Ezempilo Zulu Jan 2012 Magazine

20
ISIQEPHU 1 • 2012 FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA MAHALA “O-SUGAR DADDY” BACEKELA PHANSI IZIMPILO!

description

Ezempilo Zulu Jan 2012 Magazine

Transcript of Ezempilo Zulu Jan 2012 Magazine

ISIQEPHU 1 • 2012FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

MAHALA

“O-SUGAR DADDY”

BACEKELA PHANSI

IZIMPILO!

UMshuwalense Wezempilo Kazwelonke

‘Z’yakhipha… it’s happening!

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Umyalezo ovela kuMphathiswa Wezempilo E-KZN, uDkt Sibongiseni Dhlomo

2012: Izinselelo esinazo

Lo nyaka uzoba yinqophamlando ngoba sethula uMshuwalense Wezempilo

Kazwelonke, phecelezi i-National Health Insurance (NHI) osekukade

ulindelwe. Okuseqhulwini esifuna ukukuqinisekisa wukuthi (i) uMnyango usheshise ukuthuthukiswa kwenqalasizinda

namaphrojekthi okuvuselelwa kwezibhedlela, (ii) izifunda zibe nezinhlelo zokusabalalisa ulwazi ukuze imiphakathi

yazi nge-NHI, (iii) kuthuthukiswe iphrojekthi ebizwa ngokuthi ‘Ngenze Ngibukeke Njengesibhedlela’ kuzo zonke

izibhedlela, hhayi nje kulezo okuzoqondiswa kuzo i-NHI, kanye (iv) nokusheshisa uhlelo lokuqinisa indlela yokulawulwa

kwezibhedlela.

Elungiselela i-NHI, uNgqongqoshe wethu kaZwelonke waqala uhlelo lokuba zonke izimenenja zezibhedlela zihlolwe

ukuthi ziyafaneleka yini maqondana namakhono, ulwazi nemfundo. Izibhedlela zafakwa emikhakheni, abantu

babekelwa izimfuno zokulawula umkhakha ngamunye. Imibiko yokuhlolwa yayiswa kuzimenenja nakoPhethe

Iminyango ukuze kuqokwe abanye esikhundlelni salabo abatholakale bengahlangabezani nemigomo edingekayo.

Siphila esifundazweni esihlushwa kakhulu yizifo. Sisazoqhubeka sigxile ezinhlelweni ezizama ukuguqula lesi simo

esidabukisayo. Ukuze sisekele lokhu, sizophothula nohlelo lokuqinisa ezempilo ezikoleni ngokuqasha nokuthumela

abahlengikazi abafanelekayo eSifundazweni sonkana bese siqala iSu Elinezinhlangothi Ezinhlanu Lokuvimbela Inzalo

(ukuhlelwa komndeni) elasungulwa uNdunankulu ngo-Okthoba ngonyaka odlule.

Ngeke sigcine lapho. Sizosungula namaQembu Esifunda Afundisa Ngezokubelethisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi

siyaphucula endabeni yomama ababelethayo ngoba sifuna kuphele ukudluliswa kwesandulela-ngculazi sisuka

kumama siya enganeni futhi sifuna zingabe zisaba khona izingane ezithola leli gciwane konina. Lesi sifundazwe

sanconywa umhlaba wonke ngokuphumelela ukunciphisa ukudluliswa kwesandulela-ngculazi sisuka kumama siya

enganeni kusukela kumaphesenti angu-21% eminyakeni emihlanu edlule kuya kwangu-2,3 ngo-2011.

Amanye amaphrojekthi aseqhulwini esizogxila kuwo ahlanganisa ukuqhubeka nokwethula umkhankaso wokuSokwa

Kwamadoda Ngezinjongo Zempilo emkhakheni ongasese, izinhlelo ezihambisana nesandulela-ngculazi zizoqiniswa

ukuze kusizwe abantu abasemathubeni amaningi okuthola isifo njengabashayeli bamaloli abahamba amabanga

amade, abashayeli bamatekisi nabasebenzi basemapulazini.

Siqala unyaka ngokufaka umfutho emkhankasweni wethu wokuqwashisa ngezingozi zokuya ocansini kwamadoda

amadala namantombazane amancane, okuholela ekukhulelweni kwentsha nasegciwaneni lesandulela-ngculazi.

Njengoba siqala u-2012, masikhumbuleni ukuthi sidinga abasebenzi bezempilo abanekhono, abafanelekayo,

abanogqozi nabesekwayo abanegalelo elikhulu empilweni yesizwe. Ngakho-ke, masisebenzeni ngokubambisana

ukuze bonke abantu baseNingizimu Afrika Babe Nempilo Enhle Ende.

Umyalezo ovela...

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:

EZempilo E-KZN

COMMUNICATIONS UNIT, KZN HEALTHuZOHRA MOHAMED TEKE (EDITOR)uKATHY WADDINGTON (WRITER)uCOLIWE ZULU (WRITER)uDERICK MATSENGARWODZIuDEPT PHOTOGRAPHERuDERICK MATSENGARWODZI (WRITER)uDUDLEY VIALL (CARTOONIST)

OKUPHAKATHI • ISIBHEDLELA SOMBUSO ESIZINIKELE SISINDISA IMPILO

YENTOMBAZANYANA • UKUHLOLELWA I-HIV - KUBALULEKILE NGEMPELA?• UKUNAKEKELWA OKUHLE KWEMPILO - IKUSASA LEMPILO• EZIVELA... EMKHANDLWINI WABAHLENGIKAZI

WASENINGIZIMU AFRIKA• AKE SITHI NHLA:• UKUKHULELWA KWENTSHA - HLALA ESIKOLENI, UTHI CHA

KO-SUGAR DADDY• UKUCINDEZELEKA KWANGEMVA KOKUBELETHA• IZINDABA ZEMPILO ZAKWAZULU NATAL• UKUSOKWA KWABESILISA KULOKHU KUYAQHUBEKA• ISIQONDISO: SOKUSEBENZISA IMITHI NGOKUPHEPHA• ESIGXILE KUKHO KULE NYANGA: USUKU LOCHOKO

EMHLABENI WONKE, JANUWARI

Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma [email protected] noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321.

ILUNGELO LOBUNIKAZI NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.

ISIBHEDLELA SOMBUSO ESIZINIKELE SISINDISA IMPILO YENTOMBAZANYANA Nenze umsebenzi oncomekayo e-Nkosi Albert Luthuli nase-Benedictine Hospital!

Amaholide aphela kabuhlungu ngasekuqaleni kuka-Januwari kuSanele Mathe, umfundi ka-Grade 8 ofunda esikoleni esiphakeme saseMpilweni kwaNongoma. Wayethi unyaka uqala nini angene ku-Grade 9. Wayechithe amaholide nodadewabo futhi kwase kuyisikhathi sokuthi abuyele ekhaya kunina, uThandi Mathe. UThandi walinda kwaze kwaba sebusuku kakhulu, lutho ukufika uSanele. Sekusebusuku impela wathola ucingo olwashintsha impilo yakhe ngokuphazima kweso. Indodakazi yakhe yayibe sengozini yemoto embi kakhulu. Ibhasi eyayihamba ngalo laginqika kwashona abantu abayisishiyagalombili abanye balimala, kuhlanganise noSanele.

UThandi uthi, “Kwakungathi ngiyaphupha. Ngathandaza ngithandazile ngicela ukuthi asinde.”

Ngemva kokuhlolwa udokotela kwatholakala ukuthi uSanele wayelimale kakhulu, waphuka kakhulu isingezansi futhi kwakunamathuba okuthi ngeke esakwazi ukuhamba. Wathathwa ngendiza esuka esibhedlela sase-Ubombo waya e-Albert Luthuli eThekwini wafakwa egumbini labagula kakhulu.

UThandi akazange akwazi ukuyovakashela indodakazi yakhe isonto lonke ngoba wayengenayo imali yokuya eThekwini. Abangane bakhe bamsekela bathandaza kanye naye becela ukuthi uSanele alulame.

Ekugcineni uThandi wakwazi ukuvakashela indodakazi yakhe ngemva kwesonto esebenzisa imali ayinikwa ababefuna ukumsiza. Akubona kwamshaqisa kodwa wazama ukuziqinisa ukuze angathusi indodakazi yakhe. Ngosizo lukathisha kaSanele, uZama

nabo bonke abahlengikazi ababemqinisa idolo, uThandi waqina wahlalela ethembeni. Ejabule kakhulu ngokubona unina, uSanele waqala ukuzidlela, waze waqala nokucula neqembu.

USanele wahlinzwa izikhathi ezingamashumi amabili nanhlanu ezinyangeni ezintathu esesibhedlela, futhi abasebenzi basesibhedlela bazikhandla befuna ukuqinisekisa

ukuthi le ntombazanyana ihlezi kahle, futhi oPhethe Emnyangweni Wezempilo e-KZN uDkt. uSibongile Zungu waba negalelo elikhulu wancoma ukuba athole usizo lwezengqondo ukuze akwazi ukubhekana nalesi simo esishaqisa kangaka ayekuso.

Ngo-Mashi, uSanele wadluliselwa e-Benedictine District Hospital kwaZulu ngoba kuseduze nasekhaya nomndeni. Lapho ehlanganisa iminyaka engu-15 ngo-Ephreli odlule, abasebenzi esibhedlela bamenzela iphathi engazi. Kuleyo nyanga wazama nokucathucathula – esizwa ukubhucungwa akuthola e-Albert Luthuli nokunakekelwa okuhle akuthola e-Benedictine Hospital.

USanele useyakwazi manje ukuhamba. Njengoba engakwazanga ukuya esikoleni ngo-2011, manje usemagange ukubuyela futhi unethemba lokuthi kuzohamba njengoba ngonyaka odlule engakwazanga ukuya esikoleni. Umndeni wakwaMathe uswele imilomo

eyinkulungwane yokubonga abasebenzi bakulezi zibhedlela ezimbili.

“Abasebenzi bakulezi zibhedlela ezimbili babengikhuthaza bengisiza kakhulu. Siyababonga kakhulu ngokusindisa impilo yentombazane yami,” kusho uThandi ebambe izinyembezi.

“Kwakungathi ngiyaphupha. Ngathandaza ngithandazile

ngicela ukuthi asinde.”

Kusho ukuthini ukuthi umphumela wokuhlolwa u-positive?

Kusho ukuthi unesandulela-ngculazi futhi umzimba sewenze amasosha okulwa nalo igciwane. Ngisho noma uzizwa ungumqemane, ungalidlulisa leli gciwane kwabanye.

Kusuke kushiwo ukuthini uma umphumela wokuhlola u-negative?

Lokho kungasho into eyodwa kwezimbili:

Awunalo igciwane lesandulela-ngculazi noma

Unalo kodwa awukawenzi amasosha omzimba anele esandulela-ngculazi ukuze kubonakale ukuthi unalo (usesenkathini yokuzifihla kwegciwane).

Uma kutholakala ukuthi awunalo igciwane kodwa wena ucabanga ukuthi

unalo, kumelwe uhlolwe futhi ezinyangeni ezimbalwa. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuthi uphinde uhlolwe ngisho noma kutholakale ukuthi awunalo. Khuluma nesisebenzi sezempilo sizokusiza ngalokhu.

KUFANELE UYIHLOLE NINI I-HIV?

Ngokuvamile kuhle kakhulu ukuyeka isimilo esixegayo, ngakho ngeke kudingeke uyohlolwa. Kodwa wena nomaqondana wakho kungase kudingeke nihlolwe uma:

Ufuna ukushada, ukuqala ezothando nomuntu ezinothembana naye, noma ukuba nezingane.

Wena nomaqondana wakho ninezimpawu zengculazi

Wena noma umaqondana wakho nike naya ocansini ningazivikele

UBUHLE BOKWAZI IMIPHUMELA YOKUHLOLWA

Uma kutholakala ukuthi awunalo igciwane, ungafunda ukuzivikela ukuze uhlale ungenalo.

UMA KUTHOLAKALA UKUTHI UNALO:

Ungakugwema ukulithelela umaqondana wakho

Yelashelwa izinkinga zempilo kungakephuzi

Yenza izinguquko empilweni yakho ukuze uhlale unempilo enhle ende

Sekelanani nabanye abantu emphakathini abanesandulela-ngculazi

Zihlelele ikusasa uhlelele nomndeni wakho

MASIFUNDISANENI…

UKUHLOLELWA I-HIVKubalulekile ngempela?

Uma umuntu engenwa yisandulela-ngculazi, umzimba uqala ukwenza amasosha

ngokushesha azolwa negciwane. Amasosha omzimba avame ukubonakala egazini

ngemva kwamasonto angu-4 kuya kwangu-8, kodwa angathatha isikhathi, hleze

aze abonakale ngemva kwezinyanga ezingu-6. Isikhathi phakathi kokuthola

igciwane nokuthi amasosha omzimba abonakale egazini sibizwa ngokuthi ‘inkathi

yokucasha kwegciwane’. Uma kuhlolwa isandulela-ngculazi kusuke kufunwa la

masosha omzimba egazini futhi ayindlela kuphela yokwazi ukuthi umuntu unalo

yini leli gciwane. Kusuke kungahlolwa ingculazi.

UKUNAKEKELWA OKUHLE KWEMPILO IKUSASA LEMPILO

Kungenzeka uke wezwa ngalo. Uhulumeni wethu ushintsha indlela ohambisa ngayo izinsiza zempilo kubantu. Lokhu kubizwa ngokuthi uhlelo loMshuwalense Wezempilo Kazwelonke, phecelezi i-National Health Insurance (NHI). Abaningi lusabaxaka. Imibuzo ebuzwayo yilena:

1. Luzonakekela izimpilo kangcono yini?

2. Luhluke kanjani ohlelweni olukhona manje?

3. Ingabe kufanele ukhokhe?

Ake sizame ukukuchazela ngendlela ozoyizwa...

Kungani sidinga uhlelo olusha lwezempilo?

Abantu banelungelo lokunakekelwa impilo – futhi lokho akufanele kuxhomeke ekutheni bahola malini. Yize uhulumeni esezame ngawo wonke amandla ukulungisa umonakalo owadalwa umbuso wobandlululo owawusiza idlanzana nje ngezempilo kube kunenqwaba yabantu enganakiwe, iqiniso liwukuthi abantu abaningi basaqhubeka bayafa futhi bahlupheka ngokungenasidingo ngenxa yempilo ebuthaka. Ngakho-ke uhulumeni unqume ukushintsha indlela abantu abathola ngayo ukunakekelwa kwempilo, ukuze wonke umuntu abe nelungelo lokwelashwa – kungakhathaliseki ukuthi ungowaliphi ibala, uhlanga, iminyaka yobudala, noma inkolo! Ufuna

nokuqinisekisa ukuthi ngokuyinhloko ukunakekelwa kwempilo kumahhala nokuthi kugxilwa kakhulu ekuvimbeleni izifo – ukuze babe mbalwa abantu abagulayo!

Isimo okwamanje ‘singelapheka’ – kusho ukuthini lokho?

Kusho ukuthi sizonaka kakhudlwana labo asebegula vele. Kunesidingo esikhulu sodokotela nabahlengikazi abaqeqeshiwe nezibhedlela. Abanakwa kangako labo abaphilayo, ukuthi basizwe bahlale bephila.

Ngohlelo olusha- bazonakwa kakhudlwana abaphila kahle futhi abantu sebezothola kakhulu usizo emakhaya kunasezibhedlela. Uhlelo luhlanganisa futhi lukhuthaza abantu nemiphakathi

ukuthi bayinakekele impilo yabo.

Ukunqanda ukugula kwabantu (izindlela zokugwema izifo) wumgomo wesikhathi eside walolu hlelo.

Kulolu hlelo olusha kuzoqinisekiswa ukuthi abantu bayazi ukuthi bangahlala kanjani benempilo futhi bagweme izifo ukuze singabi khona isidingo sokuya esibhedlela noma emtholampilo njalo. Lokhu kusho ukuthi kufanele kube nendlela yokunqanda – ukufundisa imiphakathi ukuze igweme izifo ezithile. Asiphiki ukuthi siyohlale sizidinga izibhedlela nemitholampilo, kodwa akufanele zisetshenziselwe izifwana ezingatheni ezingelashwa kalula isisebenzi sezempilo somphakathi. Lokho kuzosho ukuthi izibhedlela zethu ngeke zigcwale kakhulu, futhi zizokwazi ukubelapha kangcono abadinga usizo. Lokhu kunganciphisa izindleko zemali ebingasetshenziselwa ukuqeqesha abahlengikazi abengeziwe, abasebenzi bomphakathi bezempilo, ababelethisi nodokotela.

Kungcono ukugwema isifo kunokuselapha

Kulolu hlelo lwe-NHI, bazoba baningi abasebenzi bomphakathi bezempilo abaqeqeshiwe abazokwazi ukubona izidingo zempilo futhi baye emakhaya bayosiza iziguli. Bangasiza ngezindaba ezilula njengokubaluleka kokugeza izandla – okunganciphisa amagciwane ngamaphesenti angu-75 ngoba aba mancane amathuba okusabalalisa izifo abaningi bethu abazithatha kancane!

Uhulumeni uzoqinisekisa kanjani ukuthi abantu yonke indawo bayazi ngezindaba zempilo?

Elinye isu lomnyango wezempilo wukuba nomkhankaso obizwa ngokuthi: yi-operation Sukuma Sakhe. Lo mkhankaso uzogxila ekutheni umphakathi ubambe iqhaza futhi ube negalelo empilweni yawo. Kunezikhungo zempilo emiphakathini lapho abantu bengathola khona nolwazi. Emihlanganweni ‘YAMAWADI’ kuzokwabelwanwa ngolwazi nangemfundo uma kwenzeka kuvela izindaba eziphathelene nempilo.

Amabhodi ezibhedlela namakomiti asemitholampilo azothuthukiswa ukuze afundise abantu.

UMnyango Wezempilo uzosungula

izikhungo ezibizwa ngokuthi yizikhungo Zokunakekelwa Okuvamile Kwempilo. Kumanje nje sinazo izikhungo ze-PHC, kodwa sifuna ukuzandisa ukuze izibhedlela zingathwali kakhulu. Lokhu kusho ukuthi uma umuntu emphakathini egula, angaya esikhungweni se-PHC.

Bazoba khona yini odokotela?

Zonke iZikhungo Zokunakekelwa Okuvamile Kwempilo zizoba nodokotela abazohlola ukuthi uyakudinga yini ukwelashwa okwengeziwe bese bekuyisa esibhedlela esiseduze. UMnyango Wezempilo usuluqalile vele uhlelo lokuqeqesha nokuthola odokotela abengeziwe ukuze kuthi kuqambe kuqala uhlelo olusha lwezempilo kube wukuthi seluyasebenza phakathi neminyaka engu-14, izikhungo zethu zikwazi ukusebenza. Konke lokhu ngeke kwenzeke ngokuphazima kweso!

Ingabe lokhu kuyokwenzeka eminyakeni engu-14?!

Cha, kusukela ngo-Ephreli kulo nyaka, uhulumeni uzoqala ‘ukuzwa amanzi ngobhoko’ ezindaweni ezithile ezinezinsiza nabantu abanamakhono ukuze kubonakale ukuthi luzosebenza kanjani lolu hlelo olusha. Useqalile vele ukuhlaziya zonke izibhedlela zombuso nemitholampilo ukuze kubonakale ukuthi zikuphi izinkinga nokuthi yini okufanele yenziwe kuleso sikhungo ukuze kuthuthukiswe ukunikezwa kwezinsiza

bese kutholakala nokunakekelwa kwempilo mahhala ngaphansi kohlelo olusha. Kusukela ngo-Ephreli kuzoqaliswa isigaba esisha sokuhlola uhlelo olusha lwezempilo ezifundeni

eziyishumi ezikhethiwe ezweni ukuze zonke izinkinga zixazululwe ngaphambi kokuba luqale ezweni lonke.

Ingabe uhlelo olusha lwezempilo luzoba mahhala kuzo zonke izinhlobo zokwelapha?

Akuzona zonke izinhlobo zokwelapha ezizoba mahhala. Zonke izinsiza zempilo ezibalulekile zizotholakala mahhala. Ngemva kokuhlaziywa, ezinye izinsiza kuyodingeka zikhokhelwe, lezo umuntu

abona ‘kungakuhle nje azithole’ (ukuthuthukisa indlela yokubukeka). Abantu bazotshelwa ngohlu lwezinsiza.

Ingabe lokho kusho ukuthi izikhungo zezempilo zizokwelapha noma yikanjani ngoba nje kumahhala?

Cha. Empeleni, kulolu hlelo lwezempilo, uhulumeni uzoba neziqondiso eziqinile okufanele bazilandelisise bonke abanikeza uhlelo lwe-NHI. Lokhu kusho ukuthi kuzomelwe basebenzise imithetho ethile futhi kuzoba nethimba elizoqapha elibizwa ngokuthi yi-Office of Health Standards Compliance ezosungulwa wuMthetho Wasephalamende ukuze kuqinisekiswe ukuthi le mithetho iyalandelwa.

Ingabe abantu kuzolindeleka ukuthi bakhokhele i-NHI okuthile ngo-2012?

Hhayi kulo nyaka ngoba lolu hlelo lusesesigabeni sokuhlolwa. Ekugcineni, wonke umuntu osebenzayo uzolindeleka ukuthi akhokhe okuthile kulesi sikhwama – kodwa kuyoya ngokuthi uhola malini. Uhulumeni ngeke alindele ukuthi umuntu akhokhe engenayo imali yokukhokha. Kuzoba noMxhaso Onemibandela ozofakwa kusabelo-mali sika-2012 ukuze kwenziwe la maphrojekthi.

Ngonyaka odlule sonke sabamba iqhaza eNgqungqutheleni Yabahlengikazi eyaqopha umlando, futhi asigcinanga nje ngokulungisa isimo esasikhona. Sakha nekusasa lomsebenzi wobuhlengikazi.

Ngakho njengoba sisesekuqaleni konyaka kumelwe sizikhumbuze indaba esemqoka ngalelo kusasa – ukunakekelwa kwabantu kwezinga eliphezulu.

Kulo nyaka kuzohlolwa nohlelo lukahulumeni oluhleliwe loMshuwalense Wezempilo Kazwelonke (National Health Insurance), futhi uNgqongqoshe Wezempilo Kazwelonke uDkt Aaron Motsoaledi, ulisho lazwakala elokuthi “abahlengikazi bawumgogodla we-NHI”.

Kumelwe silethe ubungcono: impilo engcono, ukunakekelwa kwabantu okungcono, nokuzibophezela okungcono. Umsebenzi wethu omkhulu namuhla wukuthuthukisa izimpilo zabantu nokubenza bazole emoyeni. Abantu abadinga usizo kumelwe bathole ukunakekelwa okungcono ngesikhathi esifanele – ngaso sonke isikhathi.

UMshuwalense Wezempilo Kazwelonke ufisa ukufeza le migomo emithathu eyisisekelo.

Ukwenza zonke izakhamuzi zilondeke zikhululeke endabeni yezinsiza zokunakekelwa kwempilo.

Ukuqinisekisa ukuthi abantu abampofu bathola ukunakekelwa kwempilo okusezingeni okwakutholwa yizicebi kuphela phambilini.

Ukunciphisa ukunakekelwa kwabantu ngendlela engalingani emphakathini wethu.

Kulolu hlelo akucelwa uhulumeni kuphela ukuthi alungise inselelo yokunakekelwa kwabantu ngendlela engalingani, kodwa wonke umuntu kufanele abe negalelo – ikakhulu abasebenzi bezempilo.

Sesiyazi ukuthi kufanele sifezeni – abahlengikazi abaphaphamela izidingo zempilo zomphakathi ngokuthi kube nokunakekela okuhle, okufika ngesikhathi nokwenziwa ngendlela esemthethweni.

Sinomyalo ocacile, wokwenza umsebenzi. Singabantu abasemqoka kakhulu ezweni abazibophezele ekubeni nezinhlelo zokunakekelwa kwezimpilo

zabantu ngokuzikhandla okwakhelwe ekunakekelweni kwezimpilo okuvamile nokugxila ekutheni abantu bahlale beyimiqemane.

Uma sifuna iziguli zifunde ukubaluleka kokugwema izifo, kudingeka zithole ulwazi lokuthi zingahlala kanjani ziphila – isikhathi eside ngaphambi kokuya emitholampilo. Uma sifuna nezinga lithuthuke, wonke umuntu udinga ulwazi lokuthi yini esebenzayo, yini engasebenzi. Kule ndaba, indima yomhlengikazi

yokunikeza ulwazi iba semqoka kakhulu.

UMkhandlu Wobuhlengikazi ulusekela kakhulu uhlelo lwe-NHI futhi uzoqhubeka uletha ulwazi nemithetho-mgomo ehloselwe ekwenzeni ukuthi kube nabahlengikazi abaqeqeshiwe nabasebenzayo ezinhlelweni zethu zempilo.

Njengamanje, sinethuba – masilisebenziseni.

Ngokubambisana, singasebenzisa loko okusebenzayo, sakhele kuleso sisekelo futhi sinikeze zonke izakhamuzi ukunakekelwa kwempilo okusezingeni eliphezulu.

UNksz Nonhlanhla Makhanya, uSihlalo we-SANC.

Ezivela...

EMkhandlwini Wabahlengikazi WaseNingizimu AfrikaNjengoba singena oNyakeni Omusha; ngingathanda ukukhulumela ozakwethu boMkhandlu Wabahlengikazi WaseNingizimu Afrika [South African Nursing Council (SANC)], ngibonge bonke abahlengikazi ngomsebenzi omuhle wokuqhubeka ninakekela izimpilo zabantu.

“Kumelwe silethe ubungcono: impilo

engcono, ukunakekelwa kwabantu

okungcono, nokuzibophezela okungcono.

Umsebenzi wethu omkhulu namuhla

wukuthuthukisa izimpilo zabantu

nokubenza bazole emoyeni.”

Ake sithi nhla:

“USanele wafika lapha evela esibhedlela esisezingeni eliphezulu eThekwini weza kulesi sethu esisedolobheni elincane. Lokhu kwasenza sasabenza ngokuzikhandla ukuze kuthi noma sisendaweni esemakhaya kodwa sikwazi ukusiza iziguli zethu,” kuchaza u-Eric.

“USanele wayedinga usizo olukhulu ngoba ayikho into ayekwazi ukuzenzela yona. Wayelala ngohlangothi olulodwa njalo, uma uthi uzama ukumguqula noma ukumgeza, wayekhala ngenxa yezinhlungu, kodwa sasisiqonda isimo sakhe futhi senza konke okusemandleni ukuze simsize. Kwakubuhlungu ukuba nesiguli sentombazanyana esitshelwe ukuthi ngeke siphinde sikwazi ukuhamba,” kukhumbula uBusisiwe Ntanzi, imenenja esebenza ewodini labesifazane abahlinziwe.

Bobabili uBusisiwe no-Eric bayizisebenzi zasesibhedlela eziye zanikela

ngezimpilo zazo kulo msebenzi naphezu kwezinselelo eziningi ababhekana nazo. “Ngivela emndenini ozihluphekelayo futhi ngakhula kabuhlungu kodwa ngakwazi ukuphumelela nokuba umhlengikazi,” kusho uBusisiwe.

Ngo-1969, ngesikhathi eneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela abafowabo

nodadewabo abayisithupha bashaywa umbani bashona. Kwasinda uBusisiwe nonina kuphela.

Yize akhula kanzima, wabhalisela ukufundela ubuhlengikazi e-Benedictine, kamuva waqashwa lapho, waqhubeka waze wafundela i-orthopaedics. Sekudlule iminyaka engamashumi amabili nesithupha futhi usawushisekela

umsebenzi wakhe kanti usasiza kuso lesi sibhedlela.

Uzakwabo naye uyazithanda iziguli zakhe, yize zingekho izinsiza ezanele futhi kunezinselelo. U-Eric uthi, “Ngikholelwa ekukhuthazeni iziguli zami ukuthi zihlalele ethembeni. Kumelwe ube nokuzethemba futhi ubheke isibhedlela njengekhaya

lakho futhi uphathe iziguli njengamalungu omndeni.”

NjengoBusisiwe, u-Eric wakhula kanzima, kuphela izinsuku bengatholanga lutho oluya ngasethunjini. Uchaza indlela

inkengane eyamenza ngayo ukuthi azimisele ukuzifukula ngemfundo.

Bekanye nozakwabo, baye bafakazela ukuthi uma umuntu ezimisele futhi enothando angabhekana nezinselelo zempilo. Siyanibonga basebenzi base-Benedictine Hospital ngokunakekela kwenu abanye okuthinta inhliziyo!

SIBAMBISENE: I-BENEDICTINE HOSPITAL, KWAZULU

Ngo-2011, uSanele Mathe oneminyaka engu-15, owalimala kabi kakhulu engozini yemoto, wadluliselwa e-Benedictine District Hospital endaweni yakwaNongoma esuka e-Nkosi Albert Luthuli eThekwini lapho ayethole khona usizo olukhulu egumbini labagula kakhulu. U-Eric Ntsele, isekela likamenenja elingumhlengikazi e-Benedictine Hospital, wavele wabona ukuthi bazobhekana nobunzima ngoba phela bayindlala abasebenzi bezempilo lapha ngoba kusemaphandleni futhi kuqhelile. Kodwa-ke babheka lesi simo njengethuba lokuthuthukisa amakhono abo naphezu kwezinselelo ababebhekene nazo.

“Ngo-1969, ngesikhathi eneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela abafowabo nodadewabo abayisithupha bashaywa umbani bashona”.

Kungenzeka uphethwe

ukuCindezeleka Kwangemva Kokubeletha.

Sihlale sizwa ngezingane ezisanda kuzalwa ezilahlwe emigqonyeni kadoti, ezishiywe dengwane zagodola noma zalamba zaze zafa. Ngokuvamile kuba nomuntu oba khona azisize. Kodwa kuvame kakhulu ukuthi ingane ishone ingathandwa. Siye sizibuze ukuthi onjani umama onenhliziyo embi kangaka aze enze into enje – alahle ingane yakhe ngemva kokuyithwala izinyanga eziyisishiyagalolunye aze ayizale – isipho sokuphila?

Manje ezinye izazi zithi nakuba kuyimpicabadala, kungenzeka ukuthi ukucindezeleka kwaNgemva kokubeletha kungase kube nomthelela kulesi senzo esethusa kangaka esenziwa umama. Ukuze siyiqonde kahle le ndaba, kubalulekile ukwazi izimpawu zokugula nokufuna usizo kungakephuzi kakhulu – kusizakale wena nengane yakho.

Kuyini ukucindezeleka kwaNgemva kokubeletha?

Yisifo somqondo esihlasela omama

abasanda kubeletha – ngokuvamile siba phakathi kwezinyanga ezimbili noma ezintathu zokuqala. Nazi izimpawu zaso ezivamile:

Ukuvele ukhale ngaphandle kwesizathu

Ukungabi namandla okwenza noma yini futhi uzizwe sengathi yonke into iyakwehlula, ngisho nengane yakho

Ukuhlale ukhathele njalo

USANDA KUTHOLA INGANE FUTHI UCINDEZELEKILE?

INGABE

Ukuhlale ukhathazekile emoyeni nokuhlale ufuna ukulala njalo kunokuba unakekele ingane yakho.

Sikuthinta kanjani emaphandleni?

Okungenani owesifazane oyedwa kwabayishumi unokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha, kodwa baningi abakubiki. Iqiniso liwukuthi ngokwesiko akulula ukwamukela ukuthi unesifo esithile somqondo, noma ukuthi awukwazi ukunakekela ingane yakho. Ungase wesabe ngoba awazi ukuthi uzokhalela kubani futhi ungase ukhathazwe ukuthi uma ungavuma ukuthi uzizwa kanjani, abantu emphakathini bangase bacabange ukuthi kuyakwehlula ukuba umama.

Ukuyohlolwa Ngaphambi Kokubeletha

UMphathiswa Wezempilo E-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo nethimba lakhe bebelokhu begqugquzela abakhulelwe ukuthi baye emitholampilo ngaphambi kokubeletha. Esinye sezizathu ukuthi ukunakekelwa abakutholayo kubanika ithuba lokuzilungiselela okungase kwenzeke ngemva kokubeletha, kuhlanganise nalesi sifo sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha nendlela yokubhekana naso.

U-Joyce Shezi ungumama wezingane

ezine futhi ngonyaka odlule wathola eyesine. “Angibanga nankinga kulezi zingane ezintathu, kodwa kulena yesine, ngangihlale ngidangele. Ngangivuka, ngiqale ukukhala, wawungafunga ukuthi kukhona oshonile. Ngangizizwa kabi ngoba ngangingafuni ukugona ingane yami, futhi umama wayekhathazeke kakhulu ecabanga ukuthi ngizoyenza kabi. Ngemva kwamasonto amathathu

ngaya emtholampilo bangitshela ukuthi nginesifo sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha. Bangisiza ukuthi ngiqonde ukuthi kwakwenzekani kimi bangeluleka nangendlela yokubhekana nesimo.

Ngazizwa ngingcono kakhulu ngoba ngaqonda ukuthi kwakwenzekanii, futhi ngabona ukuthi ngangingahlanyi. Lesi sifo sangiphatha nje izinyanga ezimbili, ngemva kwalokho ngase ngiyimi futhi, ngakho ngilubonga kakhulu usizo engaluthola emtholampilo, bangisiza bangichazela kahle ngale nkinga,” kusho uJoyce, manje osekhuthaza bonke abesifazane abakhulelwe emphakathini

ukuthi baye njalo bayohlolwa ukuze baqinisekise ukuthi bazi konke ngesifo sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha, bathole usizo uma bezwa sekunzima.

Ukwelashwa

Khuluma nesisebenzi sezempilo ngokwelashwa ongase ukuthole – singase sikunike okuthile okungakusiza kukuthobe ukwazi ukubhekana nesimo.

Thulula isifuba sakho kumuntu omethembayo, ukuze ungazizwa sengathi ungumntshingo ubethwa ngubani. Kungaba othile esontweni, umfundisi, umholi emphakathini, inyanga, owomndeni, noma umngane.

Cishe owesifazane oyedwa kwabayishumi unesifo

sokucindezeleka kwaNgemva kokubeletha, awuwedwa. Sizodlula, futhi zama ukwehlisa umoya. Ungakhipheli ukugula kwakho enganeni – iyisipho sakho esingenacala.

“futhi ngabona ukuthi ngangingahlanyi. Lesi sifo sangiphatha nje izinyanga ezimbili,

ngemva kwalokho ngase ngiyimi futhi, ngakho ngilubonga kakhulu usizo engaluthola

emtholampilo, bangisiza bangichazela kahle ngale

nkinga...”

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

SHAYELA I-KZN HEALTH NOMA NINI UMA UDINGA USIZO KULE NOMBOLO 0800 00 51 33.

INGABE

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

KZN HEALTHNEWS

Lo mkhankaso uqalwe ngenxa yokwanda kwamantombazane amancane akhulelwayo esifundazweni ngenxa yalokhu, futhi amaningi ayaluthwa ukuthi ayeke isikole futhi alale namadoda amadala engazivikele. Imvamisa labo baba bathembisa lezi zingane impilo entofontofo, izingubo zokugqoka nemali. Kodwa kuthi ingakhulelwa ayilaxaze, isale kanjalo isinengane, bese ikhehla leli lidlulela phambili – lishiye intombazanyana ingenamfundo, isinomthwalo wokukhulisa ingane ibe iyingane ngokwayo. Ngokuvamile le ngane esingumama isala nezifo ezithathelwana ngocansi nesandulela-ngculazi.

“Nawu umyalezo wethu emindenini nasemiphakathini: Ningavumeli izingane zenu enizithandayo zithandane no-sugar daddy. Nawu oya emantombazaneni: Ningathandani no-sugar daddy,” kusho usihlalo womnyango u-Chris Maxon.

Uthi ukucwaninga okuningi “kuthi amantombazane amancane [ana-14 kuya

ku-25] asemathubeni aphindwe kane okuthola isandulela-ngculazi kunontanga bawo babafana. Amantombazane aseqala ukuya ocansini emancane kakhulu hleze eneminyaka engu-12 futhi kaningi ayaluthwa, futhi siyazi ukuthi kulesi sifundazwe, izingane ezizalwayo ezingamaphesenti angu-10 zizalwa amantombazane amancane,” kunezela u-Maxon.

‘Zigcwele izindaba zokuthi amantombazanyana agcwele emigwaqweni emikhulu zithengisa ngomzimba kubashayeli bamaloli, nokuthi othisha bakhulelisa izingane futhi/noma abazali basula amacala okudlwengulwa kwezingane kuthiwe kuzokwenziwa “umqhonyiso” (ukuhlawula ngokuqeda ubuntombi bengane esikweni lakwaZulu). Asiqali ukuzwa ngalokhu lapha eNingizimu Afrika, ikakhulu thina ma-Afrika. Manje siyazi ukuthi abafana abangamaphesenti angu-99 [abana-14 kuya ku-20] abeza bazosokwa abanalo igciwane lesandulela-ngculazi. Kodwa, amantombazane angontanga

babo angamaphesenti alo angu-10. “Ukube la mantombazane ebelala nontanga yawo abeyokhulelwa kuphela. Kodwa ayakhulelwa, athole nesandulela-ngculazi,” kusho u-Maxon, ephetha ngokuthi madala amadoda awakhulelisayo aphinde awanike nesifo.

Kulo mkhankaso, uMnyango usuqalile ukusebenzisa izindlela zokukhangisa ukuze kuqwashiswe ngalokhu, kunamabhodi amakhulu emarenki amatekisi esifundazweni sonke, amaphosta, amapheshana nezikhangiso emsakazweni naku-TV ezixwayiswa amantombazane amancane ngezingozi zokulala namadoda amadala.

Injongo yomyalezo womnyango ukuvusa amantombazane ukuthi angalingeki aze acabange ukuthi zonke izinkinga zawo ziyoxazululeka uma evuma ukulala namadoda amadala. Azokhulelwa nje kuphela engafuni, futhi abe nezinye izinkinga zokuphila eziyinkimbinkimbi. Esikushoyo wukuthi isikole phambili, ezothando kamuva.

U M p h a t h i s w a Wezempilo E-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo uqale unyaka ngokufaka i s i s w e b h u e s i v u t h a y o endabeni yo-Sugar Daddy – igama

elisho ubaba omdala othandana nentombazane encane – engaze ibe neminyaka engu-14 ngezinye izikhathi.

UKUSOKWA KWABESILISA KULOKHU KUYAQHUBEKA

UKUSOKWA KWABESILISA KULOKHU KUYAQHUBEKAIngabe wena ususokile?

UMphathiswa Wezempilo E-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo udume ngokuhambela yonke i-KZN, ehlola izibhedlela nemitholampilo engashongo, eqinisekisa ukuthi abantu banakekelwa impilo ngendlela elindelekile. Kusukela kwaqalwa umkhankaso wokuSoka Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo, kugqugquzelwa yiNkosi u-Goodwill Zwelithini, uDkt Dhlomo usehambise lo mkhankaso nasemaphandleni ukuze kube namadoda amaningi asokwayo.

“Sonke siyazi ukuthi kusukela iNkosi yaqala isiko lokusoka ngo-Ephreli 2010, isifunda saseSisonke siphakathi kwezifunda ezimbili ebesisasele emuva ngokusoka ngoba sasoka amadoda angu-417 nje ekupheleni kuka-Septemba 2010. Kodwa sajabula uma iMenenja yethu Yesifunda, uNkskz Gcina Radebe noMxhumanisi Wohlelo Lwesifundazwe lwe-Male Medical Circumcision (MMC), uDkt Sandile Tshabalala, bethatha isinyathelo sokuphenya ngokuthi kungani embalwa kangaka amadoda asokile nokwenza lolu hlelo lwaziwe kulo mphakathi,” kusho uMphathiswa uDhlomo muva nje phakathi nohlelo lokusoka e-Kokstad.

Ekhuluma nababelapho, kanye nezikhulu, uMphathiswa uDhlomo wathi isikhathi sokusuka ebufaneni ungene ebudodeni akuyona nje indaba yabafana kuphela, kodwa nomndeni, abaholi bomphakathi (bendabuko, bezenkolo, nabezombusazwe) kanye nabanye kufanele babe nendaba. Lokhu kusho ukuthi uma kunothile ofuna ukushintsha indlela yokuziphatha, bonke abahilelekile

kufanele bakwazi ukuba negalelo.

“Siyaziqhenya kakhulu ngalokhu, kuphindeka lokho okwenzeka ngonyaka odlule eMkhosini Wokubuya Entabeni lapho samenywa ukuba sibe nomphakathi wase-Greater Kokstad ekwamukeleni ababebuya entabeni. Lena kwaba yinqophamlando ngempela kulabo abangu-219 ababeyosoka. Phakathi naleso senzakalo sajabula kakhulu ukubona izinsizwa zizibophezela ekutheni zizophila ngendlela eneMpilo futhi zethembisa ukuthi zizoba nesimilo ziziphathe kahle. Sabona nemindeni nomphakathi uzibophezela ekusekeleni lezi zinsizwa njengoba zingena ebudodeni,” kwanezela uMphathiswa uDhlomo.

Ezethulela isigqoko lezi zinsizwa ezinesibindi ezaziyosokwa, uMphathiswa uDhlomo wathi “silapha futhi ukuze sinitshele ukuthi isandulela-ngculazi yinselelo enkulu kakhulu ebhekene neNingizimu Afrika namuhla ngoba

kunabantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-5.2 abanaso (amaphesenti angu-10.6). Isifundazwe sethu sinabantu abanalesi sifo abangamaphesenti angu-25.8 eNingizimu Afrika. Sifuna ukunazisa ukuthi ngempela ukuSokwa Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo kuyawanciphisa amathuba okungenwa yisandulela-

ngculazi ngamaphesenti angu-60. Kufanele kwaziwe kodwa ukuthi lena yindlela evikela ngokwengxenye, ukuthi ukusokwa kwamadoda ngenjongo yempilo kumane kuyisinyathelo esenezelwe futhi akusho ukuthi akufanele kusetshenziswe izindlela ezifakazelwe ukuthi ziyalivimbela igciwane lesandulela-ngculazi.

Isizathu sethu sokuza lapha wukunicela ukuthi nilalele zonke izinto enizifundiswe abantu abadala abaniholayo nontanga futhi niqinisekise ukuthi nihlala ningenalo leli gciwane ukuphila kwenu konke. Lokho kuzokwenzeka kuphela uma nenza okulandelayo:

•Ningaqalinisebancaneukuyaocansini

• Ningawuqaliumkhubawokubanezintombiezininginokubabudedengu

• Nikhuthazeukusetshenziswakwamakhondomunjalonangendlelaefanele

• Ningaphuziutshwalafuthiningadliizidakamizwa

•Nihlonipheabantubesifazane

Singathanda nisisize sinciphise ukufa kwabantu ngenxa yesandulela-ngculazi nengculazi nezinye izifo ezithathelwana ngocansi. Sifuna nokuvikela abantu besifazane ngoba ukuSokwa Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo kuyabazuzisa nakuba bengazuzi ngqo ngokuthi kuncishiswe inani lamadoda anegciwane lesandulela-ngculazi, ngaleyo ndlela kuncishiswe ukudluliswa kwaleli gciwane lisuka endodeni liya kowesifazane.”

“ukuSokwa Kwabesilisa Ngenjongo Yempilo

kuyawanciphisa amathuba okungenwa yisandulela-ngculazi

ngamaphesenti angu-60.”

Abanye abantu bacabanga ukuthi kufanele uphuze imithi njalo ukuze ube ngcono! Kodwa iqiniso liwukuthi imithi ingelapha kuphela izinkinga zempilo – ayelaphi izimbangela zesifo. Noma nini

uma usebenzisa umuthi, kubalulekile ukulandela lezi

ziqondiso ukuze ukusize:

Qiniseka ukuthi kunesidingo.

Thola iziqondiso ezifanele zomuthi esisebenzini sezempilo noma enyangeni ethe wusebenzise. Kufanele wazi lokhu:

Ukuthi uphuze ongakanani.

Ukuthi kufanele uwuphuze kangaki usuku nosuku nokuthi kufanele uwuphuze izinsuku ezingaki.

Thatha isilinganiso esiphelele esidingekayo. Uma uyeka ukuphuza umuthi ngokushesha kakhulu, inkinga ingase ibuye.

Yazi izimpawu eziyisixwayiso zanoma yiziphi izinkinga ezingase zidalwe umuthi (funda

Imithi ingasetshenziswa

kahle ukuze yelaphe izifo eziningi, kungakhathaliseki ukuthi iyimithi yesintu noma yesilungu.

Kodwa kubalulekile ukuyisebenzisa ngokuphepha. Uma isetshenziswa

kabi, ingalimaza, ize ibulale nokubulala. Ngokwesibonelo, eminye imithi

ingabangela izinkinga zempilo kumuntu wesifazane okhulelwe noma oncelisayo

nasenganeni yakhe, futhi uma ungayiphuzi ngendlela efanele,

ingabangela ukulimala okukhulu kunokuthi

yelaphe.

Isiqondiso: Sokusebenzisa Imithi Ngokuphepha

ngemiphumela eseceleni engathandeki).

Yazi ukuthi umuthi uyaxabana yini nokudla okuthile futhi ubuze ukuthi kufanele uwuphuze ngaphambi noma ngemva kokudla.

Gwema ukuphuza imithi eminingi ngesikhathi esisodwa. Eminye imithi ingenza eminye imithi ingasebenzi.

Qiniseka ukuthi iphakethe libhaliwe.

Gwema imithi emidala kakhulu:

Kungcono kakhulu ukusebenzisa imithi ngaphambi kokuba idlulelwe yisikhathi. Usuku lokudlulelwa yisikhathi lubhalwa ngamagama amancane ephaketheni noma ebhodleleni. Ngezinye izikhathi, imithi esidlulelwe yisikhathi ingcono

kunokungaphuzi lutho nhlobo, kodwa ungayisebenzisi uma iyilokhu okuchazwe ngezansi:

Amaphilisi aseqala ukuvuthuka noma ukushintsha umbala

Amaphilisi asenamathelene noma aseshintshe indlela ame ngayo

Uketshezi olukhanyayo kodwa oselunombadlana

Imijovo

Uketshezi olufakwa emehlweni

Imithi edinga ukuxutshwa

Khumbula ukuthi abantu abalandelayo kudingeka baqaphe futhi kumelwe bathole iseluleko

ngaphambi kokuphuza umuthi:

Abesifazane abakhulelwe noma abancelisayo (noma yini abayiphuzayo ingase idlulele enganeni, iyilimaze).

Abantu osekuyisikhathi eside benesifo sesibindi noma sezinso. Isibindi nezinso zakho zihlanza imithi emzimbeni wakho, ngakho uma zingasebenzi kahle, umuthi ungase uhlale nje lapho futhi ube ubuthi.

Labo abanezilonda esiswini. Imithi efana nama-aspirin ingadala ukopha esiswini futhi/noma ukuzwa sengathi isisu siyashisa.

ISIXWAYISO: UMA UPHUZE UMUTHI BESE UQUBUKA ISIKHUMBA, UVUVUKE UMLOMO NOMA UBE NOBUNZIMA BOKUPHEFUMULA, THOLA USIZO LWEZOKWELAPHA NGOKUSHESHA OKUKHULU.

Imiphumela Eseceleni Engemihle!Imithi ilwa nezifo kodwa ingadala nezinye izinkinga uma ingasetshenziswa kahle! Ngaphambi kokuphuza imithi, thola njalo ukuthi iyini imiphumela yayo eseceleni engathandeki, kodwa kufanele ngaso sonke isikhathi uqale ukhulume nesisebenzi sezempilo ngaphambi kokuphuza noma yimuphi umuthi uma:

• Kuneminyeimithioyiphuzayo

• Uphuzisainganeumuthi–inomzimbaomncanefuthiingaseidinge umuthi omncane, noma kungase kungafaneleki ngezingane ukuwuphuza.

• Usugugilenomaungondlekilekahle–abantuabadalabangasebadinge izilinganiso ezincane zemithi ethile ngoba ihlala isikhathi esijana emizimbeni yabo.

• WUYEKEumuthiowuphuzayo,ubonanenesisebenzisezempilouma uphathwa yiloku:

• Isiyezi

• Ukuhlanza

• Ukulunywayisisu

• Ikhandaelibuhlungu

• Umsindoezindlebeni

YINI UCHOKO?

Uchoko yisifo sesikhumba, esivame ukubizwa ngokuthi i-Hansen’s disease. Sivame ukubonakala ngezilonda namathumba esikhunjeni. Nokho, kubalulekile ukwazi amaqiniso ngalesi simo esikhundleni sokukholelwa lokho okuzwayo ngaso. Iqiniso liwukuthi abantu abaningi bagomekile ngokwemvelo kulesi sifo, futhi labo abangagomekile, mancane amathuba okuba sidluliseleke kubo.

IZIMPAWU ZOCHOKO:

Ikakhulu zithinta isikhumba nezinzwa; ngokuvamile kuba amathumba nezilonda.

Amabala esikhumba ozwa kancane uma uwathinta noma ungezwa lutho hlobo.

Ukuba ugqinsi kwesikhumba noma ukuba namagulundla, ikakhulu ebusweni nasezindlebeni.

Ubuhlungu kanye/noma ukuqina kwenzwa (ngokuvamile eseduze namajoyinti).

Ukungabe usezwa lutho noma ukuba buthakathaka kweminwe kanye/noma izinzwane.

Ukuphela kwamashiya, ukuba nommongozima nokucinana

kwamakhala.

UKWELASHWA:

Uchoko lungelapheka ngokuphumelelayo ngezinyanga ezingu-6 kuya eminyakeni emibili, kuye nokuthi lunamandla kangakanani kulowo muntu. Isikhathi esingcono kakhulu sokuqala ukwelashwa yilapho kuqala ukuvela izimpawu zochoko. Ukwelashwa kunciphisa ingozi yokuba umuntu adlulisele uchoko kwabanye neyokuba akhubazeke.

ESIGXILE KUKHO KULE NYANGA: USUKU LOCHOKO EMHLABENI WONKE, JANUWARI

INSELELE NOMTHWALO WOMPHAKATHIMAYELANA NOCHOKO:Inkinga enkulu yalabo abaphethwe uchoko ukuthi bavame ukukhishwa inyumbazane

ngenxa yokukhubazeka kwabo nangenxa yokuthi abantu abaningi bayasesaba lesi sifo.

I-Leprosy Mission e-KZN inohlelo lokuqeqesha olufundisa umphakathi ngalesi simo

futhi lusekele labo abaphethwe yiso.

OKUFANELE UKWAZI NGOCHOKO: Uchoko lungelapheka.

Ungalwesabi. Lwelaphe.

Uchoko alubangelwa yisiqalekiso.

Asikho isidingo sokumhlukanisa nabanye umuntu onochoko.

Abantu abanochoko abangelashiwe basengozini yokukhubazeka.

Uchoko aluthelelwana kakhulu.

Abantu abanochoko bangahlala nemindeni yabo futhi basebenze.

Kukhona uhlelo lokulawula uchoko e-KZN. Kunezikhungo ezine ezinikeza usizo ezigulini

ezihlala ngaphandle:

Isibhedlela Sase-Edendale – ngoLwesine lokugcina enyangeni ngayinye

IPrince Mshiyeni – ngoLwesihlanu lokugcina enyangeni ngayinye

IManguzi – kabili ngonyaka (Jan/Aug)

IMadadeni – njalo ngenyanga yesibili