Ezempilo Health Matters : November 2012 - Zulu · ukuphela, amathumba nesikhumba esilumayo •...

10
ISILUMO INYANGA YERIBHINI ELI- BOMVU PHUMELA ESHASHALAZINI QEDA UKUHLUKUNYEZWA! ISIFO SIKASHUKELA ISIKHATHI SOKUBAMBA IQHAZA NGEMPILO YAKHO I HERNIA, UNGENZENJANI? UNOVEMBA 2012 Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba MAHHALA

Transcript of Ezempilo Health Matters : November 2012 - Zulu · ukuphela, amathumba nesikhumba esilumayo •...

  • ISILUMO

    Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope INYAN

    GA

    YERIB

    HINI EL

    I-

    BOMV

    U

    PhUMeLa eShaShaLazInI

    QedaUkUhLUkUnyezwa!

    ISIFO SIkaShUkeLaISIKHATHI SOKUBAMBA IQHAZA NGEMPILO YAKHO

    I heRnIa,UNGENZENJANI?

    UNOvEMBA 2012

    Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

    MAHHALA

  • Ezempilo E-Kzn, Inhloko Yomnyango:

    UDkt. Sibongile Zungu

    Ngalezi zinsuku eziyi-16 zokwenza okuthile ezihlose ukubheka ukuhlukumezeka ekhaya; kumele siqaphelisise lokho esikwenzayo ukuvimbela lokhu. Akukona okwezinsuku eziyi-16 kuphela kepha ubizo lwansuku zonke. Nsuku zonke lapha eNingizimu Afrika kudlwengulwa umuntu wesifazane, abulawe, ashaywe, apanswe, akhahlelwe abuye ahlukunyezwe ngokocansi.

    NjengoMnyango sifisa ukumemezela kubo bonke ababambiqhaza ukuba benze ukuphepha kwabantu besifazane kanye nezingane kube yinto eseqhulwini. Othisha, abaholi basemabandleni, abasebenzi bezempilo, obaba, obhuti, obaba nomama kuyo yonke imikhakha kumele bafundise bese beba abaholi abayizibonelo ezinhle. Nakuba izinhlelo zethu zigxile kwezempilo, iqiniso ukuthi sidinga ukushintsha indlela esenza ngayo emphakathini ukuze senze umehluko empilweni yomphakathi.

    Nakuba abantu besifazane abakuzo zonke izikhundla ngisho abazimele behlukumezeka emakhaya, kepha abayizisulu kakhulu yilabo abondliwa ophathina babo. Ukufundela ikhono elithile kuyindlela eya phambili ekuhlinzekeni umuntu wesifazane ngemali ezomkhulula kumhlukumezi omondlayo imnikeze nokuzethemba ukuze akwazi ukushiya umhlukumezi ngoba esekwazi ukuzimela.

    Izinhlelo ezenziwe kahle zabuye zaqaliswa kahle zabahlukunyezwayo ziyohlala njalo zibalulekile futhi njengomnyango sikhulisa ukutholakala kwazo, kepha kumele sisebenze ngokubambisana ukuvimbela ukuhlukunyezwa ngoba akubalulekile nje kuphela ngokwehlisa umthwalo wokuhlukumezeka kepha kwehlisa izindleko zempilo yomphakathi kanye nomnotho okubangwa yilokho kuhlukumezeka.

    Kubantu besifazane abasukumile bathi maluju ekuhlukunyezweni siyanitusa futhi

    siyanicela ukuba nigqugquzele nibuye nelekelele nabanye ukuba benze okufanayo!

    Kuningi abantu besifazane baseNingizimu Afrika okumele baziqhenye ngakho. Sibambe iqhaza elikhulu ekuletheni intando yeningi; sihamba phambili kuzo zonke izinhlaka futhi senza izinguquko empilweni yomama kulesi sifundazwe. Phezu kwazo zonke izinto ezinhle esizenzayo kepha kunempi eyodwa esasehlula ukuyinqoba : ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane, omama besizwe. Kuthathwa njengohlobo olubi kunazo zonke izinhlobo zokuhlukumeza amalungelo abantu, kodwa abantu abaningi besimame basaqhubeka nokuhlukunyezwa abantu besilisa ababathandayo nababethembayo – ngoba sehlulwa ukwehlukanisa phakathi kwesiko kanye nobugebengu. Kuyicala ukushaya umuntu wesifazane ngoba enqaba ukwenza ucansi ngaphandle kwekhondomu. Kuyicala ukushaya umuntu wesifazane nganoma yisiphi isizathu, futhi akuhlangene nhlobo nesiko.

    Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

    Umyalezo ovelaUKUDLA OKUNOMSOCO KANYE NOKUZIvOCAvOCA YIWONA KHIYE, USENGASHINTSHA!

    IZIMPAWU EZIJWAYELEKILE ZESIFO SIKASHUKELA: •Ukoma njalo

    • UkUhlala Ukhathele • UkUyochama njalo

    • Ukwehla kwesisindo okUngajwayelekile • Ungwengwezi emehlweni

    • UkUshayeka noma UkUsikeka okUthatha isikhathi ESIDE UKUPHELA

    •UkUtshUtshUmba kwezandla nezinyawo

    KHUMBULA UKUTHI ISIFO SIKASHUKELA SINGAGWEMEKA FUTHI SIYALAWULEKA – YISIFO SENDLELA YOKUPHILA!

    LawULa ISIFO SakhO SIkaShUkeLa BeSe UFUndISa UMndenI wakhO IzIndLeLa zOkUSIGweMa

    zInQOBeLe wena ISIFO SIkaShUkeLa nGaPhaMBI kOkUThI SIkUnQOBe SOna!

    U-MEC WezeMpilo e-KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo ugqugquzela

    ukugijima njengendlela yokuzigcina uphilile

    UMA UTHENGA:• Khetha ukudla okunoshukela omncane noma okungenawo ushukela

    • Sebenzisa ubisi olwenguliwe/ olungenamafutha noma abe mancane, amasi anamafutha amancane, iyogathi yezithelo noma engenamafutha, ushizi onamafutha amancane.

    • Gwema noma udle izibiliboco kancane!

    • Gijima noma uhambe ushesha kanye noma kabili ngesonto.

  • ISILUMO

    QEDA UKUHLUKUNYEZWA25 NOVEMBA – USUKU LOMHLABA JIKELELE LOKUQEDA UKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE

    ISIFO SIKASHUKELA ISIKHATHI SOKUBAMBA IQHAZA NGEMPILO YAKHO

    IZINDABA ZEZEMPILO ZASE-KZN

    IZINSUKU ZIKANOVEMBAZOKUQWASHISA

    I HERNIA UNGENZENJANI?

    NGEMBOBO KAKHIYE USISTA LEIGH SCOTT

    OKUPHAKATHI uNovemba 2012 ISILUMO

    UKUQONDA KABANZI NGESILUMO

    UKOPHA OKWEDLULELE Kuye kwenzeke ukuthi abantu besifazane ikakhulukazi abasebasha bophe kakhulu ngezinsuku zabo zokuqala besesikhathini. Lokhu kujwayelekile futhi kubangelwa yizinguquko ezisuke zenzeka emzimbeni ngalesi sikhathi senyanga. Kwesinye isikhathi ubuhlungu buhambisana nokugula, ukuphalaza, uhudo noma ukuqunjelwa, ikhanda, isiyezi kanye nokukhathala konke okubangelwa ukulahleka kwegazi ne-ayoni ngalesi sikhathi senyanga.

    Uma ungumuntu wesifa-zane osemncane noma

    ungasemncane kungenzeka ukuthi uye ube nezinhlun-

    gu nyanga zonke uma usesikhathini kepha ungazi ukuthi lokho kubangelwa

    yini. Ukuya esikhathini kwenzeka nyanga zonke

    kubo bonke abantu besifa-zane kanti uhhafu wabantu besifazane uphathwa yisi-

    lumo nyanga zonke.

    UKUGWEMA LOKHU KANYE NOKWEHLISA IZINHLUNGU, ZAMA LOKHU OKULANDELAYO:

    Phuza amanzi amaningi ukwehlisa ukuphela kwamanzi emzimbeni okubanga ubuhlungu bese uphuza neziphuzo ezishisayo ezikhuphula ukugijima kwegazi emzimbeni.

    Phuza amaphilisi ezinhlungu ngalesi sikhathi senyanga ukuze ungaphazamiseki esikoleni noma emsebenzini ngalesi sikhathi uma ubuhlungu bungabekezeleki.

    Ukuzivocavoca okwejwayelekile njengokuhamba nje kuyasiza ekugwemeni noma ekwehliseni ubuhlungu kwabanye abantu besifazane.

    Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela kungabehlisa ubuhlungu kepha kubalulekile ukuba ubheke obunye ubungozi bamaphilisi okuhlela, ngakho-ke khuluma nabasemtholampilo kuqala.

    Phumula uma kudingekile Gwema ukudla okune caffeine njengekhofi kanye nosawoti ngoba kudala izinkinga. Gwema ukubhema kanye nokuphuza utshwala. Masaja iqolo kanye nengezansi lomzimba wakho. Yidla imifino enjengezaqathi kanye nokhukhumba.

    ISIFO SIKASHUKELA

    QEDA UKUHLUKUNYEZWA

    USISTA LEIGH SCOTT

    Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza: U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUDERICK MATSENGARWODZITHEMBA MNGOMEZULUDUDLEY VIALLTANYA CAMpHERDR GUGU MAZIBUKO

    Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini!p O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI

    Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.

    Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters

    Ngaphezu kwakho konke khumbula ukuthi izikhathi

    ziyofika zedlule ngakho-ke ungavumeli izinhlungu

    zilawule impilo yakho. Uma ubuhlungu bedlulela,

    khuluma nabasebenzi bezempilo abayokweluleka

    ngezinye izindlela zokuqe-da ubuhlungu.

  • UKUTHOLA UMDLANDLA WOKUSHIYA UPHATHINI OKUHLUKUMEZAYO Awufanelwe ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa, KUMNYAMA KUBOMVU. Ukwesaba kuyinto eyejwayelekile kubantu futhi-ke abantu besifazane abahlukunyezwayo baba nokwesaba nokungazethembi. Yimpilo yakho lena futhi lukhona usizo ongaluthola. Qala ngokuphumela eshashalazini – xoxela umngani, isihlobo noma umeluleki wasebandleni, nanoma ubani omethembayo. Bakhona abantu abaqeqeshelwe ukukusiza- banike ithuba lokukusiza. UHLELO LOKUPHEPHA Ukushiya uphathini wakho okuhlukumezayo akuyona into elula ngakho kudinga ukuhlelelwa ngoba kumele ukwazi ukuqhubeka nempilo ngaphandle kwakhe. Lokhu okulandelayo kungakwelekelela ngalokho okumele ukwenze:

    Xhumana nesiteshi samaphoyisa esiseduzane noma umtholampilo

    Bayokwedlulisela kusonhlalakahle, inhlangano noma indlu ephephile eseduzane nawe lapho kwelekelelwa khona abantu besifazane abahlukunyezwayo. Bayokwelekelela ekutholeni incwadi yokukuvikela yasenkantolo.

    Le ncwadi ivimba umhlukumezi ukuba angabe esakuhlukemeza futhi angasondeli lapho uhlala noma usebenza khona. Uma ehluleka ukuthobela lokhu, uyaboshwa.

    Le ncwadi inikeza amaphoyisa ilungelo lokwephuca umhlukumezi izibhamu kanye nanoma yiziphi izikhali eziyingozi.

    Zilungiselele Gcina endaweni esithekile imali kanye nezimpahla

    okungeke kubonwe uphathini wakho. Cabangisisa Gwema ukukhulewa uma uhlukunyezwa ngoba lokhu

    kungenza kube nzima kakhulu ukuhamba. Thatha izinyathelo Thola umsebenzi noma ufundele amakhono

    ayokwelekelela uma usufuna ukuzimela emva kokwehlukana nophathini wakho.

    Gcina amakhophi emininingwane yakho neyabantwana bakho yezempilo, amapasi kanye nokunye okubalulekile ongakudinga. AMALUNGELO AKHO OMTHETHO • Ukuhlukunyezwa ekhaya kungena ngaphansi koMthetho Wokuhlukunyezwa Ekhaya ka-1998 futhi ungafaka isicelo sencwadi yokuvikeleka eNkantolo kaMantshi noma eNkantolo Ephakeme eseduzane nalapho kuhlala noma kusebenza khona wena noma umhlukumezi wakho. • Imininingwane enjengepasi lakho noma imibiko kadokotela kanye nanoma yimiphi imibiko yofakazi iyodingeka. • Inkantolo iyokuchazela ngamalungelo akho bese ikwelekelela ekugcwaliseni ifomu. Isicelo sakho siyosiwa eMantshini eyobe isilungisa isaziso esiyonikezwa umhlukumezi lapho eyokwaziswa ngencwadi emvimbela ukusondela eduze kwakho bese aziswa nokuthi kuyomele avele nini phambi kwenkantolo.

    PHUMELA ESHASHALAZINI!

    IZIGIDIGIDI ZABANTU BESIFAZANE BALAPHA ENINGIZIMU AFrIKA ZIBHEKANA NOHLOBO OLUTHILE LOKUHLUKUNYEZWA NSUKU ZONKE, OKUBANDAKANYA:

    • Emzimbeni – ukushaywa okubandakanya ukushaywa ngempama, ngesibhakela kanye nokukhahlelwa • Emoyeni/ngomlomo – ukwenza umuntu wesifazane azizwe engelutho kanye nokuqeda ukuzethemba kuye • Ngocansi – ukudlwengula, ukuhlasela • Ngokwezezimali – ukugodla imali yokondla umndeni • Ukulimaza impahla yomuntu wesifazane njengengxenye yokumhlukumeza.

    KUNGANI ABANTU BESIFAZANE BEHLALA NOPHATHINNI ABABAHLUKUMEZAYO Uma sizwa udaba lomuntu wesifazane ohlukunyezwayo, umbuzo wokuqala ofika emiqondweni yethu owokuthi –

    UkUze UThOLe OLUnye USIzO XhUMana nO STOP wOMen aBUSe enOMBOLwenI

    yaMahhaLa kUzweLOnke eThI On

    0800 150 150

    PhanSI nOkUhLUkUMeza,Mihla namalanga abantu

    besifazane bahlukunyezwa

    abathandiweyo babo, abanye baze

    bababulale.

    Okubuhlungu kakhulu ukuthi

    lezi zenzo zokuhlukumezeka size

    sizwe ngazo sekuhambe isikhathi

    ngoba abantu besifazane abaningi

    baba namahloni futhi besabe

    nokukhuluma ngazo. Nakuba

    siyizwe elanqoba isimo sobandlululo

    kanti siphinde sibe yizwe

    elinabantu abaningi besifazane

    abaqhoqhobele

    izikhundla eziphezulu kuhulumeni

    kepha baningi abantu besifazane

    abahlukunyezwa abantu

    ababethembile. Lesi yisikhathi

    sokuphumela eshashalazini…

    IzIMPawU ezeXwayISa nGOPhaThInI OhLUkUMezayO

    • Udinwa agane unwabu uma uthi usazikhipha nabangani, athi uqamba amanga.

    • Uyakuvimba ukuba ubonane nomndeni wakho kanye nokuzenzela izinto ngokwakho.

    • Ukuthuka phambi kwabantu.

    • Uma ediniwe ujikijela noma aphule izinto bese eyakwesabisa noma akushaye.

    • Udumile ngokushaya abantu besifazane.

    • Ukwenza uzizwe unecala ngezenzo zakhe, utshwala, izidakamizwa, nokunye bese ephika ukuthi lokhu akwenzayo akulungile.

    THATHA IZINYATHELO KUSENESIKHATHI

    UKUZE UPHEPHISE IMPILO YAKHO!

    ngabe uhlaleleni? Ziningi izizathu zalokho: • Ukwesaba nokwesatshiswa: Umhlukumezi uyaye amesabise ngokumbulala, abulale umama wakhe noma izingane uma kungenzeka ahambe. Umuntu wesifazane uyaye abone kungcono ahlale ukuze avikele wonke umuntu ongabulawa ngenxa yakhe. • Ukungabi namali kanye nendawo yokuhlala: Esinye sezizathu ezinkulu ikakhulukazi uma indoda kuyiyo yodwa esebenzayo. Owesifazane uyaye abone ukuthi ngeke akwazi ukondla izingane zakhe kanye naye uma ethatha isinqumo sokushiya indoda emhlukumezayo. • Ihlazo kanye nokukholelwa emasikweni: Abantu abaningi besifazane baye babone sengathi kufanele bahlukunyezwe (okuyiphutha), kanye nokuthi kungumsebenzi wabo ukuba bahlale nabayeni babo noma kulukhuni satshe.

    • Le ncwadi eyisivimbo isebenza kuze kube umhlukunyezwa uyayiguqula noma ayihoxise noma ihoxiswe yiNkantolo Yokwedlulisa Amacala.

    USUKU LOMHLABA JIKELELE LOKUQEDA UKUHLUKUNYEZWA

    KWABANTU BESIFAZANE

  • Usuku Lomhlaba Jikelele Lesifo Sikashukela

    KUNGANI KUMELE UBE NENDABA? Kumele ube nendaba ngoba isifo sikashukela singalimaza noma ubani futhi nganoma yisiphi isikhathi. Isifo sikashukela sibangelwa ukudla ukudla okuningi kunalokho okudingwa umzimba wakho – ikakhulukazi okungalungile okungenyusa izinga likashukela emzimbeni wakho okuholela emzimbeni omkhulu kanye nakuso isifo sikashukela. Iningi lethu lishiya izindawo ezisezabelweni liye emadolobheni amakhulu lapho kusetshenzwa khona usuku lonke ngaphansi kwengcindezi, izibiliboco nokudla okusheshe kulunge kuba ukudla kwansuku zonke. Lena yimbangela enkulu yesifo sikashukela. Lesi yisikhathi sokuzibamba ziqine. Yisikhathi sokubuyela empilweni yethu endala bese sigqugquzela imindeni yethu ukuba idle imifino emisha, isipinashi kanye nezithelo ezintsha. Bazivocavoce bese bephila impilo elungile – yiyona kuphela indlela esingakhulisa ngayo isizukulwane esingenasifo sikashukela.

    AMAQINISO OKUMELE UWAZI NGESIFO SIKASHUKELA • Alikho ikhambi eliwelaphayo uma sesitholakele, ungawulawula uphinde ugweme nobungozi bawo uma ushintsha indlela yokuphila. • Abanesifo sikashukela baba semathubeni okuphathwa yisifo senhliziyo, isifo sohlangothi kanye nezinkinga zamehlo, yingakho kubalulekile ukuhlola izinga likashukela egazini kanye nezinye izifo emtholampilo oseduze nawe. • U Type 2 diabetes uyena owuhlobo olwandile lwesifo sikashukela – abantu abacishe babe ngama-85 - 90% abanesifo sikashukela, baphethwe uhlobo oluwu Type 2. • Abaningi balaba bantu baneminyaka eyevile kwengama-40. Iningi labo likhuluphele futhi alizivocavoci.

    14 NOV

    ISIFO SIkaShUkeLa UZakithi Ngcobo ongomunye wabakwazile ukulwa nesifo sikashukela. Watholakala ukuthi unesifo sikashukela ngesikhathi eneminyaka engamashumi ayisihlanu. Lokhu kwakungabangelwa ukuthi wayedla kakhulu izinto ezinoshukela njengoba abantu abaningi becabanga ukuthi yikhona okubangela isifo sikashukela, kepha wayedla ukudla okungalungile ephila nempilo engenakho ukunakekela impilo yakhe. Ekugcineni wazithola esesenkingeni yokuhlaselwa yisifo sikashukela. Namuhla sekuphele iminyaka eyishumi eseshintshe indlela aphila ngayo. “Ngathatha isinqumo sokuthi ngeke ngivumele ukubulawa yisifo sikashukela. Ngashintsha indlela engangiphila ngayo, ngadla ukudla okunomsoco ngabe sengizivocavoca masontonke. Akukho okulukhuni kakhulu, ukuhamba nje okusizayo. Ngidla imifino esemisha, angisazidli izibiliboco kanye nenkukhu ethothombalisiwe, ngiyisibonelo esihle nakubazukulu bami. Ngiyaziqhenya ngokuthi nabo ngiyabasiza ukuba bakhule bephila impilo elungileyo”, kuchaza uZakithi.

    Ngabe akusona isikhathi sokuthi uvikele impilo yakho?

    KUNGANI abantu besafa minyaka yonke

    ngenxa yesifo sikashukela sibe singagwemeka?

    KUNGANI labo bantu

    abahola kancane nabahola ngokusendimeni kuyibona

    abahaqwe kakhulu yisifo sikashukela?

    yisikhathi sokuyeka. Ucabange. Uziphathele ngokwakho impilo yakho

    IZIMPAWU ZESIFO SIKASHUKELA• Ukoma okungajwayelekile • Ukuphiswa njalo umchamo • Ukwehla kwesisindo okungajwayelekile • Ukukhathala okweqile nokungabi namandla • Ungwengwezi emehlweni • Ukuhlala njalo ugula • Ukusikeka noma ukulimala okuthatha isikhathi ukuphela, amathumba nesikhumba esilumayo • Izandla nezinyawo ezitshutshumbayo nezindikindiki

    abantu abaningi abano Type 2 wesifo sikashukela ababi nazimpawu!

    Kulula. Yidla ukudla okunomsoco, lawula isisindo sakho, zivocavoce, yehlisa izinga lokuphatheka

    kabi, ungabhemi. Yizona zindlela zokugwema isifo sikashukela. Qala namhlanje. Uyobukeka futhi

    uzizwe ungcono.

    Isifo sikashukela sibulala abantu abaningi kunalabo ababulawa yi AIDS kanye nomdlavuza

    webele kuhlangene, nakuba isifo sikashukela singagwemeka.

    UNGASIGWEMA KANJANI ISIFO SIKASHUKELA

    Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika IthembaUkulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

  • KZN HEALTH KZN HEALTHNEWS NEWS

    ABAFUNDI BABHEKE ECUBA

    KUTUSWA UMSEBENZI WOWEZEMPILO

    UKUNAKEKELWA KWEMPILO YOM-PHAKATHI KANYE NEMPILO YOMAMA

    UHLELO LUKAZWELONKE LWEZEMPILOUMnyango Wezempilo e-KZN ubukade usingethe iForamu YesiFundazwe YezeMpilo Yokucobelelana Ngolwazi ehlanganise abathathizinqumo ababalulekile esifundazweni sonke. Okuyikona okwakuseqhulwini lweforamu kwakuyisidingo sokuphuthumisa ukuhlinzekwa kwezidingo kulezo zindawo ezidinga ngokwedlulele kanye nokuxoxa ngezindlela zokubhekana nezingqinamba. Ekhuluma kuyo iForamu, u MEC WezeMpilo, uDkt. Sibongiseni Dhlomo, wathi uMnyango usuthuthuke kakhulu ekunakekeleni impilo kamama kanye nengane kepha usazoqhubeka ukuze uqinisekise ukuthi inhloso yokwelula impilo kanye nokuba nempilo kuyafezeka kuwo wonke umuntu nakuzo zonke izindawo okuhlinzekwa izidingo zokunakekelwa ngokwempilo. Amazwibela abandakanya:

    UNdunankulu wase KZN uDkt. Zweli Mkhize ekanye no MEC uDHLOMO bathatha ithuba lokuyobonga uBongiwe Bolani oneminyaka engama-80 owenze umehluko omkhulu njengomethroni ezibhedlela eziningi ezibandakanya iPrince Mshiyeni Memorial Hospital ngesikhathi esasinzima kakhulu sodlame lwezepolitiki. Ekumfiseleni usuku oluhle lokuzalwa lweminyaka engama-80, u MEC Dhlomo uxolisile egameni loMnyango ngakho konke ukuhlukumezeka uMs Bolani ahlangabezane nabo eMshiyeni Memorial Hospital, ethi iqhaza alibambile alisoze lalibaleka nanini nini.

    U HOD WezeMpilo e-KZN uDkt. Sibongile Zungu uncoma indlela esetshenziswa ngaphakathi emnyangweni ukubhekana nezinto ezithinta ezempilo, wabe eseqhakambisa lokhu okulandelayo: • Ukulinganiswa Kokunakekelwa Okwenziwa Emphakathini okubandakanya imali ekhokhwayo eyi-R1500 kubahlinzeki bezeMpilo abangama-332 kanye nababheka umsebenzi abawenzayo abaqeqeshiwe • Ukukhuphula amaqembu EzeMpilo angaphakathi ezikoleni • Ukwenyusa ukuncelisa okukhethekile kusuke ema-50% kuye ema-75% • Ukuqinisa uhlelo lokuhlelwa kwemindeni lulungele ukuba luqaliswe • Ukwenza kube khona ukudla kwasekuseni kwezingane, ipapa lazo kanye nokunye okwelekelelayo ezinganeni kuleyo mitholampilo lapho kunamathizethize ekukhuleni.

    Uhlelo LwezeMpilo eNingizimu Afrika lushintsha ngokushesha. Ngokombono kanye namaphupho abantu abafa befela le nkululeko esiyithola kumthethosisekelo namuhla, elinye ilungelo elinqala ababelilwela elokuba wonke umuntu athole ukunakekelwa kwezempilo okufanayo. Ngokubuka lokhu, uhlelo olusha Lomshuwalense Kazwelonke Wezempilo ozoqaliswa ngezigaba uyokwenza wonke umuntu akwazi ukuthola ukunakekelwa kwempilo. Kubukelwa ohlelweni lwezempilo lwaseCuba ngoba iCuba iyizwe elibe nezinguquko emphakathini ezifana nalezi esibhekene nazo kanti lubuye lwaphumelela ekuqaliseni indlela Yokunakekelwa Kwempilo Okuyisisekelo ekuvikeleni izifo zingakaqali.

    UMnyango WezeMpilo e-KZN uvalelise iqembu elikhulu labafundi abayokwenza iziqu zobudokotela eCuba njengengxenye yokusebenzisana kwala mazwe omabili kulolu hlelo. Ekhuluma nalaba bafundi esidlweni sokubavalelisa, u MEC uDhlomo wabatshela ukuba babe amanxusa amahle esifundazweni sethu. Abafundi abaningi bathe bafisa ukubuya sebengodokotela ukuze benze umehluko emiphakathini abavela kuyo. UMnyango ubafisela okuhle kodwa ohambweni lwabo.

    Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

  • INYANGA YErIBHINI ELIBOMvU Umkhankaso weRibhini Elibomvu uyindlela yokuhlanganisa abantu ndawonye ukuba balwe nezidakamizwa okuwumkhankaso owaqala e-UK. Le nyanga isetshenziswa njengethuba lokugqugquzela kanye nokunika ithemba ikakhulukazi kubantu abasha lokuthi bangaphila ngaphandle kwezidakamizwa – konke kusezandleni zabo.

    USUKU LWE SADC LUKAMALALEvEvA NgokweNhlangano Yomhlaba Yezempilo, amaphesenti athi awabe ngama-63 eNingizimu ye-Afrika ahlala ezindaweni lapho kunamathuba amakhulu okuhaqwa umalaleveva, lapho ikakhulukazi abesifazane abakhulelwe kanye nezingane ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu ziba nokuhlaseleka. Umalaleveva uthathwa njengesifo esingumashayabhuqe esifundeni – nakuba kuzanyiwe ukuba uqedwe eNingizimu Afrika. Leli sonto lihlose ukugxila emizamweni yokwehlisa isibalo sezingane ezibulawa umalaleveva zehle ngokubili kokuthathu ngonyaka wezi-2015.

    5-9

    25

    USUKU LUKAZWELONKE LEZINGANE USuku Lwezingane lugujwa minyaka yonke emhlabeni jikelele ukuhlonipha ukuthi zonke izingane zidalwe zalingana futhi zinamalungelo. Nakuba kwaziwa lokhu kepha izingane eziningi zisahlukunyezwa ngabantu ezibathembayo ngokushaywa nangokudlwengulwa. Lolu suku luyisikhathi sethu sokubumbana ukuze silwe nokuhlukunyezwa kwezingane. Kumele sigqugquzele izingane zethu ukuba ziphumele obala nganoma yiluphi uhlobo lokuhlukunyezwa. Njengomphakathi simelwe ukuvikela, sihloniphe bese sihlinzeka izingane ngothando kanye nemfundo ukuze zihlome ngokwanele ekuqaleni impilo.

    3 Izinsuku Zikanovemba Zokuqwashisa

    INYANGA YEKHWALITHI Nakuba ukunakekela kuyikho okuseqhulwini kule nyanga , uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo uhlala njalo ehamba phambili ekufuneni ukuba izindawo zezempilo zenyuse amazinga azo ekunakekeleni kanye nasenhlanzekweni. Ubuye aqhubeke nokuvakashela izibhedlela kanye nemitholampilo esesifundazweni ukuze azibonele kahle ukuthi ngabe selithuthukiswe kanjani izinga lokunakekelwa kwabantu njengengxenye yomkhankaso wakhe owu ‘ngenze ngibukeke njengesibhedlela’.

    USUKU LOMHLABA JIKELELE LESIFO SIKASHUKELA Isibalo sabantu abahaqwe yisifo sikashukela eNingizimu Afrika silindeleke ukuba sibe sesiphindeke kathathu eminyakeni eyi-15 ezayo, ngokusho kwezazi. Kumanje bayizigidi ezi-4 abantu baseNingizimu Afrika abanesifo sikashukela, njengoba abantu bephila impilo yesimanje, abadli ngendlela efanele bese beyagula. MANJE YISIKHATHI SOKUVIMBELA UKWENYUKA KWESIFO SIKASHUKELA. Zifundise ngalesi simo esingelapheki kepha esingalawulwa. Ukudla ngendlela efanele kanye nokuzivocavoca yikona okuwukhiye – usengenza okuthile!

    USUKU LOMHLABA JIKELELE LOKUQEDA UKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE KUZE KUBE MHLA ZIYI-10 DISEMBA: IZINSUKU EZIYI-16 ZOKWENZA OKUTHILE Njengesizwe silwe kanzima futhi kwathatha isikhathi eside ukuze sizuze intando yeningi. Nakuba kunjalo kepha abesifazane bethu kanye nezingane basahlukunyezwa abantu ababathembile. Njengoba siphumela obala ngokulwisana nokuhlukunyezwa, kumele sizibophezele ekulweni nokuhlukunyezwa hhayi manje kuphela kepha unyaka wonke. Yelekelela bese ugqugquzela abesifazane nezingane ukuba baphumele obala – iyona kuphela indlela esingagqashula ngayo amaketanga okuhlukunyezwa. Bika ukuhlukunyezwa kwezingane emaphoyiseni bese ugqugquzela izingane ukuba zibike kubaphathi bezikole ukuhlukunyezwa ezikuthola kwabanye abafundi. Abesilisa nabafana bayagqugquzelwa ukuba bakhulume ngokuhlukunyezwa bese bevimbela indlela yokuziphatha enokuhlukumeza. Xhumana: Shayela inombolo yamahhala ye Stop Gender Based Violence engu  0800 150 150 uma udinga usizo noma uhlukunyezwa.

    14

    IHERNIA

    Iyini Futhi Ungenzenjani?

    INGAKUBULALA? Chabo, ngaphandle uma uyiyeka ize ibe nobuthi. Nakuba i hernia ingeyona ingozi uma uqala uyibona kepha kubalulekile ukuba uye emtholampilo oseduzane uyothola ukwelashwa ngoba ukuyiyekela isikhathi eside kungaba nobungozi. Ihernia iyisimila esibuhlungu esidalwa ukuqumba kwezitho zangaphakathi (njengamathumbu) zenze iqhubu eliphumela ngaphandle esiswini.

    IBANGELWA YINI Yilokhu okulandelayo okungaba yimbangela: • Ingcindezi • Ukulimala kwemisipha ngesikhathi sokuzalwa • Ukuphakamisa izinto ezisindayo • Isisindo eseqile • Ukukhishwa yisisu noma ukuqunjelwa okungapheli • Isifo samaphaphu esilokhu siqhubeke njalo

    I hernia ingahlasela noma ubani kepha ijwayeleke kakhulu ezinsaneni, ibizwa ngesibhono esiphuma eduze kwenkaba (lapho kusuke kuxhumene khona ingane nomama) ngesikhathi ingane izalwa sekuqala ukungahambi kahle. Ingahlasela nezinsana ezineminyaka engaphansi kweyisithupha kanye nabantu besifazane abakhulelwe.

    Zivocavoce bese ugcina umzimba wakho unempilo ngoba ukukhuluphala kwenyusa amathuba okuhlaselwa yi hernia

    Izithelo, imifino kanye nokudla okunokolo kwelekelela ukunciphisa ukuqunjelwa kanye nokukhameka esiswini

    Goba ngamadolo hhayi ngeqolo uma uqukula into esindayo

    Gwema ukubhema

    Emva kokubeletha ingane yakhe uSlindile wabona kun-esimila esiswini sengane yakhe. “ Ngaqale ngacabanga ukuthi yinto ejwayelekile nje ezobuye iphele. Wayekhala kakhulu kodwa ngazitshela ukuthi akukho okungahambi kahle ngoba vele zonke izingane ezincane ziyakhala,” kusho umama osemncane. Emva kwamasonto ambalwa ukuvuvuka kungapheli, uSlindile wabe eseya emtholampilo oseduzane lapho bamtshela khona ukuthi leso simila yihernia.

    IheRnIa

    Khumbula! Vakashela umtholampilo oseduzane uma unokukhwehlela noma

    ukuthimula okungapheli noma kukhona ukuvuvuka okungajwayelekile

    ngasenkabeni yengane yakho – ukuvikela kungcono kunokwelapha!

    INDAWO YESISU EYEJWAYELEKILE

    UnGayIGweMa kanjanI I heRnIa?

    Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

  • ® Registered trademark/*trademark of Kimberly-Clark Worldwide Inc. © 2011 KCWW

    BABYCOrNEr

    Lokho kusho ukulala kamnandi kwengane kanye nokuphumula okwanele komama.

    Gcina isikhumba sengane yakho sithambile futhi somile njengoba kuyinhloso kamamawemvelo.

    Themba ama Huggies mama ukugcina ingane yakho ithokomele,

    ijabule futhi yomile.

    Uhlelo lokuvikela nokugcina ukoma enganeni luletha ukoma okuyisikhathi esingamahora ayisi-9 bese kuthi ukwembozeka

    ngokusakotini kuvumele isikhumba sengane ukubasikwazi ukuphefumula, lokho kunikeze nomama isikhathi

    sokuphefumula.

    Ingane ephumulayo iyingane ethokozile!Kukhona izinto ezimbalwa ezijabulisayo ezinjengen-gane ethokozile futhi ethola ukulala okuhle. Uma umama kanye negane belale kahle ebusuku lokho kuchaza ukuqala kahle usuku olulandelayo.

    KwaHuggies siyakuqonda ukuthi ukuphu-mula kukamama nokomntwana kuphazanyiswa amanabukeni amanzi noma avuzayo aletha ukungaphumuli kahle kanye nokungajabuli okubangela wonke umuntu inkinga. Kungakho-ke uHuggies egqugquzela uhlelo olulandel-wayo lwezingane kanye namanabukeni ethu omile futhi antofontofo, ikakhulukazi ebusuku. Amanabukeni eDry Comfort agcina izingane zithokomele ikakhulukazi ebusuku. Amanabuke-ni eHuggies Dry Comfort agcina izingane zithokomele, sibonga uhlelo lwawo lokugcina ukoma olwenzelwe ukugcina ingane yomile isikhathi eside. Ubuchwepheshe bethu esesi-busebenzisile ukuhlola ukuvuza kwenabukeni buqinisekisa ukuthi ingane yakho ngeke ivuke

    ebusuku ivuswa yinabukeni elimanzi.

    Lokho kusho ukulala kam-

    nandi kwengane kanye nokuphu-mula okwanele

    komama.

  • USista Leigh Scott

    Esekhipha lo mklomelo uDkt. Dhlomo wancoma uSista Scott ngezinto ezivelele kuye okuyilezi ezilandelayo:

    • Ukunakekela nokuzinikela, • Umoya omuhle wokuhlenga, • Ukuzinikela akwenza zikhathi zonke emsebenzini kanye • Ukubeka abanye abantu phambili – ukuthobela inkambiso ye Batho Pele

    USista Scott wengamele umnyango ngokukhulu ukuzimisela okwenza ube ngomunye weminyango evelele ezweni. “Kumele kutuswe kakhulu lokhu okwenziwe yilo muntu wesifazane ozithobile ezigulini, ebelethisa, esiza onesi abasafunda kanye nababelethisi esiFundazweni,” kusho uDkt. Dhlomo.

    Ngembobo Kakhiye: Umklomelo Wokunakekela we Marilyn Lehana Trust

    Kukho konke ukusebenza kwakhe njengombelethisi uSista Scott, ubeka izidingo zeziguli phambili, hhayi ezakhe, uphuma kamuva, afike kuqala ukuqinisekisa inhlalonhle nonakekelo lweziguli zakhe kanye nezingane.

    Uyisisekelo sonakekelo lwababelethayo esiBhedlela iGreys njengesibonelo esihle emanesini ngokuzibophezela okudingwa amanesi.

    Ukusebenza esibhedlela esikhulu e-KZN kuza nezinselelo eziningi. USista Scott ugqugquzele izinhlelo kanye nezinqubomgomo eziningi ezihlomulisa umphakathi, njengokubeletha ngendlela ephephile kulabo mama abasengozini enkulu kanye nezingane.

    Siyabonga Sista Scott ngokuba yisibonelo esihle kwabanye abahlengikazi!

    U- MEC WezeMpilo e-KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo, u HOD uDkt. Sibongile Zungu kanye noNobhala WesiFundazwe we-DENOSA uMnu. Cassim Lekhoathi benikeza isitifiketi sokuhlonipha uSr. Leigh Scott

    UNgqongqoshe Wezempilo e KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo wethule uMklomelo we Marilyn Lehana Trust Caring kumhlengikazi wasesiBhedlela i Greys, uSista Leigh Scott.

    Lo mklomelo ukhishwa minyaka yonke

    njengengxenye Yemiklomelo Kaz-

    welonke YoMnyango Wezempilo uku-

    hlonipha uMarilyn Lehana, umhlengi-

    kazi waseGoli owadlula emhlabeni

    ngo-1996 emva kokuba etheleleke

    ngesifo se-Ebola esithola esigulini. Lo

    mklomelo unikezwa abahlengikazi

    abasebenza ngokuzikhandla okwed-

    lulele uma besebenza nozakwabo

    noma benakekela iziguli.