UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo...

31
SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 1 SLR Project Error! Unknown document property name. Report No.3.1 Error! Unknown document property name. UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO LOKULAWULWA KWEZEMVELO LWESICELO SELUNGELO LOKUHLOLA IMIKHIQIZO YEZIBASELI (PETROLEUM) EMAPULAZINI AHLUKAHLUKENE ENYAKATHO KWAZULU-NATAL (12/3/317 ER) UMBIKO OFINGQIWE 1. Isethulo Nesendlalelo Lo Mbiko Womthelela Kwezemvelo ("EIR") Nohlelo Lokuphathwa Kwezemvelo ("EMPr") uye wahlanganiswa futhi wasakazwa ukuze uhlolwe futhi kuphawulwe njengengxenye yenqubo Yocwaningo Nokuhlolwa Komthelela Kwezemvelo (lapha kamuva okubhekiselwa kuwo uwonke ngokuthi yi-"EIA") eyethulwe ngenxa yesicelo esenziwa yi-Rhino Oil & Gas Exploration South Africa (Pty) Ltd (lapha kamuva okubhekiselwa kuyo ngokuthi yi- "Rhino Oil and Gas") “seLungelo Lokuhlola” ("ER") ngemikhiqizo yezibaseli (petroleum) ezimbiwa phansi emapulazini ahlukahlukene eNyakatho yeKwaZulu-Natali, eNingizimu Afrika (12/3/317 ER). Le EIR ifingqa inqubo ye-EIA elandelwayo kuze kube manje bese ihlinzeka ngamabalengwe ale phrojekthi ehlongozwayo kanye nezemvelo ezithintekayo. Ihlinzeka ngokuhlolwa kwemithelela yephrojetkhi ehlongozwayo bese yethula izincomo zezinyathelo zokulawula ezizothathwa. Abantu Abanesifiso Sokwazi Nabathintekayo (“ama-I&AP”) bayacelwa ukuba basike elijikayo nge-EIA ne-EMPr ngaphambi kokuba yethulwe kwi-Petroleum Agency of South Africa (PASA) ukuze yenze isinqumo. Qaphela ukuthi lolu uhlelo olubukeziwe lwe-EIR, uhlelo lwangesikhathi esidlule luye lwenziwa ukuba lutholakale kuma-I&AP ngoNovemba/Disemba 2016. Ngenxa yokubandakanyeka kwalabo ababezoba ngama-I&AP amasha, lo mbiko wenziwa ukuba utholakale okwesihlandle sesibili zilandelana ukuze ubuyekezwe. Ngasekuqaleni kuka-2016, i-Rhino Oil and Gas yafaka isicelo se-ER ukuze kuhlolwe imikhiqizo yezibaseli (kubandakanya uwoyela, igesi, iziguquleli-luketshezi (condensate), i-coal bed methane, i-helium ne-biogenic gas) isifaka ku-PASA ngokuvumelana neSigaba 79 soMthetho Wokuthuthukiswa Kwemithombo Yezimbiwa Phansi Nezibaseli ka-2002 (No. 28 ka-2002) (MPRDA), njengoba uchitshiyelwe. I-PASA yamukela isicelo se-ER ngomhla ka-15 Ephreli 2016 (Ref: 12/3/317 ER). Injongo yalokhu kuhlola ukuthola ukuba khona kwanoma yimiphi imithombo yezentengiselwano engatholakala kawoyela kanye/noma negesi. Ukuhlola kuyinqubo eyinkimbinkimbi nejulile eyakhiwa yizigaba eziningana ngokujwayelekile ezibizwa ngokuthi i) yisigaba sangaphambi kokuqaliswa komsebenzi wokuhlola, ii) ukuhlola isimo sendawo (appraisal) kanye iii) nokumba imithombo. Ulwazi-ngqangi oluvela esigabeni ngasinye luthuthukisa ulwazi nokuqonda imithombo yalo mthombo, bese lunikeza ulwazi ngesigaba esilandelayo, esizoqaliswa uma imiphumela imihle. Ukuhlola kungase kudinge inkathi efinyelela eminyakeni engu-10 ukuze

Transcript of UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo...

Page 1: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 1

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO LOKULAWULWA KWEZEMVELO LWESICELO SELUNGELO LOKUHLOLA IMIKHIQIZO

YEZIBASELI (PETROLEUM) EMAPULAZINI AHLUKAHLUKENE ENYAKATHO KWAZULU-NATAL (12/3/317 ER)

UMBIKO OFINGQIWE

1. Isethulo Nesendlalelo

Lo Mbiko Womthelela Kwezemvelo ("EIR") Nohlelo Lokuphathwa Kwezemvelo ("EMPr") uye wahlanganiswa

futhi wasakazwa ukuze uhlolwe futhi kuphawulwe njengengxenye yenqubo Yocwaningo Nokuhlolwa Komthelela

Kwezemvelo (lapha kamuva okubhekiselwa kuwo uwonke ngokuthi yi-"EIA") eyethulwe ngenxa yesicelo

esenziwa yi-Rhino Oil & Gas Exploration South Africa (Pty) Ltd (lapha kamuva okubhekiselwa kuyo ngokuthi yi-

"Rhino Oil and Gas") “seLungelo Lokuhlola” ("ER") ngemikhiqizo yezibaseli (petroleum) ezimbiwa phansi

emapulazini ahlukahlukene eNyakatho yeKwaZulu-Natali, eNingizimu Afrika (12/3/317 ER).

Le EIR ifingqa inqubo ye-EIA elandelwayo kuze kube manje bese ihlinzeka ngamabalengwe ale phrojekthi

ehlongozwayo kanye nezemvelo ezithintekayo. Ihlinzeka ngokuhlolwa kwemithelela yephrojetkhi ehlongozwayo

bese yethula izincomo zezinyathelo zokulawula ezizothathwa. Abantu Abanesifiso Sokwazi Nabathintekayo

(“ama-I&AP”) bayacelwa ukuba basike elijikayo nge-EIA ne-EMPr ngaphambi kokuba yethulwe kwi-Petroleum

Agency of South Africa (“PASA”) ukuze yenze isinqumo. Qaphela ukuthi lolu uhlelo olubukeziwe lwe-EIR, uhlelo

lwangesikhathi esidlule luye lwenziwa ukuba lutholakale kuma-I&AP ngoNovemba/Disemba 2016. Ngenxa

yokubandakanyeka kwalabo ababezoba ngama-I&AP amasha, lo mbiko wenziwa ukuba utholakale

okwesihlandle sesibili zilandelana ukuze ubuyekezwe.

Ngasekuqaleni kuka-2016, i-Rhino Oil and Gas yafaka isicelo se-ER ukuze kuhlolwe imikhiqizo yezibaseli

(kubandakanya uwoyela, igesi, iziguquleli-luketshezi (condensate), i-coal bed methane, i-helium ne-biogenic

gas) isifaka ku-PASA ngokuvumelana neSigaba 79 soMthetho Wokuthuthukiswa Kwemithombo Yezimbiwa

Phansi Nezibaseli ka-2002 (No. 28 ka-2002) (MPRDA), njengoba uchitshiyelwe. I-PASA yamukela isicelo se-ER

ngomhla ka-15 Ephreli 2016 (Ref: 12/3/317 ER).

Injongo yalokhu kuhlola ukuthola ukuba khona kwanoma yimiphi imithombo yezentengiselwano engatholakala

kawoyela kanye/noma negesi. Ukuhlola kuyinqubo eyinkimbinkimbi nejulile eyakhiwa yizigaba eziningana

ngokujwayelekile ezibizwa ngokuthi i) yisigaba sangaphambi kokuqaliswa komsebenzi wokuhlola, ii) ukuhlola

isimo sendawo (appraisal) kanye iii) nokumba imithombo. Ulwazi-ngqangi oluvela esigabeni ngasinye

luthuthukisa ulwazi nokuqonda imithombo yalo mthombo, bese lunikeza ulwazi ngesigaba esilandelayo,

esizoqaliswa uma imiphumela imihle. Ukuhlola kungase kudinge inkathi efinyelela eminyakeni engu-10 ukuze

Page 2: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 2

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

kuthathwe isinqumo ngesicelo selungelo lokukhiqiza. I-Rhino Oil and Gas ihlongoza ukwenza imisebeni

'yokuhlola kwesigaba sangaphambi kokuqala komsebenzi wokuhlola'.

Indawo efakelwe isicelo sokuqala se-ER ibicishe ibe ngu-2 000 000 ha ububanzi (bheka uMdwebo ngezansi

ukuze ubone ukuhlelwa kwephrojekthi esifundazweni). Isicelo esihlongozwayo siyohlanganisa imisebenzi

'yokuhlola kwangaphambi kokuqaliswa komkhankaso, okungukuthi:

izindlela zobuchwepheshe bokuhlola ukude ezingayisebenzisi imishini yokumba (kubandakanya

nokuhlaziywa kolwazi-ngqangi olukhona kanye nokubukwa komumo wezwe usemkhathini (aerial full

tensor gradiometry survey);

ukumbiwa kwemigodi ejulile engu-10; kanye

nokuthola imvume yokuhlola indawo engu-125 km ngeziqhumane.

Ngemva kokwamukelwa koMbiko Wocwaningo, i-Rhino Oil and Gas iye yanciphisa ubungako bendawo

efakelwe isicelo ngokuzikhipha ohlwini zonke izindawo okwaziwa ukuthi zivikelwe ngesimo esichazwe ngaphansi

kweSigaba 48 Sokuphathwa Kwezemvelo Kukazwelonke: Umthetho Wezindawo Ezivikelwe (57 ka-2003). I-

Rhino Oil and Gas yazitholela futhi yahlola ulwazi-ngqangi lomumo wezwe olwengeziwe futhi yafinyelela

isiphetho sokuthi izindawo ezithile ezingasempumalanga ezifakelwe isicelo azinakuba yizindawo esingaba

namathemba okuthi zingasetshenziselwa ukutholakala kukawoyela negesi. Ubungako bendawo efakelwe isicelo

se-ER bancishiselwa ku-870 000 ha.

Page 3: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 3

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Ngaphezu kwalokhu, i-Rhino Oil and Gas iye futhi yangayifaka kulolu hlu imisebenzi yokuhlolwa komhlaba

ngokumbiwa kwemigodi ejulile kanye nokuhlola okwenziwa ngeziqhumane emsebenzini ‘wokuhlola

ohlongozwayo wesigaba sangaphambi kokuqala komsebenzi wokuhlola’ abafuna kuwo isigunyazo sezemvelo.

Ngakho okwamanje isicelo nokuhlola okuhlobene nezemvelo kugxile kuphela ezindleleni zobuchwepheshe

bokuhlola ukude (kubandakanya nokuhlaziywa kolwazi-ngqangi olukhona kanye nokubukwa komumo wezwe

usemkhathini).

Uma isicelo sivunywa, i-Rhino Oil and Gas izoba sesimweni sokuqhuba imisebenzi yezobuchwepheshe

bokuhlola ukude nokwakha ukuqonda okuningilizwe kakhudlwana ngemithombo kawoyela negesi engatholakala

endaweni ye-ER efakelwe isicelo. Ngemva kwalokho, uma kungenzeka i-Rhino Oil and Gas ihlongoze ukwenza

imisebenzi yokuhlola umhlabathi, kuzodingeka ukuba yaziswe ngesinye isicelo esiqondiswe kwi-PASA kanye

nangenqubo ehlukile yokuhlolwa kwezemvelo nesigunyazo. Inzuzo yale ndlela ebuyekeziwe iwukuthi noma

yisiphi isicelo sangesikhathi esizayo semisebenzi yokuhlolwa komhlabathi sizogxila ezindaweni ezizoqagulwa

ngokucacile, ngaleyo ndlela kwenze ukuba ama-I&AP azi ukuthi kukuyiphi indawo lapho i-Rhino Oil and Gas

ihlongoza ukungena khona futhi yenze imisebenzi yayo yokuhlola umhlaba.

Isigunyazo esifunwa njengengxenye yalesi sicelo asibandakanyi noma yimiphi imisebenzi ehlobene nesigaba

sokuhlolwa kwesimo sendawo noma sokumbiwa kwemithombo esihlanganisa ukuhlolwa kokutholakala

kwamathuba ezentengiselwano omkhiqizo ongase utholakale, nanoma ingxenye yezomkhiqizo. Ngakho akukho

mithombo, ukuhlolwa kokuchithekela kwezinye izindawo komkhiqizo, ukuhlolwa komfutho noma i-hydraulic

fracturing (ngokuvamile eyaziwa ngokuthi yi-"fracking") ehlongozwa njengengxenye yohlelo lokuhlola lokuqala

lweminyaka emithathu.

Exploration activities

proposed for this

application

Page 4: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 4

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

1.1 Izindawo Ezeqiwa Nokunwetshwa Kwesikhathi

Kubonakale kamuva ngo-2016 ukuthi akuzona zonke izindawo kwezenzelwe isicelo eziye zabonwa ngesikhathi

kufunwa ulwazi lwezindawo nabanikazi bomhlaba ehhovisi Lomhloli Wamazwe Jikelele (Surveyor-Genera).

Umphumela waba ukuthi iqoqwana labanikazi bomhlaba besicelo se-317 ER abazange baziswe noma

banikezwe ithuba lokuhlola amadokhumenti akhiqizwa ngesikhathi senqubo ye-EIA.

Ngakho kwaba okudingekile ukuba kunwetshwe inqubo yokubamba komphakathi iqhaza ukuze kufakwe

abanikazi balezi zindawo. IRhino Oil and Gas yaphumelela ekufakeni isicelo kwi-PASA sokunwetshwa kosuku

lokwethulwa kwe-EIR – usuku olubuyekeziwe lokufakwa kwesicelo manje luzoba ngomhla ka-10 Ephreli 2017.

Kube sekuqaliswa omunye umsebenzi ukuze kutholakale ukuthi yiziphi lezi zindawo kanye nabanikazi bazo.

Lapho kutholakale khona imininingwane yokuxhumana, laba banikazi baye bathunyelelwe izaziso base

bemenywa ukuba bazohlola futhi baphawule nge-EIR ebuyekeziwe

1.2 Ithuba Lokusika Kwelijikayo

Le EIR iye yasakazwa ukuze kuphawulwe ngayo inkathi engaba yizinsuku ezingu-30 nangaphezulu kusukela

ngomhla ka-27 Febhruwari kuya kumhla ka- 31 Mashi 2017. Amakhophi ombiko aye enziwa ukuba atholakale

engosini ye-SLR (yiya lapha: http://www.ccaenvironmental.co.za/sub-oil-gas-minerals/) futhi ayatholakala

eyikhophi yephepha ezindaweni ezichazwe lapha ngezansi. Ikhophi ye-elekhtronikhi ye-EIR ingathunyelwa nge-

email noma uyithole nge-CD uma uyicela. Umbiko Ofingqiwe wale mibiko nawo uye wahunyushelwa esiZulwini

nasesiBhunwini futhi uyatholakala engosini ye-SLR uma ufuna ukuwudawuniloda noma ungase uthunyelwe nge-

email uma uwucela.

Noma yikuphi ukuphawula nge-EIR kufanele kuthunyelwe ku-SLR engakedluli umhla ka-31 Mashi 2017.

2. Izimfuneko zesishayamthetho

Igama Nendawo Ikheli Lomgwaqo

Newcastle Library 66 Scott Street, Newcastle

Dundee Library Boundary road (next door to Municipality), Dundee

Vryheid Library Corner Mark and High Street, Vryheid

Utrecht Library Voor street, Utrecht

Dannhauser Library 8 Church Street, Dannhauser

Nqutu Library 1139 Mangosuthu Drive, Nqutu

Page 5: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 5

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Isicelo selungelo lokuhlola sidinga isigunyazo sesigungu esiphethe ngokuvumelana nakho kokubili i-MPRDA

kanye noMthetho Wokuphathwa Kwezemvelo Kazwelonke ka-1998 (No. 107 ka-1998) (NEMA), njengoba

uchitshiyelwe.

I-MPRDA iveza ukuthi imithombo yezimbiwa phansi nezibaseli iyifa eliyigugu labo bonke abantu baseNingizimu

Afrika nokuthi uMbuso, njengomgunyazi, unelungelo lokukhipha amalungelo ukuqinisekisa intuthuko esimeme

yemithombo yamandla engcebo ezinto ezimbiwa phansi kanye nezibaseli ngokuvumelana nohlaka lwenkambiso

yezemvelo kwazwelonke, kuyilapho ukhuthaza intuthuko yezomnotho neyezenhlalo.

Noma yiliphi ilungelo elinikezwe ngaphansi kwe-MPRDA yilungelo langempela elinemingcele ngokuphathelene

nezimbiwa phansi noma izibaseli nezwe lelo lungelo elihlobene nalo. Umnini-lungelo ufanelwe ngamalungelo

okubhekiselwa kuwo eSigabeni 5 se-MPRDA namanye amalungelo anjalo angase awanikwe noma awathole

ngaphansi kwe-MPRDA noma kwanoma yimuphi omunye umthetho. Nokho, amalungelo ezinto ezimbiwa phansi

nezibaseli abekwe ngokucacile futhi anemingcele ngokwemibandela yalo mnotho ofunwayo, umhlaba ofakiwe,

uhlelo lomsebenzi nesikhathi esinqunyiwe. Noma yiluphi ushintsho ngokwesilinganiso saleli lungelo

(okungukuthi, okunye ukuhlola noma imisebenzi yangesikhathi esizayo yomkhiqizo) kuzodingeka luhambisane

nesinye isigunyazo / ukuvunywa kwesicelo ngokuvumelana ne-MPRDA ne-NEMA.

Ngokwemibandela yesigaba 79 se-MPRDA ilungelo lokuhlola liyadingeka kuNgqongqoshe Wezimbiwa Phansi

(noma igunya eliphathisiwe) ngaphambi kokuqaliswa kwanoma yimiphi imisebenzi yokuhlola. Imfuneko yokuthola

i-ER iwukuthi umfaki sicelo kumelwe enze ngokuvumelana neSahluko 5 se-NEMA maqondana nokuxhumana

nokubika (bheka ngezansi). UNgqongqoshe (noma igunya eliphathisiwe) anganikeza kuphela i-ER uma

sikhishiwe iSigunyazo Sezemvelo.

ISigaba 2 se-NEMA sibeka izimiso zezemvelo okumelwe zisetshenziswe yizo zonke izinhlangano zoMbuso

lapho kuthathwa izinqumo ezinomthelela omkhulu kwezemvelo. Okufakiwe phakathi kwezimiso eziyisihluthulelo

ukuthi intuthuko kumelwe ilethe ukusimama kwezenhlalo, ezomnotho nezemvelo nokuthi ukulawulwa

kwezemvelo kumelwe kucabangele kuqala abantu nezidingo zabo, futhi kusebenzele ukwaneliswa kwezidingo

zabo zokuphila ngokomzimba (physical), ngokwengqondo, ngokwentuthuko, ngokwesiko ngangokwezenhlalo

ngokulinganayo. I-NEMA ihlinzeka nangokubambisa ama-I&AP iqhaza futhi icacisa ukuthi izinqumo kumelwe

zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP.

ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated Environmental Management

(IEM), ehlinzeka ngohlaka lokuhlanganiswa kwezemvelo lapho kuhlelwa, kuklanywa, kwenziwa izinqumo

nalapho kusetshenziswa amasu nentuthuko. ISahluko 24 sihlinzeka ngohlaka lokukhishwa kweZigunyazo

Page 6: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 6

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Zezemvelo. Ukuze kufezwe le migomo evamile ye-IEM, imithelela engaba khona yemisebenzi ehleliwe kumelwe

icatshangelwe, ihlolwe, icutshungulwe bese iyabikwa egunyeni elifanele. Isicelo sokuhlola esihlongozwayo

senza idingeke i-Activity 18 of Listing Notice 2 (GN R984) futhi inqubo Yokucwaninga ne-EIA kumelwe yenziwe

ukuze isinqumo se-PASA sesigunyazo sezemvelo senziwe ngokusekelwe olwazini. I-Rhino Oil and Gas iqoke i-

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd (kamuva ebizwa ngokuthi i-“SLR”) njengomhlaziyi wezemvelo ozimele

(“EAP”) ukuba abe nesibopho sokwenza le nqubo ye-EIA.

Ububanzi benqubo yamanje ye-EIA buvunyelaniswe ngokukhethekile nesigaba sangaphambi kokuqalwa

komsebenzi sohlelo lomsebenzi wokuhlola (okungukuthi, ukubukwa komumo wezwe usemkhathini). Ukuhlolwa

ngokuqhubekayo kwezemvelo okusekelwe emhlabathini kubandakanya nokumbiwa kwemigodi ejulile

okuyisisekelo, ukuhlola ngeziqhumane, ukuhlolwa kwesimo sendawo noma imisebenzi yokumba ukuze kuhlolwe

imikhiqizo yangesikhathi esizayo akungeni kulo mkhakha wenqubo ye-EIA. Uma lowo msebenzi

ubuzohlongozwa yi-Rhino Oil and Gas, khona-ke bekuzodingeka ukuba ifune esinye isigunyazo kwi-PASA

ngokwemibandela ye-MPRDA ne-NEMA. Noma yisiphi esinye isigunyazo besizodinga ukuba kwenziwe enye

inqubo yokuhlola kuphinde kuthintanwe nomphakathi njengoba i-NEMA idinga ukuba kwenziwe kanjalo.

Ngokuvumelana neMihlahlandlela ye-EIA ka-2014, zonke ezinye izishayamthetho nemihlahlandlela

okwacatshangelwa lapho kulungiselelwa i-EIR kubhalwe phansi. Ukubuyekezwa kohlelo lomsebenzi wokuhlola

oluhlongozwayo ngokwemibandela yesishayamthetho esihambisana nalo akuzange kuzihlonze ezinye

izimfuneko zesigunyazo.

3. Indlela Yokucwaninga

3.1 Ucwaningo

Inqubo yokucwaninga yathathwa phakathi kuka-Febhuwari 2016 no-Ephreli 2016 futhi yaphetha Ngombiko

Wocwaningo owethulwa kwi-PASA. UMbiko Wocwaningo wabandakanya amakhophi awo wonke

amadokhumenti ayesekela lokhu kanye nezimvo ezatholakala ngesikhathi umphakathi ubambe iqhaza

ngesikhathi sesigaba Socwaningo. UMbiko Wocwaningo wamukelwa yi-PASA ngomhla ka-31 Agasit 2016,

unikeza imvume yokuba i-EIA iqhubeke ngokuvumelana noHlelo Locwaningo oluchazwe eMbikweni

Wocwaningo kanye nemibandela ehlanganiswe kulokho kwamukelwa kwawo.

Page 7: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 7

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

3.2 Izingqinamba Eziyisihluthulelo Ezacatshangelwa

Izingqinamba eziyisihluthulelo kanye nokukhathazeka okwahlonzwa yithimba lale phrojekthi, kanye nezimvo

zama-I&AP, ngesikhathi seSigaba Socwaningo zethulwe lapha ngezansi.

Izingqinamba eziyisihluthulelo ezahlonzwa yithimba lale

phrojekthi, kanye nezimvo zama-I&AP

Indlela lezo zingqinamba ezafakwa ngayo,

noma izizathu ezenza ukuba zingafakwa

1. Izingqinamba Zenqubo

Kukhona ukuphikiswa okukhulu kwesicelo esihlongozwayo sokuhlola.

Izizathu eziyinhloko zokuphikisa komphakathi yilezi ezilandelayo:

Ukukhathazeka, ngisho nokwesaba, ngezingozi

zangesikhathi esizayo ezingase zivele ngomkhiqizo uma

kungenzeka lo mcebo utholakale;

Ukukhathazeka ngokuthi uma kubhekwa imali

ebandakanyekile, uma kungenzeka lo mcebo we-

hydrocarbon utholakale, ngeke kwenzeke ukunqanda lo

mkhiqizo kungakhathaliseki ukuthi izinqubo ze-EIA

esikhathini esizayo zingase ziboniseni ngokwemibandela

yezingozi. Ngakho okuwukuphela kwendlela yokugwema

lezo zingozi ukungawuvuli kwakuwuvula umnyango

wokuqaliswa kwalawo maphrojekthi;

Amandla asekelwe ku-hydrocarbon awumqondo onephutha

futhi amazwe abalekela ama-hydrocarbon amasha ekhetha

isistimu yamandla avuselelwayo

Ukungazethembi okujulile izinhlangano zikahulumeni kanye

nezisusa zeqiniso kanye nabantu abangabagqugquzeli balesi

sicelo;

Ungabazane olukhulu ngekhono likahulumeni lokuphoqelela

ukusebenza ngokuvumelana nesishayamthetho;

INingizimu Afrika ayiziqondi izingozi zokuhlungwa kwe-

hydrocarbon futhi alukho uhlaka oludingekayo

lwesishayamthetho ukuze kuvikelwe imvelo; kanye

Nokuntuleka kokuqonda indlela uhlelo lokuhlola okumelwe

luqhutshwe ngayo nokuthi yini egunyazwayo.

Ukuphikisa okuningana kuye kwenziwa kule phrojekthi nenqubo ye-

EIA.

Izinga lokuphikisa komphakathi le phrojekthi liye

labhalwa phansi eMibikweni Yocwaningo neye-

EIA. Lapho abantu bebhalise khona ukuphikisa

kwabo le phrojekthi; lokhu kuye kwaqoshwa.

Konke ukuphikisa okwamukelwe kuye

kwaqoshwa. Umbiko we-EIA uzame ukwethula

ulwazi olunembile lwale phrojekthi kanye

nokuhlolwa okuyiqiniso kwemithelela ukuze ama-

I&AP akwazi ukwenza isinqumo enolwazi.

Izicelo zamalungelo ezimbiwa-phansi zenziwa

ngokuvumelana ne-MPRDA ngenqubo

elawulayo. Izimfuneko zesinqumo emthethweni

zihlanganisa ukuthi ofaka isicelo kumelwe abe

nemali nekhono lokwenza. I-Rhino Oil and Gas

ithi yona iyahambisana nalezi zimfuneko.

Kusobala ukuthi okuningi kwalokhu kuphikisa

akumelene ngokuqondile nokufaneleka

kwemisebenzi yokuhlola ehlongozwayo, kodwa

kunalokhu kumelene nemiphumela nezingozi

ezilindelekile okungathi uma ziphumelela, ziholele

ekuhloleni. Akukho mzamo owenziwe

wokubhekela izingqinamba nokuphikisa

okusekelwe ekukhathazekeni okuhlobene

nokunye ukuhlola noma imisebenzi yokukhiqiza

yangesikhathi esizayo

I-NEMA ayihlinzeki ngokuqondile ngendlela

yokubhekela lokho kuphikisa okuvezwe kwinqubo

ye-EIA. Ngaphansi kwe-MPRDA ukuphikisa

okungaxazululiwe kuzokwethulwa kwi-Regional

Mining Development naseKomitini Lezemvelo.

I-EIA kumelwe ihlaziye ukuhlola okungaba khona esikhathini esizayo

kanye nemithelela ehlobene nomkhiqizo (kubandakanya nokuhlakaza

Ububanzi be-EIA buvunyelaniswe nokuhlola

Page 8: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 8

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Izingqinamba eziyisihluthulelo ezahlonzwa yithimba lale

phrojekthi, kanye nezimvo zama-I&AP

Indlela lezo zingqinamba ezafakwa ngayo,

noma izizathu ezenza ukuba zingafakwa

(fracking)) kwesigaba sangaphambi kokuqalwa komsebenzi

njengoba kuhlongozwe yi-Rhino Oil and Gas.

Uma kungenzeka i-Rhino Oil and Gas ihlongoze

ukwenza imisebenzi yokuhlola umhlabathi,

ngaphandle kwalokhu, kuzodingeka ukuba

yaziswe ngesinye isicelo esiqondiswe kwi-PASA

kanye nangenqubo ehlukile yokuhlolwa

kwezemvelo nesigunyazo.

I-Strategic Environmental Assessment (SEA) ye-Shale Gas

Development eKaroo kufanele inwetshwe ukuze ihlanganise le

ndawo/isicelo noma okungenani yazise inqubo ye-EIA yamanje.

Noma okutholwe yi-SEA kusetshenziswe kule-EIA

Izinga nemibandela ye-SEA kwaphothulwa yi-

DEA futhi kulinganiselwe kwi-Shale Gas

Development kwi-Karoo ebonisiwe ebalazweni

lomumo wezwe.

Ezinye zezinto ezatholwa uhlaka lokuhlola

kwesayensi lwe-SEA ziyahambisana nalokho,

kodwa i-SEA icabangela kakhulu ukucwaninga

okuthuthukisiwe kanye noma ukukhiqizwa

okungaphezu kohlelo lomsebenzi wokuhlola

ohlongozwa yi-Rhino Oil and Gas.

Bheka iSigaba 2.5.5.

Inqubo / indlela eyanele yokubamba komphakathi iqhaza yabekelwa

inselele, ikakhulu ngokuphathelene nokwazisa imiphakathi

esemaphandleni.

Imizamo eyengeziwe iye yathathwa ukuze

kubhekanwe nalokhu. Bheka iSigaba 5.2 soMbiko

woCwaningo kanye neBhokisi 4 ku-EIA.

Imihlangano yezimvo ye-EIA nama-I&AP

izobanjwa emadolobheni lapho imihlangano

Yocwaningo yayibanjelwe khona endaweni

okwabuyekezwa kuyo i-ER.

Indawo evikelekile noma ezinye izindawo ezingavumelani nokuhlola

azizukufakwa kulolu hlu. Kumelwe kuboniswe inhlonipho ngemingcele

ebekwe yisishayamthetho nemihlahlandlela, ikakhulu Imihlahlandlela

Yezibaseli

Izinga le-ER ehlongozwayo liye lalungiswa ukuze

zingafakwa izindawo ezivikelwe.

Ububanzi be-EIA buvunyelaniswe nokuhlola

kwesigaba sangaphambi kokuqala komsebenzi

wokuhlola njengoba kuhlongozwe yi-Rhino Oil

and Gas. Imingcele ephathelene nokuhlola

kwangesikhathi esizayo noma imisebenzi

yokukhiqiza ayizange ifakwe kule-EIA.

Kunikezwe incazelo eningiliziwe yezemvelo ezithintekanyo, ukuhlola

indawo kungayiwanga kuyo ngokuqondile akwanele.

Bheka iSigaba 5 se-EIR.

Usayizi omkhulu wendawo efakelwe isicelo,

Page 9: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 9

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Izingqinamba eziyisihluthulelo ezahlonzwa yithimba lale

phrojekthi, kanye nezimvo zama-I&AP

Indlela lezo zingqinamba ezafakwa ngayo,

noma izizathu ezenza ukuba zingafakwa

izingqinamba zolwazi ngenqubo yokuhlola kanye

nesimo sokuhlola kwesigaba sangaphambi

kokuqala komsebenzi wokuhlola akuzange

kuvumele, noma kugunyaze ukuhlolwa

okuyisisekelo okuningiliziwe kwayo yonke indawo

efakelwe isicelo. Nokho, kuyaphawuleka ukuthi

izizinda zolwazi eziye zasetshenziswa

ngokuvamile zikuhlanganisa kahle ukwethulwa

okunembile nokwanele kwemibandela

elandelwayo lapho kuhlelwa imihlangano.

Kuqinisekiswe ukuthi zikuphi izindawo ezizohlolwa bese kuhlolwa

imithelela kulezi zindawo.

Isimo sokuhlola siwukuthi umenzi wesicelo ngeke

akwazi ukuqinisekisa ukuthi zikuphi izindawo

ezizombiwa ngokujulile noma okuzosetshenziswa

kuzo iziqhumane kuze kube yilapho ukuhlola

sekunikeze imiphumela.

I-Rhino Oil and Gas iye futhi yangayifaka kulolu

hlu imisebenzi yokuhlolwa komhlaba ngokumbiwa

kwemigodi ejulile kanye nokuhlola okwenziwa

ngeziqhumane emsebenzini ‘wokuhlola

ohlongozwayo wesigaba sangaphambi kokuqala

komsebenzi wokuhlola’ abafuna kuwo

isigunyazo sezemvelo. Okwamanje isicelo

sokuhlola okuhlobene nezemvelo kanye nale-EIA

kugxile kuphela ezindleleni zobuchwepheshe

bokuhlola ukude (kubandakanya nokuhlaziywa

kolwazi-ngqangi olukhona) kanye nokubukwa

komumo wezwe usemkhathini. Bheka iSigaba

4.5.1

2. Imithelela engaba khona yokuhlola okuhlongozwayo

Umthelela endleleni izinto eziphilayo ezihlobana ngayo

Ukulahlekela noma ukuphazamiseka kwezitshalo

nezilwane ezihlala endaweni ezizungezile

Ukuphazamiseka nokufa kwezilwane

Ukuvumela ukungena kwezinhlobo eziphilayo

ezingezona ezasendaweni nezithuthelekayo

ezindaweni eziphazamisekile

Imithelela engaba khona yokumba imigodi ejulile

nokusebenzisa iziqhumane akuzange kuhlolwe

kule-EIA njengoba kungaseyona ingxenye

yokuhlola komsebenzi ohlongozwayo ‘wesigaba

sangaphambi kokuqala komsebenzi wokuhlola’

uRhino Oil and Gas afuna kugunyazwe Imithelela Emanzini Angaphansi Komhlaba

Ukuphazamiseka kwezinto eziphila emanzini

Page 10: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 10

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Izingqinamba eziyisihluthulelo ezahlonzwa yithimba lale

phrojekthi, kanye nezimvo zama-I&AP

Indlela lezo zingqinamba ezafakwa ngayo,

noma izizathu ezenza ukuba zingafakwa

angaphansi komhlaba kanye nokutholakala kwamanzi

Ukungcoliseka kwemithombo yamanzi angaphansi

komhlaba

Ukusetshenziswa kwamanzi

abezemvelo. Bheka iSigaba 4.5.1.

Ukuhlola emoyeni kwe-FTG (bheka iSigaba

4.5.5) efakiwe njengengxenye 'yokuhlola

kwesigaba sangaphambi kokuqala komsebenzi

wokuhlola okuhlongozwayo' kuzophumela

ekubeni kungaphazanyiswa umhlabathi

okuzokwenzelwa kuwo ukuhlola. Ngakho

imithelela ezicini eziningi zezemvelo ngeke ibe

khona. Ngenxa yalesi sizathu izingqinamba

azizange zicatshangelwe ngokwengeziwe kule-

EIA.

Uma kungenzeka i-Rhino Oil and Gas ihlongoze

ukwenza imisebenzi yokuhlola umhlabathi,

kuzodingeka ukuba yaziswe ngesinye isicelo

esiqondiswe kwi-PASA kanye nangenqubo

ehlukile yokuhlolwa kwezemvelo nesigunyazo.

Imithelela emanzini angaphezu komhlaba

Ukuphazamiseka kwezinto eziphila emanzini

angaphezu komhlaba

Ukungcoliseka kwemithombo yamanzi angaphezu

komhlaba

Ukusetshenziswa kwamanzi

Imithelela ezakhini zomhlaba

Ukukhinyabezeka kokusebenza kwezinye zezakhi

zomhlaba

Ingozi emigedeni engaphansi komhlaba noma

imisebenzi yasezimayini

Imithelela enhlabathini

Umthelela obonakalayo ezinhlabathini (ukuguguleka /

ukugandayeka ngokuqhubekayo komhlaba)

Ukungcoliswa kwemihlabathi okungenzeka

Umthelela emithomjeni yezinto zendabuko

Umthelela ebunikazini bomhlaba nokungena empahleni yomuntu

Umthelela kubasebenzisi bendawo bamanje

Ukulimala kohlaka lwengqalasizinda

Ukulimala kohlaka ngenxa yamaza ezisetshenziswa

aphazamisayo, ukufuthwa komoya ngokweqile kanye

nokundindizela komhlaba

Ukuwohloka noma ukulimala ngenxa yezinqola

nemishini yokuhlola

Umthelela ezingeni lomoya endaweni ezungezile

Uthuli nesisi esikhishwa yizinqola

Ukuphuma noma ukukhululwa kwegesi emigodini

embiwayo yokuhlola

Ukuphepha nokulondeka

Ukuphepha komphakathi ngenxa, phakathi kokunye,

yokwanda kwezimoto ezidlulayo, imishini emikhulu,

iziqhumane izinto eziyingozi, ukukhishwa kwegesi,

nokunye

Imililo

Ukuphepha kobunikazi bendawo

Iqhaza noma umthelela emnothweni wendawo

Isinxephezelo

Ukuvuselelwa nokuzimisela ukuthwala icala

Umthelela emazingeni omsindo endaweni ezungezile. Bheka iSigaba 6.1

Page 11: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 11

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

3.3 Indlela Ye-EIA

Ngokuvumelana neSithasiselo 3 seSaziso SikaHulumeni No. R982, imigomo ye-EIA ukwenza lokhu:

ukuthola izinqubomgomo ezifanele nesishayamthetho esifanele sokwenziwa kwalo msebenzi;

ukwethula isidingo nesifiso somsebenzi ohlongozwayo kanye nendawo okukhethwa ukuba wenzelwe

kuyo;

ukuhlonza ezinye izindlela ezifinyelelekayo kokuhlongozwa ngale phrojekthi

ukuqinisekisa ukuthi zonke izingqinamba zezemvelo nemithelela okuzoba umphumela wephrojekthi

ehlongozwayo kuyahlonzwa;

ukuhlinzeka ngethuba elanele ngama-I&AP lokubandakanyeka enqubweni ye-EIA'

ukuthola imithelela engaba khona ngezindlela ezihlukile zale phrojekthi ehlongozwayo ezigabeni

ezihlukahlukene zokuthuthuka kwale phrojekthi;

ukwethula izindlela zokunciphisa imithelela ezifanele noma zokuthuthukisa izinzuzo ezizotholakala,

ngokulandelana; nokuthi

Ngale ndlela engenhla, kuqinisekiswe ukuthi izinqumo zenziwe ngendlela ebonisa ukukhathalela abanye

ngamagunya afanele.

NgokoHlelo Locwaningo lwe-EIA olwethulwe eMbikweni Wokucwaninga, indlela ebizolandelwa ukuba kwenziwe

izingcwaningo zobungoti eziningi ukuze i-EIA ingenziwa kudunguzwa ebumnyameni. Nokho, uma ukumbiwa

okujulile kwemigodi nokusetshenziswa kweziqhumane kule nqubo ye-EIA kungafakwa, lezi zingcwaningo

ezisadingeki futhi azibange zisaqedelwa noma zisetshenziswe ukunikeza ulwazi ku-EIA.

Ukuhlonzwa nokuhlolwa kwale mithelelo yezemvelo kuyinqubo emkhakha-mningi, kusetshenziswa

inhlanganisela yezincazelo zobuningi nekhwalithi (qualitative and quantitative descriptions) kanye nohlaziyo.

Ibandakanya ukusetshenziswa kwezikali zezesayensi kanye nokunquma kobungoti ukuze kutholakake izinga

lemithelela kwezemvelo ehlobene nale phrojekthi ehlongozwayo. Le nqubo ibandakanya ukucatshangelwa,

phakathi kokunye: injongo nesidingo sale phrojekthi; imibono nokukhathazeka kwama-I≈ ezenhlalo

nezepolitiki, kanye nesifiso sokwazi okuqhubekayo somphakathi wonkana.

I-SLR isebenzise indlela yokuhlola eyacabangela lokhu: ukujula, ububanzi, ubude besikhathi semithelela,

amathuba okuba khona kwaleyo mithelela, ukubuyiseleka emuva kanye nezinga leyo mithelela engancishiswa

ngalo. Ubukhulu baleyo mithelela kwezemvelo balinganiswa ngaphambi nagemuva kokusetshenziswa

kwezinyathelo zokuyinciphisa. Indlela esetshenzisiwe ekuhlolweni kwemithelela kwezemvelo yilena:

Umphumela uyilokho okuyokwenzeka lapho lo msebenzi wenziwa ngezinga elithile (function of

intensity), izinga elisabalele nobude besikhathi;

Page 12: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 12

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Ubukhulu (significance) buwumphumela wezinga leyo mithelela engase ibe mibi ngalo nemiphumea

yakhona.

I-EIA yenziwa yatholakala esikhathini esidlule ukuze ibuyekezwe ngumphakathi phakathi komhla ka-11

November nomhla ka-15 Disemba. Imihlangano emihlanu yomphakathi/izinsuku zokubuka zaqhutshwa

emadolobheni angaphakathi kwe-eir ngasekupheleni kukaNovemba 2016. Ukuphawula nge-EIR okwamukelwa

yi-SLR kwasetshenziswa ukufaka ulwazi lwakamuva kwi-EIR lapho kufaneleka khona. Lokhu kuphawula

nezimpedulo ze-EAP kufingqwe eThebuleni 3-5 futhi amakhophi okuphawula ngakunye afakiwe eSithasiselweni

6.3 kwi-EIR. Lokhu kubandakanya amaminithi emihlangano yezimvo zomphakathi. Ukuphawula okuvela kuma-

I&AP kwi-EIR ayenesihloko esifanayo sonkana nokuphawula okwatholakala phakathi nesigaba Sesinyathelo

Sokuqala (Scoping phase). Naphezu koshintsho ohlelweni lomsebenzi wokuhlola (ukubandakanya kuphela

imisebenzi yokuthungatha ukude), ama-I&AP ngokuvamile amelene nokuhlola okungasekelwe kuwoyela negesi

ayikholelwayo ngokuyinhloko, futhi ngokukhethekile kulo mkhakha wesicelo se-ER. Ngokuyinhloko ama-I&AP

aphikisa ngokuthi izingozi zokuhlola kwangesikhathi esizayo kanye nemisebenzi yokukhiqiza ezolandela

ukuhlola ngempumelelo zinkulu kakhulu futhi azifanelekile ngokwesimo esingokwemvelo sendawo efakelwe

isicelo.

Njengoba kuningiliziwe kuSigaba 1.1 ngenhla, ngenxa yokuthi abakwazanga ukuthola yonke indawo nabo bonke

abanikazi bemihlaba, i-Rhino Oil and Gas ebiyidinga futhi iye yaphumelela ukwenza isicelo kwi-PASA ukuze

kunwetshwe usuku lokwethulwa kwe-EIR – usuku olubuyekeziwe manje selungomhla ka-10 Ephreli 2017. Le

EIR ebuyekeziwe ihlinzeka ngolwazi ngabanikazi abangeziwe bemihlaba kanye nokunye ukwaziswa kanye

nenqubo yesibili yokuhlolwa kwe-EIR.

Ngesikhathi sokukhishwa kwale-ER, ingqikithi yabanikazi bomhlaba abangu-42.7% (abangu1558 engqikithini

yabangu-3641) baye baziswa. Izibalo zabazisiwe ezihlinzekiwe zingezengqikithi yonke yezindawo ngaphakathi

kwendawo ebuyekeziwe yezincelo u-317 ER, kubandakanya nalezo ezazingene ohlwini ‘lwezindawo ezeqiwa’.

Ithebula elingezansi linikeza ukufingqwa kwesibalo sezaziso ezafinyelelwa ngohlobo ngalunye lomnikazi

womhlaba:

Uhlobo Lomnikazi Wendawo Ingqikithi Yesibalo Isibalo sabazisiwe Isaziso (%)

Inkampani 386 371 96.11

Umuntu Ozimele 1753 978 55.79

I-Trust 307 138 44.95

I-Community Property Association/

Uhulumeni nabanye

83 71 85.54

Page 13: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 13

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Akukho rekhodi elitholakele 1112 0 0

Ingqikithi 3641 1558 42.79

Ukwaziswa ngokuqondile kwabanikazi bomhlaba abasele akuzange kufinyelelwe ngenxa yokungatholakali

kolwazi lwama-title deed, amagama abanikazi bomhlaba noma imininingwane yokuxhumana. Kwenziwe

imizamo emikhlu yookuthola laba banikazi bemihlaba ngokwenza olunye uphando nokwenza abantu

okungenzeka bayathinteka baqwashe ngezinye izindlela ezihlukahlukene (Bheka amaBhokisi 4, 5 no-6 e-EIR).

4. Incazelo Yephrojekthi

4.1 Isethulo

I-Rhino Oil and Gas Exploration South Africa (Pty) Ltd yinkampani ebhaliswe ngokusemthethweni yaseNingizimu

Afrika ewumxhantela we-Rhino Resources Ltd., okuyinkampani ezimele yokuhlolwa kukawoyela negesi neletha

intuthuko egxile e-Afrika. I-Rhino Resources yakha iphothifoliyo yempahla kawoyela negesi esogwini

nengaphandle kogu egxile ngokuyinhloko eNtshonalanga Afrika, eMpumalanga Afrika naseNingizimu Afrika.

Isimo se-BBBEE se-Rhino Oil and Gas kuye kwavunyelwana ngaso nenye inkampani futhi kuzokwenziwa

ngokuvumelana ne-Charter ekufukulweni kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezazishayelwa amakhala

ngaphambilini eMbonini Yamafutha Nezibaseli Eziwuketshei. Ulwazi olwengeziwe luyatholakala lapha

http://www.rhinoresourcesltd.com.

Page 14: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 14

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

4.2 Ukufingqwa kokuhlola

Imibandela edingekayo ngokunqwabelwaniswa kwemithombo yezibaseli iyinkimbinkimbi futhi incike kakhulu

emlandweni wezimbiwa phansi eziwuketshezi kanye nokwakhiwa kwamanje kwalezi zimbiwa kanye nezinhlaka.

Ukuthola imithombo yezibaseli/igesi nokuhlawumbisela ukuthi inawo yini uwoyela / noma igesi kuyinqubo

eyinkimbinkimbi ngendlela edida ingqondo edinga ukuba kudlulwe ezigabeni eziningana ezihlukahlukene,

okudinga uchungechunge lwezinto zezobuchwepheshe. Ukuhlola kuqala ngokutholakala kwezindawo ezinale

mikhiqio ngokusekelwe ekuqondeni ukutholakala koketshezi olumbiwa phansi. Lezi zindawo kumelwe zilandele

ukuhlolwa kwesigaba sangaphambi kokuqalwa komsebenzi okugxile ekuhlaziyeni okubanzi kwezifundazwe.

Ukuhlola ezindaweni ezihlonzwe njengezithembisayo kuzoqhubeka kuze kufike esigabeni sokuhlola

ukusebenza kwale mithombo yengcebo (appraisal stage). Lo msebenzi uhloselwe ukuhlonza nokuchaza

izinga lezindawo eziqondiwe ezinamathuba amakhulu emithombo yalo mcebo kawoyela kanye / noma igesi.

Ukuze sikuchaze ngokugcwele ukutholakala okungokwezentengiselwano kukawoyela kanye / noma igesi

ngokuvamile kwenziwa isigaba sokumbiwa kwemithombo. Uhlobo lwemithombo nokuhlola kuzoncika

ngokuphelele esimweni sengcebo eye yahlonzwa. Ukuhlola eqinisweni kudinga ukuba kwenziwe ukuhlola

kwesigaba sangaphambi kokuqaliswa komsebenzi kanye nezigaba zokumbiwa kwemithombo, okwenziwa

enkathini efinyelela eminyakeni engu-10, ukuze isinqumo sesicelo selungelo lokukhiqiza senziwe kunolwazi.

I-Rhino Oil and Gas isekuqaleni kwenqubo yokuhlolwa kukawoyela negesi futhi kulesi sigaba ifuna nje kuphela

isigunyazo sokuqalisa ingxenye yemisebenzi edingekayo ukuze isigaba sangaphambi komsebenzi sokuhlola

senziwe kunolwazi.

4.2 Isidingo Nokufiseleka

Le ngxenye embikweni ihloselwe ukukuhlinzeka ngamabalengwe esidingo nokufiseleka kwephrojekthi

ehlongozwayo okokuqala ngokuthi kuqokonyiswe izicelo zokusetshenziswa kwegesi engokwemvelo (ikakhulu

ngokuqondene nomkhakha wokuphehlwa kukagesi) futhi, okwesibili ukubonisa indlela lezi zicelo

ezivunyelaniswe ngayo nomongo wamasu azolandelwa enkambiso kazwelonke kanye nohlelo lokutholakala

kwamandla, izidingo ezibanzi zomphakathi kanye nohlelo lwezifundazwe, njengokufanelekile.

Ukusetshenziswa Kwegesi Engokwemvelo

Igesi engokwemvelo iyisibaseli semivubukulo, esisetshenziswa embulungeni yonke njengomthombo wamandla

okushisisa, ukupheka kanye nokuphehlwa kukagesi, phakathi kokunye. Indlela eshesha kakhulu

yokusetshenziswa kwegesi engokwemvelo ukuphehla amandla kagesi.

Ezibaselini ezintathu zemivubukulo ezisetshenziselwa ukuphehla ugesi (amalahle, uwoyela, igesi

engokwemvelo), igesi engokwemvelo ikhipha isisi esincane kakhulu ngokweyunithi yamandla akhiqizwayo.

Page 15: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 15

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Ukushisa igesi engokwemvelo kuphinde kudedele izilinganiso eziphansi zama-nitrogen oxide, i-sulphur dioxide,

ama-particulate ne-mercury lapho iqhathaniswa namalahle nowoyela (Union of Concerned Scientists, n.d.).

Olunye ucwaningo lubonisa ukuthi, enkathini yeminyaka engu-20, kokubili igesi yemvelo neshintshekayo

anendawo ye-GHG enkudlwana, kunamalahle noma uwoyela kunoma yini engase isetshenziselwe ugesi

wemvelo.

Njengoba ukukhula ngokomnotho kuxhomeke ekutholakaleni kukagesi, ukuqinisekisa ukuphakelwa okusimeme

nokuthembekile kukagesi ngezinga elanele kuyisihluthulelo esiholela ekukhuleni komnotho waseNingizimu

Afrika. Ukuntuleka kukagesi okuye kwabhekanwa nakho eNingizimu Afrika eshumini leminyaka elidlule bekuyisici

esinomthelela ekwehleni okuphawulekayo kwezinga lokukhula komnotho. Ngokomongo walokho okushiwo

ngenhla, ukusetshenziswa kwegesi engokwemvelo ukuphehla ugesi kubhekwa njengokunezinzuzo ezinkulu futhi

kuhlonziwe kwinqubomgomo kazwelonke, kanye nobuchwepheshe bamandla avuselelekayo, ekwenzeni kube

nezinhlobonhlobo zokuphakelwa kukagesi wakuleli ngaphandle kokusetshenziswa kwamalahle. Ukufinyeleleka

okungokomnotho kokusetshenziswa kwegesi engokwemvelo ekuphehleni amandla kagesi akuleli kuxhomeke

ekutholakaleni kwemithombo yokugcinwa kwegesi engokwemvelo, kanye nezindleko zezezimali zokulanda igesi

engokwemvelo kwamanye amazwe.

Okwamanje, imithombo yamandla yakuleli incike ezindaweni zegesi eziseduze kwaseMossel Bay (F-A field),

okucatshangwa ukuthi iya incipha. Indawo ye-F-O (Project Ikhwezi) kucatshangwa ukuthi izophelelisa lokhu

kuphakela enkathini emfushane kuya kwephakathi nendawo. Eminye imitthombo eqinisekisiwe ekude nogu

ibandakanya Ibhubesi Gas Field eqhelele kude neWest Coast eNingizimu Africa. Ukwakhiwa kwale ndawo

yokuphakelwa kwegesi e-Ankerlig Power Station okwamanje kuyacatshangelwa. Amazwe angomakhelwane

(iMozambique neNamibia) kanye namazwe ase-Afrika ezifundakazini (i-Angola neTanzania) anemithombo

yegesi emikhulu kakhulu.

Nakuba ilinganiselwe, ingqalasizinda yegesi nokusetshenziswa kwayo kukhona eNingizimu Afrika. Okwamanje,

igesi ethunyelwe kwelaseNingizimu Afrika nge-Republic of Mozambique Pipeline Company (ROMPCO) ivela

eMozambique. Igesi isetshenziswa kakhulu kwinqubo yokuguqula amalahle abe uketshezi kwaSasol (CTL)

eSecunda (Bischof-Niemz, et al., 2016). EGoli, i-Egoli Gas iphakela izimboni namakhaya emizini ethile

esemadolobheni ngegesi engokwemvelo ethathwa kwaSasol. Ngo-2013, ukuphakelwa kwegesi engokwemvelo

ngokuphelele eNingizimu Afrika (umkhiqizo wakuleli nolandwa kwamanye amazwe) kwacishe kwalingana no-

2,5% wokuphakelwa kwamandla okuyinhloko kuleli zwe (Bischof-Niemz, et al., 2016). Ngakho, ukwanda

kwemithombo yegesi yemvelo kuleli kuzokwenza iNingizimu Afrika ikwazi ukuthatha izinyathelo zokuvikela

ukuphakelwa kwamandla kwamanye amazwe (ngokuwuhlukanisa ngezinhlobonhlobo), kusize ekunciphiseni

ukukhishwa kwamagesi akhinyabeza imvelo (ngokunciphisa ukwencika kwezwe emalahleni ukuphehla ugesi)

Page 16: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 16

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

nokunciphisa isidingo sokulandwa kwegesi kwamanye amazwe. Ngalokho, ukuhlolwa kwemithombo eyengeziwe

ye-hydrocarbon kuleli kubhekwa njengokubalulekile futhi kusekelwe yinkambiso kazwelonke, futhi noma yikuphi

okutholakele kuzokwamukelwa kahle yimakethe yakuleli.

Inqubomgomo Kazwelonke Nokuhlela

Ukuhlaziywa kwenqubomgomo kazwelonke kanye nokuhlela okuphathelene nokukhuthazwa kokuthuthukiswa

komnotho wonkana eNingizimu Afrika, ukuthuthukiswa komkhakha wamandla ezisetshenziswa (ngokuqondene

negesi yemvelo ngokukhethekile kanye namandla avuselelwayo) kanye nokusabela ekushintsheni kwesimo

sezulu kuhlinzekiwe. La madokhumenti alandelayo aye acatshangelwa:

- I-White Paper on the Energy Policy of the Republic of South Africa (1998)

- I-White Paper on the Renewable Energy Policy (2003)

- I-National Gas Infrastructure Plan (2005)

- I-New Growth Path (2011)

- I-National Development Plan (2012)

- I-Integrated Resource Plan for Electricity (2010 futhi eyavuselelwa ngo- 2013)

- I-Draft Integrated Energy Plan (2013)

- I-Gas Utilisation Master Plan (GUMP)

- I-Paris Agreement, United Nations Framework Convention on Climate Change

- I-National Climate Change Response White Paper

Kwacatshengelwa futhi nenqubomgomo yezifundazwe kanye nokuhlela okuphathelene nentuthuko ngaphakathi

kwelaKwaZulu-Natal lonkana. Uhlalo lohlelo lukaMasipala lwahlonzwa kodwa lulinganiselwe ngokusebenza

ezindleleni zokuhlola ukude zamanje.

4.3 Uhlelo Lomsebenzi Wokuhlola

I-Rhino Oil and Gas ihlongoza ukwenza ukuhlola kwangaphambi kokwenziwa komsebenzi ngemithombo

kawoyela negesi okungenzeka isendaweni efanelekile yezakhi zomhlaba (geological strata). Kuye

kwahlongozwa uhlelo lokuhlola ‘ngaphambi kokuqala komsebenzi’.

Isicelo sokuqala se-ER sasihlanganise izindawo engaba ngu-2 000 000 ha. Umenzi wesicelo uye wanciphisa

ubungako bendawo eyenzelwe isicelo se-ER ngokukhishwa kwezindawo ezivikelwe kanye nezindawo

okucatshangwa ukuthi kunamathemba okutholakala kwazo ecishe ibe ngu-870 000 ha okuhlanganisa cishe u-

6500 wezindawo (amapulazi neziza). Indawo efakelwe isicelo ayilihlanganisi lonke izwe elihlonzwe eSigaben 48

(1) se-MPRDA. Uma senaba indawo efakelwe sicelo ixhuma ukusuka eVryheid enyakatho mpumalanga, ukuyela

Page 17: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 17

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

entshonalanga ye-Utrecht ukunyukela eVolksrust, kubandakanya nendawo yaseNewcastle. Umngcele

oseningizimu udlula usuka empumalanga yeNqutu entshongalanga ukuya eDundee, eDannhauser udlulele

ngale eChelmsford Dam. Kunomxhantela owumngcingo obheke eningizimu ntshonalanga yeColenso. Azikho

izindawo ebezifakwe esikhathini esidlule zakwaZulu ezingenayo kule ndawo ye-ER efakelwe isicelo.

Njengoba kuye kwaboniswa ngaphambilini, i-Rhino Oil and Gas iye futhi yangayifaka kulolu hlu imisebenzi

yokuhlolwa komhlaba ngokumbiwa kwemigodi ejulile kanye nokuhlola okwenziwa ngeziqhumane emsebenzini

‘wokuhlola ohlongozwayo wesigaba sangaphambi kokuqala komsebenzi’ abafuna kuwo isigunyazo sezemvelo.

Okwamanje isicelo sokuhlola okuhlobene nezemvelo kanye nale-EIA kugxile kuphela ezindleleni

zobuchwepheshe bokuhlola kude (remote exploration techniques) (kubandakanya nokuhlaziywa kolwazi-ngqangi

olukhona kanye nokubukwa komumo wezwe usemkhathini (aerial full tensor gradiometry survey) Uma isicelo

esibuyekeziwe sigunyazwa, i-Rhino Oil and Gas izoba sesimweni sokuqhuba imisebenzi yezobuchwepheshe

bokuhlola ukude nokwakha ukuqonda okuningilizwe kakhudlwana ngemithombo kawoyela negesi engatholakala

endaweni efakelwe isicelo. Ngemva kwalokho, uma kungenzeka i-Rhino Oil and Gas ihlongoze ukwenza

imisebenzi yokuhlola umhlabathi, kuzodingeka ukuba yaziswe ngesinye isicelo esiqondiswe kwi-PASA kanye

nangenqubo ehlukile yokuhlolwa kwezemvelo nesigunyazo.

Umsebenzi wokuqala wokuhlola uzobe wenziwa endaweni eqhelile futhi uhlanganisa ukuhlolwa kolwazi-ngqangi

lwezakhi zomhlaba kanye nokuhlolwa kwezinguquko zamakhemikhali emadwaleni omhlaba (source-rock

geochemistry). Ukuhlolwa kwe-full tensor gravity gradiometry ("FTG") kungase kwenziwe ukuze kuhlinzekwe

ngolwazi olungase luholele ekuhlonzweni kwezindawo eziqondiwe zokumbiwa kwemigodi ejulile kanye

nokuvumelanisa izindlela zokuhlola kwendawo ngeziqhumane. I-FTG isetshenziswa yizinkampani zikawoyela

negesi ukukala ububanzi bengaphansi ukuze kusizwe ekwakheni izisekelo eziyosiza ekuhloleni. I-FTG

isebenzisa amabhangqa amaningi ama-accelerometers ukukala izinga loshintsho lwesisindo ezinhlangothini

ezintathu futhi kunikezwe incazelo eningiliziwe yezakhi zomhlaba ezingaphansi. Ukuhlola kwe-FTG

kubandakanya indiza eyi-grid-based esebenzisa indiza eyi-light fixed wing (efakwe ithuluzi le-FTG) endiza

ngesivinini esiphansi (~ 130 knots) ngokuphakama okuphakathi kuka-80 no-300 m ngaphezu komhlaba.

Kucatshangwa ukuthi kungase kuhlolwe ibanga elingengaphezu kuka-4 000 km2 ngesikhala esingaba phakathi

kuka-2 no-6 km phakathi kolayini. Esimweni sezulu esihle ukuhlola kungathatha isikhathi esingaphansi

kwezinsuku ezingu-7 ukuphothulwa.

Akukho okunye ukuhlola komhlabathi, ukuhlola kokulandelela noma ukumbiwa kwemithombo kanye nokukhiqiza

kwangesikhathi esizayo okwakha ingxenye yesicelo samanje se-ER. Ngakho akukho ukuhlungwa kwama-

hydrocarbon noma amanzi, akukho ukushukunyiswa kwemithombo noma i-hydraulic fracturing (fracking)

ehlongozwayo ohlelweni lomsebenzi wokuhlola oluzothatha iminyaka emithathu okuzofunwa ngakho isigunyazo.

Page 18: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 18

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Uma isigaba sangaphambi kokuqala komsebenzi wokuhlola sizoqinisekisa ukuba khona komthombo wengcebo

ongase utholakale, khona-ke i-Rhino Oil and Gas kuzodingeka ifune esinye isigunyazo / ukuvunyelwa yi-PASA

nganoma yimuphi omunye umsebenzi wokuhlola ozodingeka ukuze kuhlolwe lowo mcebo. Noma yikuphi

okunye ukugunyaza kuzomelwe kuhambisane nenqubo yokuhlolwa kwezemvelo (noma isichibiyelo sesigunyazo

sezemvelo) ngokunye ukuxhumana nomphakathi kanye nezimvo zongoti. Ukugunyaza cishe kuzodingeka

ngokwemibandela yesishayamthetho.

5. Incazelo yokuhlolwa okuyisekelo kwezemvelo

5.1 Izinqubo Zezemvelo

Isimo Sezulu

Indawo ye-ER ehlongozwayo ivame ukuba nesimo sezulu esifudumele kanye nobusika obuphakathi nendawo

okuhlanganisa izinkathi zezimo ezibanda kakhulu ezineqhwa. Imvula etholwa yile ndawo ngonyaka (MAP) isuka

ku-600-1200 mm, ikakhulu ezinyangeni zasehlobo.

Izakhi Zomhlabathi

Izitshalo ezimila emadwaleni zamatshe aluhlaza aguqulwe isimo, amatshe amahhadlahhadla, amibalabala

eKaapvaal Craton zingatholakala zimile kakhulu endaweni esenyakatho-ntshonalanga yendawo ye-ER.

Ukusakazeka okuncane kweMesorachaean volcanic-colcanoclastic kanye namadwala ezicucu (sedimentary)

ePongola Supergroup amboze ingaphansi futhi ekugcineni acinaniswa ngama-Pongola Granites.

Ukuya ngasempumalanga yendawo efakelwe isicelo, amatshe amnyama nama-rhyolites e-Lebombo Group

esondele ku-Drakensberg Group asitshekelwe amatshe okuthiwa i-Cretaceous siltstones, amatshe awudaka,

isihlabathi nelayimi yase-Zululand Group. Uma uqhubeka uya empumalanga, uthola i-Cenozoic Maputaland

Group kanye nezicucu zamadwala i-Quaternary. Amazinga aphezulu amatshe atholakala enyakatho-ningizimu

naseningizimu-ntshonalanga akhona lapha e-Karoo Supergroup.

Inhlabathi

Indawo efakelwe isicelo yakhiwa yizinhlobo eziyisishiyagalolunye zenhlabathi. Izwe elihlelembekile lihlanganisa

amaphansi (amathafa nezindawo eziphansi kunezwe elizungezile) agqishekile nemihosha emazingeni

ahlukahlukene lakha u-19% wendawo efakelwe isicelo. Izwe eliwumthambeka elihlanganisa intaba

engakhuphukeli kakhulu (umthambeka ongu-15 - 30 %), igquma elingakhuphukeli kakhulu, (umthambeka ongu-8

– 30 %) amagquma anyukela kakhulu (10 – 30 % ukwenyuka komthambeka) akha u-49% wendawo efakelwe

isicelo. Izindawo ezimile nezenyukela ngaphezu kuka-30% zikhona endaweni engu-3% wendawo efakelwe

isicelo.

Page 19: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 19

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Izigaba zenhlabathi ezitholakala kakhulu eziyishumi nesikhombisa ziye zahlonzwa ngaphakathi kwale ndawo ye-

ER ehlongozwayo okungukuthi:

Inhlabathi enomswakama phezulu

Inhlabathi ededela kalula amanzi, engenasimo

Inhlabathi ebomvu nephuzi, engenasimo

Inhlabathi engawagcini isikhathi eside kakhulu amanzi, engenamumo (structureless);

Inhlabathi eyi-pedocutanic horizon

Izinhlabathi ezingawadedeli ngokuphelele amanzi, ngokuvamile ezingaphezulu nezicishe zibe

mahhadlahhadla (plinthic horizon).

Ama-lithosols (inhlabathi engajulile noma eqinile edwaleni elibohlokayo);

Izinhlabathi eziyizinhlobonhlobo ngokuvamile ezingawadedeli kalula amanzi;

Izigaba ezingezona eziyinhlabathi;

Izinhlabathi ezinomumo ongahlukaniseki ezingase zibe nenhlabathi yangaphezulu ene-esidi noma

ebomvu nephuzi noma okungenzeka idedele amanzi kalula noma iwabambe kanye nesihlabathi;

Ubumba olungahlukaniseki oluhlobene nenhlabathi yobumba ebamba amanzi, inhlabathi ewubumba

olunsundu engawabambi kakhulu amanzi, ubumba olungawadedeli kalula amanzi, ubumba

olungawabambi kahle amanzi kanye nobumba olunsundu, ngokuvamile oluba ngaphezulu edwaleni

eliqinile noma elibohlokayo;

Izinhlobonhlobo ezingahlukaniseki zenhlabathi, ngokuvamile ezibamba amanzi nezisalubumba.

Izinhlabathi ezingajulile ezingahlukaniseki ezibandakanya amaLithosols (izinhlabathi ezingajulile

edwaleni eliqinile noma elibohlokayo) kanye nezigaba ezingeyona inhlabathi;

Inhlabathi engahlukaniseki ephephukayo (structureless) kanye nobumba;

Inhlabathi engenamumo neyizinhlobo ngezinhlobo;

Inhlabathi engenamumo nebamba amanzi;

Inhlabathi engenamumo, engajulile nezigaba zenhlabathi esezweni.

Izigaba eziyisikhombisa zamakhono omhlaba ziyatholakala kule ndawo ecatshangelwayo. Sekukonke ku-513

000 ha wezwe elilimekayo elitholakalayo, u-23 682 ha uyindawo evunde kakhulu kwezolimo. Lezi zindawo

zitholakala ngokuyinhloko emazansi emihosha lapho kuyimithambeka futhi kulula khona ukutshala amapulazi

ezindaweni ezilimekayo.

Ingxenye enkulu yezwe elifakelwe isicelo (350 000) ibhekwa njengengalimeki futhi inendawo esezingeni

eliphakathi kuya kweliphansi lokufanelekela ukuklaba. Izingxenye zemithambeka yezintaba, engu-55 000 ha

ingasetshenziswa njengendawo yasendle futhi kufanele isetshenziselwe ukuhlala izilwane zasendle kuphela.

Okuhlanganisa Lo Mhlaba

Page 20: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 20

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Ngokwe-National Land Cover Data Set (2013/2014), ingxenye enkulu yendawo ye-ER ihlanganisa izimila

ezingokwemvelo ezenziwe ngokuyinhloko yindawo enotshani ezitshalweni eziyizihlahla nezingamahlathi

emazweni angasenyakatho e-ER. Ukulinywa kwendawo namahlathi endabuko asemazweni aphakathi

naseningizimu-mpumalanga, nasentshonalanga ye-ER.

I-Hydrology

Indawo yokuhlola ehlongozwayo iso-Thukela Water Management Area (WMA), nasezindaweni zokuphathwa

kwamanzi zasoSuthu naseMhlathuze WMA kanti isiqephu esincane sise-Upper Vaal WMA. Le ndawo

ihlanganisa imifula engu-30. UMfula i-Buffels neMfolozi yiyo imifula emikhulu ekhona kule ndawo efakelwe isicelo

(DWAF, 2006). Ngokuvamile le mifula igeleza iye e-SSE.

Indawo yokulawulwa kwamanzi oThukela iyafana nendawo yemithombo yoMfula uThukela futhi ivele

ngokugqamile esifundazweni sakwaZulu-Natal. Le ndawo yokulawulwa kwamanzi ihlanganisa imifula egelezayo

eminingana esuka eZintabeni Zokhahlamba futhi egeleza ndawonye noMfula uThukela, okuwumfula oyinhloko

kule mithombo, uyongenela kwi-Indian Ocean ngasengxenyeni engasempumalanga yendawo yokulawulwa

kwamanzi. Imifula eyinhloko egelezela eMfuleni uThukela ihlanganisa iMifula iBuffalo neSundays edonsa amanzi

engxenyeni engasentshonalanga.

Izindawo zokulawulwa kwamanzi oSuthu noMhlathuze zinemifula emibili eyinhloko, okungukuthi uSuthu

nePongola River. Imifula egelezayo ngaphakathi ngakulo mfulakazi igelezela ngasempumalanga, inqamule

ethafeni lakwaZulu bese ingenela olwandle i-Indian Ocean.

Indawo efakelwe isicelo se-ER isenyakatho yomthombo wamanzi ye-‘Northern Drakensberg’ njengoba ihlonzwe

yi-WWF. Kodwa-ke, indawo enkulu ichithela eMfuleni uThukela oluthola amanzi ngokuyinhloko emthonjeni

wamanzi i-‘Northern Drakensberg’. Lezi zindawo zibalulekile emnothweni kazwelonke ngoba amanzi

eziwalethayo asekela ukukhula nentuthuko. Kuyaqondakala ukuthi umthombo wamanzi akhona ukweminye yale

mifula.

Amanzi angaphansi komhlaba

Endaweni efakelwe isicelo, imithombo yamanzi isuka ku-20 mm/a kuya ku-120 mm/a, kanti ophezulu kakhulu

useSifundeni saseZululand (DWAF, 2006). Ukusetshenziswa kukagesi [EC] emanzini athathwe emigonqozweni

ekhona kusuka ku-10 mS/m no-300 mS/m (DWS, 2016), kanti ukusetshenziswa kukagesi [ECs] kungaba

phezulu kube ngu- ~1000 mS/m (Error! Reference source not found.) (CGS, 1998). Amazinga amanzi

angaphansi komhlaba ashintshwa ukushintsha kwenkathi yonyaka, okungukuthi, ebusika amazing amanzi aba

Page 21: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 21

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

phansi kanti ehlobo aba phezulu. Izinhlobo zale mithombo (aquifer) ngaphakathi kwendawo ye-ER

ehlongozwayo zingabuye zicwengwe ngokohlobo lokwakheka kwamadwala (lithology):

Amadwala i-metamorphic ne-igneous

I-Natal Group Sandstones

I-Dwyka Group tillite

I-Karoo Supergroup

I-Basalts and rhyolites

I-Karoo dolerites

I-Maputaland Group sands

Ikhwalithi yamanzi angaphansi komhlaba iyahlukahluka ngokusekelwe kakhulu ekuhlelweni ngokwezigaba

kwemithombo engaphansi komhlaba (aquifer).

Ama-aquifer ama-metamorphic nama-igneous rock. Amanzi akhishwe emadwaleni angama-metamorphic

nangama-igneous avame ukukhipha izinhlobo zamanzi ezine-sodium magnesium bicarbonate, okubonisa

amadwala aphuma kuwo (King, 2002).

Amanzi angaphansi komhlaba e-Natal Group Sandstones anamandla kagesi angaphansi kuka 70 mS/m,

ngale kokuba kube khona ukungcola okwenzeke kuleyo ndawo. Amanzi ngokuvamile ayakhuhla futhi ane-

iron ne-manganese eningi kuyilapho ethaphuka i-calcium ne-magnesium bicarbonate, okuyizinto ezibonisa

amanzi asanda kushajwa kwabusha. Ikhwalithi yamanzi e- Dwyka Group tillite ibhekwa njengekhwalithi

esezingeni elifanele amanzi aphuzwa ngabantu.

Ikhwalithi yamanzi ye-Karoo Supergroup kwaziwa ukuthi icebile nge-sodium, i-chloride ne-magnesium

okungamanzi emithombo ecebile yokhethe futhi anamandla kagesi angu-90mS/m Nokho, amanani e-EC

kuye kwatholakala ukuthi aphakeme kangango-1000 mS/m ezindaweni ezithile.

Amanzi akhishwe kuma-aquifer e-basalt ne-rhyolite anekhwalithi ephezulu kakhulu futhi amanye afanelekela

ukuphuzwa ngabantu nokunye futhi amsulwa. Amanani e-EC ngokwesilinganiso angu-150 mS/m. Lolu hlobo

lwamanzi lune-sodium chloride bicarbonate mineral signature kuyilapho izinga eliphakeme le-fluoride lenza

la manzi angabi sesimweni esihle sokuphuzwa ngabantu isikhathi eside.

Ikwalithi yamanzi ama-Karoo dolerite ihlukahlukile futhi ngokuvamile ihlotshaniswa naleyo yedwala akulo.

Page 22: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 22

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Izinhlobo zezinto eziphilayo nezitshalo

Le ndawo yephrojekthi ehlongozwayo ingaphakathi kwe-Grassland neSavannah Biomes. I-Grassland Biome

ihlanganisa i-Sub-Escarpment Grassland, indawo engaphakathi elimekayo kanye nezindawo ezishishayo zase-

Afrika. I-Savannah Biome ihlanganisa i-Sub_escarpment Savanna nama-Lowveld bioregions. Ama-bioregions

akhiwa izinhlobo ezihlukahlukene zezitshalo.

Izinhlobo ngezinhlobo zezilwane njengezinyoni, amaxoxo, ezihuquzelayo, ezincelisayo, izinhlanzi

nezinambuzane zihlotshaniswa namayunithi ahlukahlukene ezitshalo ezitholakala endaweni ye-ER

ehlongozwayo. Iningi lalezi lihlonzwa njengezinhlobo zezilwane eziyivelakancane ngokwemibandela ye-

International Union Conservation of Nature (IUCN). Izibonelo eziphawuleka kakhulu zihlanganisa ama-Oribi,

izinhlobonhlobo zamanqe, izinhlobonhlobo zonogolantethe, izinwabu ezimfushane. Izilwane ezihuquzelayo,

amaxoxo, izimvemvane nojekamanzi nazo ziyatholakala lapha.

Izindawo eziningi ezivikelwe zezinhlobo ezihlukahlukene ziyatholakala ngaphakathi komngcele wendawo

ehlolwayo ehlongozwayo kodwa akufakiwe endaweni efakelwe isicelo nezinye izindawo ezibalulwe

ngokwemibandela ye-Biodiversity Act, 2004 (Act 10 ka-2004); National Forests Act, 1998 (No. 84 ka-1998) ne-

Mountain Catchment Areas Act 1970 (No. 63 ka-1970)

Izindawo Zezinto Zemvelo Ezibucayi Ezihlukahlukene, Izindawo Ezibalulekile Zezinyoni, Izindawo zemifula

enamanzi agelezayo namaxhaphozi, Izindawo Ezivikelwe Zezwe zikhona endaweni okuhlongozwa ukuba

ihlolwe. Lezi zindawo azivikelwe ngokomthetho ngokuvumelana ne-NEMPAA. Ngakho izindawo ezihlobene

zifakwe ngaphakathi kwesicelo selungelo lokuhlola. Isicelo se-Rhino Oil and Gas asihlanganisi noma yimiphi

imisebenzi eyenziwa phanzi emasayithini alezi zindawo ezisebalazweni.

Ikhwalithi Yomoya

Kukhona imimoya embalwa ekhishwa kule ndawo ehlolwayo. Umsebenzi wezimboni nowokwakha imikhiqizo

ulinganiselwe ezindaweni ezisemadolobheni njenge-Newcastle ne-Vryheid. Izisi ezikhishwa yizimoto, ikakhulu

emgwaqweni omkhulu ka-N11 zinikela iqhaza kulezi zisi. Kulo lonke elase-KZN, ukusha kwezimila ezweni

kudalwa yilezi zisi, kanye nemisebenzi yezolimo. Ikhwalithi yomoya ikahle ngokuvamile, ngaphandle

kwasezindaweni ezisondele eduze nemisebenzi yezimboni kanye nangesikhathi sezigameko zokusha kwezinto

ezimile emhlabathini.

5.2 Indawo Yamasiko

Zibalelwa ku-200 izindawo zamagugu akudalo ezikhona kule ndawo yephrojekthi. Lezi zihlanganisa izindawo ze-

Early Stone Age, Middle Stone Age, Later Stone Age, Rock Art, Early Iron Age ne-Later Iron Age. Iningi lazo

Page 23: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 23

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

yizindawo ze-Iron Age Sites. Kukhona nenani elikhulu (okungukuthi, 23) lezindawo zobuciko basemadwaleni.

Kungenzeka ukuthi kukhona ezinye izindawo eziningi ezifana nalezi kule ndawo. Azikho kulezi zindawo

ezibekelwe isilinganiso sikazwelonke samagugu endabuko. Nokho, eziningi zibhekwa njengezibaluleke kakhulu

neziku-Grade III kule ndawo. Zibalelwa ku-85 izindawo zomlando ezikhona kule ndawo noma ezincikene nayo.

Eziyishumi nanye kulezo yizindawo zeMpi ezivikelwe yisifundazwe. Izindawo ezimbili ezibalulekile ku-

Voortrekker, nazo ezivikelwe yisifundazwe zikhona kule ndawo yephrojekthi. Ezinye izindawo zihlanganisa

izakhiwo ezindala namapulazi kanye namathuna akulezo zindawo. Awaziwa umngcele oqondile walezi zindawo

njengamanje. Luncane kakhulu ulwazi ngalezi zindawo kusukela enkathini yomlando, umhlaba noma izinto

eziphilayo kule ndawo yale phrojekthi. Lokhu cishe kungenxa yokuntuleka kokuhlolwa kwalezi zindawo kunokuba

kube inkomba yokuthi alukho nhlobo.

Ukuhlolwa kwemivubukulo yezinto ezaziphila kule ndawo nakho kulinganiselwe. Izingxenye ezingenhla ukuya

ngasentshonalanga yendawo ye-ER ehlongozwayo zimbozwe ukwakheka kwezinto ezibucayi (Clarens

Formation, Stormberg Subgroup, Karoo Supergroup) nezibucayi kakhulu (Molteno and Elliot Formations).

Izindawo ezibucayi ngokusesilinganisweni nezibucayi kakhulu ziyatholakala ukuya ngasempumalanga

nasenyakatho-mpumalanga yale ndawo ye-ER ehlongozwayo. Uma sicabangela lokhu okungenhla cishe

kungenzeka kakhulu ukuthi kukhona imivubukulo kule ndawo ye-ER ehlongozwayo.

5.3 Ezemvelo Kwezenhlalo Nezomnotho

Indawo ehlolwayo ehlongozwayo iphakathi koMasipala Besifunda abayisithupha, ababandakanya laba

abalandelayo:

Amajuba District Municipality;

uMzinyathi District Municipality;

Uthukela District Municipality; and

Zululand District Municipality.

Lezi indawo zikamasipala zinabantu abangaphezu kwezigidi ezine, abaningi kubo okungabesifazane.

Ukuntuleka kwemisebenzi kuphakeme, okwenza izifunda eziningi zibike amanani aphakeme abanu

abangasebenzi okungaba ngu-45% wabo. Ukutholakala kwamanzi aphuzwayo komasipala besifundazwe

abathintekayo ngaphandle koMzinyathi District. Kudingeka izinto eziningi zokucoca kuyo yonke le ndawo

kuyilapho ukutholakala kukagesi kuhlukahluka kusuka kokuphakathi nendawo (50%) kuya kokuphakeme (75%).

Ukusetshenziswa kwamazwe ezolimo ngaphakathi kwe-ER, kubandakanya nokutshalwa kwamahlathi (kokubili

ngenjongo yezomnotho nokuziphilisa), i-eco-tourism, umgwaqo nomjantshi, ezolimo namadolobha. Zonke izikole

Page 24: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 24

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

eziningi ezingaphandle kwezindawo okuhlalwa kuzo akufanele zifakwe endaweni yesicelo se- ngokuvumelana

nesigaba 48 (4) se-MPRDA.

6. Incazelo Nokuhlolwa Komthelela

Yileyo mithelela engaba khona kuphela ehlobene nobuchwepheshe bokuhlola ukude nendawo obufakwe

ohlelweni lomsebenzi wokuhlola oluye lwacwaningwa. Imithelela engaba khona yokumba imigodi ejulile

nokusebenzisa iziqhumane akuzange kuhlolwe kule-eia njengoba kungaseyona ingxenye yokuhlola komsebenzi

ohlongozwayo ‘wesigaba sangaphambi kokuqala komsebenzi’ i-Rhino Oil and Gas efuna kugunyazwe

abezemvelo.

6.1 Izinhlolo-vo Zasemoyeni Ze-FTG

Imithelela Yezinqubo Zesayensi Yomumo Wezwe

Ukundiza kwendiza elula ukuze yenze ukuhlola kwe-FTG akulindelekile ukuba kube nomthelela ophawulekayo

nge-biophysical environment. Izindiza ezidlula ngaphezulu aziyona into engavamile kule ndawo, ngisho

nasezindaweni ezivikelwe. Kunokuba kube ukudlula kwesikhashana kwendiza okuzothusa izilwane,

kucatshangwa ukuthi umsindo ngeke uzwakale nhlobo ezilwaneni kule ndawo.

Imithelela Kwezamasiko/Amagugu Esizwe

Ukundiza kwendiza elula ukuze yenze ukuhlola kwe-FTG akulindelekile ukuba kube nomthelela ophawulekayo

ngamagugu noma ezendabuko. Noma yimuphi umthelela womsindo uyoba njengoba kuchazwe ngezansi.

Imithelela Kwezenhlalo Nezomnotho: Imithelela Yomsindo

Umsindo ozophuma endizeni encane endizela phansi (cishe ngo-100 m) ngeke uphazamise ngisho nesamukeli-

msindo esisendaweni ehamba kuyo. Akukho mithelela engokwempilo (njengokulahlekelwa ukuzwa noma

umfutho wegazi ophakeme) elindeleile ngokusekelwe kwinhlolovo ehlongozwayo ye-FTG.

Ngokusekelwe endizeni encane (isib. iCessna) endizela phansi ngo+ 80 m, kucatshangwa ukuthi umsindo

ophelele ngeke udlule u-70 dBA ungaphandle kwendlu no-60 dBA ungaphakathi endlini. Okwamuva kuyafana

nalapho abantu bexoxa okulinganiswa ngo-1 m. Kunoma iyiphi indawo ubude besikhathi sokudlula kwendiza

buzoba yimizuzwana eyishumi. Umsindo wangaphakathi obangiwe cishe ngeke uzwakale nokuzwakala. Nakuba

lokhu kuhlola kuzohlanganisa izindawo ezibanzi, izinga lomthelela lizogcina kuleyo ndawo ngesamukeli-msindo

ngasinye. Lapho zingekho izamukeli-msindo, ngeke ube khona umthelela. Ngakho, kuye ngendlela indiza

ekhethe ukuhamba ngayo, umthelela ungaba khona.

Page 25: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 25

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Nakuba umsindo wendiza ungawandisa amazinga omsindo ezindaweni ezingezasemakhaya ikakhulu

nasezindaweni zezolimo, kuyoba ukuphazamiseka okuncane kakhulu okungalindeleka (okusezingeni eliphansi).

Ngokusekelwe kulokhu neqiniso lokuthi ukuphazamiseka okuvela endizeni encane akuyona into engavamile

kanye nokuvama kakhulu kwendiza encane isebenza futhi ihamba kule ndawo, ukubaluleka kwalo mthelela

kubhekwa njengokuyoba kuncane kakhulu ngaphambi nangemva kokuncishiswa kwayo.

Ukundiza okuhleliwe kokuhlola kufanele kuhambisane nemithetho yendawo yokushayelwa kwezindiza. Izindlela

zezindiza kumelwe zihlelwe kusengaphambili ukuze kugwenywe imithombo ekhethekile yezemvelo, amapaki

ezilwane kazwelonke kanye nezindawo zamagugu angokwemvelo zomhlaba. Lapho lokhu kungenakwenzeka,

ukuphakama kuka-2 500 feet (762 m) kumelwe kugcinwe (ngokweSigaba 47(1) se-NEMPRAA), ngale kokuba

kunikezwe imvume egunyeni labaphathi noma esimweni esiphuthumayo. Lapho kuhlelwe khona ukuba izindiza

zindize ngaphezu kwamapulazi anezilwane, abanikazi bamazwe kufanele baziswe ngohlelo lokuhlola ngaphambi

kokuba kuqaliswe ukuhlola

6.2 Imingcele Ebekwe Endaweni

Njengoba kuxoxiwe ezingxenyeni ezandulele, ukundiza kwendiza ukuze kwenziwe ukuhlola kwe-FTG cishe

akunakuba nayo ingozi ephawulekayo kwezemvelo. Ngenxa yalokhu, kuzoba nezingqinamba ezimbalwa

ezizongqubuzana nesishayamthetho, iziqondiso, imihlahlandlela kanye nokusebenza ngendlela enhle okufanele.

Ukuhlola kwe-FTG ngeke kube namphumela ekusetshenzisweni nasekutholakaleni kwamanzi futhi ngaleyo

ndlela kungase kwenziwe ngaphandle kokukhathazeka ngezinkinga nezingqinamba.

Ngesikhathi kuphothulwa lo mbiko we-EIA akukho okwakubonisa noma yiluphi ushintsho kulokho okushiwo

umphakathi noma umnikazi wendawo ngokuphathelene nalesi sicelo. Umbono weningi uphikisana nokuhlolwa

kwemithombo yegesi nezibaseli endaweni efakelwe isiceo se-ER.

Page 26: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 26

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

6.3 Ukunikwa Ilungelo

Kunombono onamandla womphakathi futhi ama-I&AP abhekisela ebufakazini bonkana obuvela emhlabeni

wonke (abambalwa bathi i-fracking inqatshelwe emazwekazini amaningi alokhu anda nasezindaweni ezithile),

bokuthi ukuhlolwa nokukhiqizwa kwegesi kunezingozi ezinkulu emphakathini nakwezemvelo. Izingozi ezinjalo

zithwalwa ngabanikazi bamazwe nemiphakathi yendawo abangalibambi iqhaza ezinzuzweni zezomnotho

ezinqwabelana kubanikazi bamalungelo nohulumeni. Nakuba kungase kube nesidingo esishoshozelwa

ngumthengi ngokumunywa kwe-hydrocarbon, izingozi nezindleko emphakathini nakwezemvelo ziba ngaphezu

kwezinzuzo ezitholakalayo. Ukumunywa kwama-hydrocarbon okwephula umthetho akufuneki KwaZulu-Natal.

Nakuba ukuhlola kwangaphambi kokuqalwa komsebenzi kungase kube nemithelela engaqapheleki kangako,

umphakathi uye wabonisa ukukhathazeka ngokuthi ukunikezwa kwelungelo lokuhlola kuzokhuthaza

ukuthuthukiswa kwephrojekthi yokumunywa kwezibaseli okuzoba nzima ngokwedlulele ukuyimisa. Ngenxa

yokuthi inqubo yangesikhathi esizayo inomphumela nengozi engaziwa, leli lungelo lokuhlola akufanele

livunyelwe.

I-MPRDA ihlinzeka ngokuthi uMbuso, njengonelungelo ngemithombo yezimbiwa nezibaseli eNingizimu Afrika,

ungase uwagunyaze amalungelo ezimbiwa nezibaseli kubenzi besicelo. Lawo malungelo kumelwe enze kube

nentuthuko esimeme emithonjeni yezinto ezimbiwa phansi nezibaseli ngaphakathi kohlaka lwenqubomgomo

yezemvelo kazwelonke, kuyilapho uthuthukisa ukukhula ngokomnotho nangokwezenhlalo.

Ukunikwa kwelungelo akunamthelela ekubeni khona nasekungabini khona komcebo, kuphela kulowo onelungelo

kuleso simbiwa. (i.e. izimbiwa nezibaseli zikhona kungakhathaliseki ukuthi uthini umnikazi). Ilungelo lesimbiwa

kanye/noma lesibaseli limane nje liyingxenye yokugunyaza kwabaphethe edingekayo kodwa ayimenzi onalo

ukuba afinyelele lapho kunalesi simbiwa khona. Uminilungelo kumelwe futhi ebe esethole isigunyazo

sabezemvelo ngokwemibandela yeSigaba 5 se-NEMA. Ngaphezu kwalokho, ilungelo lezimbiwa kanye/noma

lezibaseli kanye nesigunyazo sabezemvelo akunikezi igunya eliphelele nganoma yimuphi umsebenzi

ocatshangelwayo, kodwa womabili akhethekile ekwenziweni kwemisebenzi ethile umninilo aye wayibeka

ngokuningiliziwe esicelweni. Umninilungelo kudingeka futhi ukuba axoxisane ngokutholakala kwezwe nomnikazi

wezwe futhi kunqunywe isinxephezelo senkokhelo ngokulahlekelwa noma ngamadameshi azodalwa yimisebenzi

ezokwenziwa. Ngakho-ke kwethuliwe nokuthi ukunikezwa kwelungelo ngesiqentu sendawo kuyamnikeza

umninilungelo igunya elingenamibandela ngesimbiwa nangezwe alinikwayo. Ngakho akungqubuzani nalutho

ngokuqondile ngamalungelo omninindawo ukusebenzisa umhlabathi. Eqinisweni kuzoba ukwenziwa

kwemisebenzi ethile okungase kube nomthelela noma ukungqubuzana phakathi komnikazi wezwe kanye

Page 27: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 27

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

nelungelo lomnikazi lokuba nesimbiwa kanye/noma nesibaseli (uma kukhona). Imisebenzi enjalo ebonisiwe

ibizobe yenziwa ngokugunyazwa ngenqubo yesigunyazo sezemvelo. Endabeni yalesi sicelo esenziwa yi-Rhino

Oil and Gas, yimisebenzi yokuthungatha eyenziwa sikude nale ndawo efakiwe okuboniswe ukuthi ayinamithelela

kwezemvelo.

Noma yikuphi okunye ukuhlola (okungaphezu kwalokho okuye kwagunyazwa esigunyazweni sezemvelo)

kuzomelwe kwenziwe ngokuvumelana nemfuneko yenqubo yokuhlola nesigunyazo sezemvelo ngaphansi kwe-

NEMA futhi isichibiyelo senziwe kwi-ER ngokuvumelana ne-MPRDA. Lezo zinqubo zihlola ukufaneleka

kwesicelo ngokuvumelana nemithetho yentuthuko esimeme njengoba yethulwe eSigabeni 2 se-NEMA. Inqubo

yesigunyazo sezemvelo ngeke inikeze imvume yokwenziwa kwemisebenzi ezophumela emitheleleni ezodala

izinkinga ezingamukeleki. Ngasinye isigaba samalungelo okumba izibaseli kwi-MPRDA (80 no-84) siveza ukuthi

lawo malungelo anganikezwa kuphela uma umsebenzi ungeke uphumele ekungcolisweni kwendawo

okungamukelei, ukushatshalaliswa kwezilwane nendawo ezizungezile kanye nokulinyazwa kwezemvelo. Ngakho

isinqumo sokuvumela isicelo se-ER samanje esenziwa ngu-Rhino Oil and Gas (ngemisembenzi yokuthungatha

ayenza ekude naleyo ndawo kuphela) asibonisi ukuthi izicelo zangesikhathi esizayo zokunye ukuhlola noma

ukukhiqiza zizovunywa.

Kuyaphawuleka futhi ukuthi imisebenzi ebonisiwe ehlobene nelungelo lezinto ezimbiwa phansi kanye/noma

nezibaseli nayo kungase kudingeke ivumelane nezimfuneko ezingaphansi kwesinye isishayamthetho. Isidingo

salezo zigunyazo (isib. ilayisensi yokusebenzisa amanzi, imvume yokusebenzisa izwe nokunye) kunikeza ezinye

izinhlaka ezikuvumelayo ukuhlolwa komthelela nokulawulwa kwendawo.

6.4 Okuyoshiwo Isinqumo Sokungaqhubeki

Imiphumela emihle yokungaqhubeki nalokhu kuhlola okuhlongozwayo yile:

ngeke ibe khona imithelela ezobangelwa ukuhlola kwe-FTG endaweni okunelungelo lokuyihlola;

ngeke libe khona ithuba (lincishisiwe) lanoma yiziphi izingozi ezidalwa ukuhlola noma umkhiqizo

wangesikhathi esizayo; kanye futhi

nokudanjiswa kokuphikisa kweningi kwamanje okuvela emphakathini.

Imiphumela engemihle yokungaqhubeki nalokhu kuhlola okuhlongozwayo yile:

INingizimu Afrika izolahlekelwa yithuba lokuphinde yakhe imithombo kawoyela wendabuko noma igesi

KwaZulu-Natal;

Sizolahlekelwa amathuba omnotho ahlobene nezindleko esezidalekile (i.e. esesingene kuzo kakade)

zophenyo lokuqala lwangaphakathi endaweni eyenzelwa isicelo selayisensi yokuhlola okuhlongozwayo.

Page 28: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 28

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Uma imithombo yomnotho kawoyela negesi ikhona futhi ingathuthukiswa, iNingizimu Afrika / iRhino Oil

and Gas bazolahlekelwa yithuba lokwandisa ukusetshenziswa kwemithombo yabo kawoyela negesi; futhi

Eminye imithombo yamandla kuzodingeka ihlonzwe futhi yakhiwe ukuze kuhlangatshezwane nemfuno

ekhulayo eNingizimu Afrika.

Isibalo esikhulu sama-I&AP esiye sabamba iqhaza kule nqubo ye-EIA siveze ukuphikisa kwaso kuzo zonke

izinhlobo zokuhlolwa kukawoyela negesi KwaZulu-Natal nakulesi sicelo ngokukhethekile. Ngakho isinqumo

"sokungaqhubeki" siyodambisa ixhala nokukhathazeka okuningi okuhlobene nokwakhiwa kwegesi

engokwemvelo esikhathini esizayo uma le mithombo ebonisiwe ingase ihlonzelwe okunye ukuhlolwa

kanye/noma ukukhiqiza esikhathini esizayo.

Njengoba sinikezwe uhlu olubanzi lwamaqiniso aphathelene nentuthuko engaba khona yezomnotho kanye

nemithelela yezemvelo engaba khona evela ngokukhiqizwa kwegesi yezemvelo, kanye namaqiniso angaziwa

okuhlanganiswa kwamandla esikhathini esizayo lapho igesi ingekho, umthelela wonkana ohlanggene nesinqumo

"sokungaqhubeki" ubhekwa ngengokungakaziwa ukuthi uyozala nkomoni.

6.5 Umthelela Oqhubekayo

Uma kucatshangelwa imithelela ehloliwe yezindiza nezinye izindlela zokuhlola ukude futhi njengoba kutholakele

ukuthi mincane, alikho ithuba lemithelela eqhubekayo ebalulekile. Uma kucatshangelwa ukuthi ziningi izicelo

ezihlukene zamalungelo okuhlola ezindaweni ezisempumalanga yeNingizimu Afrika, kuyodingeka ukuba

kuqashwe imithelela engase iqhubeke uma lezi zicelo ziqhubeka zidlula esigabeni sokuhlolwa ngaphambi

kokuqala komsebenzi.

Ama-I&AP ayaqhubeka ecela ukuba imithelela yokuhlola okuqhubekayo nokukhiqiza kwesikhathi esizayo ihlolwe

kule EIA ukuba aqonde ngokuphelele izingozi zephrojekthi kawoyela negesi ezingagcina zibek hona (ngoba

phele injongo yokuhlola ukuba kumbiwe). I-Rhino Oil and Gas ithi okwamanje, ingakakwenzi ukuhlola

kwangaphambi kokuqala komsebenzi, ngeke yazi ukuthi yiziphi izindlela engakhetha kuzo esikhathini esizayo.

Ngaphandle kolwazi locwaningo, izinga, isikhathi nendawo okuzokwenzelwa kuyo imisebenzi esikhathini esizayo

ehlongozwa ofaka isicelo, akunakwenzeka ukuba i-EAP yenze ukuhlola okuthembekile kwemithelela yesikhathi

esizayo.

7. Iziphetho Nezincomo

I-SLR njengongoti wezokuhlolwa kwezemvelo oqokwe yi-Rhino Oil and Gas, iqalise inqubo Yocwaningo ne-EIA

ngokwemibandela ye-EIA Regulations 2014 ukuze isinqumo senziwe kunolwazi ngesicelo esenzelwe isigunyazo

Page 29: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 29

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

sezemvelo ngaphansi kwe-NEMA. Isicelo samanje sihlanganisa kuphela ubuchwepheshe bokuhlola ukude,

obuzohlaziya kuphela ulwazi-ngqangi oselukhona kanye nokuhlola nge-aerial full tensor gradiometry gravity.

Uma lesi sicelo sigunyazwa, i-Rhino Oil and Gas izoba sesimweni sokwenza ubuchwepheshe bezokuhlola ikude.

Ngemva kwalokho, uma kungenzeka i-Rhino Oil and Gas ihlongoze ukwenza imisebenzi yokuhlola umhlabathi

(ukuhlola ngokumba imigodi nokusebenzisa iziqhumane), kuzodingeka ukuba yaziswe ngesinye isicelo

esiqondiswe kwi-PASA kanye nangenqubo ehlukile yokuhlolwa kwezemvelo nesigunyazo ngokwemibandela ye-

NEMA.

Okuyotholakala ocwaningweni oluyisihluthulelo lwe-EIA kuzoqhathanisa phakathi kwemithelela engatheni

edalwa uhlelo lokuhlola oluzokwenziwa kuphela ongoti besendaweni ekude kanye nokusebenzisa izindlela

zokuthungatha besendaweni ekude kanye nokuphikisa okunamandla komphakathi kuzo zonke izinhlobo

zokuhlola ngegesi engokwemvelo engasogwini lwemifula.

Ukuhlola kuphethe ngokuthi imithelela yemisebenzi yokuhlola ehlongozwayo kuzolinganiselwa kakhulu

ngokwezinga, kusakazeke kabanzi, kuthathe isikhathi esifushane futhi kungabi namandla futhi ngaleyo ndlela

ngeke kuqapheleke nokuqapheleka. Ngakho ngokwalezi zimfanelo ezilula zesicelo asikho isizathu sezemvelo

sokuthi kungani le misebenzi yokuhlola ingenakuvunyelwa ukuba iqhubeke. Yonke indawo yesicelo se-ER izobe

ikufanelekela ukuqhutshwa kwezindlela zokuhlola usendaweni ekude njengoba kuhlongoziwe. Nokho,

kuyaphawuleka ukuthi imisebenzi ehlongozwayo cishe izoba ngeyokuqala ochungechungeni lwezigaba

zokuhlola ezihlanganisa imisebenzi okungenzeka yandise ukuqapheleka kwemithelela (uma ukuhlola

bekuzophumelela futhi le phrojekthi iqhubekele ezigabeni ezilandelayo). Ukujula nobude besikhathi saleyo

miphumela cishe kuzokwanda ngesigaba ngasinye esizolandela, kodwa cishe kuzophelela ezindaweni

ezimbalwa kuphela ezifakelwe isicelo.

Ukuphikisa komphakathi isicelo selungelo lokuhlola kuye kwezwakaliswa ngamandla futhi kuye kwamukelwa

cishe ngazwilinye kuyo yonke imikhakha yomphakathi eye yabamba iqhaza kwi-EIA. Kusobala ukuthi okuningi

kwalokhu kuphikisa akumelene ngokuqondile nokufaneleka kwemisebenzi yokuhlola ehlongozwayo, kodwa

kunalokho kumelene nemiphumela nezingozi ezilindelekile okuyothi, uma iphumelela, ingaphumela ekuhloleni.

Umbono womphakathi uchazwa ngokuthi ukugunyazwa kwelungelo lokuhlola kungase kuholele ekuhloleni

okuyimpumelelo; ekugcineni okuzophumela esicelweni sokukhiqiza okungaba yimpumelelo ngokusetshenziswa

kwe-hydraulic fracturing. Kuphinde kucatshangwa ukuthi lokhu kungase kuholele emitheleleni eyengeziwe

emanzini nasemhlabathini okuzobangela ukushatshalaliswa kwezimpilo ezingomakhelwane. Lo mqondo

ubangelwa yimiphumela eshicilelwe kabanzi ephikisayo ye-hydraulic fracturing kanye nezinqumo ezithathwe

yizindikimba eziningi zikahulumeni emhlabeni wonke ukuze le misebenzi ingavunyelwa. Ukukhathazeka

Page 30: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 30

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

okuhlobene nalokhu ukuthi uma nje ilungelo lokuhlola linganikezwa, kuzocishe kungenzeki nhlobo ukumisa le

nqubo kamuva, ngisho noma izingozi zezemvelo kwabathintekayo endaweni zingaphezu kwezinzuzo

ezitholakalayo. Lokhu kubonakala kudalwa ukungalwethembi nokungaluqondi uhlaka lukahulumeni lwamanje

lokulawula ukuhlolwa kwezibaseli kanye nokukhiqizwa kwazo; ukukhathazeka ngokuthi uhulumeni angakwazi

yini ukulinganisela izidingo nezifiso zabantu bendawo ngokuqhathaniswa naleyo ntuthuko, nokulindela ukuthi

ukuphoqelelwa kokugcinwa komthetho nezibopho zokuphathwa kwezemvelo kuzontula kakhulu. Ngenxa yalezi

zizathu umphakathi ufuna 'uvalwe umnyango wokuhlola ngaphambi kokuba uvulwe', ngaleyo ndlela uvimbela

noma yiluphi uhlaka lwanoma iyiphi ingozi yangesikhathi esizayo, noma izinzuzo ezingase zibe khona,

ezingavela.

Kuwumbono we-SLR ngokwemibandela yendinganiso yokusimamisa echazwe ngenhla nesimo nezinga lohlelo

lwangaphambi kokuqaliswa kokuhlola oluhlongozwayo (ukuthungatha ukude kuphela), ukuthi ukuqapheleka

okuphansi kakhulu kwemithelela, nokumiswa kwezinhlaka zokunciphisa imiphumela okuhlongozwayo, kumelwe

sisekelwe isinqumo esihle esenziwa uNgqongqoshe Wezinto Ezimbiwa Phansi (noma igunya eliphathisiwe)

maqondana nalokhu. Njengoba imisebenzi ehlongozwayo yokuhlola ihlotshaniswa nohlelo lokuqala lomsebenzi

wokuhlola weminyaka emithathu we-Rhino Oil and Gas, umenzi wesicelo ucela ukuthi iSigunyazo Sezemvelo

(uma kungenzeka sinikezwe) sivunywe futhi sihlale sisebenza inkathi engaba yiminyaka emithathu noma

ngaphezulu.

Kulinganiselwa ukuth ngeke zibe khona nhlobo izindleko okuzongenwa kuzo ngokulawula kanye/ noma

ngokuhlehlisa imiphumela engemihle kwezemvelo engase ibe khona ngesikhathi semisebenzi yokuhlola

kokuthungatha bekude.

Naphezu kwezincomo zesigunyazo sezemvelo esihle ngohlelo lomsebenzi wokuhlola wamanje, la maphuzu

ayinhloko alandelayo cishe ayosebenza esicelweni sokuhlola esingaba khona esikhathini esizayo nemisebenzi

eshiwo ku-EAP:

izingxenye zendawo efakelwe isicelo selungelo lokuhlola zinezici zemvelo ezingase zingahambisani

nokuba kwenziwe okuthile kuleyo ndawo (kuhlanganise imiseabenzi eyenziwa phansi noma

yokukhiqiza);

imingcele ebekwe yimithetho yamanje iyokwenza izingxenye ezithile zendawo efakelwe isicelo

sokuhlola zingatholakali ekuhloleni okuthile okwenziwa phansi kanye nasemisebenzini yokukhiqiza,

futhi

Ama-I&AP ngokuvamile aphikisana kakhulu nazo zonke izinhlobo zokuhlola nokumbiwa kukawoyela

negesi olwandle futhi cishe lokhu akunakushintsha ezicelweni nasemisebenzini yesikhathi esizayo.

Page 31: UMBIKO WOMTHELELA KWEZEMVELO NOHLELO … · zicabangele izithakazelo, izidingo nezindinganiso zawo wonke ama-I&AP. ISahluko 5 se-NEMA sinikeza uhlu oluvamile nokusetshenziswa Kwe-Integrated

SLR Consulting (South Africa) (Pty) Ltd Page 31

SLR Project Error! Unknown

document property name.

Report No.3.1

Error! Unknown

document property

name.

Ofake isicelo negunya baye baziswa ngalokhu futhi batshelwa ukuthi ukuhlela kwamanje nokwenza isinqumo

mayelana nokuhlola kwesikhathi esizayo noma ukukhiqiza kufanele kucabangele lokhu okungenhla

ngangokunokwenzeka.

8. Uhlelo Lokulawulwa Kwezemvelo

I-EMPR, uma isigunyazwe yigunya eliwungoti, yidokhumenti esemthethweni futhi i-Rhino Oil and Gas yamukela

konke ukuzibophezela nomthwalo ohambisana nakho ngokusetshenziswa kwayo. Injongo ye-EMPR ukuba

ihlinzeke i) ngemigomo, ii) imiphumela' ii) izinyathelo zokulawulwa kwezemvelo ukuze kuhlelwe futhi kuklanywe,

ukuqaliswa kokuhlola; kanye nezigaba zokuvuselelwa kabusha nokuvala.