UMahlase uvakashela edolobheni - University of KwaZulu-Natal

1
Phone: 031 - 260 2374 email: [email protected] www.newreaders.org.za UMahlase uvakashela edolobheni Ibhalwe nguCedric Xulu Imidwebo nguJeff Rankin Ingxenye 2 Engxenyeni yokuqala izikhukhula zashaya zabhubhisa imfuyo kanye nomuzi kaMahlase. Umndeni wakhe wawugcwele intukuthelo ngenxa yalomonakalo. UMahlase wabona kungcono ukushiya ikhaya, waya eThekwini eyofuna umsebenzi. Walala esiteshini saseThekwini. Umsebenzi Ibonisa ziphi izingxenye zendaba isithombe esinombala esingenhla? Qhathanisa izithombe nezigatshana. Yenzani intombazane ngenkathi ibhala ephepheni? Uyini umsebenzi wentombazane? Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani engxenyeni yesithathu yendaba? Kungani? Ekuseni wavuka wazungeza iTheku lonke efuna umsebenzi. Ngeshwa uMahlase akawutholanga. Wayesephindela esiteshini lapho ayelale khona. Wafika walala kwaze kwasa ekuseni. Ngosuku lwesibili ziningi izinto ezamhluphayo. Okokuqala umphako wabe usumphelele. Okwesibili izulu labe limakhaza. Okwesithathu amaphoyisa akwaloliwe abasusa lapho babelele khona. UMahlase wasuka lapho wahamba waye wayofika ngasePhoyinti. Uthe uma efika wabona isixuku sabantu. Wacabanga into eyodwa kuphela, ukuthi kuhlatshiwe. Waphinda wezwa nephunga lenyama linuka kamnandi. Ngenxa yokuthi wabe eselambile, wamane waqonda khona. “Eh! Baba. Sikhulekile ekhaya,” kukhuleka uMahlase. Aphinde akhuleke uMahlase kuze kube kathathu. Ekugcineni abone ukuthi akekho umuntu ozwayo, avele asondele khona. Uthe lapho esephambi komnyango aphinde akhuleke, “Baba! Siyakhuleka bo!” Akekho umuntu omnakile njalo. Akhumule isigqoko uMahlase angene kulendlu. “Siyakwamukela, baba, eWimpi. Sizocela uzohlala ngapha. Singakunika okuphuzwayo usalindile?” kubuza enhle intombazane lena. “Hayi, ndodakazi. Ungangiyisa ebandla kodwa?” kubuza uMahlase. “Cha, baba, kulungile uhlezi khona lapha. Sizokunika yonke into oyifunayo. Sinenyama yenkukhu, neyenkomo kanye neyemvu. Ubaba singamnika eyani?” yabuza. Abonge ngokujabula uMahlase kwazise ubeselambile. Bese ecela inyama yenkomo notshwala. Iqale imnike ubhiya obandayo intombazane. Engakawuqedi ubhiya yase imlethela inyama. Ngesonto elizayo: Indlela uMahlase athola ngayo umsebenzi.

Transcript of UMahlase uvakashela edolobheni - University of KwaZulu-Natal

Phone: 031 - 260 2374email: [email protected]

UMahlase uvakashelaedolobheni

Ibhalwe nguCedric Xulu Imidwebo nguJeff Rankin

Ingxenye 2

Engxenyeni yokuqala izikhukhula zashaya zabhubhisa imfuyo kanye nomuzi kaMahlase.Umndeni wakhe wawugcwele intukuthelo ngenxa yalomonakalo. UMahlase wabona kungconoukushiya ikhaya, waya eThekwini eyofuna umsebenzi. Walala esiteshini saseThekwini.

Umsebenzi

Ibonisa ziphi izingxenye zendaba isithombe esinombalaesingenhla? Qhathanisa izithombe nezigatshana.

Yenzani intombazane ngenkathi ibhala ephepheni? Uyiniumsebenzi wentombazane?

Ucabanga ukuthi kuzokwenzekani engxenyeni yesithathuyendaba? Kungani?

Ekuseni wavuka wazungeza iTheku lonke efuna umsebenzi.Ngeshwa uMahlase akawutholanga. Wayesephindela esiteshinilapho ayelale khona. Wafika walala kwaze kwasa ekuseni.

Ngosuku lwesibili ziningi izinto ezamhluphayo. Okokuqalaumphako wabe usumphelele. Okwesibili izulu labe limakhaza.Okwesithathu amaphoyisa akwaloliwe abasusa lapho babelelekhona.

UMahlase wasuka lapho wahamba waye wayofikangasePhoyinti. Uthe uma efika wabona isixuku sabantu.Wacabanga into eyodwa kuphela, ukuthi kuhlatshiwe. Waphindawezwa nephunga lenyama linuka kamnandi. Ngenxa yokuthiwabe eselambile, wamane waqonda khona.

“Eh! Baba. Sikhulekile ekhaya,” kukhuleka uMahlase. Aphindeakhuleke uMahlase kuze kube kathathu. Ekugcineni abone ukuthiakekho umuntu ozwayo, avele asondele khona. Uthe laphoesephambi komnyango aphinde akhuleke, “Baba! Siyakhulekabo!” Akekho umuntu omnakile njalo. Akhumule isigqokouMahlase angene kulendlu.

“Siyakwamukela, baba, eWimpi. Sizocela uzohlala ngapha.Singakunika okuphuzwayo usalindile?” kubuza enhleintombazane lena. “Hayi, ndodakazi. Ungangiyisa ebandlakodwa?” kubuza uMahlase.

“Cha, baba, kulungile uhlezi khona lapha. Sizokunika yonke intooyifunayo. Sinenyama yenkukhu, neyenkomo kanye neyemvu.Ubaba singamnika eyani?” yabuza. Abonge ngokujabulauMahlase kwazise ubeselambile. Bese ecela inyama yenkomonotshwala. Iqale imnike ubhiya obandayo intombazane.Engakawuqedi ubhiya yase imlethela inyama.

Ngesonto elizayo: Indlela uMahlase athola ngayo umsebenzi.