Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

24
1 Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane

Transcript of Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

Page 1: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

1Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane

Page 2: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1
Page 3: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

Eyabantwana baseMzansi Africa.

P.S. Igciwane esibhekane nalo liyinto edlulayo, sizolinqoba. Okwamanje kufanele sizame

ukuqhelelana singasondelani, uhlambe izandla ngaso sonke isikhathi futhi uma uhamba

uqinisekise ukufaka isifonyo sakho.

Page 4: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

UDuma Uthi: Hlanza izandla zakho. Faka isifonyo sakho!

Copyright © Nathi Ngubane; All rights reserved

First Published in South Africa by Social Bandit Media in 2020

Edited by Azad Essa

Copy editing & typesetting: Samina Anwary

ISBN:

Page 5: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

5

Igama lami nginguDuma. Ngineminyaka eyishumi.Ngihlala nodadewethu uZinhle oneminyaka eyishumi

nantathu, uWandile umfowethu oneminyaka eyisithuba, uMama, uBaba kanye nenja yethu uBhubesi.

Page 6: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

6

Kusukela ngenkathi kufika igciwane leCorona, izimpilo zethu zaguquka. Igciwane elincane nje

kodwa lingasenza sigule kakhulu uma singaqapheli.

Page 7: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

7

Bengidabukile kakhulu ngoba angisakwazi ukudlala nabangani bami. UWandile udabuke kakhulu ngoba akasakwazi ukwanga

abangani bakhe. UZinhle naye udabuke kakhulu ngoba akasakwazi ukugcobisa

abangani bakhe isicwebezelisi mlomo sakhe.

Page 8: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

8

UMama usebenza esibhedlela esisedolobheni. Ugcina isibhedlela sihlanzekile ngaso sonke isikhathi. UBaba

uthengisa izithelo kanye nemifino edolobheni. Njalo ekuseni bayahamba baye emsebenzini uZinhle asale asinakekele.

Page 9: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

9

Umakhelwane wethu, uGogo, usegugile kanti futhi unenkinga yenhliziyo. Akekho ovunyelwe eduze kwakhe kulezinsuku ngoba igciwane le-corona

liyingozi kubantu asebekhulile. Asifuni ukuba agule.

Page 10: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

10

UMama uma ebuya emsebenzini uyahamba ayobheka uGogo amlethele nezithelo. UMama uzishiya phambi

komyango izithelo zikagogo ngoba ngeke akwazi ukungena endlini.

Page 11: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

11

Njalo ekuseni, uZinhle uyokha amanzi empompini oseduzane. Abanye abantu bagqoke izifonyo, kanti abanye abazagqokile.

UZinhle uzakhele isifonyo ngeduku lakhe.

Page 12: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

12

Njalo mangabe sidla isidlo sasebusuku, uMama uyasikhumbuza ukuba sihlanze izandla ngensipho

imizuzwana engamashumi amabili bese sivale umlomo masikhwehlela, bese sifutha isibulala

magciwane masiqeda ukuzihlanza.

Page 13: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

13

Ngelinye ilanga sasisendlini uZinhle waqhamuka necebo lokuthunga izifonyo bazakhele laba abangenazo emphakathini.

“Icebo elihle lelo. Kuzomele sazise uMama noBaba ngalo.” kusho mina.

Page 14: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

14

Ngesikhathi uMama noBaba bebuya ekhaya ngabatshela ngecebo likaZinhle.

“Icebo elihle lelo, mntanami,” kusho uBaba.“Kuzomele sazise amalunga ebandla ukuba bexhase

kulelicebo lokwakha izifonyo.” kusho uMama.

Page 15: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

15

Ngosuku olulandelayo amalunga ebandla aletha izindwangu namalastiki ukuba sithunge izifonyo.

UZinhle washiya idwangu ethile esikhwameni ngaphandle kwendlu ka-Gogo enenothi ecela uGogo

ukuthi asize.

Page 16: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

16

UZinhle waqala ukuthunga izifonyo mina noWandile simubukele. UZinhle uthunga kahle kakhulu. Uthunge izifonyo eziningi. Mina noWandile siyazibala izifonyo,

Kunye …. Kubili…. kuthathu …. kune …. Kepha ziningi kakhulu ukuba singazingabala!

Page 17: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

17

UZinhle kanye noGogo benze izifonyo benzela umphakathi!UMama noBaba bebeziqhenya kakhulu ngabo.

Page 18: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

18

Ngosuku olulandelayo uMama noBaba abayanga emsebenzini. Benza isinqumo sokuthi baphisane

ngezifonyo ezinhle ezenziwe uGogo kanye noZinhle kulabo abangenazo. uZinhle waphatha isibulala

magciwane efutha umphakathi izandla.

Page 19: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

19

Manje uZinhle lapho eyokha amanzi wonke umuntu ugqoka isifonyo.

Wonke umuntu ubukeka futhi uzizwa ephephile manje.

Page 20: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

20

Kamuva ngalobo busuku uMama wasikhumbuza:“Bantwana, senzani ngemuva kokuthi sithinte konke

nangaphambi kokuba sidle?”“Geza izandla zakho imizuzwana engamashumi amabili

ngensipho bese usebenzisa isibulala magciwane ngemumva kokuzigeza” uWandile wamemeza.

“Yebo bantwana bami. Zigcine uhlanzekile futhi uhlale uphilile. Futhi njalo hlamba izandla zakho.” Kusho uMama.

Hlanza izandla

Page 21: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

21

Hlanza izandla

Page 22: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

22

Imiklomelo

Ngithanda ukubonga umngani wami u-Azad Essa ngokungeseka kwakhe kanye nezikhuthazo ekuphokopheleni lo msebenzi.

Ngithanda nokubonga uKarabo Kgoleng, uShafinaaz Hassim, uDokotela uSameera Essa, uDokotela uShenaaz Essa, uZukiswa Wanner kanye noThabiso Mahlaphe ngokusinikeza impendulo

ebalulekile nokusihola.

Ekugcineni, lencwadi bekungeke iphelele ngaphandle kokuxhaswa nguSamina Anwary, ngohlelo lohlobo lokubhala nohlobo lomsebenzi

umuhle njengalo.

Page 23: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1
Page 24: Ibhalwe futhi ifanekiswe ngu Nathi Ngubane 1

UDuma uneminyaka eyishumi. Umphakathi wakhe uthintekile ngegciwane le-corona.

Udadewabo uZinhle uqhamuka neqhinga lokuba bavikele abantu abahlala emphakathini