Ukhala ngesibhedlela oshonelwe ingane · 2018. 4. 10. · lu daba wukuthi isibhedlela si-shaye...

1
4 Izindaba ILANGA >> SEPTEMBER 4-6 2017 SKHOSIPHI MTHEMBU noTHANDEKA NGOBESE U FUNA ubulungiswa owe- sifazane waKwaDweshula, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZu- lu-Natal othi isibhedlela sasePort Shepstone simhlalise nengane esi- kakile esiswini singamsizi ngoku- mbelethisa. UNkz Noxolo Mqadi (31), uthi emuva kwalesi sigameko ingane yakhe ihlale izinsuku ezimbili ya- shona ngoba kuthiwa amakaka angene ngaphakathi emaphashini. Ekhuluma neLANGA, uthe oku- mzwisa ubuhlungu kakhulu ngalo- lu daba wukuthi isibhedlela si- shaye ingwijikhwebu uma sesibha- la isitatimende saso ngalolu daba sathi ingane ibulawe wukungenwa ngamakhaza emaphashini. Konke lokhu uthi kwenzeke ngoMasinga- na (January) ngesikhathi engeni- swa kulesi sibhedlela esikwa. “Ngesikhathi ngikhulelwe be- ngihamba umtholampilo zonke izinsuku ebengisuke ngibekelwe zona. Bengingakaze ngigule futhi nengane ibisesimeni esihle ka- khulu, kuze kwafika isikhathi so- kuba ngiyobeletha. “Ngelanga engifike ngalo esi- bhedlela udokotela ungihlolile wathi kasikafiki isikhathi sokuba ngibelethe, wangiyalela ukuba ngihlale amabhentshini. Ngihlale emabhentshini ngibulawa yizi- nhlungu kungekho ongisizayo. “Kuthe emini udokotela wangi- bheka wangitshela ukuthi kuseku- de ukuba ngibelethe. Uthe mangi- phindele ekhaya. Ngimchazelile ukuthi ngeke ngikwazi ukugoduka ngoba ngisezinhlungwini futhi ne- zinto zokuhamba ziyahlupha nga- kithi. “Ungifake kwelinye igumbi ebe- lilele abantu abagulayo kwathiwa mangilinde kulona. Ngihlale lapho kwaze kwabantambama ngibulawa yizinhlungu. Kuqhamuke omunye umhlengikazi wesilisa obebona ukuthi ngisezinhlungwini wangi- hlola wafaka isandla esithweni sa- ngasese wabuya nodoti. “Ungitshele ukuthi ingane isika- kile ngaphakathi kumele ayobiza udokotela ukuze ngizobeletha ngoba ingane isengozini. Uhambi- le kodwa wabuya wangitshela uku- thi akabatholi odokotela. Uphinde waphuma wabuya esengitshela ukuthi kukhona akwazile uku- mthola wathembisa ukuthi uyeza. “Ngihlalile ngilindile kodwa wangafika lowo dokotela. Kuphi- nde kwangena omunye umhlengi- kazi wabuka ifayela lami maqede wazihambela engashongo lutho yize bengisikwa futhi nodoti usu- qala ukuphumela ngaphandle esi- thweni sangasese,” kusho yena. Uthi indlela isimo ebesesisibi ngayo, ingane ibisifuna ukuziphu- mela kwagcina kumphoqa ukuba azibelethele yena. Kuthe ingane isiphuma, zabaleka ezinye iziguli zayocela usizo. “Kungaleso sikhathi bebuye khona abahlengikazi sebengithe- thisa bethi bengingasho ngani ukuthi sengiyabeletha. Kwale noma ngibatshela ukuthi kade ngimemeza. Kukhona obelokhu engimele engisha- ya ethi mangivule imilenze. Ingane iphume igcwele ama- kaka. “Basuke lapho bahamba nayo bangangitshela nokuthi iyiswaphi. Kuze kwasa ngaku- sasa ngingatshelwe lutho. Ngaleso sikhathi bese ngise- gunjini lababelethile, ngilinde ukuncelisa. Size sadlula isikhathi soku- ncelisa izingane eyami inga- lethiwe futhi ngingatshelwa lutho. “Ngize ngazibuzela kwakhona ongitshela ukuthi mangiyobheka lapho kubekwa khona izingane ezisanda kuzalwa. Ngiyifice ixhu- nywe amapayipi emakhaleni nase- mzimbeni. Kula mapayipi beku- phuma la makaka engiwabone ngesikhathi ingane ngiyibeletha. “Ngitshelwe ukuthi amakaka angene emaphashini ekubeni semancane. Ngihambile ngabuya sekukhona udokotela ongitshele ukuthi ingane ingenwe ngamakha- za emaphashini. Kungixakile lo- khu ngoba bese ngitshelwe izinto ezimbili ngingazi ukuthi yikhona kuphi okuliqiniso,” kusho uNkz Mqadi. Uthi ingane yakhe igcine isho- nile emuva kwezinsuku ezimbili izelwe - kwathiwa ibulawe ngama- khaza. Utshele leli phephandaba ukuthi akeneme neze ngempatho ayithole kulesi sibhedlela ngoba ukuba abahlengikazi bamsize nge- sikhathi, ngabe kakwenzekanga konke lokhu. Encwadini lesi sibhedlela esi- yibhalele uNkz Mqadi - ILANGA elinayo ikhophi yayo - siyavuma ukuthi ingane ikakile esiswini. UDkt Dumisani Zungu ongudoko- tela wabesifazane, uthi kuyenzeka ingane ikake esiswini ikakhuluka- zi uma ingakhuli kahle esiswini. Uthi uma lokhu kwenzekile, ka- kuvamile ukuba yinkinga uma se- sisondele kakhulu isikhathi soku- ba unina ayibelethe. “Kuye kube yinkinga uma kuthi- wa unina usekude ukubeletha - isibeletho sisavuleke ngo-2-3cm -ngoba kungenzeka amakaka agci- ne eseyixhela ingane ingakwazi ukuphefumula kahle njengoba isu- ke ihleli emanzini. Uma lawo makaka ethanda uku- qina, avala ngisho amashubhu ahambisa umoya emaphashini engane igcine ngokushona uma ingasheshi ukukhishwa esiswini ngokuba unina ahlinzwe,” kusho uDkt Zungu. Okhulumela uMnyango weze- Mpilo KwaZulu-Natal, uMnu Samuel Mkhwanazi, uthi isibhe- dlela siyaziqhelelanisa nokuthi uNkz Mqadi ubenganakiwe. Uthi isibhedlela sibe nawo umhlanga- no noNkz Mqadi samchazela nga- kho konke okwenzekile ngesikha- thi eyobeletha. “Siwumnyango siyazwelana ka- khulu naye kulokhu okumehlele wagcina eseshonelwe yingane. Kasinalo ilungelo lokuchazela abezindaba ukuthi kwenzekeni enganeni ize ishone ngoba lokhu kuphakathi kwesibhedlela nesiguli. Siyokwenza lokho uma sesiphoqwa wumthetho,” kusho uMnu Mkhwanazi. Ukhala ngesibhedlela oshonelwe ingane EZOMPHAKATHI: Uthi uhlaliswe nengane isikakile esiswini Umkhiqhizo weDawn usemkhankasweni wokunikeza abesifazane ithuba lokuziwinela amaHamper agcwele lonku uhlobo lwezimonyo zeDawn ezintsha sha. Ngalokhu uDawn ukunikeze ithuba lokuba ungenele lo mncintiswano nokuthumela i-sms ethi Dawn kanye negama lakho kwinombolo ethi 33818. Lo mncintiswano uqala uzoze uvalwe ngomhlaka 17 September 2017 kanti abanqobile bazofakwa khona lapho kwiPhephandaba ILANGA MTHOBISI SITHOLE UFUNA ukuqeda inkolelo yoku- thi othisha besilisa kabanalo uthando lokufundisa uGrade R uthisha oqeqeshelwa iziqu zakhe eNovimba Primary School, eNdwedwe, enyakatho yeTheku. UMnu Thabiso Maphumulo (21) ofunda ngaphansi kwesikhungo i-South African National Tutor Services (SANTS), uthi imvamisa othisha besilisa baziwa njengaba- ntu abangathandi ukufundisa leli banga. Ubekusho lokhu efakazelwa ngozakwabo abathathu abenza uqeqesho nabo lwe-Work Inte- grated Learning (WIL). Omunye wabo useqashwe ngokugcwele kusona lesi sikole. Phambilini kuke kwaba nokwesaba kubafu- ndi abaningi abafunda ngaphansi kwe-Sants ngenxa yezinkulumo zokuthi iziqu zabo kazigunyaziwe. "Ngifunda eSANTS akukho okuyinkinga ngoba ngizwe ngayo kwabanye asebephothulile futhi ngamukelwa nakulesi sikole kade ngifuna ukuzoziqeqesha. Ngikho- lwa wukuthi bengingeke ngemu- kelwe uma bekunenkinga,” kusho uMnu Maphumulo owenza unya- ka wesibili kwiDiploma in Grade-R. UNkz Nonhlanhla Shangase osesebenza ngokugcwele kulesi sikole, uthi zonke izicucu zakhe uzithumele esekethini wawuthola umse- benzi. Uthi- sha- nhlo- ko wesi- kole, uNkk Gugu Khumalo, utshe- le ILANGA ukuthi akazange anga- baze ukwamukela abafundi aba- cela ukuqeqeshwa ngoba babi- zwe izikhulu zomnyango wemfu- ndo bachazelwa ngalesi sikhungo ngeledlule. "UMnyango ubize bonke othi- shanhloko wachaza nangalesi si- kole ukuthi kumele bavunyelwe abafundi nakuba besingenalo ulwazi ngaso ngaleso sikhathi. Okunye okubekile umnyango wu- kuthi othisha bakwaGrade R aba- qashwe ngomatikuletsheni eziko- leni, bakhuthazwa ukuba baqhu- beke nemfundo ukuze bangaxo- shwa. "Kuvezwe nohlu lwezikole aba- ngafunda kuzona, igama lakwa- SANTS belikhona lapho. Ngitho- kozile ngomsebenzi walabo thi- sha, bakhombisa ukuzimisela no- kuwuthanda umsebenzi wabo,” kusho uNkk Khumalo. Okhulumela iSANTS, uMnu Kobie Van Zyl, uthi umsebenzi wabo omkhulu wukuba banikeze abafundi imfundo esezingeni eli- phezulu nokuqhakambisa kakhu- lu izindawo zasemakhaya okuyi- zona ezinezikole ezishoda ngo- thisha. Utshele ILANGA ukuthi esikhu- ngweni sabo baqashe ngisho izi- fundiswa ezithole iziqu emanyu- vesi ahlonishwayo. Uthi isikhu- ngo sabo sibhalisiwe ngokuse- mthethweni eMnyangweni weze- Mfundo ePhakeme, kwaSouth African Qualifications Authority (SAQA) nakwiSouth African Council for Educators (SACE). “Siyaziqhenya kakhulu ngaba- fundi bethu ngenxa yothando lwabo ngomkhakha wobuthishe- la. Kulo nyaka sesithole izicelo zabafundi ezingaphezulu kwe- 1000, bafuna ukufunda kwaSAN- TS,” kusho yena. UMnu Van zyl uveze nokuthi uMnyango wezeMfundo ePhake- me ukhiphe izincwadi eminyake- ni edlule wazithumela ezinhlo- kweni zeminyango yezemfundo kuzona zonke izifundazwe ithi abafundi bakwaSANTS benga- cwaswa nokuthi bavumelekile ukufundisa izwe lonke. Lesi sikhungo sisungulwe ngo- nyaka we-1997 - besiyiFurther Education and Training (FET) kuya kowezi-2012 - kwathi emuva kwalokho sazimela. Sinezimpiko ezingaphezulu kwe-10 KwaZulu- Natal kubalwa KwaNongoma, oLundi, eVryheid, eJozini, eMpa- ngeni, eXobho naseGreytown. UVO LWAKHO: Masizwe umbono wakho ngalolu daba ekhasini leFacebook (ILANGA), kuWhatsapp (082 070 8034). IZINOMBOLO ZELOTTO PLUS BONUS LOTTO LOTTO PLUS 01 03 04 25 30 41 + 12 19 24 29 38 44 14 + 21 E & O.E USHINTSHA INKOLELO NGOTHISHA ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE UMNU Thabiso Maphumulo ofunde- la ubuthishela kwaSANTS efundisa odado kwaNovimba Primary eNdwedwe.

Transcript of Ukhala ngesibhedlela oshonelwe ingane · 2018. 4. 10. · lu daba wukuthi isibhedlela si-shaye...

  • 4 IzindabaILANGA >> SEPTEMBER 4-6 2017

    SKHOSIPHI MTHEMBU noTHANDEKA NGOBESE

    UFUNA ubulungiswa owe-sifazane waKwaDweshula, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZu-lu-Natal othi isibhedlela sasePort Shepstone simhlalise nengane esi-kakile esiswini singamsizi ngoku-mbelethisa.

    UNkz Noxolo Mqadi (31), uthi emuva kwalesi sigameko ingane yakhe ihlale izinsuku ezimbili ya-shona ngoba kuthiwa amakaka angene ngaphakathi emaphashini.

    Ekhuluma neLANGA, uthe oku-mzwisa ubuhlungu kakhulu ngalo-lu daba wukuthi isibhedlela si-shaye ingwijikhwebu uma sesibha-la isitatimende saso ngalolu daba sathi ingane ibulawe wukungenwa ngamakhaza emaphashini. Konke lokhu uthi kwenzeke ngoMasinga-na (January) ngesikhathi engeni-swa kulesi sibhedlela esikwa.

    “Ngesikhathi ngikhulelwe be-ngihamba umtholampilo zonke

    izinsuku ebengisuke ngibekelwe zona. Bengingakaze ngigule futhi nengane ibisesimeni esihle ka-khulu, kuze kwafika isikhathi so-kuba ngiyobeletha.

    “Ngelanga engifike ngalo esi-bhedlela udokotela ungihlolile wathi kasikafiki isikhathi sokuba ngibelethe, wangiyalela ukuba ngihlale amabhentshini. Ngihlale emabhentshini ngibulawa yizi-nhlungu kungekho ongisizayo.

    “Kuthe emini udokotela wangi-bheka wangitshela ukuthi kuseku-de ukuba ngibelethe. Uthe mangi-phindele ekhaya. Ngimchazelile ukuthi ngeke ngikwazi ukugoduka ngoba ngisezinhlungwini futhi ne-zinto zokuhamba ziyahlupha nga-kithi.

    “Ungifake kwelinye igumbi ebe-lilele abantu abagulayo kwathiwa mangilinde kulona. Ngihlale lapho kwaze kwabantambama ngibulawa yizinhlungu. Kuqhamuke omunye umhlengikazi wesilisa obebona ukuthi ngisezinhlungwini wangi-hlola wafaka isandla esithweni sa-

    ngasese wabuya nodoti. “Ungitshele ukuthi ingane isika-

    kile ngaphakathi kumele ayobiza udokotela ukuze ngizobeletha ngoba ingane isengozini. Uhambi-le kodwa wabuya wangitshela uku-thi akabatholi odokotela. Uphinde waphuma wabuya esengitshela ukuthi kukhona akwazile uku-mthola wathembisa ukuthi uyeza.

    “Ngihlalile ngilindile kodwa wangafika lowo dokotela. Kuphi-nde kwangena omunye umhlengi-kazi wabuka ifayela lami maqede wazihambela engashongo lutho yize bengisikwa futhi nodoti usu-qala ukuphumela ngaphandle esi-thweni sangasese,” kusho yena.

    Uthi indlela isimo ebesesisibi ngayo, ingane ibisifuna ukuziphu-mela kwagcina kumphoqa ukuba azibelethele yena. Kuthe ingane isiphuma, zabaleka ezinye iziguli zayocela usizo.

    “Kungaleso sikhathi bebuye khona abahlengikazi sebengithe-thisa bethi bengingasho ngani ukuthi sengiyabeletha. Kwale

    noma ngibatshela ukuthi kade ngimemeza. Kukhona obelokhu engimele engisha-ya ethi mangivule imilenze. Ingane iphume igcwele ama-kaka.

    “Basuke lapho bahamba nayo bangangitshela nokuthi iyiswaphi. Kuze kwasa ngaku-sasa ngingatshelwe lutho. Ngaleso sikhathi bese ngise-gunjini lababelethile, ngilinde ukuncelisa. Size sadlula isikhathi soku-ncelisa izingane eyami inga-lethiwe futhi ngingatshelwa

    lutho. “Ngize ngazibuzela kwakhona

    ongitshela ukuthi mangiyobheka lapho kubekwa khona izingane ezisanda kuzalwa. Ngiyifice ixhu-nywe amapayipi emakhaleni nase-mzimbeni. Kula mapayipi beku-phuma la makaka engiwabone ngesikhathi ingane ngiyibeletha.

    “Ngitshelwe ukuthi amakaka angene emaphashini ekubeni semancane. Ngihambile ngabuya sekukhona udokotela ongitshele ukuthi ingane ingenwe ngamakha-za emaphashini. Kungixakile lo-khu ngoba bese ngitshelwe izinto ezimbili ngingazi ukuthi yikhona kuphi okuliqiniso,” kusho uNkz Mqadi.

    Uthi ingane yakhe igcine isho-nile emuva kwezinsuku ezimbili izelwe - kwathiwa ibulawe ngama-khaza. Utshele leli phephandaba ukuthi akeneme neze ngempatho ayithole kulesi sibhedlela ngoba ukuba abahlengikazi bamsize nge-sikhathi, ngabe kakwenzekanga konke lokhu.

    Encwadini lesi sibhedlela esi-

    yibhalele uNkz Mqadi - ILANGA elinayo ikhophi yayo - siyavuma ukuthi ingane ikakile esiswini. UDkt Dumisani Zungu ongudoko-tela wabesifazane, uthi kuyenzeka ingane ikake esiswini ikakhuluka-zi uma ingakhuli kahle esiswini.

    Uthi uma lokhu kwenzekile, ka-kuvamile ukuba yinkinga uma se-sisondele kakhulu isikhathi soku-ba unina ayibelethe.

    “Kuye kube yinkinga uma kuthi-wa unina usekude ukubeletha - isibeletho sisavuleke ngo-2-3cm -ngoba kungenzeka amakaka agci-ne eseyixhela ingane ingakwazi ukuphefumula kahle njengoba isu-ke ihleli emanzini.

    Uma lawo makaka ethanda uku-qina, avala ngisho amashubhu ahambisa umoya emaphashini engane igcine ngokushona uma ingasheshi ukukhishwa esiswini ngokuba unina ahlinzwe,” kusho uDkt Zungu.

    Okhulumela uMnyango weze-Mpilo KwaZulu-Natal, uMnu Samuel Mkhwanazi, uthi isibhe-dlela siyaziqhelelanisa nokuthi uNkz Mqadi ubenganakiwe. Uthi isibhedlela sibe nawo umhlanga-no noNkz Mqadi samchazela nga-kho konke okwenzekile ngesikha-thi eyobeletha.

    “Siwumnyango siyazwelana ka-khulu naye kulokhu okumehlele wagcina eseshonelwe yingane. Kasinalo ilungelo lokuchazela abezindaba ukuthi kwenzekeni enganeni ize ishone ngoba lokhu kuphakathi kwesibhedlela nesiguli. Siyokwenza lokho uma sesiphoqwa wumthetho,” kusho uMnu Mkhwanazi.

    Ukhala ngesibhedlela oshonelwe inganeEZOMPHAKATHI: Uthi uhlaliswe nengane isikakile esiswini

    Umkhiqhizo weDawn usemkhankasweni wokunikeza

    abesifazane ithuba lokuziwinela amaHamper agcwele lonku uhlobo lwezimonyo zeDawn ezintsha sha. Ngalokhu uDawn ukunikeze ithuba lokuba ungenele lo mncintiswano

    nokuthumela i-sms ethi Dawn kanye negama lakho

    kwinombolo ethi 33818. Lo mncintiswano uqala uzoze

    uvalwe ngomhlaka 17 September 2017 kanti

    abanqobile bazofakwa khona lapho kwiPhephandaba

    ILANGA

    MTHOBISI SITHOLE

    UFUNA ukuqeda inkolelo yoku-thi othisha besilisa kabanalo uthando lokufundisa uGrade R uthisha oqeqeshelwa iziqu zakhe eNovimba Primary School, eNdwedwe, enyakatho yeTheku.

    UMnu Thabiso Maphumulo (21) ofunda ngaphansi kwesikhungo i-South African National Tutor Services (SANTS), uthi imvamisa othisha besilisa baziwa njengaba-ntu abangathandi ukufundisa leli banga.

    Ubekusho lokhu efakazelwa ngozakwabo abathathu abenza uqeqesho nabo lwe-Work Inte-grated Learning (WIL). Omunye wabo useqashwe ngokugcwele kusona lesi sikole. Phambilini kuke kwaba nokwesaba kubafu-ndi abaningi abafunda ngaphansi kwe-Sants ngenxa yezinkulumo zokuthi iziqu zabo kazigunyaziwe.

    "Ngifunda eSANTS akukho okuyinkinga ngoba ngizwe ngayo kwabanye asebephothulile futhi ngamukelwa nakulesi sikole kade ngifuna ukuzoziqeqesha. Ngikho-lwa wukuthi bengingeke ngemu-kelwe uma bekunenkinga,” kusho uMnu Maphumulo owenza unya-ka wesibili kwiDiploma in Grade-R.

    UNkz Nonhlanhla Shangase osesebenza ngokugcwele kulesi sikole, uthi zonke izicucu zakhe uzithumele esekethini wawuthola

    umse-benzi. Uthi-sha-nhlo-ko wesi-

    kole, uNkk Gugu Khumalo, utshe-le ILANGA ukuthi akazange anga-baze ukwamukela abafundi aba-cela ukuqeqeshwa ngoba babi-zwe izikhulu zomnyango wemfu-ndo bachazelwa ngalesi sikhungo ngeledlule.

    "UMnyango ubize bonke othi-shanhloko wachaza nangalesi si-kole ukuthi kumele bavunyelwe abafundi nakuba besingenalo ulwazi ngaso ngaleso sikhathi. Okunye okubekile umnyango wu-kuthi othisha bakwaGrade R aba-qashwe ngomatikuletsheni eziko-leni, bakhuthazwa ukuba baqhu-beke nemfundo ukuze bangaxo-shwa.

    "Kuvezwe nohlu lwezikole aba-ngafunda kuzona, igama lakwa-SANTS belikhona lapho. Ngitho-kozile ngomsebenzi walabo thi-

    sha, bakhombisa ukuzimisela no-kuwuthanda umsebenzi wabo,” kusho uNkk Khumalo.

    Okhulumela iSANTS, uMnu Kobie Van Zyl, uthi umsebenzi wabo omkhulu wukuba banikeze abafundi imfundo esezingeni eli-phezulu nokuqhakambisa kakhu-lu izindawo zasemakhaya okuyi-zona ezinezikole ezishoda ngo-thisha.

    Utshele ILANGA ukuthi esikhu-ngweni sabo baqashe ngisho izi-fundiswa ezithole iziqu emanyu-vesi ahlonishwayo. Uthi isikhu-ngo sabo sibhalisiwe ngokuse-mthethweni eMnyangweni weze-Mfundo ePhakeme, kwaSouth African Qualifications Authority (SAQA) nakwiSouth African Council for Educators (SACE).

    “Siyaziqhenya kakhulu ngaba-fundi bethu ngenxa yothando lwabo ngomkhakha wobuthishe-la. Kulo nyaka sesithole izicelo zabafundi ezingaphezulu kwe-1000, bafuna ukufunda kwaSAN-TS,” kusho yena.

    UMnu Van zyl uveze nokuthi uMnyango wezeMfundo ePhake-me ukhiphe izincwadi eminyake-ni edlule wazithumela ezinhlo-kweni zeminyango yezemfundo kuzona zonke izifundazwe ithi abafundi bakwaSANTS benga-cwaswa nokuthi bavumelekile ukufundisa izwe lonke.

    Lesi sikhungo sisungulwe ngo-nyaka we-1997 - besiyiFurther Education and Training (FET) kuya kowezi-2012 - kwathi emuva kwalokho sazimela. Sinezimpiko ezingaphezulu kwe-10 KwaZulu-Natal kubalwa KwaNongoma, oLundi, eVryheid, eJozini, eMpa-ngeni, eXobho naseGreytown.

    UVO LWAKHO: Masizwe umbono wakho

    ngalolu daba ekhasini leFacebook (ILANGA),

    kuWhatsapp (082 070 8034).

    IZINOMBOLO ZELOTTO PLUS BONUS

    LOTTO

    LOTTO PLUS

    01 03 04 25 30 41+

    12 19 24 29 38 44 14+

    21

    E & O.E

    USHINTSHA INKOLELO NGOTHISHA

    ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE

    UMNU Thabiso Maphumulo ofunde-la ubuthishela kwaSANTS efundisa odado kwaNovimba Primary eNdwedwe.