulu kanye nengcindezi ziyizimpawu zezinye izifo. Zize zibonakale uma inkinga isinkulu kakhulu. Ukunakekela izinso zakho kungasiza ekugwemeni izifo zezinso. Okunye kwalokhu ukudla ukudla okufanele kanye nokuzivocavoca.
kwenzekani uma izinso zethu sezehluleka?Inkinga enkulu eba sezinsweni ukuthi zigcina sezingasasebenzi bese kudingeka ukuba zihlanzwe, okuyinto eyenziwa ezibhedlela ezikhethekile lapho umshini wenza umsebenzi wezinso. Kuyalindwa ukuze uthole lolu hlobo lokwelashwa kanti kuyabiza. Lokhu kuhlanzwa kwezinso kwenziwa ngezinsuku ezithile evikini impilo yakho yonke kuze kutholakale onganikela ngenso. Kuyaba yimpumelelo uku-fakelwa inso ngoba ukufakelwa inso okungama-90% kuyasebenza emva konyaka kwenziwe kepha nakho kudinga ingcophelelo. Inso entsha idinga ukunakekelwa impilo yakho yonke, okubandakanya nokudla imishanguzo yokwenza inso efake-liwe inganqabi emzimbeni wakho.
ukuGcIna IzInsO zakhO zIphIlIle UNGABHEMI Uma
ungabhemi, ungabe usaqala. Uma ubhema, yeka! Indlela yokuphila elula nebalulekile ekwehliseni ubungcuphe besifo sezinso.Abantu ababhemayo basemathubeni
aphindwe kathathu ukuthi izinso zabo zingasebenzi kahle, kanti amathuba aphindwe kane okuba bahlaselwe isifo senhliziyo nesohlangothi.
UNGAPHUZI KAKHULU Utshwala obuningi bungaholela esifweni senhliziyo kanye nomfutho wegazi ophezulu, kwenyuse ubungcuphe besifo sezinso.
YIDLA OKUNEMPILO Likhulu iqhaza elibanjwa ukudla okudlayo empil-weni yakho. Kungakusiza ekugwemeni izifo ezithile kanye nasekuzilawuleni ezinye. Abantu abakhu-luphele ngokweqile basengcupheni yesifo sikashukela kanye nom-futho wegazi ophezulu – imbangela enkulu yesifo sezinso.
KhumbulA uKu: Yidla izithelo nemifino okuningi Khetha inyama enjengeyen-kukhu kanye nenhlanzi kanye ngesonto
Yidla okunamafuthi ancish-isiwe noma amancane Yehlisa ekudleni okunjengenhlanzi ethosiwe, amachips, inkukhu ethosiwe,njll. (siyithanda sonke inkukhu kepha gwema ethosiwe)
Yehlisa kusawoti
ZIVOCAVOCE Ukuzivocavoca kungehlisa ubungcuphe bokuba nesifo senhliziyo kanye nesikashukela. Kumele uzivocavoce okungenani kathathu ngesonto imizuzu engama-30 ukuze uzuze impilo. Akumele uze uye ejimini – ukuhamba nje kwanele.
-
izikhungo zEzEmpiLo zikahulumeni zivame ukugxekwa ngokuh-linzeka kwazo ngezidingo, okuye kwemboze nemisebenzi emihle eyenziwa yilabo abazibophezele ekusizeni umphakathi. IsiFunda saseMzinyathi siyisibonelo sokusebenza ngokuzikhandla ekuh-linzekeni ngezempilo – ukuzibophezela kwabo kuhambisana nokubambisana nomphakathi wabo.
uKuSebenZA nGoKuZIKhAnDlA = ImIPhumelA eSeZInGenI elIPheZuluIsiFunda saseMzinyathi, ngokuhlola kwaso ukusebenza kohlelo loMshuwalense Kazwelonke Wezempilo, sihamba phambili ekulun-giseni ezempilo zezwe. Kusimpoziyamu ebikhona ngenyanga eyed-
lule, baqinisekise ukuthi bonke ababambiqhaza, okubandakanya nabamele umphakathi, bayazi ukuthi isebenze kanjani iPhrojekthi i-Central Chronic Medicine Dispensing and Distribution (CCMDD), njengendlela yokukhiphela umphakathi imithi. Lolu hlelo lwenza kube lula ukuba iziguli zithole imishanguzo yezifo zazo eziyisimbe-lambela ngalolu hlelo olulandelayo:
I-Medi-Post Pharmacy idilivela iziguli imithi emakhaya noma ezindaweni zokuyilanda.
Iziguli zithola umqhafazo onenombolo yokulandelela iphasela bese ziyilanda endaweni yokulanda imithi uma ingeke idilivwe emakhaya.
Ukuncoma umsebenzi omuhle... Sithi halala
Sifunda Sasemzinyathi
Kungani lusebenzaIziguli ezidla imishanguzo yezifo eziyisimbelambela azisenalo ijoka lokuvuka izintatha ziye emitholampilo ukuyolanda imishanguzo yazo, zilinde emigqeni emide. Ngale ndlela zithola imithi yazo futhi zikhuthazwa ukuba zingeqisi isikhathi ngoba zibe nenkinga
yezinto zokuhamba, imigqa, njll. Lolu hlelo lwehlisa nolayini kanye nezikhathi zokulinda ezikhungweni zezempilo.
Impumelelo yalolu hlelo yenze isiFunda uMzinyathi saklony-eliswa kakhulu emiKlomelweni Yokusebenza Ngokuzikhandla, sithi Viva Mzinyathi Health District Viva!
ungqongqoshE wEzEmpiLo E-kzn, uDkt sibongisEni DhLomo ujabulele impumelelo yemisebenzi emihle yezempilo, esho nokuthi isifundazwe siyaphumelela ekwehliseni umthwalo oyizifo. Njengoba silungiselela uSuku Lomhlaba Lezempilo ngenyanga ezayo, kuhle sikhulume ngezindaba zempumelelo. Zibandakanya:
Ukuhlinzekwa Kwezidingo Zentsha
Imigomo Ye-HPV Ukugqugquzela Indlela
Yokuphila Enempilo
Le mikhankaso yayihlose ukwehlisa izinga lokukhulelwa okungahleliwe kubantu abasha, ukutheleleka ngegciwane lesandulela ngculazi kanye nom-dlavuza wesibeletho, okuyizifo ngokocwaningo lwakamuva ezihaqa abantu abasha. Ngoku-hambisana nalokhu, uMnyango wenze umkhankaso wokusokwa kwabesilisa oholele ekusokweni ngempumelelo kwabesilisa abayizi-636 000.
UMnyango ususabalalise amakhondomu ayizigidi ezi-4.4 anemibala ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nakuma-TVET, kanye nan-gama-600 000 emphakathini jikelele. Lolu hlobo lwamakhon-domu luthakaselwa kakhulu, luthokozelwa kakhulu futhi seluzosatshalaliswa kubantu abaningi.
umkhankaso Wokugomela i-human Papilloma Virus (hPV)Umgomo i-HPV usiza ekugwe-meni ukuba amantombazane amancane athole igciwane i-HPV, elibanga umdlavuza wesibeletho, kusophwe onke amantombazane enza ibanga lesine aneminyaka eyisishi-yagalolunye nangaphezulu ezikoleni zikahulumeni.
“Uma amantombazane esheshe egonywa, kusiza ekushesheni kokubonakala nokugwenywa kwezifo ezinye ezihlasela abesifazane. Sicela bonke abazali kanye nababheki bezingane ukuba baqinisekise ukuthi izingane zigonyiwe,” kusho uDkt Dhlomo.
Kusukela ngoNhlolanja wezi-2014, amantombazane angengaphansi kwayi-135 280 asethole imigomo emibili ed-ingekayo ukugwema igciwane i-HPV. Ukugonywa kwesibili kwangalo nyaka kuyokwen-ziwa ngoNcwaba 2016.
ukuhlinzekwa kwezidingo ngendlela esebenziseka kalula kubantu abashaUMnyango wethule indlela es-ebenziseka kalula kubantu aba-sha yokuhlinzekwa kwezidingo ngenxa yezikhalo ezethulwa abantu abasha ngezikhungo zethu zezempilo. Lokhu kuhlel-we ngendlela elungele umuntu nomuntu ngokwaleso sikhungo okunjengezindlu zokubonwa kweziguli ezingabantu abasha;
“indlu yokuphumula” ukufundi-sa ngezempilo kanye nezinhlelo zamakhono; indawo yezemid-lalo ukukhuthaza impilo kanye neHora Lokuthokoza. NgeHora Lokuthokoza abasebenzi baxhumana, bafundise abantu
abasha ngezinto ezisemqoka mayelana nempilo, endaweni evumayo. Ngokuqaliswa kwe-Hora Lokuthokoza, sebebaningi abantu abasha abathokozela ukuya ezikhungweni zezempilo. Lolu hlelo lusaqhubeka.
i-KZN iqhuba indlela yokuphila enempilo
Samukela ngemfudumalo uMphathi omusha wesiBhedlela Inkosi Albert Luthuli, uDkt
Thandeka Thelumusa Khanyile. Simfisela okuhle kodwa esikhundleni sakhe esisha!
-
izandla ezihlanzekile zisindisa ukuphila
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
-
SO
FUb
A
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
ISIFO SOFUbA SIYELAPHEKA. bAMbA IQHAZA.
USUkU LomhLaba LeSIFo SoFUba
UndaSa
24
Ezempilo e-KZN zenzela ukuphephisa abaningi...
Selokhu kwaqaliswa um-khankaso “Ukubhekana nesifo sofuba Ezikoleni” ngoMfumfu wezi-2014, sekuhlolwe abafundi abayizi-13,085 – abanga-ma-343 batholwa ben-ezimpawu zesifo sofuba. UMnyango Wezempilo e-KZN uyaqhubeka nalolu hlelo futhi uzoqinisa kakhulu ekubhekaneni nesifo sofuba ngale min-genelelo eqhubekayo:
Isifo sofuba
sihlolwa mahhala
ezibhedlela na-
semitholampilo
kahulumeni
Ukuthola bonke abasolwa ukuba nesifo sofuba ngomkhankaso omkhulu wokuhlola isifo sofuba
Ukuhlola bonke abafundi abasolekayo
Ukuhlola bonke abasezikhungweni zokuhlumelelisa izimilo kanye ezinyangeni eziyisi-6
Ukuhlola osolekayo ngobuchwepheshe be-GeneXpert
Ukuqalisa ngokushesha ukwelashelwa isifo sofuba
Ukulandelela zonke izihlobo zalabo abanesifo sofuba
Ukulandelela abangasayilandi imishanguzo
Ukuphucula indlela abantu abadla ngayo imishanguzo.
unGasIGwema IsIfO sOfuBa?yeBo! Ungakugwema ukusabalala kwesifo sofuba ngokwazi izimpawu zaso, ngokuyohlola bese uphothula ukwelashwa. Nazi ezinye izinto ongazenza ukugwema isifo sofuba:
UkUhlanza izandlaKhuthaza wonke umuntu
ekhaya ukuba ahlanze izandla ngamanzi nensipho. Fundisa
izingane zisencane ukuba zivale imilomo yazo uma
zikhwehlela noma zithimula kanye nokuhlanza izandla.
inhlanzeko yakhoUma ukhwehlela noma uthimula,
vala ikhala nomlomo wakho. Uma usebenzisa ithishu, vala umlomo nekhala bese ulahla
ithishu emgqonyeni. Ungasitha ukukhwehlela nokuthimula
kwakho ngendololwane noma ukhwehlelele/uthimulele empahleni yokugqoka.
VUla amawindiAmagciwane esifo sofuba abulawa imisebe yelanga,
kuhle ukuhlala uvule amawindi ekhaya ukuze ukukhanya
nomoya kuphephule amagciwane.
ngabe usengcupheni?
Abantu abanamasotsha omzimba aphansi njen-galabo abanegciwane lengculazi, abangondle-kile kahle noma abesifo sikashukela, noma abantu ababhemayo basethubeni elikhulu lokugula.
Abantu abadala kanye nezingane basengcu-pheni ngenxa yamasosha abo omzimba.
Abantu baba seng-cupheni uma ilungu lomndeni linesifo sofuba esingalashiwe.
kubaluleke ngani ukuphothula ukwe-lashwa kwakhoKwesinye isikhathi abantu bayayeka ukudla imishanguzo uma sebezizwa bengcono. Akumele kwenziwe lokhu. Kubalulekile ukuphothula
ukwelashwa kwakho ngoba uma uyeka igciwane liba namandla bese lingazweli ekwelashweni – kwenza kube nzima ukwelapheka. Uma sekwenzeka , uba nesifo sofuba esingumphumela wokungaqedi imishanguzo okunzima ukuselapha. Lesi sidinga ukuthi ujovwe imin-yaka emithathu.
Enye ingozi yalesi sifo uku-thi singedluliseleka kumuntu ongazange abe nesifo sofuba, oyidle ngendlela imishanguzo bese ethola i-MDR.
Okungadalwa uku-dla imishanguzoEminye imishanguzo yesifo sofuba yenza ophethwe yisifo sofuba afune ukuyeka imis-hanguzo ngoba:
Ukuphelelwa amandla Izinyawo ezilumayo Umchamo osawolintshi Ukungaboni kahle
kusemqoka ukuba ungayeki ukudla imishanguzo kepha buyela emtholampilo uyothola usizo uma kukhona okungakuphathi kahle emishanguzweni.
Isifo sofuba negci-wane lengculaziKwezinye izimo isifo so-fuba negciwane lengculazi kuyahambisana. Kuvamile ukuthi umuntu onegciwane lengculazi aguliswe yisifo sofuba.
uthi bewazi ukuthi kunemishanguzo yabantu abanegciwane lesandulela ngculazi ebasiza ekugwemeni isifo sofuba? Le mishanguzo ibizwa nge-INH Prophylax treatment (IPT). Buza emtholampilo noma esibhedlela esiseduzane uma unegciwane lengculazi kepha ungaphethwe yisifo sofuba.
ukuthOlakala kusenesIkhathI = ukwelashwa nOkunakekelwa kusenesIkhathI
Kubalulekile ukwazi izim-
pawu zesifo sofuba ukuze
uhlolwe kusenesikhathi.
Ezinye zibandakanya lokhu:
Ukukhwehlela ngaphezu
kwamasonto amabili
Izinhlungu esifubeni
Ukukhwehlela igazi
Ukuphelelwa amandla
nokuba ntekenteke
Ukungakuthandi ukudla,
ukwehla kwesisindo
nokujuluka ebusuku.
Ngesikhathi umuntu
engenwa yisifo sofuba
ezinye izimpawu azisheshe
zibonakale. Lokhu kunga-
bambezela ukutholakala
konakekelo bese nabanye
betheleleka ngegciwane.
Abantu abanesifo so-
fuba bangathelela abantu
abayi-10 – 15 ngokuson-
delana nabo ngonyaka nje
owodwa. Qala ubone umsebenzi
wezempilo ozoqinise-
kisa ukuthi unaso isifo
ngaphambi kokuba akufake
ohlelweni lokwelashwa
olufanele.
Nawe uyalibamba iqhaza?
-
UNDASA
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
ISIXOLISONgoNhlolanja wezi-2013 iMagazi
ni Ezempilo yashicilela udaba lokuziqambela olwalusihloko sithi
“Zivikele ezifweni zocansi” kusetshenziswa igama lomlingiswa u
Neli. Imagazini yasebenzisa isithombe
sikaSnenhlanhla Mabaso ngokwakhe aziwa ngoNeli. Isithombe s
atholwa ngemvume ngokwelayisensi
yemifanekiso yakwaShutterstock.
Konke okwakusendabeni kwakungahlangene noSnenhlanhla Ma
baso kepha kwakungokomlingiswa
uNeli. Siyaxolisa kakhulu kuSnenhlanhla ngobuhlungu abuzwile
kanye nokwehliswa isithunzi okube
umphumela walokhu. Sithi Yobe! Okuqukethwe udaba akumthin
ti nhlobo uSnenhlanhla Mabaso.
USnenhlanhla ufisa imagazini ikucacise ukuthi akazange athand
ane nomuntu omdala, akhulelwe
noma abe nesifo socansi.
UndaSa 4 - 8
Isonto Lezempilo ezikoleniImpilo ezikoleni imayelana n
okufundisa
izingane ngokugwema izifo ukuze zibe
nempilo futhi ziphile isikhathi eside.
UMnyango WezeMpilo e-KZN unezinhlelo
eziningi ezigqugquzela impilo ezikoleni.
Sebenzisa leli sonto ukukhuthaza ukudliwa
kokudla okunempilo emakhaya kanye
nokugwema izifo – kakade konke kuqala
ekhaya.
UndaSa 6 - 12
Usuku Lomhlaba LweGlaucomaIGlaucoma iyimbangela eng
eyesibili
ekuholeleni ekungabonini lapha eNingizimu
Afrika. Leli sonto elokuqwashisa ngalokho.
Ucwaningo luveza ukuthi labo bantu abadla
ukudla okufanele baba ngcono.
UndaSa 16 - 22
Usuku Lomhlaba Lokuqwashisa ngosawoti Izakhamizi zaseNingizimu Af
rika zidla
usawoti omningi ongadingekile. Lokho
kuchaza ukuthi bazoba baningi abazog-
uliswa umfutho wegazi ophezulu. Ake
uqale ukupheka ngosawoti omncane
ubone umehluko empilweni yomndeni
wakho. Fundisa izingane ukuba
zejwayele ukudla ukudla okuno-
sawoti omncane ukuze zejwayele
ukudla ngendlela enempilo
noma sezindala.
Usuku Lomhlaba LabesifazaneNakuba izwe lethu lithuthukis
a abantu
besifazane kepha ziseningi izinselelo ezikhona. Enye
yezinkinga eyokwenyuka kwezinga lokuhlukunyezwa
kwabesifazane. Lolu suku lugujwa emhlabeni wonke
ukuhlonipha imizamo yabesifazane abamashela
ukulingana kwamalungelo eminyakeni eyi-101,
kubuye kugqugquzelwe abesifazane ukuba
bakhulume ngokuhlukunyezwa. U-MEC uDhlomo
uqalise umkhankaso wokulwa nokudlwengulwa
nokuhlukunyezwa kwabesifazane, wabe esecela wonke
umuntu ukuba alwe nalokhu.
Uthi bewazi ukuthi ukuguliswa yinso kubantu
besifazane kuyinto eyejwayelekile? Abesifazane
bedlula abesilisa kasithupha ngokuguliswa yizinso.
Lokhu kwenziwa ukuba lula kokungena kwegciwane
emzimbeni wowesifazane bese libanga ukugula
ezinsweni. Abasengozini kakhulu yilabo besifazane
abasebancane abenza njalo ucansi nalabo
abakhulelwe. Okuyiyona ndlela engugo ekugwemeni
isifo sezinso ukuphuza amanzi amaningi!
Usuku Lomhlaba Lokuqwashisa ngoku-limala ekhanda Njalo ngo-
nyaka kuleli zwe kubikwa ukulimala kwasekhanda okunga-
phezu kwezi-89 000 iningi lakho okubangelwa yizingozi. Lo
lu
suku olokusikhumbuza ngezindlela zokuphepha emgwaqe
ni
ezingasindisa impilo yethu. Lokhu kubandakanya ukufasa a
m-
abhande kanye nokungaphuzi utshwala bese ushayela.
Usuku Lwamalungelo abantu Eminyakeni engama-54 eyadlula,
izinkulungwane zabantu zamasha ngokuthula eSharpville, eG
oli
zilwa nobandlululo. Uhulumeni wadubula, wabulala abantu a
ban-
gama-69 kwalimala abayi-180 okwenza lolu suku lwabizwa n
gol-
wesiBhicongo saseSharpeville. Kuhulumeni wentando yenin
gi
kwathathwa isinqumo sokuthi lolu suku lubizwe ngolwamaL
ung-
elo Abantu ukuze kuhlonishwe labo bantu abafa ngalolo suk
u.
Usuku Lomhlaba Lwe-downs Syndrome
I-Downs Syndrome ihlonzwa ingane isandakuzalwa kanti iy
isifo
esenza ingane ibe ngumuva kwezinye ekukhuleni nasekufu
ndeni.
Nakuba singelapheki kepha abantu abanalesi sifo bangasiz
wa
ukuze baphile impilo yokuzimela futhi bejabule.
8
1020
21
21Usuku Lomhlaba Lwe-Tb
Lolu suku olokuqwashisa umphakathi ukuthi i-TB isewubhubhane emhlabeni wonke. Umyalezo wanamuhla uthi i-TB
ingelapheka. Funda kabanzi ngayo.
24
-
US
AWO
TI
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Abantu baseNingizimu Afrika badla usawoti ongamathispuni amabili ngosuku – kuphindwe kabili kulokho iNhlangano Yomhlaba Yezempilo ethi kuyimpilo. Nakuba imizimba yethu iwudinga kepha uma uzitshela ukuthi awunabungozi, cabangisisa!
QAPHELA USAWOTI!
YEKA! USAWOTI OMNINGI UNGAHOLELA ESIFWENI SENHLIZIYO NESOHLANGOTHI
Q siyawudinga usawoti?Siyawudinga usawoti ukuze siphile. Njengoba umzimba ungeke uwakhe usawoti ngakho kumele uwuthole ekudleni. Imizimba yethu idinga usawoti ukubhalan-sisa amazinga oketshezi olusemzimbeni, ukugcina umfutho wegazi usesimweni, ukuthumela ulwazi emizweni nasemisi-pheni kanye nokusiza ukumuncwa kom-soco emathunjini amancane. Kuhle ukudla usawoti omncane kepha uma usumningi ungaholela kulokhu:
Umfutho wegazi ophezulu Inhliziyo Isifo sohlangothi Amatshe ezinsweni
Q abesifazane abakhulelwe nezingane? Nakuba abesifazane abakhulelwe bewudinga usawoti kepha kubalulekile ukukhumbula ukuthi usawoti omningi unganyusa umfutho wegazi, okun-gaholela esifweni esiyingozi esibizwa ngo-kuthi yi-pre-eclampsia. Yilapho amazinga amaphrotheyini asemchamweni eba phezu-lu, okungabeka impilo yakho neyengane engcupheni. Khumbula ukuthi izingane zid-inga usawoti omncane kunabantu abadala – ukudla usawoti omningi kudala izinkinga ezifanayo nezabantu abadala njengom-
futho wegazi ophezulu kanye namatshe ezinsweni, besebancane. Usawoti omningi ekudleni kwengane ungaholela ekupheleni kwamanzi emzimbeni.
Q ngazi kanjani ukuthi ngidla usawoti omningi? Uma uphendula ngo yebo kule mibuzo,
kumele wehlise kusawoti:
Udla kakhulu izibiliboco noma ukudla okugayisisiwe?
Uhlala womile bese uphuza kakhulu? Uzizwa noma ubukeka uqunjelwe?
Q Qaphela usawoti ofihle-kile! Akuwona kuphela usawoti esiwufaka uma sipheka noma sidle – kuno-sawoti ofihlekile cishe kukho konke ukudla esikuthenga ezitolo. Abakhiqizi bokudla bayazi ukuthi siyakuthanda ukudla okuno-sawoti, ngakho baye bawufake ekudleni ukuze kudayiseke ngokushesha ukudla kwabo. Uhulumeni wethule inqubomgomo yokuqinisekisa ukuthi abakhiqizi bokudla bafaka usawoti omncane ekudleni okuthile – okubandakanya isinkwa, amasiriyeli, ibhotela, amazambane, amasnekhsi, inyama egayisisiwe, namasobho. Kubukeka kusebenza lokhu, kukuwe ukuzikhethela okunempilo uma uthenga.
amathIphu okwehlisa kusawoti
Phuza amanzi amaningi ukwehlisa ukuqunjelwa okudalwa usawoti
omningi.
Yidla kancane ukudla okugayisisiwe nokuthengwa
sekuvuthiwe – zenzele okwakho ukudla okusha
usawOtI Omncane
kwehla uBunGcuphe
BesIfO sOhlanGOthI
kwehla umfuthO weGazI
Usawoti ungumkhuba – ungawufaki ekudleni uma usudla!
Funda amalebula asekudleni – thenga okunosawoti omncane
-
Abesifazane ababili kwabathathu lapha eNingizimu bayahlupheka. Kuqala ngokuthi abesifazane bagcine ngempilo yabo kanye nabo uqobo. Ngisho owesifazane esegula kepha akasheshi ukuya emtholampilo. “Akekho oyophekela anakekele umndeni wami uma ngiya emtholampilo” kuhlala kuyisizathu. baningi abesifazane kunabesilisa ababulawa isifo sofuba ngoba abayi njalo ukuyolanda imishanguzo.
US
UK
U L
WA
bE
SIF
AZ
AN
E
E zempilo e-KZN zenze impilo yabesi-fazane yaba ngeyokuqala ukuqinise-kisa ukuthi iningi labesifazane bathola ukwelashwa – kepha kumele abesifazane bazifundise ukufinyelela osizweni.
kungani kumele abesifazane bafundisekeUkuzifundisa ngokwakho njengomuntu wesifazane kuchaza ukuhlomula kukawonke-wonke – wena, umndeni wakho kanye nom-phakathi wakho!
ukuzikhethela kwezocansiUkuthembeka kumlingani wakho ngeke kuku-vikele egciwaneni lesandulela ngculazi uma umlingani wakho engathembekile. Uma unok-wesaba, ungathuli, abesifazane bayazikhethela ukungazitholi izifo zocansi kanye nokukhulelwa okungahleliwe. Khuluma nomsebenzi wezem-pilo oyokuchazela kabanzi ngokuzivikela.
Imibono yakudalaAbesifazane asebebadala benza iphutha loku-cabanga ukuthi izifo zocansi zihlasela kuphela abantu abasebasha, kube bonke abantu abenza ucansi baminyaka yonke kumele benze ucansi oluphephile.
shesha ubhukheUma usola ukuthi sengathi ukhulelwe, ungachithi isikhathi ungayi emtholampilo. Hamba njalo emtholampilo uyohlolwa, ungag-cini ngempilo yakho. Uma ungazizwa kahle ungakuzibi lokho. Zigcine uphilile – uzigcinele wena, umndeni wakho kanye nekusasa lakho!
USUkU LomhLaba LabeSIFazane
UndaSa
8Impilo yabesifazane iwudaba lomphakathi
BanGasIza kan-JanI aBesIlIsa
Nanoma yimuphi owesilisa angasiza impilo yowesifazane ngoku:
Khulisa izingane zakhe ngokuhlonipha abesifazane nokuphatha abafana naman-tombazane ngokulinganayo.
Ukulalela umlingani wakhe kanye namadodakazi kanye nokubona ukuthi zingatholaka-la yini izisombululo ekhaya.
Ukuhlela umndeni Ukukhuthaza umlingani wakhe
ukuba aye kohlola bese ele-kelela ngemali edingekayo
Ukulekelela ekukhulisweni kwezingane kanye nasemise-benzini yasekhaya
Ukwethembeka kumlingani wakhe, uma ehluleka enze ucansi oluphephile
Ukungavumeli noma yikuphi ukuhlukunyezwa kowesifazane
Ukukhuthaza izingane zakhe ukuba zinakekele impilo yazo
Ukushintsha ukuthi in-doda enamandla yileyo elala nabesifazane abaningi. Indoda enamandla ngenamandla neth-embekile kumlingani wayo!
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba