Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami...

10
ULWEZI 2016 Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane KUGXILWE KUMA- ANTIBIOTICS Nokunye ngapha- kathi! SILWA NEZIFO, SILWA NOBUBHA, SINIKA ITHEMBA MAHALA

Transcript of Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami...

Page 1: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

Ulwezi • 2016

Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane

KUGXILWE K

UMA-

ANTIBIOTIC

S

Nokunye ngapha-

kathi!

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

mahala

Page 2: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

Ulw

ez

i 201

6

KUsUKela PhezUlU Umyalezo ovela kuNgqongqoshe Wezempilo kanye neNhloko Yomnyango

izindaba zezemPilo e-Kzn Ezakamuva ezivela eMnyangweni Wezempilo

izinsUKU zoKUqwashisa Izinsuku Zezempilo Ngale Nyanga

PhUmela obala ngoKUhlUKUnyezwa Ungaphuma kanjani ebudlelwaneni obunokuhlukumeza

UmfaneKiso Kugxilwe ekukhulelweni kwentsha

isifo siKashUKela Funda ukuthi ungasigwema kanjani noma selashwa kanjani njengoba sesandile

UKUqwashisa ngoKUPhila noKUKhUbazeKa Yenza umehluko emphakathini wakho

aPhePhe Kanjani ama-antibiotics? Konke okumele ukwazi

ingane! Kuqopheke umlando e-KZN ngengane yezimangaliso!

okuqukethwe

ama-antibioticsUKUhlUKUn-

yezwa eKhaya UKUKhUbazeKasiKashUKela

UKUTHULA kuyakufihla UKUHLUKUNYEZWAUKUHLUKUNYEZWA

KhUlUma bese UViKela abahlUKUnyeziwe. dalUla UmhlUKUmezi.

QEDA UKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE NEZINGANE. PHUMELA OBALA.

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI

Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.

Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters

Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA

U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)

THANDI ZULU

THEMBA MNGOMEZULU

sARA AULD

DR GUGU MAZIBUKO

IZITHOMBE: shutterstock.com

Kwakuyoba njaniukuba kwakun-gumama wakho noma udadewenu? Ungakuzibi ukuhlukunyezwa?

Page 3: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

NGALE nyAnGA siGubhA Usuku Lomhlaba Lwesifo Si-

kashukela mhla ziyi-14 kuLwezi 2016, olusenza sixoxe kabanzi

ngalolu bhubhane olungumabulala ethule. Izibalo zaseNingizimu Afrika

ezimaqondana nesifo sikashukela ziphezulu njengoba ochwepheshe belin-

ganisela ekuthini nsuku zonke kufa abantu abangama-58 bebulawa ushukela – bese

kuthi abangama-50% yilabo abanesifo sikashukela bebe bengazi ukuthi banaso.

Ngakho-ke ukugwenywa nokulawulwa kwesifo sikashukela kanye nezinye izifo ez-

ithinta indlela yokuphila kubalulekile – ikakhulu ngoba isifo sikashukela sineqhaza

elikhulu ezifweni ezihaqe iNingizimu Afrika (Igciwane lengculazi nengculazi kanye

nesifo sofuba; ukufa kwezinsana nemidlezane; izifo ezingathathelwana kanye; uk-

wethuka kakhulu okudalwa ukulimala ngenxa yodlame kanye nezingozi zezimoto.

KudinGA uKubA siguqule indlela esibuka ngayo izinto ukuze sinqobe izinselelo

ezinkulu zezempilo esibhekene nazo. Ngokwesibonelo, uhlobo oluningi kakhulu

lwesifo sikashukela, uhlobo lwesi-2, luyagwemeka. Nakuba lungadluliseleka ezizuku-

lwaneni kepha lungolokuzenzela. Lokhu kudalwa ukungazivocavoci; ukudla okun-

genamsoco; nokukhuluphala ngokweqile. Sinxusa abantu ukuba badle ngendlela

efanele, banyuse nezinga lokuzivocavoca, baphile kahle.

njEnGoMnyAnGo, sizibona sinenhlanhla ngokuba nabasebenzi abangaphezu

kwezi-80 000, abasabalele kuso sonke isifundazwe, ngisho nasezindaweni ezisemak-

haya. Simandla ezinombolweni, okuchaza ukuthi singenza okukhulu ekwedluliseni

imiyalezo yezempilo engakhuthaza abantu ukuba baguqule indlela yokuziphatha.

KuzE KubE yiMAnjE, wonke umuntu uyanxuswa ukuba alekelele ekwehlisweni

komthwalo wezifo esifundazweni ngokunika ulwazi, ukufundisa nokuhamba

phambili. Sineqhaza elibalulekile okumele silibambe ekukhuthazeni abantu ukuba

banakekele impilo yabo bese bezibona izimpawu ezexwayisa ngokungaba yingozi

empilweni yabo. Kumele thina ngokwethu sibe yisibonelo ngendlela esiphila ngayo

bese sikhuthaza nabanye ukuba baye ezikhungweni zezempilo okungenani kanye

ngonyaka beyohlolelwa izifo ngoba uma izifo zitholakala kusenesikhathi, kulula uku-

zelapha.

njEnGAbAsEbEnzi boMnyAnGo, singawusiza umphakathi ukuba ulawule ukuba

sengcupheni yezifo ezingathathelwana ngokuwufundisa ngokudla ngokunempilo,

izenzo ezinokunakekela impilo kanye nokuzivocavoca.

Umyalezo ovela ku

HOD WezeMpilo e-KZN,

uDkt sifiso Mtshali UMA KuMELE KunqotshwE impi yokulwa nezifo ezingathathelwana, kumele sishintshe indlela yokuphila. Indlela enhle yokuqala lokhu ukunakekela iz-inhliziyo zethu. Ngaphambi kokuba sikuqale lokho, kumele sime kancane bese sibheka ukuthi yimuphi umsebenzi obalulekile wenhliziyo emizimbeni

yethu, okungukuphampa igazi emzimbeni, ukuhambisa umoyampilo nemisoco kuya kumathishu bese kuphuma umoya ongadingekile kanye nokunye okungadingeki.

KuMELE sizibuzE imibuzo ebalulekile enjengokuthi, ngabe nsuku zonke senza oku-fanele yini ukugcina inhliziyo yenza ngokufaneleyo imisebenzi okumele iyenze? Noma siyifaka ngaphansi kwengcindezi nsuku zonke, ngokwehluleka ukukhetha okufanele kwezempilo, sikhuphula umthwalo wezifo ongadingekile esifundazweni?

sEsifiKiLE isiKhAthi sokuguqula indlela esibuka ngayo izinto. Okudingeka sikwenze ukuze senze umehluko ukwenza ushintsho oluncane endleleni yokuphila. Siyeke izindlela ezingalungile zokudla, okunjengokudla ukudla okunamafutha amaningi kanye noshukela, kanye nokudla ngokweqile. Esikhundleni salokho zijwayeze ukudla okunomsoco okunjengokubilisiwe, izithelo kanye nemifino. Zijwayeze ukuzivocavoca. Ungahambi ngekheshi uma uya esitezi sokuqala ebhilidini.

LEzi zifo zEndLELA yEMpiLo – njengenhliziyo, umfutho wegazi ophezulu, isifo sikashukela nesomdlavuza – kujwayele ukuba kube ezokuzenzela futhi ziyagwemeka ngokulandela uhlelo lokudla olufanele kanye nokuzivocavoca. Umphakathi kumele wazi ngezinto ezinobungozi njengokubhema, ukuphuza, ukudla izidakamizwa, um-futho wegazi ophezulu, ikholesteroli ephezulu, ukukhuluphala ngokweqile kanye ne-ngcindezi.

KuMELE siKhuMbuLE ukuthi umzimba womuntu unjengenjini yemoto edinga ukuba iseviswe njalo ukuze isebenze kahle isikhathi eside. Uma injini yemoto yakho iba nenkinga, uyisa egaraji ukuba iyolungiswa. Kepha ungazigwema lezo zinkinga uma uyisevisa ngezikhathi ezifanele. Angiqondi ukuthi kungani sisevisa izimoto zethu kepha sehluleka ukusevisa imizimba yethu. Ake sizejwayeze ukusevisa imizimba yethu ngokuya kohlola impilo okungenani kanye ngonyaka.

EKuGcinEni, ngifisa ukuthatha leli thuba nginxuse bonke abazali nababheki bez-ingane ezingaphansi kweminyaka emi-5 ukuba baziyise emitholampilo eseduzane uku-ze zigonyelwe uvendle nesimungumungwane, mahhala. Umkhankaso wokugomela uvendle nesimungumungwane waqala zingama-31 kuMfumfu wezi-2016, uzoqhubeka zize zibe yi-18 kuLwezi 2016.

Umyalezo ovela kuMEC WezeMpilo e-KZN, uDkt sibongiseni Dhlomo

Page 4: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

UNgqoNgqoshE UDhlomo wenze isicelo kuzo zonke izakhamuzi ukuba zi-nakekele izinhliziyo zazo ngokungabhemi nokungaphuzi utshwala kanye nokudla ukudla okufanele bese zizivocavoca.

Ekhuluma ohlelweni lokuhambela umphakathi kuqwashiswa ngezinto ez-ithinta inhliziyo eseMadadeni, esiFundeni saseMajuba ngasekuqaleni kwale nyanga, uNgqongqoshe uDhlomo uthe: “Abantu mabejwayele ukudla okubilisiwe, izithelo nemifino… Konke okudlayo kunomthelela empilweni yakho. Yehlisa ekudleni oku-namafutha. Umzimba udinga isilinganiso esithile sokudla…ungadli ngaphezu kwalokho okudingayo. Awukhuluphali ngephutha. Uyazikhethela, ngesikhathi udla okungaphezu kokudingayo bese ungazivocavoci. Zijwayeze ukuzivoca-voca. Ungaligibeli ikheshi uma uya esitezi sokuqala sebhilidi.”

UNgqongqoshe uDhlomo ufanise inhl-iziyo yomuntu nenjini yemoto, edinga uku-hlale njalo iseviswa ukuze isebenze kahle isikhathi eside. “Kungani ubhema kepha ube ungenawo ushimula? Inhliziyo ithwala kanzima uma ungenisa intuthu nabanye oshevu botshwala, ukudla okunamafutha kanye nalapho ungazivocavoci,” esho.

Unxuse umphakathi ukuba uziqaph-ele izinto eziyingozi njengokubhema, ukuphuza, izidakamizwa, umfutho wegazi ophezulu, ikholesteroli ephezulu, uku-khuluphala ngokweqile, ingcindezi wabe esekhuthaza ukuya njalo kuyohlolelwa

izifo emitholampilo. Uma uqalwa ukugula uneminyaka

engama-40, ngezifo ezingathathelwana, uyoba nenhlanhla uma ufika eminyakeni engama-60. Uma ufa usemncane ku-dala inkinga ezweni ngoba silahlekelwa yikhono lakho. Kusho ukuthi izwe lilahle-kelwe iqhaza obungalibamba emnothweni iminyaka engama-20.

Kepha labo bantu abanakekela im-pilo yabo, izifo ezingathathelwana zifika kamuva empilweni yabo ngesikhathi sebe-kwenzile okuningi emhlabeni,” kwengeza uNgqongqoshe.

“IMPILO ENHLE ISEZANDLENI ZAKHO”

UNgqongqoshe unxusa ukuba kubekezelelwe abayiziphiwoUNgqoNgqoshE wEzEmpilo E-kzN UDkt. siboNgisENi Dhlomo uphinde wagcizelela ukuba kubekezelelwe labo abayiziphiwo.

Ngesikhathi kunemashi eyayihlelwe abe-Albinism Society of South Africa (ASSA), uNgqongqoshe uDhlomo wagci-zelela isidingo sokuqwashisa ngezindllela ezahlukene zokubandlululwa, ukucwaswa kanye nezinselelo zokuphepha kwa-bantu abayiziphiwo ngenxa yezinkoleloze ngesimo sabo.

 “Izinkoleloze ngabayiziphiwo ziyaqhubeka nokushiya labo abayizo beziz-wa bengaphephile; bebandlululwa futhi bekhishwa inyumbazane,” kusho uDhlomo.

Imashi ihlanganise abayiziphiwo besuka kuso sonke isifundazwe futhi yasetsh-enziselwa ukuguba inyanga kaMfumfu okuyiNyanga Yomdlavuza Wesikhumba njengoba labo abayiziphiwo behlaselwa kakhulu umdlavuza wesikhumba.

“Konke okudlayo kunomthelela empilweni yakho…awukhuluphali ngephutha, uzikhethela wena ngokudla ngaphezu kokudingekayo bese

ungazivocavoci.” – uNgqongqoshe uDhlomo

Page 5: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

Ulwezi

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

Usuku lukazwe-lonke Lezingane

Usuku Lwezingane lugujwa minyaka yonke

emhlabeni jikelele ukukhumbula ukuthi izingane

ziyalingana futhi zinamalungelo. Nakuba kunjalo

kepha izingane zisaqhubeka nokuhlukunyezwa

ngokushaywa nangokocansi ngabantu

ezibathembayo. Kumele sigqugquzele izingane

ukuba ziphumele obala ngokuhlukunyezwa kwazo.

Njengomphakathi simelwe ukuzivikela, sizihloniphe

bese sizinika imfundo nothando ukuze zibe

nesiqalo esihle sempilo.

Inyanga Yeribhini ElibomvuInhloso yale nyanga ukuqwashisa ngezidakamizwa kubantu bethu abasha. Ukusetshenziswa

kwezidakamizwa kuyinkinga enkulu eNingizimu Afrika ehlasela izigidi ezi-3, 74 zabantu. Ngale

nyanga, kwenyuswa imizamo yokusiza kwabayizigqila zezidakamizwa. Yikuphi wena

okwenzayo ukuqeda ukusetshenziswa kwezidakamizwa emphakathini wangakini futhi

ngokubambisana, ake sisiqede lesi sihlava esibulala ikusasa lentsha yethu.

Usuku lwe-SADC lukamalaleveva

Ngokwenhlangano Yomhlaba Yezempilo, abantu

abathi ababe ngamaphesenti angama-63 e-Afrika

eseNingizimu bahlala ezindaweni ezino-

bungcuphe bukamalaleveva okuhaqa

kakhulu abesifazane abakhulelwe

kanye nezingane ezineminyaka enga-

phansi kwemihlanu. Umalaleveva ubu-

lala kakhulu esifundeni – nakuba eNin-

gizimu Afrika usucishe waqedwa nya.

Usuku Lomhlaba Lesifo Sikashukela

Kulindeleke ukuba isibalo sabantu abanesifo si-

kashukela siphindeke kathathu eminyakeni eyi-15

ezayo, ngokusho kongoti. Bangaphezu kwezigidi

ezine abantu baseNingizimu Afrika abanesifo si-

kashukela, okwenziwa yindlela yokudla

neyempilo. yisiKhAthi soKuqEdA

uKudLondLobALA KwEsifo siKAshu-

KELA. Zifundise ngalesi sifo esilawulekayo.

Ukudla ngendlela nokuzivocavoca yiwona

khiye – usEnGAqALA

MAnjE.

Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abaphila Nokukhubazeka Ngale nyanga

yisikhathi sokuba omunye nomunye abheke ukuthi

umuphatha kanjani umuntu ophila nokukhubazeka. Iqiniso

elokuthi umuntu ophila nokukhubazeka angaphila impilo

eyejwayelekile, abambe iqhaza ekusebenzeni. Kungaba

sesikoleni, emsebenzini noma ekhaya, yisikhathi sokuba

sibambisane ekuqedeni ukubandlululwa kwabaphila

nokukhubazeka. Khuthaza umphakathi wangakini

ukuba ubandakanye abaphila nokukhubazeka ezintweni

zomphakathi. Yenza okuthile!

2

9

14

ULWEZI 14 - 20 Isonto Likazwelonke Lokuqwashisa Ngama-AntibioticsIsonto Lokuqwashisa Ngama-Antibiotics, lungolokuqwashisa

ngodaba olubucayi lokungazweli kuma-antibiotics. Leli sonto

likhuthaza abantu emhlabeni jikelele ukuba basebenzise

ama-antibiotics ngokufanelekile. Ngesikhathi somkhankaso

womhlaba jikelele, kuqwashiswa ngokukhishwa kwama-

antibiotics e-Australia kanye nokungasetshenziswa ngendlela

kwawo. Umkhankaso ukhumbuza wonke umuntu ukuthi:

Kungalimaza ukungasebenzisi ngendlela ama-antibiotics

Ungedlulisa ibhaktheriya yokungemukeli komzimba ama-

antibiotics

Ama-antibiotics asemqoka futhi kumele aphathwe

ngokufanelekile

25 Usuku Lomhlaba Lokuqeda Ukuhlukunyezwa

Kwabesifazane KuzeKUBE KUZIBANDLELA ZIYI-10

Izinsuku Eziyi-16 Silwe kanzima njengezwe ukuze sizuze in-

tando yeningi, kepha abesifazane nezingane basaqhubeka nokuhlukunyezwa ngabantu

ababathembile. Njengoba sikhuluma ngokuh-lukunyezwa masingakuvumeli ukuhlukun-

yezwa kwabesifazane unyaka wonke. Masisize sibuye sigqugquzele abesifazane nezingane

ukuba baphumele obala ngokuhlukunyezwa – yiyona ndlela esingakuqeda ngayo. Bika

emaphoyiseni ukuhlukunyezwa bese izingane zibika kubaphathi ezikoleni ukuhlukunyezwa

ngontanga. Amadoda kanye nabafana bay-agqugquzelwa ukuba bakhulume ngokuhluku-

meza bese bekugxeka.

Shayela inombolo yamahhala yokuqedwa kodlame lezobulili, ethi 0800 150 150 uma uhlukunyezwa futhi udinga usizo.

Page 6: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

UK

Uh

lUK

Un

yez

wa

eK

hay

a

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

Owesilisa

woqobo akam-

hulukumezi

umuntu wesi-fazane

UKUthola olUnye Usizo shayela inombolo KazwelonKe yamahhala yoKUqeda UKUhlUKUnyezwa

Kwabesifazane ethi: 0800 150 150

nsuku zonke abesifazane bashaywa ngempama, bakhahlelwe, bashaywe, basatshiswe, badlwengulwe futhi baze babulawe nga-balingani babo. Kepha aku-vamile ukuthi sizwe nga-lokhu kuze kube ngemuva kwendaba. lokhu kwenzeka ngoba abesifazane abahl-ukunyezwayo bavamise ukuthi bazizwe benamahl-oni, bephoxekile, kungathi babodwa kulokhu futhi besabe ukukhuluma ngakho. ngale kokunqoba kwethu ngenkathi sithola umbuso wentando yeningi futhi siba ngelinye lalawo mazwe anabesifazane abaningi kuhulumeni, baningi kakhulu abesifazane abaqhubeka nokuhlukunyezwa ngabesili-sa ababathembayo.

QEDA UDLAME, PHUMELA OBALA.

Izigidi zabesifazane baseNingizimu Af-rika ziphila ngokuhlukumezeka okuthile nsuku zonke, okuhlanganisa:

EmzimbEni ukushaywa okubanda-kanya ukushaywa ngempama, uku-khahlelwa, njalo njalo

EmoyEni/ngomlomo ukwenza owesifazane azizwe engelutho futhi uqede ukuzethemba kwakhe

ngokocansi ukudlwengulwa, ukwenziswa izinto ezehlisa isithunzi

ngokomnotho ukugodla imali edingekayo ukuze kondliwe umndeni

UkUlinyazwa kwEmpahla lapho indoda ilimaza impahla yowesi-fazane, nakho kuyindlela yokuhlukumeza.

Kungani abesifazane behlala nabalingani ababahlukumezayoUma sizwa ngowesifazane ohlukunyezwayo lo ngumbuzo wokuqala esiwubuzayo – uhlalele-ni? Ziningi izizathu, ezihlanganisa nalokhu:

Uvalo kanyE nokUsatsh-iswa: Umhlukumezi uvamise ukumsa-bisa ngokumbulala yena, umama wakhe noma izingane uma engahamba. Lo wesifazane uye abone ukuthi uvikela bonke laba uma ehlala.

UkUngabi nEmali, UkUngabi nEndawo: Lesi yisizathu esikhulu ikakhulukazi uma indoda kuyiyo kuphe-la esebenzayo. Owesifazane angazibo-na sengathi akanayo indlela yokuzodla yena nezingane zakhe uma ehamba.

amahloni kanyE nEzinkolE-lo zamasiko: Abesifazane abaningi abahlukunyezwayo babona (okuyiphu-tha nokho) ukuthi lolu dlame, ngandlela thize, lungenxa yephutha lakhe, nokuthi kungumsebenzi wakhe ukuhlala nomy-eni noma kunjani.

Ukuthola isibindi sokushiya um-lingani ohlukumezayoAkukufanele ukuthi udlwengulwe noma ush-aywe. AKuKhAthALEKi uKuthi KunjAni. Ukwesaba okukanoma ngubani, futhi iningi labesifazane elihlukumezekile liba nokwe-saba futhi liphelelwe ukuzethemba. Yimpilo

Udlame lwasemakhaya lungena ngaphansi koMthetho Wodlame lwaseMakhaya we-1998 kanti futhi ungafaka isicelo sencwadi yokukuvikela eNkantolo kaMantshi noma eNkantolo Ephakeme eseduze kwalapho wena noma umhlukumezi ehlala noma esebenza khona. Kungadingeka izinto ez-injengomazisi neminye imibiko yodokotela noma yofakazi bokuhlukunyezwa.

Inkantolo izokuchazela ngamalungelo akho futhi bakusize ukugcwalisa ifomu. Isicelo sakho sisiwa kuMantshi, ozokhipha isexwayiso asise kumhlukumezi, simazisa ngencwadi yokukuvikela futhi simlayela uku-thi avele enkantolo ngosuku olubekiwe.

Incwadi yokukuvikela ima njalo aze lowo ohlukunyezwayo ayishintshe noma ayisule, noma ize isulwe yiNkantolo Yokwedlulisa Amacala.

UHLELO LWEZOKUPHEPHAUkushiya umlingani ohlukumezayo kudinga ukuhlelelwa ngoba kufanele ube namandla okubheka ikusasa elingenaye. Lokhu okulandelayo kuzokusiza kukuk-hombise odinga ukwenze:

Thinta isiteshi samaphoyisa esisedu-zane noma umtholampilo

Bazokwedlulisela kusonhlalakahle, inhlangano noma umuzi ophephile ose-duze nawe osiza abesifazane abahluku-nyeziwe. Bazokusiza futhi ukuthi uthole incwadi yenkantolo yokukuvikela.

Lokhu kusho incwadi yenkantolo evimbela umhlukumezi ukuthi angenzi isenzo sodlame lwasekhaya kuwe noma ukuthi angangeni ekhaya lakho noma lapho usebenza khona. Uma en-gakuthobeli lokhu, uzoboshwa.

Le ncwadi yokukuvikela iphinde inike amaphoyisa imvume yokuthatha izib-

hamu zomhlukumezi noma yiziphi ezinye izikhali eziyingozi

Gcina enye imali kanye nezingubo endaweni efihlekile engaziwa ngumlin-gani wakho.

Zama ukugwema ukukhulelwa uma uhlukunyezwa ngoba lokhu kungenza kube nzima ukushiya

Thola umsebenzi noma uthole buthule ikhono elizokusiza ukwazi ukuzondla uma usushiya.

Gcina amakhophi emibiko yempilo yak-ho kanye neyezingane, omazisi kanye nawo wonke amaphepha ongawadinga.

AMALUNGELO AKHO OMTHETHO

yakho, kanti futhi usizo lukhona la ngaphan-dle. Qala ngokuthi uyeke ukuthula – xoxela umngani, isihlobo noma umeluleki wase-sontweni, noma ngubani omethembayo. Kukhona abantu abaqeqeshiwe abangaku-siza – bavumele.

Page 7: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

ukukhulelwa kwentshahlala esikoleni, uthi cha ko-sugar daddyukukhulelwa kwentsha

hlala esikoleni, uthi cha ko-sugar daddy

ukuze uthole usizo noma iseluleko, shayela ezempilo e-kzn kule

nombolo yamahhala 0800 005133

Page 8: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

KhUmbUla! UKUPhila noKUKhUbazeKa aKUchazi UKUthi UngeKe waKwenza oKwenziwa abangaKhUbazeKile –

KUchaza UKUthi wena UKwenza ngoKwehlUKile!

UDudu uneminyaka engama-42 futhi unesifo sikashukela. Satholakala em-inyakeni emihlanu edlule, lokho kwammangaza ngoba wayengazidli izinto ezinoshukela. “Ngangicabanga ukuthi isifo sikashukela sihlasela abantu abathanda izinto ezinoshukela, yingakho ngashaqeka uma udokotela ethi nginesifo sikashukela. Ngabe sengithola ukuthi ngibe nesifo sikashukela ngenxa yempilo engiyiphilayo kanye nokudla engikudlayo. Ngangiseben-za kanzima ngingenaso isikhathi sokupheka, ngakho ngangidla ukudla kwasezitolo. Ngangijwayele ukuthengela izingane zami izibiliboco ngoba ngizitshela ukuthi kuhle lokho ngoba thina asikhuliswanga ngezibiliboco. Manje sengazi kangcono. Izibiliboco nokungadli ngendlela efanele kwaholela ekuthini ngibe nesifo sikashukela,” kusho uDudu.

Namuhla uDudu useshintshe impilo yakhe kanye neyomndeni wakhe. “Ngazitshela ukuthi ngeke ngibulawe yisifo sikashukela. Ngangifuna ukuba yisibonelo esihle ezingane-ni zami. Sonke sashintsha indlela yokuphila nesidla ngayo, sazivocavoca masonto onke. Akukho okunzima kakhulu, ukuhamba nje kepha konke kwasiza. Sesidla izithelo ezintsha nokudla okuphekwe ekhaya. Asisazidli izibiliboco. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu.

isif

o s

iKa

sh

UK

ela

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

KUngani abantu beqhubeka nokubulawa yisifo sikashukela minyaka yonke sibe singakwazi ukukuvikela lokhu?

KUngani abantu abahola kancane nabahola ngokusendimeni beqhubeka nokuba namazinga aphezulu esifo sikashukela?

UK

UK

hU

ba

ze

Ka

Ukususa ukucwaswaNgale nyanga, yisikhathi sokuba omunye nomunye azijeqeze ukuthi sibaphatha kanjani abantu abaphila nokukhubazeka. Yikho konke esikubonayo? Iqiniso elokuthi umuntu ophila nokukhubazeka angaphila impilo ejwayelekile futhi abambe iqhaza elibalulekile emseben-zini. Kungaba sesikoleni, emsebenzini noma ekhaya. Yisikhathi sokuba sibamb-isane ekuqedeni ukucwaswa kwabaphila

nokukhubazeka. Khuthaza umphakathi wangakini ukuba ubabandakanye aban-tu abaphila nokukhubazeka emicimbini nasemihlanganweni yomphakathi.

Ilungelo lokungabandlululwa Ilungelo lokuzimela Ukufinyelela kwezempilo

nezokwelulanyiswa Ukufinyelela kwezemfundo Ukufinyelela kwezezindlu Ukufinyelela kwezokuthutha

IziboneleloAbaphila nokukhubazeka bangasithola isibonelelo sabaphila nokukhubazeka. Sibhekelela izidingongqangi zabaphila nokukhubazeka abaneminyaka engaphezu kweyi-18 abangeke bakwazi ukusebenza ngoba benokukhubazeka kwengqondo noma komzimba.

Lesi sibonelelo esabantu abangeke bak-wazi ukusebenza futhi bengakwenqaban-ga ukwelashwa. Ukukhubazeka kumele kuqinisekiswe umbiko ofanele owenziwe udokotela ocacisa kabanzi ukuthi ngabe lokho kukhubazeka okwesikhashana noma okonomphela. Labo ababanda-kanyekayo kulokhu okubalulwe lapha bangavakashela isikhungo sezokunakekel-wa komphakathi noma umtholampilo oseduzane ukuze bathole usizo.    

14 INYANGA YOKUQWASHISA NGOKUPHILA NOKUKHUBAZEKA

ULWEZI USUKU LOMHLABA LESIFO SIKASHUKELA

Ukuvikela amaluungelo abantu abaphila nokukhubazekaUkhona omaziyo ophila nokukhubazeka? Kokunye ababoni noma badinga izinsiza uma kumele bahambe. Ubabuka kanjani? njengabantu abangeke basebenze ngendlela efanele noma abantu abehlukile?

USengakwenza OkUthIleNoma ngabe unaso noma awunaso isifo sikashukela kepha usengayiguqula impilo yakho uphile ngokunempilo. Isifo sikashuke-la sibangwa ukudla okungaphezu kwalokho okudingwa yimizimba yethu – ikakhulukazi uhlobo olukhuphula amazinga kashukela emizimbeni yethu okuholela ekukhulupha-leni ngokweqile kanye nesifo sikashukela. Njengoba iningi lethu lisuka ezindaweni zasemakhaya lizohlala emadolobheni kanye nokuphila impilo enokhwantalala sisebenza usuku lonke, ukudla okuthengwa sekuphek-iwe kanye nokudla okuthengwa sekulung-isiwe sekuphenduke indlela yokuphila. Lena yimbangela enkulu yesifo sikashukela. Yisikhathi sokwenza okuthile. Yisikhathi sokubuyela kokudala bese sikhuthaza imin-

deni yethu ukuba idle izitshalo ezintsha, isipi-nashi kanye nezithelo ezintsha. Zivocavoce bese uphila ngokunempilo – yiyona kuphela indlela esingakhulisa ngayo isizukulwane esingenaso isifo sikashukela.

Ngabe wenza okwanele ukugwema nokulawula isifo sikashukela?

Isifo sikashukela

sibulala minyaka

yonke abantu abaningi

kunengculazi kanye

nomdlavuza webele

kuhlanganisiwe, kepha

singavikeleka.

AMAQINISO

1 Alikho ikhambi kodwa uma sesibo-nakele, ungakwazi ukusilawula futhi

uvimbele izinkinga ezibangwa yiso uma uphila impilo enhle.

2 Abantu abanesifo sikashukela basengozini yokuphathwa

yisifo senhliziyo, isifo sohlangothi kanye nezinkinga zamehlo, yingakho kubalule-kile ukuthi uhlolwe njalo emtholampilo ushukela wakho kanye namanye amaz-inga empilo.

3 Uhlobo lwesifo sikashukela olungol-wesi-2 yilona hlobo olujwayeleke

kakhulu – phakathi kwamaphesenti angama-85 kuya kwangama-90 abo bonke abantu abanesifo sikashukela banohlobo olungolwesi-2. Iningi labantu abanohlobo lwesi-2 bangaphezu kwem-inyaka angama-40, kujwayelekile ukuthi bakhuluphale futhi abazivocavoci.

ULWEZI

Bathi ababe

yizigidi ezin-

tathu abantu

baseNingizimu

Afrika abaphila

nokukhubazeka.

IzImpawU zeSIfO SIkaShUkela

Ukoma ngokweqile Ukuya njalo endllini yangasese

uyochama Ukwehla emzimbeni okungajwayelekile Ukukhathala ngokwedlulele noma

ukuphelelwa ngamandla Ukubona luvindi Ukungenwa yizifo njalo noma

kuphindelela Ukusikeka kanye nemihuzuko

okungasheshi ukuphola, amathumba nesikhumba esilumayo

Ukuntsontsotha kanye nokungabi namizwa ezandleni noma ezinyaweni.

abantu abaningi abanohlobo lwesifo sikashukela esingesesi-2 kungenzeka bangakhombisi zimpawu!

Page 9: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

am

a-a

nt

ibio

tic

s

sonke sizitshela ukuthi ama-antibiotics elapha konke. Kepha akunjalo.

ULWEZI 14 - 20 ISONTO LOKUQWASHISA NGAMA-ANTIBIOTICS

Ama-antibiotics ayimithi eset-shenziselwa ukwelapha ukugula okunebhaktheriya. Ukungasebenzi

kwe-antibiotic kuyashintsha uma ibhak-theriya ingasazweli kule mishanguzo. Ukungasebenzi kwe-antibiotic kuholela ekwenyukeni kwezindleko zokwelashwa, ukuhlala isikhathi eside esibhedlela kanye nokwenyuka kwamazinga okufa kwabantu. Ukuze uqinisekise ukuqonda kwakho ngeqhaza lama-antibiotics, funda la maqiniso alandelayo bese ufundisa na-baseduze kwakho ngobungozi bokungas-ebenzisi ngendlela ama-antibiotics ukuze sibe nemiphakathi enolwazi futhi ephilayo.

IqInISO 1 ama-antibiotics awasebenzi kuzo zonke izifoAma-antibiotics asebenza kuphela kub-haktheriya, hhayi emagciwaneni abanga umkhuhlane. Ukudla ama-antibiotics kungafanelekile ngeze kwenza mehluko endleleni ozizwa uyiyo kanye nokuthi usheshe welulame. Uma usuqala uku-zizwa usungcono, lokho kuchaza ukuthi amasotsha akho omzimba ayasebenza ukukuphilisa.

IqInISO 2 akuwona umzimba wakho ongawamukeli ama-antibiotics kepha ibhaktheriyaUkungasebenzi kwe-antibiotic kwenzeka uma ibhaktheriya ishintshela ukuzivikela ku-antibiotic. Uma udla ama-antibiotics amaningi noma ungawadli ngendlela, kwanda amathuba okushintsha kwebhak-theriya bese ingazweli. Lokhu kungenza ukugula okubangwa yibhaktheriya kube nzima ukukwelapha.

IqInISO 3 Ukwabelana ngama-antibi-otics kanye nokusebenzisa asale komunye kungenyusa ukungasebenzi kwama-antibioticsUma ibhaktheriya ihlangana ne-antibiotic, iyazivikela. Kukhona ongakwenza ukwe-hlisa amathuba okungamukeli komzimba imithi. Thatha imithi oyalelwe udokotela ukuba uyidle bese uyiqeda yonke – noma

ngabe uzizwa usungcono, lokhu kwehlisa amathuba okuphila kwebhaktheriya bese ingamukeli lutho. Ungabelani namuntu nge-antibiotic noma ushiye amanye! Lokhu kubalule-kile ngoba uhlobo oluthile lwe-antibiotic kun-gahle kungabi olubhekana nalokho kugula, kanti nesikali nobungako bokusele kungahle kunganeli ukuba kuyibulale – kwandise amathuba okwanda kwebhaktheriya enga-mukeli lutho.

IqInISO 4 Ukungamukeli i-antibiotic kungaba nomphumela kuwe, umndeni wakho kanye nomphakathiUma wena noma ilungu lomndeni wakho liba nokugula okudalwa ukungamukeli komzimba i-antibiotic, uyogula isikhathi eside, kungadlebeleka ukugula, ungaze wedlulisele ukugula nakwabanye. Lokhu kugula kungahlala ngisho izinyanga eziyi-12 futhi kwedluliseleke emndenini wakho noma kwabanye emphakathini.

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

khUmbUla! sebenzisa kuphela ama-antibiotics uma welulekwe umsebenzi wezempilo osemthethweni.

Ungawafuni ngenkani ama-antibiotics uma umsebenzi wezempilo ethi awuwadingi.

Landela imiyalelo yomsebenzi wezempilo uma usebenzisa ama-antibiotics.

Ungabelani nomunye noma usebenzise ama-antibiotics asale komunye.

Gwema ukugula ngokuhlamba izandla zakho, ulungise ukudla ngendlela enempilo, ugweme ukusondela kakhulu kubantu abagulayo, ukwenza ucansi oluphephile kanye nokugoma ngokufanelekile.

Ngabe aphephile yini ama-antibiotics? Uwasebenzisa kufanele na?

Page 10: Ezempilo e-KZN ziqophe umlando ngokuzalwa kwengane · Ngiyaziqhenya ngokuthi ngisiza umn-deni wami ukuba nawo ube nempilo,” kuchaza uDudu. i sifo s i K ash UK ela Silwa Nezifo,

ing

an

e!

Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba

“Emhlabeni wonke sekwenziwe kwabangama-22”

UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo ushayele ihlombe ithimba ebelibambe

iqhaza ekubelethiseni ngempumelelo umama wosana obelunokusaketshezi embotsheni yenhliziyo, okumuncwe ingane isesesibelethweni. Ingane yomfana – engakethiwa igama, izalwe ngomthungo esiBhedlela Inkosi Albert Central (IALCH) ngasekuqaleni kwale nyanga, futhi isiyelulama kubo eShakaskraal.

Isimo esingajwayelekileLolu ketshezi obelusembotsheni yenhl-iziyo yosana belucindezela inhliziyo namaphaphu obekungaholela ekumeni kwenhliziyo yosana kanye nokufa kwalo ukuba bekungalungiswanga ngokushe-sha. uDkt Ismail Bhorat, iNhloko yoPhiko Lwezemibungu e-IALCH, uhlinze ukuze kukhishwe okusaketshezi obekusembung-wini, okuchazwe njengokungajwayelekile, ngokuthi emhlabeni wonke sekwenziwe ngempumelelo okungama-22. Lesi simo sivela kokukodwa ukukhulelwa kubantu abangama-300 000 abakhulelwe.

“Angikukholwanga engakubona nge-sikhathi ngihlola umbungu ngeskeni ngoba yisimo esingajwayelekile nhlobo. Ngashaqe-ka. Kepha ubunjalo besimo babukhomba ukuthi kumele singenelele ngokushesha, ngaphandle kwalokho wawuzoshona umbungu,”kuchaza uDkt. Bhorat.

Ukuya emtholampilo usakhulelwe kuphephisa inganeUDkt Bhorat wancoma uSista P.S. Goge waseMtholampilo iShakaskraal okun-guyena owabona kuqala ukuthi kukhona okungahambi kahle enganeni ngesikhathi umama wengane uThandazile Ntetha eze emtholampilo enamasonto angama-29

Ezempilo e-KZN zibelethise ngokumangalisayo ingane

ekhulelwe. Wabe esedluliselwa esiBhedlela iStanger, esamdlulisela e-IALCH lapho eb-elethiswe khona.

“Kubalulekile ukuba abesifazane abakhulelwe baye emtholampilo ezinyan-geni zokuqala ezintathu bekhulelwe ukuze kusheshe kuvele okungalungile embung-wini bese bebuyela ezinyangeni ezintathu zaphakathi nokukhulelwa ukuze benziwe iskeni esisemqoka bese beya njalo ukuy-ohlolwa ukuze kubhekwe izifo ezinjen-gomfutho wegazi ophezulu kokhulelwe noma ukungakhuli kahle kombungu noma ezinye-ke nje izimo ekukhulelweni,” kwengeza uDkt. Bhorat.

lakwenza kanjani lokhu iIthimbaIthimba elalihlinza lafaka inalithi ekhethek-ile ukumoma okusaketshezi bese kukhu-lulwa ukushaya kwenhliziyo. Kudinga

ukuhlelelwa ngobunyoninco ngekhono likaDkt. Bhorat osebe nguChwepheshe Wezemibungu Nezokubelethisa emin-yakeni eyishumi edlule, umama nengane babesezandleni eziphephile.

Umama wengane, uThandazile Ntetha wabonga uMnyango Wezempilo ngokum-hlinzeka ngonakekelo lwezempilo olusez-ingeni eliphezulu ngesikhathi ekhulelwe.

UNgqongqoshe uDhlomo wahalalisela uDkt. Bhorat nethimba lakhe, ethi impu-melelo yalokho kuhlinzwa kombungu yak-hombisa ukuthi izibhedlela zikahulumeni zinabasebenzi abasezingeni eliphezulu.

“Kuyasijabulisa ukuthi lolu daba lube nesiphetho esihle. Ubuchwepheshe on-goti ababuvezile behlinzeka unakekelo lwezempilo kule ngane, bugcizelela lokho esihlale sikusho ukuthi izibhedlela zethu zikahulumeni zinochwepheshe abasez-ingeni lomhlaba,” kusho uDkt. Dhlomo.